NgeSonto
Mandulo 8
1. SIBONANI-NA?
a. Kuyini abeyisayo abavame ukuyisho njengezaba zokungabaza kwabo-futhi lesimo sibathinta kanjani abaningi abalindele iNkosi-na? 2 Peter 3:4; Isaya 56:12.
“Ukuthanda ilizwe kugcwalise imicabango yethu kangangokuthi amehlo ethu awabheki phezulu, kodwa abheke phansi emhlabeni. Siyaphuthuma, sihlanganyela ngentshiseko nokukhuthala kumabhizinisi ehlukene, kepha uNkulunkulu simkhohliwe, nengcebo yasezulwini ayaziswa kakhulu. Asikho endaweni yokulinda, nokubheka. Uthando lwezwe kanye nenkohliso yengcebo kudlula ukholo lwethu, futhi asikulangazeleli, nothando, lokubonakala koMsindisi wethu. Sizama kakhulu ukuzinakekela. Asikhululeki futhi kukhulu ukuntula kwethu ukwethemba ngokuqinile uNkulunkulu. Futhi iNkosi ayibenzeli okuningi, ngoba bengayiniki ithuba. Bazenzela okuningi kakhulu, bakholelwa futhi bathemba kancane kuNkulunkulu. Ukuthanda ilizwe kubambe kanzima abantu iNkosi ebayalile ukuthi balinde futhi bakhuleke bangaphezi. Funa ifike ngokuzumayo ibafumane belele.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 195, 196. 16
NgoMvulo
Mandulo 9
2. EKUGCINENI…NOMA MADUZE NJE?
a. Chaza ukuthi ukweyisa kuvame kangakanani ukwenzeka ngisho naphakathi kwalabo abazibiza amakholwa angamaAdventist. Mathewu 24:48-51; Izaga 26:20-22; Roma 1:29-32.
“Kodwa uma leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo, ‘INkosi yami ilibele.’ Ayisho ukuthi uKristu angeke abuye. Ayideleli umbono wokubuya Kwakhe okwesibili. Kodwa enhliziyweni yakhe nangezenzo zakhe namazwi akhe amemezela ukuthi iNkosi ilibele. Uxosha ezingqondweni zabanye ukukholelwa ukuthi iNkosi iyabuya masinyane. Umfutho Wakhe uholela abantu ekungabazeni, nokugabadela ngokunganaki. Bayavuma ekuthandeni kwabo ilizwe kanye nokundweza. Ukuthanda ilizwe, umcabango owonakele, kuthatha indawo engqondweni. Inceku embi iyadla futhi iphuza nezidakwa, ihlangane nelizwe ukufuna injabulo. Iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, isole futhi ilahle labo abathembekile eNkosini yabo.”-The Desire of Ages, p. 635.
b. Sizokuma kanjani sihlukile kulabo ababheka ukubuya kukaKristu njengento ekude yesikhathi esizayo-na? Kolose 3:1-4.
“Lapho ukunaka nokuthanda ilizwe kuphendukela kumabhizinisi ahlukahlukene, okwethu ukuba sibheke okwasezulwini; ukholo lwethu kufanele lufinyelele kude kwizimfihlakalo ezijabulisayo zengcebo yasezulwini, ludonse okuyigugu, imisebe engcwele yokukhanya okuvela kwitabanakeli lasezulwini kukhanye ezinhliziyweni zethu, njengoba kukhanya ebusweni bukaJesu. Abeyisayo baklolodela abalindile, nababhekile, bayabuza, siphi isithembiso sokufika Kwakhe. Udangele, hlanganyela nathi manje, futhi uzophumelela ezintweni zezwe. Zuza, thola imali, futhi uhlonishwe ngumhlaba. Abalindeli babheka phezulu baphendule. Sibhekile, futhi ngokufulathela injabulo yasemhlabeni nodumo lwezwe, nasekukhohlisweni ingcebo babonakalisa ukuthi bakulesosimo. Ngokubheka bathola amandla; banqoba ubuvila nokuthanda ukunethezeka, izinhlupheko zivutha umlilo phezu kwabo, nesikhathi sokulinda sibonakala siside. Kwesinye isikhathi bayadabuka, nokho amehlo abo abheke njalo ezulwini, bathi kwabamelene nabo. Ngibhekile, Ngilindele ukubuya kweNkosi yami. Ngizothokoza ezinhluphekweni, nasekusweleni.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 194, 195.
Ngolwesibili
Mandulo 10
3. UKWAHLULELA KUSEBENZISA IZINTO ZEMVELO
a. Yisiphi isehlakalo esibalulekile kakhulu emlandweni welizwe ngokuvamile obhekwa ngokunganakwa-na? Genesis 6:5-8; 7:23; 2 Peter 3:5, 6.
