NgeSonto
, Ndasa 23
1. IMIPHEFUMULO ELAMBILE
a. Ngaphandle kwabafundi, ngubani omunye owayehamba noJesu lapho ewela ulwandle lwaseGalile ngaphambi kwePhasika-na? Johane 6:1, 2.
“UKrestu waphumula endaweni esithekile nabafundi Bakhe, kodwa lesikhathi esingavamile sokuthula nesizothile sasizonqamuka ngokushesha. Abafundi babecabanga ukuthi baphumule lapho bengeke baphazanyiswa khona; kodwa masinyane lapho isixuku siphuthelwa nguthishela wabo ongcwele, Sabuza, ‘Uphi Yena? Abanye phakathi kwabo bayiqaphela indawo uKristu nabafundi Bakhe abaye kuyo. Abaningi bahamba ngezinyawo ukuhlangana naye, abanye bahamba ngezikebhe ukudabula amanzi. IPhasika lase lisondele, futhi, kude naseduze, amaviyo ezihambi abuthana endleleni eya eJerusalema ukuze abone uJesu. Kwenezelwa abantu esibalweni sabo, kwaze kwabuthana amadoda ayizinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana. Ngaphambi kokuba uKristu afike ogwini, isixuku sasimlindele, kepha wehla singamboni, ngoba wahlala nabafundi okwesikhashana.”-The Desire of Ages, p. 364.
b. Chaza isimo sikamoya sabantu abahlanganyela ndawonye. Maraku 6:34.
NgoMsombuluko
, Ndasa 24
2. UKUNAKEKELA IZIDINGO ZETHU
a. Kuyini uJesu ayiqaphela ngothando abantu ababeludinga, futhi walusebenzisa kanjani lethuba ukuze avivinye ukholo lomfundi Wakhe, uFiliphi-na? Johane 6:3-6.
“Kusukela egqumeni [uJesu] wabona isixuku esihambayo, inhliziyo yakhe yagcwala uzwelo. Waphazanyiswa kanjalo, futhi waphangwa ekuphumuleni Kwakhe, nokho akazange axhamazele. Wabona isidingo esikhulu esifuna ukunaka Kwakhe lapho ebheka abantu beza futhi ngobuningi. ‘Wagcwala isihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu, ezingenamalusi.’ Eshiya indawo Yakhe yokuphumula, wathola indawo efanele lapho angabafundisa khona, abatholanga usizo kubapristi nakubabusi, kodwa amanzi okuphila aphuma kuKristu lapho efundisa izixuku indlela yensindiso….
“Kubona usuku lwalubonakala njengezulu emhlabeni, futhi babengazi nhlobo ukuthi kwakunesikhathi esingakanani bengadlanga lutho.
“Ekugcineni usuku lwaphela. Ilanga lase lishona entshonalanga, nokho abantu balibazisa. UJesu wayesebenze usuku lonke engadli futhi engaphumuli. Wayephaphathekile ngenxa yokukhathala nendlala, abafundi bamncenga ukuba ayeke ukushikashikeka. Kepha wayengenakuzikhipha esixukwini esasimncindezela….
“Lowo owafundisa abantu indlela yokuthola ukuthula nenjabulo wayecabanga ngezidingo zabo zesikhashana kanye nesidingo sabo sesimoya. Abantu babekhathele futhi bephelelwa amandla. Kwakukhona omama bephethe izingane ezingalweni zabo, futhi izingane ezincane zibambelele eziketini zabo, abaningi bebemi ngezinyawo amahora amaningi.
“Abaningi babevela kude, futhi bengadlanga lutho kusukela ekuseni. Emadolobheni nasemizaneni ebazungezile bangase bakwazi ukuthenga ukudla…Kodwa uJesu wathi, ‘Bapheni-nina ukudla badle,’ bese ephendukela kuFiliphu, wabuza ukuthi, sizozithenga nini izinkwa, ukuze laba badle-na?’ Lokhu wakusho ukuze avivinye ukholo lomfundi.”-The Desire of Ages, pp. 364, 365.
b. UFiliphu waphendula kanjani-na? Johane 6:7.
“UFiliphu wabheka phezu kwamakhanda olwandle, futhi wacabanga ukuthi kwakungeke kwenzeke kanjani ukunikeza ukudla ukwanelisa izidingo zesixuku esingaka. Waphendula ukuthi izinkwa zabodenariyo*abangamakhulu amabili zazingeke zanele ukwabelwa, ukuze kube yilowo nalowo anikele ingcosana.”-Ibid.
