Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
ISIFUNDO 12 ISABATHA, NDASA 22, 2025

Igunya LeNdodana

IVESI LEKHANDA: “Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe-nokuphila ngokwayo. Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu” (Johane 5:26, 27).

“Igunya Lami, kusho [uJesu], ngokuba ngenza umsebenzi eningibeka icala ngawo, ukuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Ngimunye Naye ngokwemvelo, ngentando, nangenhloso. Kuyo yonke imisebenzi Yakhe yokudala nokuhlakanipha, ngibambisana noNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 208.

Incwadi Enikeziwe:   Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 123-129. 

NgeSonto , Ndasa 16

1. UKULINGANA NO-NKULUNKULU

a. Ngaphandle kokuphulukisa umuntu ofe uhlangothi ngeSabatha, yisiphi esinye isizathu amaJuda amzondela sona uJesu-na? Johane 5:17, 18.

“UJesu wathi unamalungelo alinganayo noNkulunkulu….

“Sonke isizwe samaJuda sasibiza uNkulunkulu ngokuthi unguBaba waso, ngakho-ke sasingeke sithukuthele kangaka lapho uKristu eziveza njengomi ngokulingana noNkulunkulu. Kodwa bambeka icala lokuthi uyahlambalaza, bebonisa ukuthi bayazi ukuthi wenza izimfuno ngomqondo ophakeme kakhulu.”-The Desire of Ages, pp. 207, 208.

b. UKristu walwela kanjani igunya lomthetho kaNkulunkulu ngaphezu kwamasiko abantu-na? Mathewu 15:1-9, 13.

“Lezitha zikaKristu zazingenazo izingxabano zokuhlangabezana namaqiniso awaletha ekhaya kunembeza wazo. Babengabala amasiko nemikhuba yabo kuphela, futhi lokhu kwakubonakala kubuthakathaka futhi kuyize uma kuqhathaniswa nezimpikiswano uJesu azithatha ezwini likaNkulunkulu nomjikelezo wemvelo engapheli.”-Ibid., p. 208.


NgoMsombuluko , Ndasa 17

2. UBUNYE NO-BABA

a. UJesu wabuchaza kanjani ubuhlobo Bakhe noYise-na? Johane 5:19, 20.

b. Yiliphi igunya namandla akuBaba uKristu asho ukuthi Naye unawo-na? Johane 5:21-23.

“Abapristi nababusi bazibeka ngokwabo njengabahluleli bokulahla ngecala umsebenzi kaKristu, kodwa wamemezela ngoKwakhe ukuthi ungumahluleli wabo, futhi umahluleli welizwe lonke. Umhlaba unikelwe kuKristu, futhi Ngaye kuza zonke izibusiso ezivela kuNkulunkulu ziya kwisizwe esiwileyo. UbenguMhlengi ngaphambili nangasemva kokuguqulelwa Kwakhe enyameni. Masinyane nje emva kokubakhona kwesono, kwabakhona uMsindisi. Unikile ukukhanya nokuphila kubo bonke, futhi ngokuya ngesilinganiso sokukhanya okunikeziwe, yilowo nalowo uyokwahlulelwa. Futhi Lowo onikeze ukukhanya, Lowo olandela umphefumulo ngokuncenga okumnene, efuna ukuwuzuza usuke esonweni uze ebungcweleni, ungomunye ummeli nomahluleli wako.”-The Desire of Ages, p. 210.

c. Chaza ukuguquka kwesimo sengqondo okwenzekayo njengoba sibona ukuthi uKristu ungumahluleli wethu. Roma 2:1-3; Mathewu 7:1.

“Lowo ozitika ngomoya wokusola unecala lesono esikhulu kunalowo ammangalelayo, ukuthi akenzi isono esifanayo, kodwa wenezela kuso umcabango nokuhlambalaza.

“UKristu uyisilinganiso seqiniso kuphela sesimilo, futhi lowo ozibeka ngokwakhe njengesilinganiso sabanye uzibeka ngokwakhe endaweni kaKristu. Ngokuba noYise kahluleli-muntu; ‘ukunike iNdodana konke ukwahlulela’ (Johane 5:22), noma ngubani ozama ukwahlulela izisusa zabanye uphinde aqhwage igunya leNdodana kaNkulunkulu. Labo bazoba ngabahluleli nabagxeki abazibeka ngokwabo ohlangothini lomphikukristu, ‘omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.”-Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 125, 126.

“Asikwazi ukufunda inhliziyo. Sinephutha, thina ngokwethu sinephutha, asinalungelo lokuhlala sahlulele phezu kwabanye. Abantu abafayo bangahlulela kuphela okubonakala ngaphandle. Nguye yedwa owazi imithombo efihlakale yesenzo, futhi ophatha ngobubele nangozwelo, unikezwe ukunquma icala lomphefumulo ngamunye.”-Ibid., p. 124.