“Ngaphambi kokubhujiswa komhlaba omdala ngozamcolo, kwakukhona amadoda anamathalenta, amadoda anamakhono nanolwazi. Kodwa bagcina ukonakala emicabangweni yabo, ngoba bamshiya uNkulunkulu kumacebo nezeluleko zabo. Babehlakaniphile ukwenza lokhu uNkulunkulu angazange abatshela ukuthi bakwenze, behlakaniphile ekwenzeni okubi. INkosi yabona ukuthi lesibonelo sizolimaza labo abazozalwa kamuva, ngakho yathathela lendaba ezandleni Zayo. Iminyaka eyikhulu namashumi amabili wabathumela izixwayiso ngenceku Yakhe uNowa. Kodwa basebenzisa lomusa omkhulu abanikwe wona ukweyisa uNowa. Bahlekisa ngaye futhi bemgcona. Babemhleka ngenxa yobuqotho bakhe obungavamile nomuzwa ojulile maqondana nezahlulelo amemezela ukuthi uNkulunkulu uzozifeza ngokuqinisekile. Babekhuluma ngesayensi nemithetho elawula imvelo. Base benza umkhosi ngaphezu kwamazwi kaNowa, bembiza ngokuthi uyahlanya. Ukubekezela kukaNkulunkulu kwase kuphelelwe ngamandla.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 1, p. 1090.
b. Kuyini okulindelwe kulomhlaba ekugcineni-na? 2 Peter 3:7; Amahubo 11:6; 59:13.
“Emathunjini omhlaba yilapho iNkosi igcina khona izikhali, yilapho yakhipha khona izikhali eyazisebenzisa ukubhubhisa umhlaba omdala. Amanzi asemathunjini omhlaba agqabuka, futhi ehlangana namanzi avela eZulwini, ukuphelelisa umsebenzi wokubhubhisa. Kusukela esikhathini sikazamcolo, uNkulunkulu uthe wasebenzisa kokubili amanzi nomlilo emhlabeni njengezithunywa zakhe ukuze abhubhise amadolobha onakele.”-Spiritual Gift, vol. 3, p. 82.
“Umsebenzi wonke woyise wamanga ubhaliwe ezincwadini zasezulwini, futhi nalabo abazinikela enkonzweni kaSathane, ukuze baveze futhi balethe kubantu amanga kaSathane ngesimiso nangezenzo zabo. Impande negatsha kuzobhujiswa ngomlilo wezinsuku zokugcina. USathane, umongameli omkhulu wohlubuko, uyimpande, nazo zonke izisebenzi zakhe, ezifundisa amanga maqondana nomthetho kaNkulunkulu, zingamagatsha.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 4, p. 1184.
Ngolwesithathu
Mandulo 11
4. UNKULUNKULU WAPHAKADE OWESABEKAYO
a. Ukunikeza abantwana bakaNkulunkulu ukuthembela ezithembisweni Zakhe nethemba laphakade, ingabe ububanzi obungenamkhawulo boMdali wethu bufinqwa kanjani-na? Amahubo 90:4; 2 Peter 3:8.
“Ifa lelo uNkulunkulu alithembise abantu Bakhe alikho kulomhlaba. UAbrahama akamnikanga ifa kulo, ‘cha, ngisho nelingangonyawo.’ Izenzo 7:5. Wayenemfuyo eningi, futhi wayisebenzisela inkazimulo kaNkulunkulu nokulunga kwabanye abantu; kodwa akazange abheke lomhlaba njengekhaya lakhe. UJehova wambiza ukuba aphume ezweni lakhe ashiye abantu bakubo abakhonza izithombe, wamthembisa ilizwe laseKhanana njengefa lakhe laphakade; kodwa yena noma indodana yakhe noma indodana yendodana yakhe abalamukelanga. Lapho uAbrahama efuna indawo yokumbela ofileyo wakhe, kwadingeka athenge umhlaba kumaKanani. Indawo yakhe kuphela eZweni Lesithembiso kwakuyithuna eliqoshwe edwaleni emhumeni waseMakhaphela.
“Kodwa izwi likaNkulunkulu alizange lihluleke; futhi alizange lihlangabezane nokugcwaliseka kwalo emsebenzini wokugcina ekuhlaliseni eKanana abantu bamaJuda. ‘Manje-ke izithembiso zanikwa uAbrahama nenzalo yakhe’ Galathiya 3:16. UAbrahama ngokwakhe wayezokwabelana nalelifa. Ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu kungabonakala kwephuza-ngoba ‘usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye’ (2 Peter 2:8); singabonakala sephuza; wulindele, ngokuba uyakufika nokufika ‘awuyikwephuza’ Habakuki 2:3.”-Patriachs and Prophets, pp. 169, 170.
b. Kuyini esingakuqaphele ngokubuya kukaKristu-na? 2 Peter 3:9; Nahume 1:3.
