Umnikelo WeSabatha Lokuqala Uya kwiAngolan Union Headquarters
I SDARM Northeast Angolan Field yahlelwa ngonyaka ka-2015 yiGeneral Conference, ukuphatha izifunda ezintathu- esaseKwanza-North, iUige, naseMalanje. I Latha yakhiwe phakathi kwendlunkulu ese-North Central Angolan Field. Isifunda sinendawo engange 181,110 km2 nesilinganiso sabantu abahlala kuso bangu 3,550,774. I SDARM yafika kulesifunda ngonyaka ka1978 yaqala kancane kancane. Nokho, ngonyaka ka 1990, ngomusa kaNkulunkulu, ekugcineni umsebenzi wasekwa kulesifunda futhi kusukela ngalesosikhathi isigijimi siqhubekela phambili. Ingqubekela phambili ebonakalayo yenziwe nesigijimi seqiniso lanamuhla sifinyelele ezindaweni eziningi eziseduze nesifunda.
Isidingo sethu namuhla isakhiwo sehovisi namagumbi ezisebenzi eziqhashiwe zeAngolan Union, negumbi lezincwadi, kanye neholo lemihlangano yombuthano.
Siye safuna umhlaba endaweni ehlala abantu lapho kuzobalula ukufinyelela kuyo. Siyathemba ukuthi kulendawo sizokwakha izakhiwo ezidingekayo ezizokwazi ukumela kahle umsebenzi kaNkulunkulu kulesifunda.
“Uma sicabanga ngomsebenzi ophambi kwethu, sidinga uhlelo lokuphatha oluzosivumela ukwenza amasu nokuceba izenzo zohlelo oluphelele-ngokugcina engqondweni ukuthi ‘[UNkulunkulu] udinga imfanelo nohlelo kuqashelwe ezindabeni zebandla namuhla ukudlula isikhathi esingaphambili. Ufisa ukuthi umsebenzi Wakhe uqhubekele phambili ngokucophelela nangomthetho ukuze abeke phezu kwawo uphawu lokuvuma Kwakhe. UMkrestu kufanele ahlangane noMkrestu, ibandla nebandla, izisetshenziswa ezingabantu ukusizana nobungcwele, isithunywa ngasinye sithobele uMoya Ongcwele, bonke bahlangane ekunikeni umhlaba izindaba ezimnandi zomusa kaNkulunkulu.”-The Acts of the Apostles, p. 96.
Isigijimi sensindiso kufanele sifinyelele ezizweni zonke, futhi siyazi ukuthi uJehova ‘akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe“(Isaya 42:4).
Ngalokhu sicela abazalwane nodade emhlabeni wonke basisize ngokunikela ngesihle umnikelo oqondene nalomsebenzi ukusisiza sihambise ivangeli kwimiphefumulo kulendawo ebanzi kangaka yaseAngola. Kwangathi iNkosi uNkulunkulu inganibusisa kakhulu.
Abazalwane nodade abavela eNorthren Angola Union