Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
ISIFUNDO 2 ISABATHA, MASINGANA 11, 2025

IWundlu likaNkulunkulu

“IVESI LEKHANDA: “Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo: njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo” (Isaya 53:7).

“Isoni esiphendukayo masibhekise amehlo aso phezu’ kweWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.’”-The Faith I Live By, p. 107.

Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 132-143. 

NgeSonto , Masingana 5

1. UBUFAKAZI BUKA-JOHANE UMBHAPATHIZI

a. Kuyini uJohane uMbhapathizi akumemezela ngoJesu-na? Johane 1:15-18.

b. UJohane waziveza kanjani kubaholi bezenkolo-na? Johane 1:19-23. Yisiphi isiprofetho asigcwalisa-futhi siqondana kanjani naso-na? Isaya 40:3-5.

“Ezikhathini zonke zembali yalomhlaba uNkulunkulu ulokhu enezithunywa eziqhubekisela phambili umsebenzi Wakhe, okumele wenziwe ngesikhathi nangendlela ayimisileyo. UJohane uMbhapathizi wayenomsebenzi okhethekile, lowo azalelwa wona futhi lowo ayemiselwe wona-umsebenzi wokulungisela indlela yeNkosi….

“[Umsebenzi Wakhe ehlane] kwaba ukugcwaliseka okumangalisayo kakhulu, okungokoqobo kwesiprofetho.”-The Southern Watchman, Ndasa 21, 1905.

“INkosi yanikeza [uJohane uMbhapathizi] umyalezo wakhe. Ingabe waya kubapristi nababusi wabuza ukuthi angamemezela yini lomyalezo-na? Cha, uNkulunkulu wamsusa kubo ukuze angamukeli umoya womfutho wabo nemfundiso yabo. Ubeyizwi elimemeza ehlane, [Isaya 40:3-5 ngokuphindwa]. Lesi yiso kanye isigijimi okufanele sinikezwe abantu; sifinyelele ekupheleni kwesikhathi, futhi umyalezo yilona, Lungisani indlela yeNkosi, qoqani amatshe; phakamisani umthetho ebantwini. Abantu kufanele bavuswe. Akusona isikhathi manje sokumemezela ukuthula nokulondeka.”-Selected Messages, bk. 1, p. 410.


NgoMsombuluko , Masingana 6

2. UMSEBENZI WOKUBA NGUMHLATSHELO

a. Lapho uJesu eza kuJohane ezobhapathizwa, uJohane wamkhomba kanjani futhi efakaza ngomsebenzi Wakhe emphakathini-na? Johane 1:29, 34. Yisiphi isiprofetho esagcwaliseka-na? Isaya 53:4-7.

“UKristu ubenguMhlengi wabantu omkhulu ekuqaleni komhlaba njengoba enjalo namuhla. Ngaphambi kokuba embathise ubungcwele Bakhe ngobuntu futhi weza kulomhlaba, isigijimi sevangeli sanikezwa uAdamu, uSethi, uEnoki, uMethusela, noNowa. UAbrahama eKanana noLoti eSodoma basithwala isigijimi, futhi kusukela kwisizukulwane ukuya kwesinye isizukulwane izithunywa ezithembekile zazimemezela Lowo Ozayo. Imikhuba nendlela yokuphatha kwamaJuda yamiswa nguKristu ngoKwakhe. Ubengumthombo wohlelo lwabo lweminikelo yemihlatshelo, isifanekiso esikhulu sazo zonke izinkonzo zenkolo yabo. Igazi elachitheka njengomhlatshelo lenzelwa likhomba phambili umhlatshelo weWumdlu likaNkulunkulu. Yonke iminikelo yemifanekiso yagcwaliseka Ngaye.”-Christ’s Object Lessons, p. 126.

b. UJohane wamethula kanjani uJesu kubafundi bakhe-na? Johane 1:35, 36. Amazwi Akhe aba namphumela muni kubo-nokuthi kwenzekani kamuva ekuphileni kwakhe-na? Johane 1:37.

“Ngosuku olulandelayo [emva kokubhapathizwa kukaKristu], lapho abafundi ababili bemi eduzane, uJohane wabona futhi uJesu emi phakathi kwabantu. Futhi ubuso bomprofethi bakhanyiswa ngenkazimulo evela koNgabonwa, njengoba ethi, “Bheka iWundlu likaNkulunkulu!’ Amazwi avevezelisa izinhliziyo zabafundi. Babengawaqondi ngokuphelele. Ukuthi lisho ukuthini igama uJohane amnika Lona-‘iWundlu likaNkulunkulu’? UJohane ngokwakhe akazange awachaze. Bamshiya uJohane, bahamba ukuyofuna uJesu.”-The Desire of Ages, p. 138.