“Ukubekezela kade kukaNkulunkulu kuyamangalisa. Ukulunga kuyalinda isikhathi eside, kuyilapho umusa uncenga isoni….
“Umhlaba unesibindi sokwephula umthetho kaNkulunkulu. Ngenxa yokubekezela Kwakhe isikhathi eside, abantu balinyathelele phansi igunya Lakhe. Beqinisa omunye komunye ukucindezela nangonya efeni lakhe, bathi, ‘UNkulunkulu wazi kanjani-na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke-na?’ Amahubo 73:11. Kodwa kukhona umugqa ongaphezu kwalokho abangeke bakweqa. Isikhathi sesisondele lapho bazobe sebefinyelele kumkhawulo onqunyiwe. Ngisho namanje cishe sebedlule imikhawulo yokubekezela kade kukaNkulunkulu, umkhawulo womusa Wakhe, umkhawulo wobubele Bakhe. UJehova uzongenelela ukuphindisela udumo Lwakhe, akhulule abantu Bakhe, acindezele ukukhukhumala kokungalungi.”-Christ’s Object Lessons, p. 177.
Ngolwesine
Mandulo 12
5. ITHUBA LOKUPHENDUKA OKUJULILE
a. Kungani kufanele sibonge kakhulu ngokubekezela kukaNkulunkulu-na? Amahubo 86:12-15.
“INkosi iyathanda ukusisiza, ukuze isiqinise futhi isibusise; kodwa kufanele sidlule ohlelweni lokuhlanzwa kuze kufinyelele lapho konke ukungcola kwesimilo sethu kuyachithwa ngokuphelele. Wonke amalunga ebandla azoba ngaphansi kwesithando somlilo, kungesikho ukuba ashiswe, kodwa ukuze ahlanzwe.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 485.
“Ungabheki abantu noma ubeke amathemba akho phezu kwabo, unomuzwa wokuthi abanakuduka; kodwa bheka kuJesu njalo-njalo. Ungasho lutho okuzoletha ukusola enkolweni yethu. Vuma izono zakho ezifihlakele uwedwa phambi kukaNkulunkulu wakho. Vumela inhliziyo yakho izulazule Kuye owazi ngokuphelele ukuthi angaphatha kanjani udaba lwakho. Uma uthe waphatha kabi umakhelwane wakho, vuma kuye isono sakho ubonise isithelo esifanayo sokwenza ukubuyisana. Bese ubiza izibusiso. Woza kuNkulunkulu njengoba unjalo, futhi vuma ukuba elaphe bonke ubuthakathaka bakho. Cindezela udaba lwakho esihlalweni somusa; vuma ukuba umsebenzi upheleliswe. Qiniseka uma usebenza noNkulunkulu kanye nomphefumulo wakho. Uma uza Kuye ngenhliziyo ezisolayo ngempela, uzakunika ukunqoba. Kanjalo uzothwala ubufakazi obumnandi benkululeko, ulethe phambili ukubonga Kuye okubizile ukuba uphume ebumnyameni ungene ekukhanyeni Kwakhe okumangalisayo. Akasoze angaqondi noma akwahlulele ngokungafanele. Abangani bakho abasoze bakuxolele esonweni noma bakuhlanze ekungcoleni. UJesu Nguye kuphela ongakupha ukuthula. Uyakuthanda futhi wazinikela ngenxa yakho. Inhliziyo Yakhe enothando olukhulu ‘ithintwa umuzwa wobuthakathaka bethu? ‘Yiziphi izono ezinkulu kakhulu angeke azithethelela-na? Yimuphi umphefumulo omnyama kakhulu nesono esicindezelwa kangaka Kuye ukuba angasisindisi-na? Unomusa, akalindeli ukufaneleka kithi, kodwa ubuhle Bakhe obungenamkhawulo okwelapha ukuhlehlela nyovana kwethu futhi esithanda ngokukhululeka, lapho siseyizoni. Uyephuza ukuthukuthela, futhi ugcwele umusa;’ ‘uyasibekezelela, engathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.”-Ibid., p. 649.
Ngolwesihlanu
Mandulo 13
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Yiziphi izici zelizwe ezingangiphazamisa ngisuke kuNkulunkulu-na?
2. Ngingaba necala kanjani lokushaya izinceku engikanye nazo, uma ngikhuluma ngokwesimoya-na?
3. Kungani kufanele ngihlakulele ukuqaphela okujulile ngesehlakalo somlilo ozayo-na?
4. Chaza ngefa likaAbrahama nabantwana bakhe (Galathiya 3:29).
5. Kungani kufanele ngibonge ngalesikhathi esincane esengeziwe futhi ngingasisebenzisa kanjani-na?