NgeSonto
Mandulo 22
1. UKUQHUBEKA UKUSHESHISA IJUBANE
a. Ngenxa yomlilo omkhulu, sibizelwa ukwenzani-na? 2 Peter 3:12.
“Manje, ngaphambi kokuza kweNdodana yomuntu, ivangeli laphakade lizoshunyayelwa ‘ezizweni zonke, imindeni, nezilimi, nabantu.’ Isambulo 14:6, 14. UNkulunkulu ‘njengokuba umisile usuku, azakwehlulela ngalo izwe.’ Izenzo 17:31. UKristu uyasitshela ukuthi lolosuku luzongeniswa nini. Akasho ukuthi umhlaba wonke uzoguqulwa, kodwa ukuthi ‘ivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke; andukuba kufike ukuphela.’ Ngokunikeza ivangeli emhlabeni kusemandleni ethu ukusheshisa ukubuya kweNkosi. Akufanele sibheke nje kuphela kodwa sisheshise ukufika kosuku lukaNkulunku. 2 Peter 3:12, isiphetho. Uma ibandla likaKristu lenze umsebenzi walo elimiselwe wona iNkosi, wonke umhlaba ubuzobe uxwayisiwe ngaphambi kwalokhu, futhi neNkosi uJesu ngabe ifikile emhlabeni ngamandla nenkazimulo enkulu.
“Labo abalindele iNkosi bahlanza imiphefumulo yabo ngokulalela iqiniso. Ngokuqaphela okuphapheme bahlanganisa ukusebenza ngokuzimisela. Ngoba bayazi ukuthi iNkosi isemnyango, ukushisekela kwabo kuyashesha kubambisana nezihlakaniphi ezingcwele ekusebenzeleni ukusindiswa kwemiphefumulo.”-The Desire of Ages, pp. 633, 634.
NgoMvulo
Mandulo 23
2. KUYILUNGELO ELINGAKANANI
a. Umuntu ngamunye angasheshisa kanjani ukubuya kukaKristu-na? Umshumayeli 11:1, 2, 6.
“UKristu unikeze ibandla Lakhe umthwalo ongcwele. Ilunga ngalinye kufanele libe umzila lowo uNkulunkulu angadlulisela ngawo emhlabeni ingcebo yomusa Wakhe, ingcebo kaKristu engafilnyeleleki. Ayikho into uMsindisi ayifisa kakhulu njengezithunywa ezizomela emhlabeni uMoya Wakhe nesimilo Sakhe. Akukho okudingwa umhlaba kakhulu njengokwembulwa kobuntu bothando loMsindisi. Lonke izulu lilindele abesilisa nabesifazane uNkulunkulu angembula ngabo amandla obuKrestu.
“Ibandla liyisithunywa sikaNkulunkulu sokumenyezelwa kweqiniso, Nguye olinike amandla okwenza umsebenzi okhethekile; futhi uma lithembekile Kuye, lilalela yonke imithetho Yakhe, kuzohlala ngaphakathi kwalo ubuhle bomusa ongcwele. Uma ligcina ukuthembeka kwalo, uma lidumisa uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli akukho mandla azomelana nalo.
“Ukushisekela uNkulunkulu nomsebenzi Wakhe kwashukumisa abafundi ukuba bafakaze ngevangeli ngamandla amakhulu. Akufanele yini intshiseko efana nalena ivuse izinhliziyo zethu ngokuzimisela ukuxoxa indaba yothando oluhlengayo, lukaKristu Yena owabethelwa esiphambanweni-na? Kuyilungelo lawo wonke uMkrestu, ukungabheki nje kuphela, kodwa ukusheshisa ukufika koMsindisi.”-The Acts of the Apostles, p. 600.
b. UNkulunkulu uchaza kanjani inhloso Yakhe ngathi-na? Isihlabelelo Sezihlabelelo 6:10; Amahubo 60:4.
“Iqiniso nokuphambuka kusondela kwimpi yazo yokugcina. Masihambe ngaphansi kwebhanela elinindwe ngegazi leNkosana uEmanuweli, ngoba iqiniso lizonqoba.”-Christian Service, p. 77.
“Uma ibandla lizokwembatha ingubo yokulunga kukaKristu, lizohoxa kubo bonke ubudlelwano balo nelizwe, kukhona phambi kwalo ukusa kosuku olukhanyayo nolukhazimulayo. Izithembiso zikaNkulunkulu kulo zizoma ziqinile ingunaphakade. Uzolenza libe yinkazimulo yaphakade, injabulo yezizukulwane zezizukulwane. Iqiniso, elidlula labo abalidelelayo nabalenqabayo, lizonqoba. Noma ngezinye izikhathi libonakala libambezelekile, ukuthuthuka kwalo akukaze kuhlolwe. Lapho isigijimi sikaNkulunkulu sihlangabezana nokuphikiswa, sisinika amandla engeziwe, ukuze sibe nomfutho omkhulu. Elinikezwe amandla angcwele, lizonqamula imigoqo enamandla kakhulu futhi linqobe zonke izithiyo.”-Ibid., p. 601.