Ngolwesibili , Ndasa 18

3. ISIQINISEKO ESILIGUGU

a. Siqiniseko sini esinikezwe wonke okholwayo ozinikela kuKristu-na? Johane 5:24.

“Kuyo yonke imiyalo nakuzo zonke izithembiso zezwi likaNkulunkulu zingamandla, kona kanye ukuphila kukaNkulunkulu, okungase kugcwaliseke ngawo umyalo nesithembiso esaziwayo. Lowo ngokukholwa owamukela ukuphila nesimilo sikaNkulunkulu uqobo.”-Christ’s Object Lessons, p. 38.

“Umsebenzi omkhulu owenzelwa isoni esimabala-bala futhi sanindwa ngububi ngumsebenzi wokulungisiswa. Ngaye okhuluma iqiniso kuthiwa ulungile. INkosi inika okholwayo ukulunga kukaKristu futhi imemezele kuye ukuthi ulungile phambi kwezulu nomhlaba. Udlulisela izono zaso kuJesu, ommeli wezoni, umbambeli, nesiqinisekiso. Phezu kukaKristu ubeka izono zomphefumulo ngamunye okholwayo. ‘Ongasazanga isono wamenza isoni ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwa sibe ngukulunga kukaNkulunkulu’ (2 Korinte 5:21) ….

“Noma njengezoni singaphansi kokulahlwa ngecala ngumthetho, nokho uKristu ngokulalela Kwakhe wanikela umthetho, ngezimfuno zomphefumulo ophendukayo ngokufaneleka kokulunga Kwakhe. Ukuze samukele ukulunga kukaKristu, kuyadingeka kwisoni ukwazi ukuthi lokuphenduka yikona okusebenza inguquko yangempela yengqondo nomoya nesenzo. Umsebenzi wokuguquka kufanele uqale enhliziyweni, futhi ubonakalisa amandla kuzozonke izigaba zomzimba; kodwa umuntu akakwazi ukuqamba inguquko enjengalena, futhi angaba namava kuphela ngoKristu, owenyukela phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 392, 393.

b. Yiliphi ilungelo elingcwele uKristu alembula ukuthi unalo-na? Johane 5:25-29.

“Njengoba Esenambithe zonke izicucu zokuhlupheka komuntu kanye nesilingo, futhi uyabuqonda ubuthakathaka nezono zabantu; ngoba ngenxa yethu umelane ngokunqoba izilingo zikaSathane, futhi uzoyiphatha ngokulunga nangobubele imiphefumulo igazi Lakhe elachitheka ukuyisindisa-ngenxa yalokhu, iNdodana yomuntu imiselwe ukwahlulela.”-The Desire of Ages, p. 210.

“UKristu unikezwe amandla anikeza ukuphila kuzo zonke izidalwa.”-Selected Messages, bk. 1, p. 249.


Ngolwesithathu , Ndasa 19

4. UJESU, INDIKIMBA EYINHLOKO YEMIBHALO

a. UJesu wayichaza kanjani imbangela yokungakholwa kwamaJuda-na? Johane 5:37, 38.

“Esikhundleni sokuxolisa ngesenzo abakhononda ngaso, noma abachazele inhloso Yakhe yokwenza lokhu, uJesu waphendukela kubabusi, futhi ummangalelwa waphenduka ummangaleli. Wabasola ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, nasekungazini kwabo iMibhalo. Wathi balenqabile izwi likaNkulunkulu, njengoba benqaba Lowo uNkulunkulu amthumileyo.”-The Desire of Ages, p. 211.

b. Kungani amaJuda ehluleka ukuqonda imiBhalo-na? Johane 5:39, 40.

“Kwikhasi ngalinye, noma umlando, noma isimiso, noma isiprofetho, iMibhalo yeTestamende Elidala iveza imisebe yenkazimulo yeNdodana kaNkulunkulu. Mayelana nokumiswa kwaphezulu, ubuJuda bonke babuyisiprofetho esihlangene nevangeli. ‘Ngaye uKristu bonke abaprofethi bafakaza.’ Izenzo 10:43. Kusukela ezithembisweni ezanikezwa uAdamu, kwehle ngomugqa wokhokho kanye nomnotho wezomthetho, ukukhanya okukhazimlayo kwamazulu, kwenza abasobala amanyathelo oMhlengi. Inkanyezi yaseBethlehema, uShilo ozayo, njengoba izinto zesikhathi esizayo zishanela phambi kwabo ngodwende oluyimfihlakalo. Kuyoyonke imihlatshelo ukufa kukaKristu kwabonakaliswa. Kulolonke ifu lempepho yokulunga Kwakhe iyenyuka. Ngokukhala kwalo lonke icilongo leJubili igama Lakhe lalizwakala. Ngemfihlakalo esabekayo endaweni engcwele ngcwele lapho kuhlala khona inkazimulo Yakhe.

