NgeSonto
, Masingana 12
1. UKUQALA KOMSEBENZI KAKRISTU
a. UJesu wawuqala kuphi umsebenzi Wakhe emhlabeni? Johane 2:1, 2.
“UJesu akazange aqale inkonzo Yakhe ngomsebenzi omkhulu phambi kweSanhedrin eJerusalema. Kumbuthano wasekhaya emzaneni omncane waseGalile wanikezwa amandla okwenezela injabulo edilini lomshado. Kanjalo ekhombisa ukuzwelana Kwakhe nabantu, kanye nesifiso Sakhe sokusebenzela injabulo yabo. Ehlane lokulingwa Yena ngoKwakhe waphuza isitsha sosizi. Weza ukuba anikeze abantu isitsha sesibusiso, ngesibusiso Sakhe ukungcwelisa ubudlelwano bokuphila komuntu.”-The Desire of Ages, p. 144.
b. Kuyini okwenzeka ngaphambi kokuphela kwedili lomshado-na? Johane 2:3.
“[UMariya] wayefisa ukuba [uJesu] abonise isixuku ukuthi ungoHloniphekile kaNkulunkulu. Wayecabanga ukuthi lingabakhona ithuba Lakhe lokwenza isimangaliso phambi kwabo.
“Kwakungumkhuba wasendulo ukuthi imikhosi yomshado iqhubeke izinsuku ezimbalwa. Ngalesikhathi, ngaphambi kokuphela kwedili kwatholakala ukuthi iwayini liyasweleka. Lokhu kwaletha ukudideka nokudabuka. Kwakuyinto engavamile ukusweleka kwewayini ngezikhathi zemikhosi, futhi ukungabikhona kwalo kwakubonisa ukuntuleka kokungenisa izihambi.”-Ibid., pp. 145, 146.
NgoMsombuluko
, Masingana 13
2. U-KRISTU NOMAMA WAKHE
a. Umama kaKristu wathini, futhi yaba yini impendulo Yakhe-na? Johane 2:3, 4.
“[Johane 2:4 ngokuphindwa.] Ngalempendulo, ebonakala ingezumayo kithi, akazange abonise ukubanda noma indelelo. Indlela yoMsindisi yokukhuluma nonina yayihambisana nosiko lwasempumalanga. Yayisetshenziswa kumuntu okwakufiswa ukubonisa inhlonipho. Zonke izenzo zempilo kaKristu yasemhlabeni zazivumelana nomthetho awunikeza ngoKwakhe, ‘Hlonipha uyihlo nonyoko.’ Exodus 20:12. Esiphambanweni, isenzo Sakhe sokugcina sobubele kunina, uJesu waphinda wakhuluma naye ngendlela efanayo, njengoba emnikela ekunakekelweni ngumfundi Wakhe amthanda kakhulu. Kokubili edilini lomshado naphezu kwesiphambano, okwavezwa ngephimbo nokubheka nangendlela echaza amazwi Akhe.”-The Desire of Ages, p. 146.
b. Wathini umama kaKristu ezincekwini, futhi lamazwi asebenza kanjani nakithi namuhla-na? Johane 2:5.
“Abalandeli [bakaKristu] kufanele babe namandla ngokwengeziwe ekumemezeleni iqiniso njengoba besondela ekupheleliseni ukukholwa nothando kubazalwane babo. UNkulunkulu unikeze usizo olungcwele kuzo zonke izimo eziphuthumayo lapho imithombo yabantu ingalingani. Unikeza uMoya Ongcwele ukuze usisize ubunzimeni, ukuqinisa ithemba nesiqiniseko sethu, ukukhanyisa izingqondo zethu futhi uhlanze izinhliziyo zethu. Ngiyanicela ukuba nifune iseluleko kuNkulunkulu. Mfuneni ngenhliziyo yonke, futhi ‘Nayikuphi akusho kini, anokwenza.’ Johane 2:5.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 414, 415.
c. UJesu watshela inceku emshadweni ukuba yenzeni-na? Johane 2:6-8.
“Eduze komyango kwakukhona izimbiza zamatshe eziyisithupha ezinkulu zamanzi, uJesu wathi ezincekwini gcwalisani izimbiza ngamanzi. Zazigcwalisa-ke. Iwayini lafuneka ukuba lisetshenziswe ngokushesha, wathi kuzo, ‘yikhani manje, niyise kumphathi wokudla.’ Esikhundleni samanzi lawo ayegcwaliswe ezimbizeni, kwaphuma iwayini.”-The Desire of Ages, p. 148.
