NgeSonto
Mandulo 15
1. ABANGENAKUGWENYWA, BENGENAKUDAMBISWA
a. Siboniswa kanjani ukwahlulela kokugcina okuphakeme-na? 2 Peter 3:10.
“Izulu elisha, nomhlaba omusha, (Isambulo 21:1. Isaya 65:17. 2 Peter 3:13.) Angeke kubonakale, kuze kube semva kokuthi ababi abafileyo bavusiwe, babhujiswe futhi, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane (1000). Ngabona ukuthi uSathane ‘ukhululiwe etilongweni lakhe,’ ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane (1000), futhi ngaleso sikhathi ababi babevusiwe; nokuthi uSathane uzakubadukisa ngokubenza bakholwe ukuthi bangawunqoba umuzi ongcwele wabangcwele. Ababi bonke bahamba balizungeza ikamu labangcwele,’ noSathane ekhanda labo; futhi lapho sebelungele ukwenza umzamo wokuthatha umuzi, uSomandla waphefumulela phezu komuzi esihlaweni Sakhe sobukhosi esiphezulu, umoya womlilo oqothulayo, owehlela phezu kwabo, wabaqeda, ‘impande negatsha.’
“Futhi ngabona, ukuthi njengoba uKristu engumvini, nabantwana Bakhe amagatsha: kanjalo uSathane ‘uyimpande’, nabantwana bakhe ‘bangamagatsha;’ futhi ngembhubhiso yokugcina ‘uGogi noMagogi,’ ibutho lonke lababi lizoshiswa, ‘impande negatsha, futhi bayeke ukubakhona.”-A Word to the Little Flock, pp. 11, 12.
NgoMvulo
Mandulo 16
2. UMHLABA UYAHLANJULULWA
a. Abaprofethi beTestamende Elidala babonelela ngaphambili kanjani ukubhujiswa kokugcina kobubi nokuhlanzwa komhlaba-na? Isaya 34:8-10; Hezekeli 28:16-19.
“Umlilo wehla uvela ezulwini. Umhlaba uphukile. Izikhali ezithukuswe ekujuleni kwawo zikhishiwe. Amalangabi omlilo ashwabadela kuwo wonke umhosha ozamulayo. Wona kanye amadwala ayavutha. Ngokuba bheka luyeza usuku, luvutha njengeziko. Kuyakusha konke, kubhidlike, nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha. Malaki 4:1; 2 Peter 3:10. Ubuso bomhlaba bubonakala bufana nenqwaba encibilikisiwe, ichibi lomlilo elikhulu, elivuthayo. Kuyisikhathi sokwahlulela nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu‘….
“Ababi bathola umvuzo wabo emhlabeni. Izaga 11:31. Bayakuba ‘ngamabibi: luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawothi.’ Malaki 4:1. Abanye babhujiswa ngokushesha, kanti abanye bahlupheka izinsuku eziningi. Bonke bajeziswa njengokwemisebenzi yabo, izono zolungileyo zidluliselwa kuSathane, akahlupheki ngenxa yezakhe kuphela kodwa nangenxa yezono zonke onisa ngazo abantu bakaNkulunkulu. Isijeziso sakhe sizoba sikhulu kunesabanye labo athe wabadukisa. Lapho bonke sebebhujisiwe abawe ngenxa yenkohliso yakhe, usazophila futhi ahlupheke. Ngamalangabi ahlanzayo ababi ekugcineni bayabhujiswa, impande negatsha-uSathane impande, abalandeli bakhe amagatsha. Isijeziso esiphelele somthetho sithe sahanjelwa; izimfuno zobulungisa zifeziwe; futhi izulu nomhlaba, bheka, zimemezela ukulunga kukaJehova.”-The Great Controversy, pp. 672, 673.
b. Chaza ubuhle benyathelo elilandelayo likaNkulunkulu-na? Isambulo 20:7-10, 15; 21:1, 2.
“Lapho uNkulunkulu esehlanze ngokuphelele umhlaba, uzobonakala njengechibi lomlilo elingenamkhawulo. Njengoba uNkulunkulu alondoloza umkhumbi phakathi kwesiyaluyalu sikazamcolo, ngoba uqukethe abantu abayisishiyagalombili abalungile, uzolondoloza iJerusalema Elisha, eliqukethe abathembekile bezikhahi zonke, kusukela kuAbela olungileyo kwehlela kongcwele wokugcina ophilayo. Noma umhlaba wonke, ngaphande kwenxenye lapho kuhlezi khona umuzi, uzobe wembozwe ulwandle lwechibi lomlilo, kodwa umuzi uzogcinwa njengoba kwakunjalo emkhunjini, ngesimanga sikaSomandla. Uzakuma ungonakaliswa phakathi kwezinto ezishwabadelayo.”-Spiritual Gifts, vol. 3, p. 87.
