Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 1 ISabatha, Ntulikazi 6, 2024

Ukuphunyuka Okumangalisayo

IVESI LEKHANDA: “Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko” (2 Peter 1:4).

“Maye, ukuthi labo abanokuphila kwesimoya okuncane kangaka bangaqonda ukuthi ukuphila okuphakade kunikezwa kuphela labo abangabahlanganyeli bemvelo engcwele futhi babalekele ukonakala okusezweni ngezinkanuko.”-Testimonies for the Church, vol. 9, p. 155.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 737-746. 
  Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 76-78. 

NgeSonto Nhlangulana 30

1. INCWADI ENENJONGO

a. Kukubani-futhi kungani-lencwadi iqondiswe kubo, futhi yenziwa kanjani yonke yaba impumelelo-na? 2 Peter 1:1.

“Isihloko esikhulu kangakanani esingazindla ngaso-ukulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu. Ukuzindla ngoKristu nokulunga Kwakhe akushiyi indawo yokuzithandela, noma ukuzidumisa. Kulesahluko akukho ukuma ndawonye. Kukhona ukuthuthuka okuqhubekayo kwenyathelo ngalinye lolwazi ngoKristu.”-The SDA Bible Commentary [E.G. White Comments], vol. 7, p. 942.

b. Njengoba ngobuqotho, sifuna uNkulunkulu ngokushiseka eZwini Lakhe, mvuzo muni omkhulu ogelezela ezinhliziyweni zethu-na? 2 Peter 1:2.

“Uma umuntu ebambelela kwimvelo engcwele, esebenza phezu kwecebo lokwengeza, enezela umusa emuseni siphelelise isimilo sobuKrestu, uNkulunkulu uzosebenza phezu kwecebo lokuphindaphinda. Uthi ezwini Lakhe: ‘Umusa nokuthula makwandiswe kini ngokumazi uNkulunkulu, noJesu iNkosi yethu.’ ”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 148.


NgoMvulo Ntulikazi 1

2. ISIBUSISO SOKWAZI UNKULUNKULU

a. Isiphi isiqinisekiso esibusisekile esiza kithi sonke-futhi esamukeleka kakhulu ezikhathini ezinzima-na? Jeremiya 24:7; Jobe 22:21-23, 29.

“Ithemba lethu ukuba siqiniswe njalo olwazini lokuthi uKristu ungukulunga kwethu. Ukukholwa kwethu kugxile phezu kwsisekelo, ngoba kuzokuma kuqinile ingunaphakade. Esikhundleni sokuhlala ebumnyameni bukaSathane wesabe amandla akhe, kufanele sivule izinhliziyo zethu ukuthola ukukhanya okuvela kuKristu futhi kukhanyele emhlabeni, simemezela ukuthi ungaphezu kwamandla onke kaSathane, nokuthi isandla Sakhe esilondolozayo sisize bonke abathembela Kuye.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 742.

b. Njengoba siqhubekela phambili sijwayelana noJesu, iyini imiphumela? Hoseya 13:4; Efesu 3:17-19.

“Imibono emincane abaningi abaye babanayo mayelana nesimilo esiphakeme nesikhundla sikaKristu kuthe kwanciphisa amava okukholwa kwabo futhi kwavimbela intuthuko enkulu ekuphileni okungcwele. Inkolo yomuntu ngamunye phakathi kwethu njengabantu isezingeni eliphansi. Kukhona isimo esiningi, izinsimbi zemishini eziningi, inkolo yolwimi oluningi; kodwa into ejulile neqinile kufanele ilethwe kumava okukholwa kwethu.”-Ibid., p. 743.

“UJesu wathi: ‘UBaba uqobo uyakuthanda.’ Uma ukukholwa kwethu kugxile phezu kukaNkulunkulu, ngoKristu, kuzofakaza ‘njengehange lomphefumulo, kokubili isiqinisekiso namandla, futhi kungene ngaphakathi kweveyili; noma uManduleli engene ngaphambili ngenxa yethu.’ Kuyiqiniso ukuthi ukudangala kuyeza; izihlupho kufanele sizilindele; kodwa kufanele sinikele ngakho konke, okukhulu nokuncane, kuNkulunkulu. Akadideki ngezinhlobo eziningi zezikhalo zethu noma ahlulwe isisindo semithwalo yethu. Ukulinda Kwakhe kufinyelela emakhayeni wonke futhi uzungeza umuntu ngamunye; ukhathalela imisebenzi yonke yethu nosizi lwethu. Uphawula zonke izinyembezi; uthinta ngomuzwa ubuthakathaka bethu. Zonke izinhlupheko nezilingo eziwela phezu kwethu ziyavunyelwa, ukusebenza inhloso Yakhe yothando kithi, ‘ukuze sibe ngabahlanganyeli bobungcwele Bakhe’ futhi kanjalo sibe ngabahlanganyeli bokugcwala kwenjabulo etholakala ebukhoneni Bakhe.