Ngolwesibili
, Masingana 14
3. IWAYINI LIKA-KRISTU
a. Lapho iwayini seliphelile, waphendula wathini umphathi womkhosi-na? Johane 2:9, 10.
“Kungakhathaliseki ukuthi umphathi wedili noma isihambi ngokuvamile babazi ukuthi iwayini liphelile. Lapho umphathi enambitha lokhu okwalethwa yizinceku, wakuthola kudlula noma yiliphi iwayini ake aliphuza ngaphambili, futhi lihluke kakhulu kunalelo elanikezwa ekuqaleni komkhosi.”-The Desire of Ages, p. 148.
b. Uhlobo olunjani lwewayini uKristu alunikezayo-na? Isaya 65:8.
“Iwayini uKristu alinikeza abamenyiwe, nalelo alinikeza abafundi njengophawu lwegazi Lakhe, bekuyisiphuzo esicwebile samagilebhisi. Kulokhu umprofethi uIsaya ubhekisa kulo uma ekhuluma ngewayini-elisha ‘elitholwa ehlukuzweni’ uthi, ‘Malingachithwa; ngoba isibusiso sikulo.’ Isaya 65:8….
“Iwayini elingenamvubelo lelo alinikeza abamenyiwe emshadweni beliyisiphuzo esinempilo nesiqabulayo. Umphumelo walo bewunikeza ukunambitheka kuvumelane nesifiso sokudla okunempilo.”-Ibid., p. 149.
c. Uthini uMbhalo ngewayini elibilisiwe-na? Izaga 20:1; 23:29-35.
“KwakunguKristu owanikeza isixwayiso kuIsrayeli kwiTestamende Elidala, ‘Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.’ Izaga 20:1; futhi Yena akazange anikeze isiphuzo esinjalo. USathane ulinga abantu ukuba bazitike ukuze baphuphutheke ngokwengqondo futhi bafiphale ekuhlukaniseni ngokwesimoya. Kodwa uKristu usifundisa ukuthi silethe imvelo engaphansi ekuthotshisweni. Impilo Yakhe yonke ibiyisibonelo sokuzidela. Ukuze aphule amandla enkanuko yokudla, wahlupheka ngenxa yethu isilingo esinzima kakhulu kunalo lonke umuntu angasibekezelela. NguKristu owayala ukuthi uJohane uMbhpathizi angaphuzi iwayini noma uphuzo olunamandla. Nguye owayala inkosikazi kaManowa ukuzithiba okufanayo. Wamemezela isiqalekiso phezu komuntu ozobeka ibhodlela phezu kwezindebe zomakhelwane wakhe. UKristu akazange aphikisane nezimfundisi Zakhe.”-Ibid.
Ngolwesithathu
, Masingana 15
4. ISIBONELO SIKA-KRISTU EMIBUNGAZWENI
a. Yiziphi izinhloso ezafezwa ngokubakhona kukaKristu kanye nesimangaliso Sakhe edilini lomshado, ngisho nakithi namuhla-na? Johane 2:11.
“UKristi wazi zonke izinto; wabheka phansi esikhathini sethu, futhi wabona ukuthi sizoba yini isimo somphakathi ekupheleni kwembali yomhlaba. Wabona izinkulungwane zezinkulungwane zibhubha ngokusebenzisa iwayini nophuzo olunamandla. Umhlaba kancane kancane uzofinyelela kwisimo esifanayo njengoba sasinjalo ezinsukwini ngaphambi kukazamcolo. Kodwa izulu liphakamise uphawu oluyingozi, ukuze abantu bathathe isixwayiso, babambisane noNkulunkulu ukuze bazisindise. Usinikile izibonelo zokuzithiba ngokuphelele, wanikeza nesiluleko sokuthi, uma silandelwa, sizophumela ekudalweni nasekulondolozweni kokuqina, ikhono, nobuhle bezingane zethu.”-The Signs of the Times, Mbasa 16, 1896.
b. Chaza isimo sengqondo esiqabulayo uKristu asibonisa emsebenzi Wakhe wonke. Mathewu 11:29.