Ngolwesibili
Mandulo 17
3. OKUNGOKOQOBO OKUSANGULUKISAYO
a. Kuyini okufanele kube-yiqiniso lokugcina, neliwujuqu elizofikela abakhileyo emhlabeni okungasenza sikucabange-na? Amahubo 139:23, 24; 2 Peter 3:11.
“Lapho iqiniso liba ngumfutho ongcwelisayo ezinhliziyweni zethu, singanikela kuNkulunkulu inkonzo eyamukelekayo futhi simdumise Yena emhlabeni, njengoba singabahlanganyeli bemvelo engcwele futhi sithe sabalekela ukonakala okukhona emhlabeni ngezinkanuko.
“Maye, bangaki abazotholakala bengalungile lapho iNkosi ibuya ukubalisana nezinceku Zayo! Abaningi banamacebo amakhulu okuthi kuyini okwakha uMkrestu. Ukulunga kwethu angeke kwasisiza ngalutho. Kuphela labo abazomelana nesilingo abazotholakala benokulunga kukaKristu, abathelwe ngomoya Wakhe, futhi bahamba njengoba aHamba, ngokuhlanzeka kwenhliziyo nokuphila. Inkulumo kufanele ibengcwele, kanjalo namazwi azonandiswa ngomusa.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 317, 318.
b. Chaza ukuzinikela okujulile esikudingayo ngokushesha. 1 Johane 2:6.
“Wonke umphefumulo ngempela okholwa yiqiniso uzoba nemisebenzi evumelanayo. Bonke bazokhuthala futhi babenesizotha, futhi bengakhathali emizamweni yabo yokuzuza imiphefumulo kuKristu. Uma iqiniso liqala litshalwe ngokujulile emiphefumulweni yabo, khona-ke bazofuna ukulitshala ezinhliziyweni zabanye. Iqiniso eligcinwe kakhulu kwigceke elingaphandle. Lilethe ngaphakathi kwethempeli lomphefumulo, libeke ebukhosini benhliziyo, futhi ulenze lilawule ukuphila. Izwi likaNkulunkulu kufanele lifundwe futhi lilalelwe, bese inhliziyo ithola ukuphumula nokuthula nenjabulo, nokufunzelelwa kuzoqonda ezulwini; kodwa uma iqiniso ligcinwa lehlukene nokuphila, lingaphandle kwegceke, inhliziyo ayifudumali ngomlilo okhazimulayo wobuhle bukaNkulunkulu.
“Inkolo kaJesu, kwabaningi, igcinelwa izinsuku ezithize, noma izikhathi ezithize, futhi ngezinye izikhathi ibekelwa eceleni futhi ayinakwa. Isimiso esimiyo seqiniso akusona samahora ambalwa nje ngeSabatha, noma izenzo ezimbalwa zozwelo, kodwa kufanele ifakwe enhliziyweni, ukucwengisisa futhi ukungcweliswa kwesimilo. Uma kubakhona isikhathi lapho umuntu ephephile ngaphandle kwalokhu kukhanya okukhethekile namandla avela ezulwini, khona-ke angase ahlukane neqiniso likaNkulunkulu. IBhayibheli, izwi likaNkulunkulu elihlanzekile, nelingcwele, kufanele libe ngumeluleki nomholi, amandla alawula ukuphila kwakhe. Lisinika izifundo zalo uma sizozifaka enhliziyweni.”-Ibid., vol. 5, p. 547.
Ngolwesithathu
Mandulo 18
4. OKUNGENAKUVINJELWA
a. Chaza icebo likaNkulunkulu ngabantu Bakhe-futhi kungayiphi indlela labo abanenhliziyo encane abagxile kulomhlaba abaphatha ngalo icebo lalabo abafuna ukuphila ngalo-na? Tithu 2:11-14; Duteronomi 26:18.
“Isikhathi sifikile lapho inxenye enkulu yalabo abathe bathokozela futhi bamemeza ngenjabulo umbono wokuza masinyane kweNkosi, besezindaweni zamabandla kanye nomhlaba othe wabanquma ekukholweni ukuthi uJesu uyabuya, futhi basakaza yonke inhlobo yamanga ukuze bakhulise ubandlululo kubo futhi bacekele phansi umfutho wabo. Manje, noma ngubani olangazelela uNkulunkulu ophilayo, elambele futhi omele ukulunga, uNkulunkulu uzakumnika ukuba ezwe amandla Akhe, futhi asuthise ukulangazela komphefumulo ngokuthulula uthando Lwakhe enhliziyweni yakhe, futhi uma ekhazimulisa uNkulunkulu ngokumdumisa, uzakuba, yinxenye yalabo abakholelwa ekubuyeni kweNkosi masinyane, ngokuvamile bebhekwa njengabadukile, futhi bebekwa icala lokuzicwilisa noma lokuba nomoya omubi.