“AmaJuda ayephethe iMibhalo ezandleni zabo, futhi ecabanga ukuthi ngolwazi lwabo izwi lwangaphandle banokuphila okuphakade. Kodwa uJesu wathi, ‘Nezwi Lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu.’ Njengoba benqaba uKristu ngokwezwi Lakhe, banqaba Yena uqobo. ‘Kepha anivumi ukuza Kimi, wathi, ‘ukuba niphile.’

“Abaholi bakwaJuda babefunde izimfundiso zabaprofethi eziphathelene nombuso kaMesiya; kodwa bakwenza lokhu, kungesikho ngesifiso esiqotho sokwazi iqiniso, kodwa ngenhloso yokuthola ubufakazi bokusekela amathemba abo okuvelela. Lapho uKristu efika ngendlela ephambene naleyo abayilindele, abazange bamamukele; futhi ukuze bazibonakalise ngokwabo, bazama ukubonisa ukuthi ungumkhohlisi. Lapho beqala ukubeka izinyawo zabo kulendlela, kwabalula kuSathane ukuqinisa ukuphikisa kwabo uKristu. Wona lamazwi engabe atholakele njengobufakazi bobungcwele Bakhe ahlanekezelwa ukumelana Naye. Kanjalo baguqula iqiniso likaNkulunkulu laba amanga.”- Ibid., pp. 211, 212.


Ngolwesine , Ndasa 20

5. INKAZIMULO KA-NKULUNKULU

a. Kuyini okwaholela amaJuda ukwenqaba uJesu futhi afune abafundisi bamanga-na? Johane 5:41-44.

“UJesu wathi, ‘Angizange ngithole ukuhlonishwa ebantwini.’ Bekungewona umfutho wamaSanhendrin, bekungeyona imvumo yabo abeyifisa. Azange athole inhlonipho ngokuvumelana nabo. Wayenikezwe inhlonipho negunya laseZulwini. Uma ubethandile, izingelosi bezizofika ukuba zimkhonze; noYise wayezophinda afakaze ngobungcwele Bakhe. Kodwa ngenxa yabo, nangenxa yabaholi baso, wayefisa ukuthi ababusi bamaJuda babone isimilo Sakhe, futhi bathole izibusiso ayezele ukubanika zona.

“Ngize egameni likaBaba, aningamuleki; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.’ UJesu weza ngegunya likaNkulunkulu, ethwele umfanekiso Wakhe, ukugcwaliseka kwezwi Lakhe, futhi efuna inkazimulo Yakhe. Kodwa akamukelwanga abaholi bakwaIsrayeli; kodwa abanye uma beza, bethatha isimo sikaKristu, kodwa beqhutshwa yintando yabo futhi befuna olwabo udumo, babezomamukela. Futhi kungani-na? Ngoba bezifunela udumo bencenga ngokuziphakamisa ngaphezu kwabanye. Kwabanjalo encenga amaJuda ukuba asabele. Bazokwamukela abafundisi bamanga ngoba ebabaza ukuzigabisa kwabo ngokuvumela imibono namasiko abo abawathandayo, kodwa izimfundiso zikaKristu azizange zihambisane nemibono yabo. Ngoba beyinguMoya, futhi ifuna ukudela umina, ngakho-ke babengeke bakwamukele. Babengamazi uNkulunkulu, futhi kubo izwi Lakhe ngoKristu bekuyizwi lesihambi.

“Akuyona into efanayo ephinda phindwayo osukwini lwethu-na? Abekho yini abaningi, ngisho nabaholi bezenkolo, abenza lukhuni izinhliziyo zabo ukumelana noMoya Ongcwele, okwenza kungenzeki kubo ukuqaphela izwi likaNkulunkulu-na? Ingabe abalenqabi izwi likaNkulunkulu, ukuze bagcine amasiko abo-na?”-The Desire of Ages, pp. 212, 213.


NgoLwesihlanu , Ndasa 21

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Yiliphi igunya namalungelo uKristu ayenawo-na?

2. Yibuphi ubuhlobo obulokhu bukhona phakathi kukaJesu noYise-na?

3. Yimaphi amandla anika ukuphila uKristu anawo-na?

4. Chaza uJohane 5:39.

5. Chaza umphumela wesizwe samaJuda wokwenqaba uJesu njengoMesiya.

 <<    >>