Ngolwesibili
, Ndasa 25
3. NOMA YINI EKHONA
a. Yiluphi ulwazi uAndreya alunikeza uJesu-futhi iNkosi yabe isiyalela abafundi ukuba benzene-na? Johane 6:8-10.
“UJesu wabuza ukuthi kungakanani ukudla okukhona phakathi kwesixuku. ‘Kukhona umfana lapha,’ kusho uAndreya, ‘onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane; kodwa ziyini kwabaningi kangaka-na?’ UJesu wayala ukuba zilethwe Kuye. Wasetshela abafundi ukuthi bahlalise abantu etshanini ngamaqembu angamashumi amahlanu noma angamakhulu, ukuze kulondolozwe ukuhleleka, nokuthi bonke bafakaze ngalokho azokwenza.”-The Desire of Ages, p. 365.
b. Chaza amanyathelo uKristu awathatha ukwandisa ukudla-futhi yiziphi izifundo esingazifunda kulokhu. Mathewu 14:19; Maraku 6:37-41; Johane 6:11.
“UJesu akazange afune ukudonsela abantu Kuye ngokwenelisa isifiso sokunethezeka. Esixukwini esikhulu, esikhathele futhi esilambile, ngemva kosuku olujabulisayo, imali encane yayiqinisekisa amandla Akhe kanye nesisa Sakhe kuzo izidingo ezivamile zempilo. UMsindisi akazange athembise abalandeli Bakhe ukunethezeka komhlaba; isabelo sabo singavinjelwa ubumpofu; kepha izwi Lakhe lithembisile ukuthi ukuswela kwabo kuyakunikezwa, futhi uthembisile okuhle okungcono kunobuhle basemhlabeni, induduzo ehlala njalo yobukhona Bakhe.”-The Ministry of Healing, pp. 47, 48.
“Ngalesi simangaliso, uKristu wasamukela kubaba; wabanika abafundi Bakhe, abafundi banika abantu, nabantu omunye komunye. Ngakho-ke bonke abahlanganiswa noKristu bazokwamukela Kuye isinkwa sokuphila, futhi nabo basinikeze abanye. Abafundi Bakhe bayizindlela ezimisiwe zokuxhumana phakathi kukaKristu nabantu.”-Ibid., p. 49.
c. Yisiphi isifundo senkonzo yeqiniso esikhunjuzwa ngayo lapha-na? Isaya 61:6.
“Abafundi baletha konke ababenakho kuJesu; kodwa akabamemanga ukuba badle. Wathi mabaphe abantu ukudla. Ukudla kwanda ezandleni Zakhe, nezandla zabafundi, zelulekela kuKristu, futhi azizange ziswele. Okuqongelelwe okuncane kwanela bonke. Lapho isixuku sesisuthisiwe, abafundi badla noJesu okuyigugu, ukudla okunikezwe izulu.”-Ibid.
Ngolwesithathu
, Ndasa 26
4. UBUHLE BOKWABELANA
a. Kuyini okufanele sikufunde ngesiyalezo esibalulekile uJesu asinikeza emva kokusuthisa izixuku-na? Johane 6:12, 13.
“Lapho iziqebetho zezimvuthuluka sezibuthiwe, abantu babecabanga ngabangane babo ekhaya. Babefuna ukuthi bahlanganyele nabo kwisinkwa uKristu ababusise ngaso. Okwakuphakathi kweziqabetho kwahlukaniswa phakathi kwesixuku esishisekelayo, futhi kwahanjiswa kuso sonke isifunda nxazonke.”-The Desire of Ages, p. 368.
“UJesu wathi kubafundi Bakhe, ‘Buthani imvuthuluko eseleyo, kungachitheki-lutho.’ Johane 6:12. Lamazwi ayesho okukhulu kakhulu kunokubeka ukudla kwiziqabetho. Isifundo lapha sasikabili. Makungachithwa lutho. Masingayekeli kushelele ngaphandle inzuzo yesikhashana. Akufanele sidembesele lutho okuzokhulula izidingo zolambile emhlabeni. Ngokunakekela okufanayo sigcina isinkwa esivela ezulwini ukuze senelise izidingo zomphefumulo. Ngalolonke izwi likaNkulunkulu sizophila. Makungabikho lutho uNkulunkulu alukhulumile oluzolahleka. Kungabikho izwi eliphathelene nensindiso yethu yaphakade okufanele silishaye indiva. Akukho nelilodwa izwi okufanele liwele phansi lingenamsebenzi.”-The Ministry of Healing, p. 48.
b. Ngisho nalapho kungase kubonakale kungathandeki noma kungenakwenzeka, ukuthi iyiphi imfanelo yobuKristu esiyalwa ukuba siyihlakulela-na? Isaya 58:6-8; 1 Peter 4:9.