“‘Unkulunkulu walelizwe uthe waphuphuthekisa izingqondo zabo ezingakholwa, hleze ukukhanya kwevangeli elikhazimulayo likaKristu, elingumfanekiso kaNkulunkulu, lingakhanya phezu kwabo.’ Kodwa iBhaybheli ngohlelo olunamandla lubeka phambi kwethu ukubaluleka bokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu.”- Ibid., p. 742.


Ngolwesibili Ntulikazi 2

3. UKUFUNA NOKUTHOLA

a. Chaza isimo somhlaba namuhla. 1 Johane 5:19. Noma kunjalo, kungakanani uNkulunkulu akunikezile ezwini Lakhe-na? 2 Peter 1:3.

“Kuyimfundo njalo kaSathane ukugcina izingqondo zabantu zimatasa ngalezo zinto ezizobavimbela ekutholeni ulwazi ngoNkulunkulu. Ufuna ukubagcina kulokho okuzofiphaza ukuqonda futhi kudangalise umphefumulo. Sisezweni lesono nelonakele, elizungezwe imifutho ethambekela ekuyengeni noma ekudumazekeni kubalandeli bakaKristu. Umsindisi uthi, ‘Ngenxa yokwanda kokubi, kuzakuphola uthando lwabaningi.’ Abaningi babhekisa amehlo abo ebubini obesabekayo obukhona obubazungezile, uhlubuko nobuthakathaka yonke indawo, futhi bakhuluma ngalezinto izinhliziyo zabo zize zigcwale usizi nokungabaza. Bagcina engqondweni ukusebenza kobungcwethi bomkhohlisi futhi bagxile kwizimpawu ezidumazayo zamava abo, kuyilapho belahlekelwa umbono wamandla kaBaba osezulwini nothando Lwakhe olungenakulinganiswa. Konke lokhu kunjengoba uSathane ekuthanda. Kuyiphutha ukucabanga ngesitha sokulunga njengesembathiswe amandla amakhulu, kuyilapho sihlala kancane othandweni lukankulunkulu namandla Akhe. Masikhulume ngamandla amakhulu kaKristu. Asinawo amandla okuziphephisa ngokwethu ekubambeni kukaSathane; kodwa uNkulunkulu uyikhombile indlela yokuphepha. INdodana yoPhakeme inamandla okusilwela izimpi, ‘Ngaye owasithanda’ singaphuma ‘singabanqobi.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 740, 741. 20

c. Ukunqoba kwesimoya kuhlobana kanjani ngokuqondile nokufuna ngobuqotho ulwazi olukhulu lukaNkulunkulu-na? Izaga 9:10; 15:14 (inxenye yokuqala).

“Ulwazi ngoNkulunkulu luyisisekelo sayo yonke imfundo yeqiniso kanye nayoyonke inkonzo yeqiniso. Isona sivikelo kuphela sangempela esiphephile esilingweni. Yilokhu kuphela okungasenza sifane noNkulunkulu ngesimilo.

“Lolu ulwazi oludingwa yibobonke abasebenzela ukuphakamisa abanye abantu. Ukuguqulwa kwesimilo, ukuphila okuhlanzekile, ukusebenza ngempumelelo, ukubambelela ezimisweni ezilungile, konke kweyame olwazini olufanele ngoNkulunkulu. Lolwazi amalungiselelo abalulekile kulokuphila kanye nokuphila okuzayo.”-The Ministry of Healing, p. 409.


Ngolwesithathu Ntulikazi 3

4. ISITHEMBISO ESIKHULU KAKHULU NESILIGUGU

a. Kuyini esingakubukela phansi ngokudabukisayo ekuphileni kwethu kobuKrestu-na? 2 Peter 1:4.

