Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
  ISabatha, Ndasa 1, 2025

UMNIKELO WESABATHA LOKUQALA

“Imfundo yokuqala yabasha ngokuvamile ilolonga izimilo zempilo yabo yonke.”-Evangelism, p. 583.

Ukuphefumulelwa kusitshela amava akhuthazayo lapho “imihlangano yabantwana, noma inkulisa yeBhayibheli, yenza umsebenzi omuhle. Izifundo ezinikezwayo ziphindwaphindwa ngabantwana emakhaya azo, futhi omama babonisa intakazelelo ngokulungiselela abantwana isikolo ngobunono. Iningi labantwana abazali babo ababona abenkolo yethu.”-Education, p. 583.

I “Children of Character” Indawo yokufundisa eyamiswa ngonyaka ka2019 endaweni yase-Fagaras, idolobha eligcwele izintaba eRomania. Abantwana abaphakathi kweminyaka engu 2 ukuya ku 5 bathuthuka kahle lapha. Ngokwengeza ngokuya ngeminyaka okwenziwayo kukhethekile, bafunda izimbali zeBhayibheli, bayakhuleka, bayacula ukwenza uNkulunkulu umngane wabo. Njengoba bebancane kangaka, bazwisisa ukuthi nguNkulunkulu olawulayo futhi bafunda ukucela Kuye usizo ngezinkinga zabo. Izimilo zabo ziyakheka nsuku zonke. Ngomusa kaNkulunkulu singabona inguquko emangalisayo ekuphileni kwabantwana abancane. Ngoba ikusasa labo, singathanda ukufundisa labo isimo sabo sezinto ezibonakalayo esingakuvumeli lokho.

Onyakeni wokuqala saqala sinabantwana abangu 12; ngonyaka wesine sasinabantwana abangu 32, abangu 31 bavela ngaphandle kwebandla. Okwamanje, okwenziwayo kwenzeka emagumbini amane anikezwe iRomanian Union headquarters, kodwa lamakamelo afakazela ukuthi aminyene njengoba izicelo zokubhalisa zingaphezu kwendawo esinayo. Ngalokhu, siyaqonda ukuthi uNkulunkulu uyathanda ukuba siqhubekele phambili sikhulise lomsebenzi omangalisayo nokuthi sixhumane nabantwana abaningi nemindeni yabo ngokungenzeka. Ngakho-ke, ngonyaka ka 2021, isiqephu esincane somhlaba sathengwa ngaphandle kwedolobha sathola nemvumo edingekayo yokuba singaqala ukwakha. Manje isisekelo sesibekiwe. Sibonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthinta izinhliziyo zenu-kulabo abathe baxhasa lomsebenzi uze ufinyelele lapha nalabo kini abazonikela ngesihle manje. Ngesipho sakho, uzobe upha abantwana abangamazi uNkulunkulu ithuba lokusondela Kuye bamukele imfundo yobuKrestu. Siyacela ngomusa futhi siyethemba angeke nihlale ninganaki, kodwa nizosixhasa ukuze lomsebenzi ube yimpumelelo ekugcineni futhi nisithwale ngemikhuleko yenu.

Abazalwane nodade abavela kwi-Union yaseRomania

 <<    >>