“UJesu waqala umsebenza wenguquko ngokusondelana ngozwelo kuluntu. Lapho ebonisa inhlonipho enkulu ngomthetho kaNkulunkulu, wakhuza ukunikela inhlonipho yokuzenzisa kwabaFarisi, futhi wazama ukukhulula abantu emithethweni engenangqondo eyayibabopha. Wayefuna ukudiliza imigoqo ehlukanisa izigaba azahlukene zomphakathi, ukuze ahlanganise abantu njengabantwana bomkhaya owodwa. Ukuya Kwakhe edilini lomshado kwakwenzelwe ukuba kube inyathelo lokufeza lokhu.”-The Desire of Ages, p. 150.
“UJesu wasola ukuzitika okukhona kwezinhlobo zonke, nokho wayenobudlelwane nabantu ngokwemvelo Yakhe. Wamukela umoya wokungenisa izihambi zezigaba zonke, evakashela amakhaya abaceile nabampofu, abafundile nabangenalwazi, efuna ukuphakamisa imicabango yabo isuke kwimibuzo evamile yokuphila iye kulezo zinto zesimoya nezingunaphakade. Azange anikeze imvumo yokuhlaphaza, futhi kungekho thunzi lokuziphatha okuhle okonakalisa ukuziphatha Kwakhe; kodwa wayethola injabulo kwizehlakalo zenjabulo emsulwa, futhi ngokubakhona Kwakhe wayegunyaza umbuthano wokuzijabulisa. Umshado wamaJuda bewuyisehlakalo esithakazelwayo, futhi injabulo yawo beyingacasuli iNdodana yomuntu. Ngokuza edilini, uJesu wahlonipha umshado njengesimiso esingcwele.”-Ibid., pp. 150, 151.
Ngolwesine
, Masingana 16
5. UKUXHUMANA OKUNEMPILO KOMPHAKATHI
a. Kuyini esingakufunda ngesibonelo sikaKristu esimhlukanisa ngokwahlukile nababusi bezenkolo osukwini Lwakhe-na? Izaga 18:24.
“Inkonzo kaKristu yayihluke ngokuphawulekayo kuneyabadala abangamaJuda. Ukunaka kwabo isiko nomthetho kwase kucekele phansi yonke inkululeko yangempela yokucabanga noma yokwenza. Babephila ngokwesaba ukungcola. Ukuze bagweme ukuthintana ‘nokungcolile,’ bazehlukanisa, kungesikho kwabeZizwe kuphela, kodwa kwiningi labantu bakubo, bengafuni ukuba bazuze noma basizakale kubungane babo. Ngokugxila njalo kulezindaba, bathe bafinyeza izingqondo zabo futhi banciphisa umzila wokuphila kwabo. Isibonelo sabo sasikhuthaza ukuzazisa nokungabekezelelani phakathi kwezigaba zonke zabantu.”-The Desire of Ages, p. 150.
b. Kumele ibeyini inhloso yethu kukho konke ukuxhumana nomphakathi-na? Izaga 11:30.
“Singabonisa ngokusobala ukunaka kancane okuyinkulungwane ngamazwi obungane nokubukeka okujabulisayo, okuzobuyiselwa kithi futhi. AmaKrestu anganaki abonisa ukudembesela abanye ukuthi abanabo ubunye noKristu. Angeke kwenzeke ukuba babemunye noKristu bese ungabi nomusa kwabanye futhi ukhohlwe ngamalungelo abo.
“Kufanele sonke sibe ngofakazi bakaJesu. Amandla obudlelwano, angcweliswe ngomusa kaKristu, kufanele athuthukiswe ukuzuzela imiphefumulo kuMsindisi. Umhlaba mawubone ukuthi asigxilanga kubugovu bentakazelelo yethu, kodwa sifisa abanye babelane ngezibusiso namalungelo ethu. Mababone ukuthi inkolo yethu ayisenzi ukuba singabi nozwelo noma sicindezele. Makuthi bonke abathi abafumene uKristu bakhonze njeNgaye ukuze kuzuze abantu. Akufanele sinikeze umhlaba umqondo wokuthi amaKrestu angabantu abanyukubele, nabangenamile.”-The Adventist Home, p. 428.
NgoLwesihlanu
, Masingana 17
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza izithelo zesimoya ezalethwa isimangaliso sikaKristu eKana.
2. Chaza ubudlelwano phakathi kukaKristu nomama Wakhe.
3. Kungani umphathi wedili abonisa ukumangala-na?
4. Uhlobo olunjani lwewayini elifanekisa igazi likaKristu-na?
5. Emihlanganweni yomphakathi, kuyini okufanele siyikhumbule ngesibonelo sikaJesu.