Umnikelo weSabatha Lokuqala Owendlu Yokukhonzela, Isikolo, kanye nehovisi eLiberia
Ngezinye izikhathi beyaziwa ngokuthi ingenye yemingcele yokugcina eAfrica, iLiberia ilizwe eligcwele amahlathi ngasentshonalanga kogu esifundeni saseAfrica, izungezwe iSiera Leone, Ivory Coast, Guinea, kanye neAtlantic Ocean. Phakathi kwabakhileyo abangaphezu kwezigidi ezinhlanu, 85.3% bafakazela inkolo yobuKrestu (abaningi ngamaProtestanti, ngisho namaSeventh Day Adventist), 12, 6% ngamaIslam, 1, 5% abangakholwa, I 0, 6% nabakholelwa emadlozini. .
Isifunda esidala saseAfrica, iLeberia isazama ukubuyela esimeni seminyaka engu 14 ngenxa yempi enkulu (1989-2003) eyabhubhisa indwangu engumkhiqizo welizwe, uma lilinganiswa lingele-shumi (10) ngobumpofu emhlabeni wonke. Ezolimo zachithwa, izakhiwo nezimboni zashiywa zonakele.
Phakathi kobunzima obukhulu, ngonyaka ka 2011, abazalwane eLiberia badonselwa kwinsindiso yeSeventh Day Adventist Reform Movement nge-website yeSDARM, www.sdarm.org, nomsebenzi wahlelwa lapha ngonyaka ka-2012. Kusukela ngalesosikhathi, isigijimi sakhula kusukela kwinhloko-dolobha iMonrovia yafinyelela ezifundeni ezintathu kwezingu-15 zaseLiberia.
Noma ubunzima bezimpi sebuphelile, izimpawu zezilonda ziyabonakala ezweni lonke. Umnotho ulimele, futhi kunzima ukuthola umsebenzi lapha uma umuntu engathobeli inkonzo yezepolotiki. Izimo yizona ezikhubazayo, kodwa inkolo yethu iqhubekela phambili.
Ukukhulisa umsebenzi eLiberia, kukhona isidingo esiphuthumayo sendlunkulu kanye nendlu yokukhonzela nokuthuthukisa umsebenzi wokwelapha. Futhi kubalulekile ukunikeza izinga eliphansi lesikolo sabantwana bethu ababhekana nezinselela ngoba kufanele balahlekelwe izivivinyo kanye nezifundo ezingeziwe ezihlelelwe ukufundisa ngeSabatha.
Ngonyaka ka 2019, umzalwane (osewashona) wanikela ngomhlaba ukuba kwakhiwe isikolo, isibhedlela, nehovisi. Ukuze kuqalwe ukwakhiwa indlu yokukhonzela kanye neminye imisebenzi, sibusisekile ngomhlaba eNyanforla (Collins Farm) ezanzi kweBong County, kanye nesinye isiqephu esilinganiswa ne ¼ acre eMonrovia.
Ngalokhu kukhanya, siyacela ngomusa kubazalwane nodade emhlabeni wonke uMnikelo weSabatha Lokuqala ukusiza ukuthi sifinyelele kumgomo odingekayo ukukhulisa umsebenzi weNkosi eLiberia. Siyanibonga ngaphambili.
Abazalwane benu nodade abavela eLiberia