Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
  ISabatha, Nhlolanja 1, 2025

Umnikelo WeSabatha Lokuqala

Awukho umbuzo wokuthi izimpi, namahemuhemu ezimpi, izingozi ezesabekayo, isomiso sezulu, izikhukhula, iziphepho, ukuzamazama komhlaba, imililo, nezifo ezingelapheki ziyakhula emhlabeni wonke ngesivinini esikhulu-konke kungugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli esilifundayo. Ngempela, kuzo zonke lezingozi, singahlukanisa ngokukhanyayo amanyathelo kaNkulunkulu ozayo. Izinkulungwane eziningi zihlupheka kakhulu ngobunzima obudlulele, zibiza izinhlobo ezahlukahlukene zosizo ezivela kumanxusa kaJesu Kristu ukusebenzisa ikhambi elipholisayo laseGileyadi.

Ngezinto ezibucayi eziswisa ubuhlungu, iWelfare Department yeGC ithe yabelana ngezibusiso ezinikeziwe ivela esikhwameni sethu ngeminikelo ethunyelwa yini, bazalwane bethu emhlabeni wonke. Lezi zithunyelwa abantu ngabanye nangendlela ekhethekile ukuhlangabezana nezidingo, nangendlela Yomnikelo weSabatha Lokuqala. Bazalwane abathandekayo, iminikelo yenu ithe yasebenza njengesikhuselo kulabo abalahlekelwe ngamakhaya abo ngenxa yezingozi zemvelo; sithe sanikezela ngokudla imindeni eyizinkulungwane, nonakekelo lwezintandane nabafelokazi, ngokwelulela unakekelo nosizo kubo. Leminikelo ithe yasiza abazali ukuthola izimbewu zokuba batshale ukuze bondle imindeni yabo noma amabhizinisi amancane ukuze abantu abambalwa benkolo yethu bangaba nomsuka wengeniso kungenjalo lomsebenzi ozobanzima kubo.

Sibonga uNkulunkulu kulezikhathi zesilingo, abaningi bathe bathinteka ukuba babeke izipho zabo phezu kwe-altare leNkosi. Ngenxa yalabo abasizwayo, siyanibonga kakhulu!

Noma kunjalo, izidingo azipheli-ngokuphambene, ziyakhula kakhulu nsuku zonke, kanjalo-ke nezipho zenu ziyasiza kakhulu.

Isiphambano sikaKristu siyasincenga ukuba sibenesihe kubo bonke abalandeli boMsindisi obusisekile. Isimiso lapha sifanekisa ukuthi yipha, yipha. Lokhu uma kwenziwa ngesihe nangemisebenzi emihle, kuyisithelo seqiniso sokuphila koMkrestu.”-Counsels on Stewardship, p. 14.

Namuhla, lapho uletha umnikelo weSabatha Lokuqala okhethekile, ngicela wenze konke okusemandleni ukuhlonipha uNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi kuncane-noma okuningi, bonke bangenza okusemandleni abo. Kusukela ekupheleleni kwalolu thando oluhlanganyelwe, sizoqhubeka ukusabalalisa izibusiso kubazalwane bethu emhlabeni wonke. “Lowo opha oswelayo ubusisa abanye, futhi uzibusisa ngokwezinga elikhulu kakhulu” (Ibid. p. 13). Kwangathi uNkulunkulu anganibusisa kakhulu!

Kwigatsha leWelfare yeGeneral Conference

 <<    >>