Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 2 ISabatha, Ntulikazi 13, 2024

Ngenkuthalo Ekhuphuka Isitebhisi

“IVESI LEKHANDA: “Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu” (2 Peter 1:5, 6).

“UPeter usethulele isitebhisi sokungcwaliswa kweqiniso, isisekelo saso siphezu komhlaba, kuyilapho umjikelezo ongaphezulu ufinyelela esihlalweni sobukhosi Songapheliyo. Asikwazi ngomzamo owodwa ukufinyelela ngaphezu komjikelezo walesitebhisi. Kufanele sikhuphuke nxazonke. Kulomzabalazo sisengozini yokuba nesiyezi, siquleke futhi siwe, ngaphandle kokuba sigcine amehlo ethu ebheke phezulu, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.”-The Review and Herald, Zibandlela 1, 1885.

Incwadi Enikeziwe:   The Ministry of Healing, pp. 497-502. 

NgeSonto Ntulikazi 7

1. IMFANELO EBALULEKILE YOBUKRESTU

a. Yisiphi isinyathelo esilandelayo lapho sakha ukholo lwethu ngenkuthalo? 2 Peter 1:5 (inxenye yokuqala).

“Emva kokwamukela ukukholwa kwevangeli, umsebenzi wethu wokuqala kufanele sifune ukwengezela inkuthalo nezimiso ezihlanzekile, futhi kanjalo sizohlanza ingqondo nenhliziyo ukwamukela ulwazi lweqiniso.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 552.

“Kungumzabalazo oqhubekayo wokuhlala uqaphile ukumelana nobubi; kodwa kuyasiza ukuthola ukunqoba emva kokunye phezu kukamina kanye namandla obumnyama….

“Ngaphandle kobuhle obumsulwa, obungangcoliswanga, akukho muntu ongakhuphukela kunoma yisiphi isikhundla esihloniphekile. Kodwa ukulangazelela okuhle nothando lokulunga aluzuzwa njengefa. Isimilo angeke sathengwa; kufanele sakhiwe ngemizamo eqinile yokumelana nesilingo. Ukwakhiwa kwesimilo esilungile ngumsebenzi wokuphila konke, futhi umphumela wokuzindla ngumkhuleko ohlangane nenhloso enkulu. Ubuhle besimilo kufanele ube ngumphumela wemizamo yakho. Abangane bangakukhuthaza, kodwa angeke benza umsebenzi wakho. Ukufisa, ukububula, ukuphupha, akusoze kwakwenza ubemkhulu noma obemuhle. Kufanele ukhwele. Bopha izinkalo zengqondo yakho, futhi uhambe uyosebenza ngawowonke amandla entando yakho.”-Fundamentals of Christian Education, p. 187.


NgoMvulo Ntulikazi 8

2. ULWAZI OLUDINGEKAYO UKUZE USINDISWE

a. Chaza uhlobo lolwazi esibizelwe ukulizuza ngokukhuphuka isitebhisi sikaPeter. 2 Peter 1:5 (inxenye yokugcina); Johane 17:3.

“Umpostoli uletha phambi kwabakholwayo isitebhisi sokupheleliswa kwamaKrestu, inyathelo ngalinye elifanekisa ukukhula okuqhubekayo olwazini ngoNkulunkulu, futhi ekukhuphukeni okungeke kume….

“Sesithole ukukholwa ngevangeli, umsebenzi olandelayo wokholwayo ukwengeza esimilweni sakho ukukhuthazela, futhi ngokwenzenjalo uhlanza inhliziyo alungise nengqondo yokwamukela ulwazi lukaNkulunkulu. Lolwazi luyisisekelo sawowonke amaqiniso emfundiso nokusebenza konke kweqiniso. Yiyona kuphela indlela ephephile yokumelana nesilingo; futhi yilokhu kuphela engenza omunye afane noNkulunkulu ngesimilo. Ngolwazi lukaNkulunkulu neNdodana Yakhe uJesu Kristu, kunikeziwe kokholwayo ‘zonke izinto maqondana nokuphila ngokumesaba uNkulunkulu.’ Asikho isipho esihle esigodliwe kuye ofisa ngenkuthalo ukuthola ukulunga kukaNkulunkulu.”-The Review and Herald, Mandulo 19, 1912.

