Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 8 ISabatha, Ncwaba 24, 2024

Ubumsulwa Esikhathini Esonakele

IVESI LEKHANDA: “Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekile, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.” (Thithu 1:15).

“Ukuba ngohlakaniphile, ozigcinayo, ongazibusi, nokunakwa okungadingeki, kodwa ugcine ubuqotho obuhle nokuba nesithunzi, ububi obuningi bungagwenywa.”-The Adventist Home, p. 331.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol, 5, pp. 137-148, 191-199. 

NgeSonto Ncwaba 18

1. UKUBHEKA ISIMO SETHU

a. UNkulunkulu wamjezisa kanjani udadewabo kaMose ngenxa yomona-futhi lokhu kuyisixwayiso kanjani namuhla-na? Numeri 12:1, 2, 6-10; Jakobe 4:11; 2 Peter 2:9 (inxenye yesibili), 10.

“Ukube umona nokunganeliseki kukaMariya kwakungasolwanga ngendlela ephawulekayo, kwakuzoba ngumphumela omubi kakhulu. Umona ungenye yezimpawu zobuSathane ezingabakhona enhliziyweni yomuntu, futhi ungenye yezinto ezimbi kakhulu emiphumeleni yawo. Kusho indoda ehlakaniphile, ‘Ulaka lulunya, nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu-na? Umhawu yiwona owaba yimbangela yokungezwani ezulwini, futhi ukuzitika ngawo kwaletha ububi obungachazeki phakathi kwabantu. Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalo nezenzo zonke ezimbi.’Jakobe 3:16.

“Akufanele kuthathwe njengento elula ukukhuluma kabi ngabanye noma ukuzenze abahluleli ngalokhu abakuqondile noma abakwenzayo. ‘Ohleba umzalwane wakhe, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho: kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.’ Jakobe 4:11. Munye kuphela umahluleli….lowo othathela kuye ukwahlulela noma alahle abanye abantu uthathela kuye igunya Lomdali.

“IBhayibheli liyasifundisa ngokuqondile ukuthi siqaphela ukubeka icala kalula labo uNkulunkulu ababizile ukuba babe amanxusa Akhe.”-Patriachs and Prophets, pp. 385, 386.


NgoMvulo Ncwaba 19

2. UKUZIDLA

a. UNkulunkulu uxwayisa kanjani labo abazidlayo abazishaya isifuba ngenkanuko yabo-ikakhulu uma bezama ukungena phakathi kwabantu Bakhe-na? 2 Peter 2:11-13.

“Lapho amandla obuthakathi kaSathane elawula umuntu, uNkulunkulu uyalibaleka, nomuntu ogcwele izinhloso ezimbi uyadunyiswa. Ukungcola okuyizimfihlo zangasese kwenziwa yile ekhohlisiwe imiphefumulo njengento enhle. Lolu uhlobo lobuthakathi. Umbuzo wompostoli kwabaseGalathiya ungabuzwa: Ngubani oniloyileyo, ukuba ningalaleli iqiniso, nina-enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni-na?’ Kuhlala kunamandla okuthakatha enkolweni yamanga nasezenzweni zokuziphatha okubi. Ingqondo ikhohliswa kangangokuthi ayikwazi ukucabanga ngokuhlakanipha, futhi inkohliso ilokhu iyiholela ekuhlanzekeni. Ukubona kwesimoya kufiphaziwe, futhi abantu abanesimilo esingangcoliswanga kuze kube manje badideka ngaphansi kobuqili benkohliso balezo zithunywa zikaSathane ezizibiza ngokuthi ziyizithunywa zokukhanya. Yilenkohliso enikeza lezithunywa amandla. Uma ziphuma ngesibindi futhi ngokusobala ziqhubeka zizozanyazanyiswa ngaphandle kokungabaza; kodwa zisebenza kuqala ukuzuza uzwelo nesibindi esiphephile kubona njengabangcwele, abantu bakaNkulunkulu abazidelayo. Njengezithunywa ezikhethekile ziqala umsebenzi wazo ngobuqili ukudonsela kude imiphefumulo endleleni yokulunga ngokuzama ukwenza ize umthetho kaNkulunkulu.”- Testimonies for the Church, vol, 5, p. 142.

b. Kuyini okufanele sigxile kukho uma sibhekana nezingozi ezinjalo-na? Isaya 51:7, 8; Thithu 1:15.

