Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
Isifundo 11 ISABATHA, NDASA 15, 2025

UJesu Nomuntu Ofe Uhlangothi eBethesda

“IVESI LEKHANDA: “Kepha wabaphendula wathi: UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza” (Johane 5:17).

“Umsebenzi kaKristu wokwelapha abagulayo wawuvumelana ngokuphelele nomthetho. Lomsebenzi wawuhlonipha iSabatha.”-The Desire of Ages, p, 207.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 560-567. 

NgeSonto , Ndasa 9

1. AMANZI OKWELAPHA

a. Kungayiphi inhloso abantu abaningi abakhubazekile bebaya eJerusalema-na? Johane 5:2, 3.

b. Iyiphi inkolelo abantu ababenayo ngechibi laseBethesda-na? Johane 5:4.

“Ngezikhathi ezithile amanzi echibi ayenyakaziswa, futhi kwakukholelwa ngokuvamile lokhu njengomphumela wamandla angaphezulu, nokuthi noma ngubani ozongena kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwechibi lamanzi, uzopholiswa noma enesifo esinjani. Amakhulu-khulu abantu abahluphekile ayehambela leyondawo; kodwa isixuku sasisikhulu lapho amanzi ezanyazanyiswa ukuba bagijimele ngaphambili, benyathela phezu kwabesilisa, nabesifazane, nabantwana, ababebuthakathaka kunabo. Abaningi babengakwazi ukufinyelela echibini. Abaningi ababephumelela ukufinyelela kulo kodwa bafele emkhawulweni walo. Kwakhiwa izindawo zokukhusela eduze kwalendawo, ukuze abagulayo bavikeleke ekushiseni kwelanga emini kanye namakhaza ebusuku. Kwakukhona abachitha ubusuku kulamavulandi, bekhasela ongqengqemeni lwechibi usuku nosuku, ngethemba eliyize lokuphiliswa.”-The Desire of Ages, p. 201.

c. Yaqala kanjani inxoxiswano phakathi kukaJesu nendoda eyodwa echibini-na? Johane 5:5-7.


NgoMsombuluko , Ndasa 10

2. IZINHLOBO EZAHLUKENE ZOKUKHUBAZEKA

a. Yimuphi umsebenzi ongenakwenzeka kubantu uJesu akusho kumuntu ofe uhlangothi awenze-futhi kwaba nayiphi imiphumela-na? Johane 5:8, 9 (isigaba sokuqala).

“UJesu akacelanga ogulayo ukuthi abonise ukholo Kuye. Wathi kuye, ‘Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.’ Kodwa ukukholwa kwalendoda kwabambelela kulelozwi. Yonke imizwa nemisipha yavuswa ngokuphila okusha, futhi isenzo esinempilo safinyelela ezithweni zayo ezikhubazekile. Ngaphandle kokungabaza wabeka intando yakhe ekulaleleni umyalo kaKristu, futhi yonke imisipha yasabela entandweni yakhe. Wasukuma ngezinyawo zakhe, wazifumana esengumuntu okhuthele.

“UJesu akazange amnikeze isiqinisekiso sosizo olungcwele. Kungenzeka ukuthi indoda ingayeka ukungabaza, futhi ilahlekelwe ithuba layo elilodwa lokupholiswa. Kodwa walikholwa izwi likaKristu, futhi ngokwenza phezu kwalo wathola amandla.”-The Desire of Ages, pp. 202, 203.

b. Abantu abahlukaniswe noKristu bezithola bekwisiphi isimo sesimoya-na? Isaya 1:5, 6; Roma 7:24.

“Ngenxa yesono sithe sahlukaniswa ekuphileni kukaNkulunkulu. Imiphefumulo yethu yonakalisiwe. Ngokwethu asikwazi ukuphila impilo engcwele njengoba kunjalo ngomuntu ongenamandla obekwazi ukuhamba. Baningi abaqonda ukungakwazi ukuzisiza ngokwabo, futhi abalangazelela ukuphila kwesimoya okuzobaletha ekuvumelaneni noNkulunkulu; bazama ngeze ukukuzuza.”-Ibid., p. 203.

c. Yiliphi ikhambi kuphela lesimo esinjalo-na? Izenzo 9:34.

“UMsindisi ukhothama phezu kwegazi Lakhe alithengile, esho ngesisa nesihawu esingachazeki, ‘Uyathanda ukuphiliswa-na?’ emncenga ukuba avuke enempilo nokuthula. Ungalindi ukuzizwa ukuthi uphilisiwe. Kholwa yizwi Lakhe, futhi lizogcwaliseka. Beka intando yakho ohlangothini lukaKristu. Uthande ukumkhonza Yena, futhi ngokwenza phezu kwelizwi Lakhe uzothola amandla. Noma yikuphi okubi okwenzayo, intshiseko enkulu yokuzitika isikhathi eside kubopha kokubili umphefumulo nomzimba, uKristu uyakwazi futhi ulangazelela ukukukhulula. ‘Uniphilisile nani ‘enanifile ngeziphambeko.’ Efesu 2:1. Uzokhulula abathunjiwe ababanjwe ubuthakathaka namashwa namaketanga esono.”-Ibid.