“Abaningi balabo abathi bangamaKrestu bagqoka, bakhuluma, futhi benza njengelizwe, into kuphela abaziwa ngayo ukuzisho kwabo. Noma befakaza ukuthi balindele uKristu, ukukhuluma kwabo akuveli ezulwini, kodwa ezintweni zomhlaba. ‘Kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu,’ nibheka nilungiselela ukufika kosuku lukaNkulunkulu.’ 2 Peter 3:11, 12. Bonke abanalo lelothemba bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.’ 1 Johane 3:3. Kodwa kusobala ukuthi abaningi abanegama lobuAdventist bafunda kakhulu ukuhlobisa imizimba yabo nokubonakala bebahle emehlweni elizwe kunokuba bafunde ezwini likNkulunkulu ukuthi bangavunyelwa kanjani Nguye.”-Early Writings, p. 108.
b. Ngokwehlukile, kufanele sigxile kokuphi-na? 2 Korinte 4:18.
“Yeka kuze kube phakade ukukhononda kwakho maqondana nalempilo empofu, kodwa vumela umphefumulo wakho ukuthwale, ukuthi ngingathola kanjani indlela yokuphila okungcono kunalena, igama kwizigodlo ezilungiselwe labo abaqotho nabathembekile kuze- kube sekupheleni. Uma wenza iphutha uselapha, konke kulahlekile. Uma unikela isikhathi sonke ukubuthela ingcebo yasemhlabeni, futhi ulahlekelwe eyasezulwini, uzothola ukuthi wenze iphutha elesabekayo. Awukwazi ukuzuza yomibili imihlaba.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 706.
Ngolwesine
Mandulo 19
5. UKUBHEKA PHEZULU
a. Sixwayiswa kanjani ngokuthembela kubumpumputhe bobuthakathaka bomuntu kwabaholi nabanye esibambisene nabo abaseduze abangase benze iphutha-na? Isaya 3:11, 12; Amose 2:4; 4:12.
“Kukhona labo, okuthi noma kucatshangwa ukuthi bakhonza uNkulunkulu, babhinca ngokushesha ukungathembeki. Kubo izindlela eziyizigwegwe zibonakala ziqondile, baphila ngokuqhubeka ukwephula umthetho kaNkulunkulu; izimiso ezikhohlakele zihlangene nomkhuba wabo wokuphila, futhi nomaphi lapho beya khona bahlwanyela imbewu yobubi. Esikhundleni sokuholela abanye kuKristu umfutho wabo ubenza babenombuzo futhi bangabaze.”-Testimonies to Ministers, p. 281.
“Qaphelani labo abashumayeza abanye izwi lokuphila kodwa bona ngokwabo bengathokozeli umoya wokuthobeka nowokuzidela okungeniswa enhliziyweni. Abantu abanjalo angeke wathembela kubo lapho kunesimo esibucayi. Badelela izwi likaNkulunkulu ngokushesha njengoba kwenza uSawule, futhi njengaye abaningi bakulungele ukuthethelela inkambo yabo. Uma esolwa iNkosi ngokuthumela umprofethi Wakhe, uSawule ngesibindi waqinisa ukuthi ulilalele izwi likaNkulunkulu; kodwa ukukhala kwezimvu nokuhewula kwezinkabi kwakufakazela ukuthi akalilalelanga. Ngendlela efanayo abaningi benza kona lokho bavuma ukuthembeka kwabo kuNkulunkulu, kodwa izenzo zabo neminye imihlangano yokuzijabulisa, ukuzihlanganisa kwabo nelizwe, ukuzidumisa kwabo, ukufisa kwabo udumo konke kufakazela ukuthi abalilaleli izwi Lakhe. ‘Abantu bami, izingane ziyakubacindezela, nabesifazane bayababusa.’
“Leli izinga eliphakeme ivangeli elisibeka phambi kwethu. UMkrestu ongaguquki akasona nje isidalwa esisha kodwa esinesithunzi kuJesu Kristu. Ungukhanya okungahluleki okubonisa abanye indlela eya ezulwini nakuNkulunkulu. Lowo odonsa ukuphila kwakhe kuKristu angeke abe nesifiso sokuzijabulisa, okunganelisi komhlaba.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 88.
Ngolwesihlanu
Mandulo 20
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza iqiniso leBhayibheli lalokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi isihogo somlilo.
2. Yiziphi izimangaliso uNkulunkulu azenzayo phakathi kumalangabi angacimekiyo-na?
3. Amava ami obuKrestu angajula kanjani, futhi kungani lokhu kudingekile-na?
4. Chaza izingozi zokufunda engalweni yenyama maqondana nensindiso.
5. Manyathelo-mani okufanele ngiwathathe ukuze ngigxile kakhulu ephakadeni-na?