“Kulesikhathi senkohlakalo lapho isitha sethu uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamgwinya, ngibona isidingo sokuphakamisa izwi lesixwayiso. ‘Lindani nikhuleke, ukuba ningangeni ekulingweni.’ Kukhona abanamathalenta akhaliphile abawanikela ngenkohlakalo emsebenzini kaSathane. Yisiphi isixwayiso engingasiletha kubantu abazishoyo ukuthi baphumile ezweni bashiya izenzo zalo zobumnyama-na….Abaningi bathokozela imicabango engcolile, imibono eyonakele, izifiso ezingcolile, kanye nezinkanuko zenyama. UNkulunkulu uyasizonda isithelo esitholakala emthini onjalo. Izingelosi, ezicwebile nezingcwele, zibheka lendlela ngokunyanyeka okukhulu, lapho uSathane ejabula khona. Maye, ukuba abesilisa nabesifazane bangabheka umphumela wokweqa umthetho kaNkulunkulu! Ngaphansi kwazo zonke izimo, ukweqa umthetho kungukuhlambalaza uNkulunkulu futhi nesiqalekiso kumuntu. Kufanele siyibheke kanjalo, noma ilungile kangakanani, futhi nanganoma ngubani okwenzile.”-Ibid., p. 146.


Ngolwesibili Ncwaba 20

3. UKUZIPHENDULELA NGOKUKHANYA OKUKHULU

a. Ukuphefmulelwa kuchaza kanjani siphelo sababulali abafuna ukungcolisa abantu bakaNkulunkulu-na? 2 Peter 2:14; 2 Thimothi 3:5-9.

“Ukungajabuli nokwehliswa kwesithunzi okulandela uhide lokuziphatha okubi akunakulinganiswa. Umhlaba ungcolile ngaphansi kwabakhileyo kuwo. Sebecishe bagcwalisa isilinganiso sobubi babo; kodwa lokhu okuzoletha isijeziso esinzima kakhulu esokwenza ububi ngaphansi kwengubo yokwesaba uNkulunkulu. Umhlengi welizwe akazange akulahle ukuphenduka kweqiniso, noma ngabe likhulu kangakanani icala; kodwa uphonsa isijeziso esivuthayo kubaFarisi nabazenzisi. Likhona ithemba ngesoni esisobala kunalolu hlobo.

“Futhi ngenxa yalokhu [bengamukeli uthando lweqiniso] uNkulunkulu uzobathumela inkohliso, ukuze bakholwe amanga: ukuze bonke balahlwe abangakholwa iqiniso, kodwa bejabuleka ukungalungi. Lomuntu nalabo abakhohliswe nguye abalithandi iqiniso kodwa bajabulela ukungalungi. Futhi yikuphi ukuduka okunamandla okungabehlela ngaphandle kokuthi akukho lutho okujabulisa uNkulunkulu njengokuziphatha okubi kanye nokuphinga-na? IBhayibheli liqukethe izixwayiso eziningi ngalezo zono.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 144, 145.

“Njengenxusa likaKristu, ngiyanincenga-nina enifakaza iqiniso lanamuhla nenisheshe nicasuke noma ngeyiphi indlela yokungcola futhi nigweme abangane abaphefumula imibono engcolile. Abafunga ngezono ezingcolisayo ngenzondo ejulile….