“UJohane watshela abafundi bakhe ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe, uMsindisi welizwe lonke. Njengoba umsebenzi wakhe ufinyelela ekupheleni, wafundisa abafundi bakhe ukuthi babheke kuJesu, futhi bamlandele njengoThishela Omkhulu. Ukuphila kukaJohane kwakulusizi futhi engozincishayo. Ubengumanduleli wokubonakala kokuqala kukaKristu, kodwa azange avunyelwe ukufakazela izimangaliso Zakhe, noma athokozele amandla abonakaliswa Nguye. Lapho uJesu ezimisa ngoKwakhe njengothishela, uJohane ubazi ukuthi yena kumele afe. Izwi lakhe lase lizwakala kancane, kuphela ehlane. Ukuphila kwakhe kwakunesizungu. Azange abambelele kumndeni kaBaba Wakhe, noma athokozele ubudlelwano bawo, kodwa wabashiya ukuze aphelelise umsebenzi wakhe.”-Early Writings, p. 154.


Ngolwesibili , Masingana 7

3. ABAFUNDI BAKA-JESU BOKUQALA

a. Ngobani abanye abafundi bakaJesu bokuqala-na? Mathewu 4:18, 21. Ntakazelelo yini abayibonisa kuKristu futhi kwaba yisikhathi eside kangakanani emva kokuhlangana Naye okokuqala-na? Johane 1:38, 39.

“Omunye kwababili [abalandela uJesu] bekungu Andreya, umfowabo kaSimeyoni; omunye kunguJohane umvangeli. Yibona abafundi bokuqala bakaKristu. Beshukunyiswa umuzwa ongenakuvinjelwa, balandela uJesu-beshisekela ukukhuluma Naye, kodwa bemangele futhi bethulile, belahlekelwe ukubaluleka komcabango othi, ingabe lona nguMesiya-na?’

“UJesu ubazi ukuthi abafundi bayaMlandela. Babeyizithelo zokuqala zomsebenzi Wakhe, futhi kwaba khona injabubulo enhliziyweni kaThishela ongcwele lapho lemiphefumulo isabela umusa Wakhe. Wabuza kuphela ukuthi, ‘Nifunani-na?’ Lowo obengabashiya ukuba bakhululeke babuyele emuva noma bakhulume abakufisayo.

“Kungenhloso eyodwa kuphela ababeyiqaphela. Ubukhona Bakhe obugcwalisa imicabango yabo. Bathi Kuye; ‘Rabi,…uhlala kuphi na?’ Ekukhulumeni okufishane endleleni abakwazanga ukuthola lokhu ababekulangazela. Babefisa ukuba bodwa noJesu, bahlale ezinyaweni Zakhe, futhi balalele amazwi Akhe….

“Uma uJohane noAndreya babenomoya wokungakholwa wabapristi nababusi, bebangeke batholakale bengabafundi ezinyaweni zikaJesu. Ngabe beza Kuye njengabagxeki, ukwahlulela amazwi Akhe. Ngakho abaningi bavala umnyango wamathuba ayigugu kakhulu. Akuzange kubenjalo kulabafundi bokuqala. Basabela ubizo loMoya Ongcwele ekushumayeleni kukaJohane uMbhapathizi. Manje bayalazi izwi likaThishela wasuzulwini. Kubona amazwi kaJesu ayegcwele ubusha neqiniso nobuhle. Ukukhanya okungcwele kwahlakazwa phezu kwemfundiso yeMibhalo yeTestamende Elidala. Izihloko eziningi zeqiniso ezisemaceleni zema ekukhanyeni okusha.”-The Desire of Ages, pp. 138, 139.

b. Benzani abafundi bokuqala emva nje kokuhlangana Naye-na? Johane 1:41, 42.

“UAndreya wazama ukwabelana ngenjabulo egcwalise inhliziyo yakhe. Wahamba ukuyofuna umfowabo uSimeyoni, wathi kuye, ‘simfumene uMesiya. ‘USimoni akalindanga ukuba abizwe ngokwesibili, naye uke wezwa intshumayelo kaJohane uMbhapathizi, futhi ngokushesha waya kuMsindisi.”-Ibid., p. 139.


Ngolwesithathu , Masingana 8

4. UKUBHIDLIZA UKUCHEMA

a. Chaza ukuthi kwenzekani lapho uJesu emema omunye umfundi ukuba aMlandele-na? Johane 1:43-45.

“UFiliphu walalela umyalo, futhi ngokushesha waba isisebenzi sikaKristu. UFiliphu wabiza uNathaniyeli.”-The Desire of Ages, p. 139.

b. Kuyini esingakufunda ngendlela uKristu abanakho ukunqoba ukuba manqikanqika kukaNathaniyeli-na? Johane 1:46-49.

“Lapho uNathaniyeli ebheka uJesu, wadumala. Ingabe lomuntu, othwele izimpawu zomshikashika futhi engompofu, angaba nguMesiya-na? Kodwa uNathaniyeli azange akhethe ukudela uJesu, ngoba umyalezo kaJohane waletha ukulahlwa ngecala enhliziyweni yakhe.