“Kufanele sifunde kuKristu. Kufanele sazi ukuthi ungubani kulabo abahlengileyo. Masiqonde ukuthi ngokukholwa Kuye kuyilungelo lethu ukuba ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, futhi masibalekele ukonakala okusemhlabeni ngezinkanuko. Kanjalo siyahlanzwa ezonweni zonke, ebuthakathakeni bonke besimilo. Akudingeki ukuba sigcine nomkhuba owodwa wesono….

“Njengoba singabahlanganyeli bemvelo engcwele, uhlanga nokukhulisa imikhuba emibi kuyasuswa esimilweni, kwenziwa abanamandla ngokuhle. Sihlala sifunda njalo kuThishela ongcwele, nsuku zonke sihlanganyela emvelweni Yakhe, sisizana noNkulunkulu ekunqobeni izilingo zikaSathane. UNkulunkulu uyasebenza, nomuntu uyasebenza, ukuze umuntu abemunye noKristu njengoba uKristu emunye noNkulunkulu.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 7, p. 943.

b. Yisho uhlobo lwesibili lolwazi oludingekayo ekukhuleni koMkrestu. Amahubo 77:6; 2 Korinte 13:5.

“Ukuze samukele usizo oluvela kuKristu, kufanele siqonde isidingo sethu. Kufanele sibenolwazi lweqiniso ngathi. Yilowo kuphela ozaziyo ukuthi uyisoni uKristu angamsindisa. Kuphela uma sibona ukungakwazi ukuzisiza ngempela silahle konke ukuzethemba, esingabambelela ngokuqina emandleni angcwele.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 316.


Ngolwesibili Ntulikazi 9

3. UKUZITHIBA, HAYI ONGALAWULEKI

a. Isiphi isihloko sendaba abafundisi bevangeli abaphefumulelwe abahlala phezu kwaso-na? Izenzo 24:24, 25; Filiphi 4:5.

“Ngikhulumile kubantu ihora elilodwa nesigamu ngesitebhisi sikaPeter sokungcweliswa esinamanyethelo ayisishiyagalombili. Ngagxila phezu kokuzithiba nokubaluleka kwemfundiso yabazali kubantwana ukuba bazincishe, bazibambe, beqaphela ukufisa nokunambitha ngokuzitika ngokulahlekelwa amandla engqondo, ukuziphatha, nawomzimba.

“Izifundo phezu kokuzibamba nokuzincisha kufanele zamukelwe ngokufundiswa, kusukela ebuntwaneni nasebusheni. Ukufisa kufanele kuvinjelwe futhi kufundiswe, lona ngumsebenzi wokuziphendulela odluliselwa kubazali. Abasha ezizukulwaneni ezedlule bayinkomba yomphakathi.

“Uma abazali bewenzile owabo umsebenzi wokwendlala itafula ngokudla okunempilo, balahle ukudla okuhlukumeza nokuvusa umzimba, futhi ngaleso sikhathi befundisile abantwana babo ukuzibamba, bafundisa izimilo zabo ukukhulisa amandla okuziphatha, manje akusona isikhathi sokubamba ingonyama yokungazithibi. Emva kokuba umkhuba wokuzitika sowakhiwe, futhi wakhula ngawo ekukhuleni waba namandla emandleni abo, kunzima kanjani kulabo abangafundiswanga ebusheni babo ukushiya imikhuba emibi futhi bazifundele ngokwabo ukuzithiba nonambitho lwemvelo yabo. Kunzima kanjani ukufundisa abanjalo ukwenza bazizwe benesidingo sokuzithiba koMkrestu, baze bafinyelele ekukhuleni. Izifundo zokuzithiba kufanele ziqale kumntwana osembelelweni.”-The Review and Herald, Nhlaba 11, 1876.

b. Kuyini okulandelayo esitebhisini-futhi kungani-na? 2 Peter 1:6 (inxenye yokuqala).