“Njengoba labo abenza lezono ezingcolisayo bekhula kancane kancane emhlabeni futhi bazongena emabandleni ethu, ngiyanixwayisa ukuba ningabaniki indawo. Fulathela lowo okuyengayo. Noma ezibiza ngomlandeli kaKristu, unguSathane osesimeni somuntu.”-Ibid., p. 146.

b. Yisho ingozi ebhekiswe kulabo abathi banokukhanya okukhulu. Roma 2:21-23.

“Isigijimi esinesizotha esikhulu esike sanikezwa kubantu abafayo siphathiswe labantu, futhi bangaba nomfutho onamandla uma bengangcweliswa yiso. Bafakaza ukuthi bemi endaweni ephakeme yeqiniso laphakade, begcina yonke imithetho kaNkulunkulu; ngakho-ke, uma bezitika esonweni, uma benza ubufebe futhi bephinga, icala labo likhulu ngokuphindwe kashumi kunalelo-xuku engikhuluma ngalo, elingavumi ukuthi umthetho kaNkulunkulu uyababopha.”-Ibid., vol. 2, p. 450.


Ngolwesithathu Ncwaba 21

4. ISIKHATHI SOKULAHLA IZONO ZETHU EZIFUYIWE

a. Siqhathaniswa nobani uma ngenkani senza noma yimuphi umkhuba wesono, futhi kungani-na? 2 Peter 2:15, 16; Numeri 22:9, 12, 21, 27, 28; 31:16.

“Lapha kukhona isixwayiso esizothile sabantu bakaNkulunkulu namuhla, ukuba bangavumeli izici eziphambene nomthetho womkristu siphile ezinhliziyweni zabo. Isono njengoba sikhuliswa siba yinjwayelo; futhi, siqiniswa ngokwamukelwa, ngokushesha sicindezela umfutho olawulayo, sithobisa wonke amandla aphakeme. UBalamu wayethanda umvuzo wokungalungi. Isono sokuhaha, leso uNkulunkulu asihlanganisa nokukhonza izithombe, azange amelane naso noma asinqobe. USathane wamthola ngokuphelele ngalephutha elilodwa, elonakalisa isimilo sakhe.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 1, p. 1116.

b. Yiziphi izindlela amaKristu angaqaphile ayengelwa ngazo ekonakaleni-na? 2 Peter 2:17, 18; Roma 6:12; Efesu 6:12.

“Isimoya siyaziqhenya ngokufuna inkululeko enkulu, futhi ngolimi olubusheshelezi, oluqhakazile sifuna ukujabulisa nokudukisa imiphefumulo engaqaphile ukuba ikhethe indlela ebanzi yokuzijabulisa nokuzitika okuyisono, kunendlela engumgcingo nendlela eqondileyo. Imimoya inokubiza izimfuno zomthetho kaNkulunkulu, futhi labo abayilalelayo baphila ukuphila kokwesaba ubugqila. Ngamazwi amnandi nangenkulumo ebusheshelezi baziqhayisa ngenkululeko yabo, futhi bafuna ukwemboza imicabango yabo eyingozi ngezingubo zokulunga. Bangenza ubugebengu obenyanyeka kakhulu bubhekwe njengesibusiso kumncintiswano.

“Bavula phambi kwesoni umnyango obanzi wokulandela ngokushesha inhliziyo yenyama, futhi baphule umthetho kaNkulunkulu, ikakhulu umthetho wesikhombisa. Labo abakhuluma lamazwi amakhulu okukhukhumala okuyize, futhi benqoba enkululekweni yabo yesono, bethembisa labo ababakhohlisayo ukuthokozelela inkululeko yokuhlubukela intando kaNkulunkulu embuliwe. Lemiphefumulo edukisiwe isebugqilini obahluka-hlukene bukaSathane futhi ilawulwa amandla akhe, futhi uthembisa inkululeko kulabo abazolandela indlela efanayo yesono leyo abazikhethele yona. “IMibhalo ngempela iyagcwaliseka ngalokhu, ukuthi izimpumputhe zihola ezinye izimpumputhe. Ngoba lokhu okunqoba umuntu, naye ulethwa ebugqilini. Lemiphefumulo edukisiwe ingaphansi kobugqila obudelelekile bentando yamademoni. Izihlanganisa ngokwayo emandleni obumnyama futhi ayinawo amandla okuhamba ngokuphambene nentando yamadimoni.”-The Review and Herald, Mbasa 15, 1875.