“Ngesikhathi uFiliphu embiza, uNathaniyeli wayesukile waya endaweni ethulile ukuze azindle ngesimemezelo sikaJohane kanye neziprofetho eziphathelene noMesiya. Wakhuleka ukuthi uma lowo owamenyezelwa nguJohane engumkhululi, makwaziwe nguye, futhi uMoya Ongcwele wehlela phezu kwakhe ngesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu uhambele abantu Bakhe futhi wabavusela uphondo lwensindiso yabo….

“UJesu waphendula wathi kuye, angakakubizi uFiliphu, uphansi komkhiwane, Ngakubona.’

“Kwakwanele. UMoya Ongcwele othwalele ubufakazi kuNathaniyeli ngomkhuleko wakhe wangasese ngaphansi komkhiwane manje akhulunywa amazwi kaJesu. Nakuba wayenokungabaza, futhi evumela ngandlela-thize ukuchema, uNathaniyeli weza kuKristu enesifiso esiqotho seqiniso, futhi manje isifiso sakhe sahlangabezwa. Ukholo lwakhe lwadlula lowo owamletha kuJesu. Waphendula wathi, ‘Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, wena uyiNkosi yakwaIsrayeli.’

“Uma uNathaniyeli wayethembele korrabi ukuze athole iseluleko, wayengeke amthole uJesu. Kwakungenxa yokubona nangokuzahlulela ngokwakhe waba ngumfundi. Kanjalo nabaningi namuhla abavinjwa ukuchema ekwenzeni okuhle. Ngabe kwehluke kangakanani umphumela uma ‘bangeza bazibonele’!

“Ngesikathi bethembela ekuholweni kwegunya lomuntu, akekho ozofinyelela olwazini olusindisayo lweqiniso. Njengo Nathaniyeli, kufanele sifunde izwi likaNkulunkulu ngokwethu, futhi sikhulekele ukukhanyiselwa nguMoya Ongcwele. Lowo owabona uNathaniyeli ngaphansi komkhiwane uzosibona endaweni efihlakele yokukhuleka. Izingelosi ezivela kumhlaba wokukhanya ziseduze kwalabo abafuna ngokuthobeka ukuholwa okungcwele.”-Ibid., pp. 139-141.


Ngolwesine , Masingana 9

5. IZULU ELIVULEKILE

a. UKristu kuyini akuthembisa uNathaniyeli-futhi kungani-na? Johane 1:50, 51.

“[Johane 1:50, 51 ngokuphindwa.] UKristu ngempela lapha uthi, ogwini lwaseJoridane amazulu avuleka, noMoya wehla njengejuba phezu Kwami. Lesehlakalo sasiluphawu lokuthi Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Uma nikholwa Yimi kanjalo, ukholo lwenu luzosheshiswa. Nizobona ukuthi amazulu avulekile, futhi angeke avalwa, mina ngiwavulele-nina. Izingelosi zikaNkulunkulu ziyenyuka, zithwele imikhuleko yabaswelayo nabasosizini kuBaba phezulu, zibuye zehle, zilethe isibusiso nethemba, isibindi, usizo, nokuphila, kubantwana babantu.”-The Desire of Ages, pp. 142, 143.

b. Kuyini okwenzekalayo uma samukela uKristu-na? Johane 4:14; Isambulo 22:17.

“Uma umuntu esethole iqiniso othandweni lalo, uzokwenza lokhu kubonakale ngokuncenga ngalendlela kanye nesimo sezwi lakhe. Wenza kwaziwe lokho yena ngokwakhe akuzwileyo, akubonile, futhi wabamba izwi lokuphila, ukuze abanye bahlanganyele naye ngolwazi lukaKristu. Ubufakazi bakhe obuvela ezindebenzi ezithintwe ilahle eliphilayo e-altare, buyiqiniso enhliziyweni eyamukelayo, nomsebenzi wokungcweliswa phezu kwesimilo….

“UNkulunkulu ngabe wafinyelela kwinhloso Yakhe yokusindisa izoni ngaphandle kosizo lwethu; kodwa ukuze sikhulise isimilo sifane nesikaKristu, kufanele sabelane ngomsebenzi Wakhe. Ukuze ungene ekujabuleni Kwakhe-injabulo yokubona imiphefumulo ihlengwa ngenxa yomhlatshelo Wakhe-kufanele sihlanganyele emisebenzini Yakhe yokuhlengwa kwabo.”-Ibid., p. 142.


NgoLwesihlanu , Masingana 10

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungani uJohane uMbhapathizi wabizelwa ehlane-na?

2. Singasebenzisa kanjani indlela yokuphila kukaJohane uMbhapathizi kweyethu-na?

3. Kuyini esingakufunda kuJohane noAndreya lapho behlangana noJesu-na?

4. Singakhuthazwa kanjani isimemezelo sokuqala sikaNathaniyeli-na?

5. Kuyini okwembula ukuthi ukukholwa kwami kuKristu kuyiqiniso-na?

 <<    >>