Ngolwesibili
Mandulo 24
3. AMANDLA NETHEMBA
a. Kuyini okunikeza amandla kuwo wonke okholwayo olangazelela ukufeza umsebenzi wokusindisa umphefumulo-na? Isaya 53:11; 2 Korinte 5:14, 15; 12:9.
“Kukhona ukukhandleka nezingxabano, ukuzidela nezilingo zenhliziyo eziyimfihlo, ukuze sonke sihlangane nazo futhi sizibekezelele. Kuzobakhona usizi nezinyembezi ngenxa yezono zethu; kuzobakhona imizabalazo nokubukwa njalo, kuhlangene nokuzisola namahloni ngenxa yokusilela kwethu….
“Uthando lukaKristu malusicindezele ukuba sibenozwelo futhi sibenomusa, ukuze sikhale ngenxa yabaphambukayo nangenxa yalabo abahlubukela uNkulunkulu. Umphefumulo unenani elingenamkhawulo. Ukubaluleka kwawo kulinganiswa kuphela ngentengo eyakhokhwa ukuze uhlengwe. I Khalvari! Khalvari! Khalvari! Lizochaza ukubaluleka ngempela komphefumulo….
“Ngaphandle kwamandla omusa phezu kwenhliziyo, asiza imizamo yethu nangcwelisa imisebenzi yethu, sizohluleka ukusindisa imiphefumulo yethu nokusindisa imiphefumulo yabanye. Uhlelo nokuhleleka kubalulekele kakhulu, kodwa makungabikho onombono wokuthi laba bazokwenza umsebenzi ngaphandle komusa namandla kaNkulunkulu asebenza engqondweni nasenhliziyweni. Inhliziyo nenyama zizohluleka ngesikhathi sezinkonzo. Nasekufezeni amacebo ethu, ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu akhuthazayo futhi anikeza isibindi sokwenza umsebenzi.”-Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 187, 188.
b. Kungani ithemba elingunaphakade likhuthaza kangaka-na? 2 Peter 3:13; Amahubo 149:4.
“Abamnene ‘bazakudla ifa lomhlaba.’ Kwakungenxa yesifiso sokuziphakamisa isono esangena ngayo emhlabeni, nabazali bethu bokuqala balahlekelwa umbuso walomhlaba omuhle, umbuso wabo. Kwakungenxa yokuzidela ukuthi uKristu ahlenge lokhu okulahlekile. Uthi yibani ngabanqobi njengalokhu Nami nganqoba. Isambulo 3:21. Abathobekileyo nabazinikelayo bazakuba izidlalifa kanye Naye ‘kepha abathobekile bazakulidla ifa lomhlaba.’ Amahubo 37:11.
“Umhlaba othenjiswe abamnene angeke wafana nalona, ombozwe yithunzi lokufa kanye nesiqalekiso. “Thina, ngokuya ngesithembiso Sakhe, sibheke amazulu amasha nomhlaba omusha, lapho kuhlala khona abalungileyo….
“Akukho ukudumazeka, usizi, nesono, akekho ozothi, ngiyagula; alukho uhide lwemingcwabo, akukho ukukhala, ukufa, akukho ukwahlukana, azikho izinhliziyo eziphukile; kodwa uJesu ukhona, ukuthula kukhona.”-Thoughts from the Mount Blessing, p. 17.
Ngolwesithathu
Mandulo 25
4. UBIZO OLUNZIMA
a. UPeter ugcizelela kanjani encwadini yakhe-futhi kungani-na? 2 Peter 3:14.
“Asazi ukuthi ngolunye usuku izinselela zizobanamandla kangakanani ngokulandelayo. USathane uyaphila, futhi ukhuthele, futhi nsuku zonke sidinga ukukhala ngobuqotho kuNkulunkulu ukuze sicele usizo namandla okumelana naye. Inqobo nje uSathane esabusa kufanele sinqobe umina, izithiyo okumele sizinqobe, futhi ayikho indawo yokuma, alikho iphuzu esifika kulo sithi sesilizulile ngokugcwele.
“Filiphu 3:12; ‘Kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe: kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.’
“Ukuphila koMkrestu kuluhambo oluqhubekela phambili. UJesu uhlezi njengomcwengi nomhlanzi wabantu Bakhe; futhi lapho umfanekiso Wakhe ubonakaliswa ngokuphele kubo, baphelele futhi bangcwele, futhi balungele ukuguqulwa. Umsebenzi omkhulu uyadingeka kumKrestu. Siyanxuswa ukuba sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 340.
b. Kuyini ukubekezela kubalulekile ekungcwelisweni kwethu-na? 2 Peter 3:15, 16; Luka 21:19.