Ngolwesine Ncwaba 22

5. UKUBUSISWA NGOKUSOLWA

a. Chaza ukukhetha esinakho. 2 Peter 2:19; Roma 6:16, 19; Izaga 10:17.

“[UJohane] kaningi wayexwayiswa futhi ekhuzwa nguMsindisi; futhi lokhu kusolwa wakwamukela. Njengoba isimilo Salowo Ongcwele sabonakaliswa kuye, uJohane wazibonela ukusilela kwakhe, futhi wazithoba ngenxa yesambulo. Usuku, nosuku, ngokuphambene nomoya wakhe wobudlova, wabona ububele nokubekezela kukaJesu, futhi wezwa izifundo Zakhe zokuthobeka nokubekezela. Usuku nosuku inhliziyo yakhe yadonseleka kuKristu, waze walahlekelwa umina ngenxa yothando lweNkosi yakhe. Amandla nobumnene, ukuphakama nokuthobeka, ukuqina nokubekezela, abekubona nsuku zonke ekuphileni kweNdodana kaNkulunkulu, kwagcwalisa umphefumulo wakhe ngokubabaza. Wanikela ngokwenyanya kwakhe, intukuthelo yokufuna udumo yanikelwa emandleni kaKristu abumbayo, nothando olungcwele lwasebenza kuye ukuguqulwa kwesimilo.

“Ngokwehluke kakhulu ekungcwelisweni okwenziwe ekuphileni kukaJohane amava anawo ngabafundi bakhe, uJudasi….kaningi, lapho elalela amazwi oMsindisi, ukulahlwa yicala kweza kuye, kodwa akathobisanga inhliziyo yakhe noma avume izono zakhe. Ngokumelana nomfutho ongcwele wadelela iNkosi avuma ukuthi uyayithanda. UJohane walwa ngobuqotho aamaphutha akhe; kodwa uJudasi wephula unembeza wakhe futhi wazinikela esilingweni….

“UJohane noJudasi bafanekisa labo abavuma ukuthi bangabalandeli bakaKristu. Abafundi bobabili babethola amathuba afanayo okufunda futhi ukulandela uMfanekiso ongcwele. Bobabili babesondelene noJesu futhi babenelungelo lokulalela izimfundiso Zakhe. Ngamunye wayenobuthakathaka besimilo esikhulu kakhulu; futhi ngamunye wayenokufinyelela emseni ongcwele oguqula isimilo….ngamunye, kwakumele afe nsukuzonke kumina nokunqoba isono, wangcweliswa ngeqiniso; omunye, ngokumelana namandla aguqulayo omusa nokuzitika ngezifiso zokuzifunela, walethwa ngaphansi kobugqila bukaSathane.”-The Acts of the Apostles, p. 558.


Ngolwesihlanu Ncwaba 23

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungayiphi indlela uMiriyamu abezosinda ngayo ehlazweni lochoko-na?

2. Umphakathi wanamuhla uzenza kanjani izixwayiso zikaPeter zibaluleke kangaka kithi namuhla-na?

3. Emhlabeni ohlanekezelwe, abantu bakaNkulunkulu bazohluka ngaziphi izindlela-na?

4. Ngingagwema kanjani isiphelo sikaBalamu-na?

5. Chaza umehluko wesimo phakathi kukaJohane owonayo noJudas owonayo-na?

 <<    >>