Ngolwesibili , Ndasa 11

3. UKUHAMBA EKUPHILENI OKUSHA

a. UKristu usisiza kanjani ukuba sinqobe-na? Efesu 2:1-6.

“Umuntu ngokwemvelo utshekele ekulandeleni imicabango kaSathane, futhi angeke amelane ngempumelelo nesitha ngaphandle kokuthi uKristu, uMnqobi onamandla, ahlala kuye, aqondise izifiso zakhe, futhi amuphe amandla….USathane wazi kangcono kunabantu bakaNkulunkulu amandla abangaba nawo phezu kwakhe uma amandla abo akuKristu. Uma ngokuzithoba bencenga uMnqobi onamandla ukubasiza, okholwayo obuthakathaka eqinisweni, ngokweyama ngokuqina phezu kukaKristu, angaxosha ngempumelelo uSathane nebutho lakhe lonke.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 341.

“Kufanele sifunde kuKristu. Kumele sazi ukuthi uyini kulabo abahlengileyo. Kufanele siqonde ukuthi ngokukholwa Kuye kuyilungelo lethu ukuba ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, kanjalo sibalekele ukonakala okukhona ezweni ngezinkanuko. Bese sihlanjululwa ezonweni zonke, bonke ubuthakathaka besimilo. Akudingeki ukuba sigcine nokukodwa okuyisono….

“Njengoba sihlanganyela imvelo engcwele, ukuthambekela kofuzo nokuhlakulelwa kokubi kuyasuswa kumuntu, futhi senziwe amandla aphilayo okwenza okuhle. Sifunda njalo kuThishela ongcwele, sihlanganyela nsuku zonke kwimvelo Yakhe sibambisana noNkulunkulu ekunqobeni izilingo zikaSathane. UNkulunkulu yasebenza, nomuntu uyasebenza, ukuze umuntu abemunye noKristu njengoba uKristu emunye noNkulunkulu. Bese sihlala noKristu ezindaweni zasezulwini. Ingqondo iphumule ngokuthula nesiqiniseko kuJesu.”-The Review and Herald, Mbasa 24, 1900.

b. Chaza ukuthula okuza ngamandla avela kuKristu. Roma 8:3-6.

“Wonke umntwana uphila ngempilo kababa wakhe. Uma ningabantwana bakaNkulunkulu, abazelwe ngoMoya Wakhe, niphila impilo kaNkulunkulu… [Futhi] ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu’ (2 Korinte 4:11). Ukuphila okukuwe kuzoveza isimilo esifanayo sibonakalise imisebenzi efanayo njengaleyo yenziwa Nguye. Kanjalo uzovumelana nezimiso zonke zomthetho Wakhe; ngoba ‘umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo.’ Amahubo 19:7, isiphetho. Ngenxa yothando ‘ukuze umyalo womthetho’ ugcwaliseke kithina, esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.’ Roma 8:4.”-Thoughts from the Mount of Blessings, p. 78.


Ngolwesithathu , Ndasa 12

4. INTUKUTHELO YABAFARISI

a. Bengazinaki izibusiso ezinikezwe lowo ofe uhlangothi, kungani abaFarisi bacasuka-na? Johane 5:9 (isigaba sokugcina), 10.

“Njengoba (okhubazekile ephilisiwe) ehamba endleleni yakhe ngokuqina, ngamanyathelo akhululekile, edumisa uNkulunkulu futhi ejabulela amandla amasha awatholile, wahlangana nabaFarisi abambalwa, futhi ngokushesha wabatshela ngokuphiliswa kwakhe. Wamangalela ukubanda abalalela ngayo indaba yakhe.

“Ngamabunzi ehlisiwe, bamphazamisa, bebuza ukuthi uthwalelani uhlaka ngosuku lweSabatha. Ngokuqinile bemkhumbuza ukuthi akukho emthethweni ukuthwala imithwalo ngosuku lweNkosi. Ngokujabula lendoda yayikhohliwe ukuthi yiSabatha; nokho akazange azizwe enecala ngokulalela umyalo waLowo owayenamandla anjalo avela kuNkulunkulu. Waphendula ngesibindi, ‘Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.’ ‘Bambuza bathi: Ngubani lowomuntu othe kuwe: Thabatha uhlaka lwakho uhambe.’ Kodwa wayengenakusho. Ababusi bebazi kahle ukuthi nguLowo kuphela ozibonakalisile ukuthi uyakwazi ukwenza lesimangaliso; kodwa babefisa ubufakazi obuqondile bokuthi nguJesu, ukuze bamlahle ngecala njengophula iSabatha. Ekwahluleleni kwabo akaphulanga umthetho kuphela ngokupholisa indoda egulayo ngeSabatha, kodwa wenze inhlamba ngokumtshela ukuthi athwale uhlaka lwakhe.”-The Desire of Ages, pp. 203, 204.

b. AmaJuda kuyini abekwenza ngeSabatha-na? Mathewu 23:4.

