Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 

Isingeniso

Ingabe ufuna ukunqoba ekuphileni kwakho kobuKrestu-na? Ngakho-ke ufike endaweni efanele:

“Encwadini yesibili kaPeter ukhuluma ngalabo abamukele ‘ukukholwa okuyigugu’ njengaye, umpostoli ubeka phambili icebo elingcwele lokukhuliswa kwesimilo soMkrestu.”-The Acts of the Apostles, p. 529.

“Isahluko sokuqala sencwadi yesibili kaPeter sigcwele izeluleko, futhi sigadla izihloko ezibalulekile zokunqoba. Iqiniso ligcizelelwa ngenhlonipho phezu kwengqondo ngendlela lilethwa ngayo kulesahluko. Masivumele kakhulu ukuhlolwa kwalamazwi, futhi sisebenzise izimiso zawo.”-The SDA Bible Commentary [E.G. White Comments], vol. 7, p. 942.

Kubaluleke kangakanani ukukhulisa isimilo sobuKrestu ngempela kulesikhathi somlando lapho masinyane sizokuma ngaphandle koMlamuli oncenga ngenxa yethu endaweni engcwele ngcwele kwitabanakeli lasezulwini! Ngalomcabango othobekile engqondweni, abafundi besikolo seSabatha emhlabeni wonke bazogxila kwi-Izifundo Ezivela Ezincwadini zikaPeter (II).

“Asikaze sibekhona isikhathi esibaluleke kangaka okufanele sidele umina sithabathe isiphambano imihla ngemihla ukudlula namuhla. Kungakanani ukudela umina esizimisele ukukwenza-na?”-Testimonies for the Church, vol. 9, p, 186.

“Kufanele sibe ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, sibalekele ukonakala okusezweni ngenxa yezinkanuko….

“Ayikho into Ezwini likaNkulunkulu enjengokhetho olungenambandela-kanye emseni, njalo emuseni. Kwisahluko sesibili sikaPeter isihloko senziwe sabasobala futhi sahluka….

“ImiBhalo yenza kubesobala ukuthi labo abake bazi indlela yokuphila futhi bajabulela iqiniso basengozini yokuwela ohlubukweni, futhi baduke. Ngakho-ke kukhona isidingo esinqumayo, sokukhulumisana imihla ngemihla noNkulunkulu.

“Bonke abafuna ukugcina imfundiso yokukhetha, ukuba semuseni kanye, nokuba njalo emuseni, benza futhi lokhu kubesobala, ‘Isho njalo iNkosi‘…

“Labo abathe baphenduka ngempela bafa noKristu ngokufanayo ngokufa Kwakhe, futhi bavuswa ethuneni lamanzi befana nokuvuka Kwakhe, ukuba bahambe ekuphileni okusha. Ngokulalela okuthembekile iqiniso kufanele benze ubizo lwabo lukhetheke futhi luqiniseke.”-The SDA Bible Commentary [E.G. White Comments], vol. 6, pp. 1114, 1115.

“Ngokubheka nokulingisa ukuphila [kukaKristu] sizokwenziwa basha emfanekisweni Wakhe. Inkazimulo yasezulwini izokhanya ezimpilweni zethu futhi ibonakale nakwabanye. Esihlalweni somusa kufanele sithole usizo esiludingayo lokusisiza siphile ngalo. Lokungcweliswa kweqiniso, futhi ngezinga eliphakeme kakhulu abafayo bangafisa ukuhlala noKristu njengegatsha elihlala emvinini?”-Testimonies for the Church, vol. 5, p, 306. Amen!

Igatsha leSikolo seSabatha leGeneral Conference

 <<    >>