“UNkulunkulu akanikezi muntu ilungelo lokwephula imithetho yobuntu bakhe. Kodwa umuntu, ngokuzinikela ezilingweni zikaSathane zokuzitika ngokungazithibi, kuletha imizwa ephakeme ngaphansi kwezifiso zobulwane kanye nentshiseko, futhi lapho lezi-zithola ukuphakama, umuntu, owenziwa waba mncinyane kunezingelosi, ngemizwa etshekele ekukhulisweni okwaphezulu, azinikele ekulawulweni nguSathane. Futhi uthola indlela yokungena kalula kulabo abasebugqilini bokuthanda ukudla. Ngokungazithibi, abanye badela inxenye, abanye okubili kokuthathu, emzimbeni wabo, engqondweni, nasemandleni okuziphatha. Labo abafuna ukuba nomqondo ophusile wokubona amaqhinga kaSathane, kufanele umzimba wabo maqondana nokudla ubengaphansi kolulawulwa ingqondo nonembeza. Isenzo sokuziphatha esinamandla aphezulu engqondo sibalulekile ekupheleliseni isimilo soMkrestu.”-The Health Reformer, Ndasa 1, 1878.


Ngolwesithathu Ntulikazi 10

4. UKUBEKEZELA AKWENZEKI NGAPHANDLE KOKUZITHIBA

a. Kungayiphi indlela ukuzithiba kuholela endaweni elandelayo ebalulekile esitebhisini-na? 2 Peter 1:6 (inxenye engaphakathi); Luka 21:19.

“Noma yimuphi umkhuba osebenza ukwenza buthakathaka umuzwa namandla engqondo noma amandla omzimba uvimbela ukusetshenziswa komusa olandelayo ongena emva kokuzithiba-ukubekezela….

“Umuntu ongakwazi ukuzibamba, lowo ozitika ngokudla okushukumisa umzimba-utshwala, iwayini, uphuzo olunamandla, itiye nekofi, umuntu ophuza okudambisa ubuhlungu, ugwayi, noma yikuphi ukudla okulimaza impilo-angeke abe ngumuntu obekezelayo. Kanjalo ukuzithiba esinye sezinyathelo zesitebhisi okufanele sibeke izinyawo zethu ngaphambi kokube sengezele umusa wokubekezela. Ekudleni, ekwembatheni, emsebenzini, ngamahora ajwayelekile, ekuzilolongeni okunempilo, kufanele kuhambisane nolwazi okungumsebenzi wethu ukulizuza ukuze, ngomzamo ophikelelayo, sizibeke kubudlelwano obufanele bokuphila nempilo.”-Our High Calling, p. 69.

b. Kungayiphi indlela ukuzithiba kusiza ekukhuliseni ukubekezela-futhi kungani kokubili kubalulekile kangaka ezinsukwini zokugcina zembali yomhlaba-na? Isambulo 14:12.

“Ukuhlukunyezwa kwesisu ngokuthokozisa inkanuko yokudla yiwona mthelela wezilingo eziningi ebandleni. Labo uma badla basebenzise ukungazithibi futhi bengenangqondo, bakhulume futhi benze ngokungenangqondo. Umuntu ongazithibi akasoze abe ngumuntu obekezelayo. Asikho isidingo sokuphuza utshwala ukuze ube ngobekezelayo. Isono sokungazithibi ekudleni, ukudla ngezikhathi zonke, ngokwedlulele, nokudla ukudla okunothile, okungenampilo, kubulala ukusebenza okunempilo komgudu wokudla, kuthinta ingqondo, kuhlanekele ukwahlulela, kuvimbele ukuqonda, ukuthula, ukucabanga nokwenza okunempilo. Lona ngumthelela wezilingo ebandleni. Ngakho-ke ukuze abantu bakaNkulunkulu babe sesimeni esamukelekayo Kuye, lapho bangakhazimulisa Yena emizimbeni yabo nasemoyeni okungoKwakhe, ngentakazelelo nangentshiseko badele ukuzithokozisa ngokudla, basebenzise ukuzithiba ezintweni zonke. Bangazindla ngeqiniso ebuhleni balo nasekucwebeni kwalo, balithwale ekuphileni kwabo, ngokuqaphela, ngokuhlakanipha, indlela eqondile ayinikezi izitha zenkolo yethu ithuba lokuhlambalaza indlela yeqiniso.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 618.