“AmaJuda aphendukezela kakhulu umthetho ngangokuthi baze bawenza ijoka lobugqila. Izimfuno zabo ezingenangqondo zaba yisaga phakathi kwezinye izizwe. Kakhulukazi iSabatha lalibiyelwe ngazo zonke izinhlobo zemingcele engenangqondo. Kwakungeyona intokozo kubo, ubungcwele bukaJehova, olunodumo. Ababhali nabaFarisi babekwenze ukuligcina kube ngumthwalo ongabekezeleki. UmJuda ubengavunyelwe ukokhela umlilo ngisho nothi lwesibani ngeSabatha. Ngenxa yalokho abantu babethembele kwabeZizwe ukuze bathole izinkonzo eziningi zemithetho yabo eyayinqabela ukuba bazenzele yona. Babengabonisi ukuthi uma lezi zenzo ziyisono, labo ababecela abanye ukuba bazenze babenecala sengathi bawenze ngokwabo lomsebenzi. Babecabanga ukuthi insindiso yayikumaJuda kuphela, nokuthi isimo sabo bonke abanye, sokungabi nathemba kakade sasingeke senziwe sibe sibi kakhulu. Kodwa uNkulunkulu akanikanga imiyalo engenakulandelwa yibo bonke. Imithetho yakhe ayivumeli imingcele engenangqondo noma eyobugovu.”-Ibid., p. 204.


Ngolwesine , Ndasa 13

5. ISABATHA KANYE NENHLOSO YALO

a. UJesu wahlanganisa kanjani umthetho kaNkulunkulu kanye neSabatha-na? Isaya 42:21.

“UJesu wezela ‘ukugcwalisa umthetho, awenze uhlonipheke.’ Kwakungafanele ehlise isithunzi sawo, kodwa ukuze awuphakamise…Wayezele ukukhulula iSabatha kulezo zimfuno ezingumthwalo ezenze iSabatha laba isiqalekiso esikhundleni sesibusiso.”-The Desire of Ages, p. 206.

b. Kuyini okufanele nokungafanele ukwenziwa ngeSabatha-na? Eksodusi 20:8-11.

“Phakathi kwabahluphekile echibini [uKristu] wakhetha isimo esibi kakhulu ukuba asebenzise amandla Akhe okuphulukisa, futhi wayala indoda ukuba ithwale uhlaka lwayo idabule phakathi komuzi ukuze imemezele umsebenzi omkhulu enzelwe wona. Ngaleyondlela yayizophakamisa umbuzo wokuthi kuyini okusemthethweni okwenziwa ngeSabatha, futhi yayizovula indlela Yakhe yokulahla izivimbelo zamaJuda maqondana nosuku lweNkosi, futhi imemezela ngeze amasiko abo.

“UJesu wathi kubo umsebenzi wokusiza abahluphekile uyavumelana nomthetho weSabatha. Kwakuhambisana nomsebenzi wezingelosi zikaNkulunkulu, ezihlala zehla futhi zenyuka phakathi kwezulu nomhlaba ukusebenzela uluntu oluhluphekayo….

“Nomuntu unomsebenzi okumele awenze ngalolusuku. Izidingo zempilo kumele zenziwe, abagulayo kumele banakekelwe, izidingo zabasweleyo kumele zigcwaliswe. Angeke athathwe njengomuntu ongenacala odela ukukhulula ohluphekile ngeSabatha. Usuku lokuphumula lenzelwa umuntu, futhi izenzo zomusa ziyavumelana ngokuphelele nenhloso yalo. UNkulunkulu akafisi ukuthi izidalwa Zakhe zihlupheke amahora ebuhlungwini engabe zipholisiwe ngeSabatha noma nangaluphi usuku.”-Ibid., pp. 206, 207.


NgoLwesihlanu , Ndasa 14

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Iyiphi inkolelo eyayidlangile mayelana nechibi laseBethesda-na?

2. Yisiphi isimo esikhethekile esadonsa ukunaka kukaKristu-na?

3. Ukukhubazeka kwesimoya sethu kungelashwa kanjani-na?

4. Kuyini okwacasula kakhulu amaJuda ngokuphulukiswa okumangalisayo-na?

5. Ngeyiphi imisebenzi evumelana nomthetho weSabatha-na?

 <<    >>