“Kuzo zonke izinto eziphuthumayo kufanele sifune usizo Kuye izinsiza zonke ezingapheli ngokuyala Kwakhe….
“Njengoba sibona izidingo zabampofu, abangenalwazi, abahluphekayo, kukangakhi izinhliziyo zethu zicwila. Siyabuza, ‘Kusizakala kuni amandla ethu abuthakathaka nezinsiza zokusebenza ezincane ukuze sinikeze lesidingo esinzima-na? Angeke yini silinde omunye onekhono elikhulu ukuba aqondisa umsebenzi, noma inhlangano ethile ukuwuqondisa-na? UKristu uthi, ‘Bapheni-nina ukudla.’ Sebenzisa imali, isikhathi, ikhono, onalo. Lethani izinkwa zebhali kuJesu.
“Noma izinsiza zinganeli ukondla izinkulungwane, zinganela ukondla oyedwa. Esandleni sikaKristu bangondla abaningi. Njengabafundi, banikeze lokho abanakho. UKristu uzophinda phinda ukuhlinzekela. Uzovuza ukweyama ngokuthembeka okulula Kuye. Lokhu okubonakala kuyingcosana kuzoba idili elinothile.”-Ibid., pp. 49, 50.
Ngolwesine
, Ndasa 27
5. UMDALI WETHU NOMONDLI WETHU
a. Yiziphi izimpawu ezimangalisayo zikaNkulunkulu okungafanele sizikhohlwe-na? Amahubo 37:25, 26; Filiphi 4:19.
“Kungumusa kaNkulunkulu owenza inxenye encane ayenza yanele bonke. Isandla sikaNkulunkulu singandisa ngokuphinda phindwe kayikhulu. Ngempahla Yakhe angendlala itafula ehlane. Ngokuthinta isandla Sakhe uzokwandisa ukudla okuyingcosana kwanele bonke. Ngamandla Akhe wandisa izinkwa namabele ezandleni zamadodana abaprofethi….
“Lapho uJesu ethi kubafundi Bakhe yiphani isixuku ukudla, baphendula bathi, ‘Esinakho yizinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili; kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke lababantu ukudla.’ Luka 9:13. Kuyini lokho phakathi kwabaningi kangaka-na?
“Isifundo esabantwana bakaNkulunkulu kuzo zonke izikhathi. Lapho iNkosi inikeza umsebenzi okufanele wenziwe, makungabikho abantu ababuza isizathu somyalo noma umphumela ongenzeka ngemizamo yabo ukuyilalela. Ukudla okusezandleni zabo kungabonakala kukuncane ukwenelisa wonke umuntu; kodwa ezandleni zeNkosi kufakazela kuyakudlula okwanele….
“Umuzwa ophelele wobudlelwane noNkulunkulu kulabo abathenga ngesipho seNdodana Yakhe, ukholo olukhulu lokuqhubela phambili inhloso Yakhe emhlabeni…lesi isidingo esikhulu sebandla namuhla. Ungachithi isikhathi ngokugxeka ubuncane bezinsiza zabo ezibonakalayo. Ukubonakala kwangaphandle kungase kungathembisi, kodwa amandla nokuthembela kuNkulunkulu kuzothuthukisa izinsiza. Isipho esilethwa Kuye ngokubonga nangomkhuleko wezibusiso Zakhe. Uzokwanda njengoba andisa ukudla okwanikezwa amadodana abaprofethi kanye nesixuku esikhathele.”-Prophets and Kings, pp. 241-243.
NgoLwesihlanu
, Ndasa 28
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza isimo senqondo yabantu lapho belalela amazwi kaKristu.
2. INkosi yenelisa kanjani izidingo zabo zenyama-na?
3. Sifundani ngendlela uKristu agcina ngayo isixuku sihlelekile-na?
4. Kuyini okufanele ngikukhumbule noma-nini lapho ngilingeka, “Bapheni-nina ukudla”?
5. Yisho izikhathi lapho unakekelo lukaNkulunkulu kuwe luphawuleka ngokukhethekile.