Ngolwesine Ntulikazi 11

5. UMPHUMELA OMUHLE WOKUBEKEZELA

a. Kuyini ukubekezela okumele kukukhuliswe kithi-na? 2 Peter 1:16 (inxenye yokugcina).

“Ukungabekezeli kuletha umbango nokusola kanye nosizi; kodwa ukubekezela kuthulula ikhambi lokuthula nothando kumava okuphila kwasekhaya. Uma sisebenzisa umusa oyigugu wokubekezelela abanye, bazobona umoya wethu, futhi sizobuthela ndawonye noKristu. Ukubekezela kudinga ubunye ebandleni, nasekhaya, nasemphakathini. Lomusa kufanele uthandelwe ezimpilweni zethu. Umuntu ngamunye kufanele enyuke lendlela ezungelezayo, engezele ekukholweni, inkuthalo, ukuzithiba, nomusa wokubekezela.

“‘Nasekukhuthazeleni, ukumesaba uNkulunkulu.’ Ukumesaba uNkulunkulu yisithelo sesimilo soMkrestu. Uma sihlala eMvinini, sizoveza izithelo zikaMoya. Ukuphila koMvini kuzoziveza ngokwayo kumagatsha azo. Kufanele sibe nokuxhumana okuseduze nezulu, uma sithwele umusa wokwesaba uNkulunkulu. UJesu kumele abeyisihambi emakhayeni ethu, abe yilunga lomndeni wethu, uma sibonisa umfanekiso wakhe sibonisa futhi ukuthi singamadodana namadodakazi kaSomandla. Inkolo yinto enhle ekhaya. Uma iNkosi ihlala nathi, sizozizwa ukuthi singamalunga omkhaya kaKristu osezulwini. Sizobona ukuthi izingelosi zisibhekile, nokuziphatha kwethu kuzobamnene futhi kube nokubekezela. Sizolungela ukungena ezigodlweni zezulu, ngokukhulisa ubumnene nokwesaba uNkulunkulu. Ukukhuluma kwethu kuzobangcwele, nemicabango yethu izocabanga izinto zasezulwini.

“U-Enoki wahamba noNkulunkulu. Wahlonipha uNkulunkulu kuzozonke izindaba zokuphila. Ekhayeni lakhe nasemsebenzini wakhe, wayebuza, ‘Ingabe lokhu iNkosi izokwamukela-na?’ Futhi ngokukhumbula uNkulunkulu, nangokulandela izeluleko zakhe, isimilo sakhe saguqulwa, waba ngumuntu owesaba uNkulunkulu, lowo izindlela zakhe ezithokozisa iNkosi.”-The Review and Herald, Nhlolanja 21, 1888.


Ngolwesihlanu Ntulikazi 12

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungani kufanele ngihlakulele ubuhle bobuKrestu obusebenzayo nobungenzi lutho-na?

2. Ngingamazi kanjani uNkulunkulu kangcono-futhi kungani lokhu kubalulekile njenga-manje-na?

3. Yiziphi izici zokuphila okufanele ngibonise ukuzithiba okwengeziwe kuzo-na?

4. Kungani ukubekezela kubalulekile kangaka emphakathini okhulayo nonodlame-na?

5. Kukuphi futhi kanjani ukumesaba uNkulunkulu kwembulwa ngakho, okwaboniswa nguEnoki-na?

 <<    >>