“Kukhona eMibhalweni izinto ezinzima ukuba zingaqondwa futhi, ngokuya ngenkulumo kaPeter, ongafundile nomanqikanqika olwela ukubhujiswa kwakhe. Asisoze, kulokhu kuphila, sikwazi ukuchaza incazelo yomusho ngamunye weMibhalo; kodwa ayikho imicijo ebalulekile yeqiniso elisebenzayo elizombozwa ngemfihlakalo. Uma isikhathi sifika, ngokulondoloza kukaNkulunkulu, ukuba umhlaba uvivinywe ngeqiniso lanamuhla, izingqondo zizosetshenziswa ngoMoya Wakhe ukuhlola imiBhalo, ngisho nokuzila nangomkhuleko, kuze kufinyelele lapho umudwa emva komudwa uyahlolwa uhlanganiswe ube yiketanga elilodwa eliphelele. Wonke umcijo ohlangene masinyane nokusindiswa kwemiphefumulo uzokwenziwa sobala ukuze kungabikho noyedwa okumele aphambuke noma ahambe ebumnyameni.
“Njengoba silandela uchunge-chunge lweziprofetho, iqiniso elambuliwe ngesikhathi sethu liye labonakala ngokucacile futhi lachazwa. Sizoziphendulela ngamathuba esiwajabulelayo nangokukhanya okukhanya endleleni yethu.”-Ibid., vol. 2, p. 692.
“‘Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu,’ 1 Thesalonike 4:3. Ingabe kuyintando yakho nawe-na?”-The Acts of the Apostles, p. 566.
Ngolwesine
Mandulo 26
5. NIGXILILE ETHEMBENI
a. UPeter usinxusa kanjani ukuba siqinisele ekubeni nesineke-na? 2 Peter 3:17.
“Iziqondiso ezibekwe ezwini likaNkulunkulu azishiyi indawo yokuvumelana nobubi. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ukuze idonsele Kuyo bonke abantu. Ayizelanga ukulalisa umhlaba ebuthongweni, kodwa ukukhomba indlela engumncingo leyo okufanele bonke bahambe ngayo ekugcineni bafinyelele emasangweni oMuzi kaNkulunkulu. Abantwana Bakhe kufanele balandele lapho evule khona indlela; nganoma yimuphi umhlatshelo wokunethezeka noma ukuzitika kobugovu, nganoma yiziphi izindleko zomsebenzi noma ukuhlupheka, kufanele bagcine impi eqhubekayo yokulwa nomina.”-The Acts of the Apostles, p. 566.
b. Ekuvaleni incwadi yakhe, siyini isikhalo sokugcina sompostoli-na? 2 Peter 3:18.
“Izono zakho zingaba njengentaba phambi kwakho; kodwa uma uthobisa inhliziyo yakho uvume izono zakho, uthembe ekufanelekeni koMsindisi owabethelwa esiphambanweni wabuye wavuka, uzokuhlanza kukho konke ukungalungi. UNkulunkulu udinga ukuzinikela okuphelele emthethweni Wakhe. Lomthetho wenanela izwi Lakhe ethi kuwe, Ungcwele, yebo, ungcwele kakhulu. Langazelela ukugcwala komusa kaKristu. Inhliziyo yakho igcwaliswe ngokulangazela ukulunga Kwakhe, umsebenzi lowo izwi likaNkulunkulu eliwushoyo kungukuthula, nomphumela wawo nethemba elingapheliyo. Njengoba umphefumulo ulangazelela uNkulunkulu, nizakufumana ingcebo eningi engaphenyisiseki yomusa Wakhe. Njengoba uzindla ngalengcebo uzothola ukwembulwa kokufaneleka komhlatshelo woMsindisi, isivikelo sokulunga Kwakhe, ukugcwala kokuhlakanipha Kwakhe, namandla Akhe okuniletha phambi kukaYise ‘ningenabala, ningenasici.”-Ibid., pp. 566, 567.
Ngolwesihlanu
Mandulo 27
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kuyini okunikeza ubufakazi bokuthi ukushiseka kwethu kuyasheshiswa ngempela-na?
2. Yimaphi amanyathelo ngempela engingawathatha ukusheshise ukubuya kweNkosi-na?
3. Naphezu kwakho konke ukuxhashazwa, ngubani ozodla ifa lalomhlaba-na?
4. Kungani kufanele ngizimisele kakhulu indlela yokungcweliswa-na?
5. Njengoba ngibona ukujula kobubi bami obukhulu, kufanele ngenzeni-na?