“Uma singabalekela amava angaphilile, kufanele siqale ngokukhuthala singalibali ukusebenzela insindiso yethu ngokwesaba nangokuthuthumela. Baningi abangalethi ubufakazi obunqumayo bokuthi baqinisekile ezifungweni zabo zombhaphathizo. Ukushisekela kwabo kupholile ngenxa yomkhuba, ukufisa ilizwe, ukuzigabisa, nokuzithanda. Ngezinye izikhathi imizwa yabo iyanyakaziswa, kodwa abaweli eDwaleni, elinguKristu Jesu. Abezi kuNkulunkulu ngezinhliziyo eziphukile zokuphenduka nokuvuma izono. Labo abathola umsebenzi wokuguquka kweqiniso ezinhliziyweni zabo bazokwembula izithelo zikaMoya ekuphileni kwabo.”-Testimonies for the Church, vol. 9, p. 155.

“Uma sigxile kuKristu, sinamandla lawo okungekho muntu ongawathatha kithi. Kungani kunjalo-na? Kungenxa yokuba singabahlanganyeli bemvelo engcwele, njengoba sibalekele ukonakala okusezweni ngezinkanuko, abahlanganyeli bemvelo Yakhe lowo oweza emhlabeni ezokwembatha ubuntu, ukuze eme ekhanda lesizwe soluntu futhi akhulise isimilo esingenabala noma isici sesono.

“Kungani abaningi bethu bebuthakathaka futhi bengasebenzi kahle-na? Kungoba sibheka kithina, sicwaninga imvelo yethu simangale futhi sizibuze ukuthi singazenzela kanjani indawo, ubuntu bethu, ukwehluka kwethu, esikhundleni sokufunda ngoKristu nesimilo Sakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 9. p. 187.

b. Yiluphi ushintsho olwenzeka kithi lapho sizibamba ngempela lezithembiso-na? Roma 3:31; 8:14.

“NjengamaKrestu senzile isifungo sokubheka nokugcina ukuziphendulela kwethu, nokubonisa umhlaba ukuthi sinokuxhumana okuseduze noNkulunkulu. Kanjalo ngamazwi okwesaba uNkulunkulu nemisebenzi yabafundi Bakhe, uKristu kufanele afanekiswe. UNkulunkulu ufuna kithi ukulalela okuphelele umthetho Wakhe-ukugcizelelwa kwesimilo Sakhe….Lomthetho ungukuzwakala kwezwi likaNkulunkulu, elithi kithi, UNgcwele, yebo ungcwele njalo. Langazelela ukugcwala komusa kaKristu; futhi, ufise–ulambe futhi womele-ukulunga Kwakhe. Nasi isithembiso, ‘Nizakusuthiswa.’ Izinhliziyo zenu mazigcwaliswe ngesifiso salokhu kulunga, umsebenzi lowo Izwi likaNkulunkulu elikhuluma ngalo ukuthi lingukuthula, nomphumela wakho ungukuthula nokuqiniseka kuze kube phakade.

“Kuyilungelo lethu ukuba ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, ababalekela ukonakala okusezweni ngezinkanuko.”-Bible Training School, Nhlolanja 1, 1904.


Ngolwesine Ntulikazi 4

5. IHLUKANISWE NGOKUMANGALISAYO

a. Chaza intando kaNkulunkulu ngomntwana ngamunye woluntu-na? Johane 17:17; Amahubo 119:151.

“UNkulunkulu ufuna ukuba sivumelane nomfanekiso Wakhe. Ubungcwele ukubonakala kwabantu Bakhe ngemisebe ekhanyayo yenkazimulo Yakhe. Kodwa ukuze sifanekise lenkazimulo kufanele sisebenze noNkulunkulu. Inhliziyo nengqondo kufanele zithukulule konke okuholela ebubini. Izwi likaNkulunkulu kufanele lifundwe futhi lihlolisiswe, ngesifiso esikhuthele ukuzuza kulo amandla esimoya. Isinkwa esivela ezulwini kufanele sidliwe futhi setshiswe, ukuze sibe yinxenye yokuphila kwethu. Kanjalo sizozuza ukuphila okuphakade. Ngokunjalo-ke uyaphenduleka umkhuleko woMsindisi, ‘Bangcwelise ngeqiniso; Izwi Lakho liyiqiniso.’

“Izingelosi angeke zithathe izindawo zethu; kodwa zimile zilindele ukusizana nathi ekudonseleni imiphefumulo kuKristu; futhi ziyasincenga ukuba sisebenze ngokuhlangayela nazo.”- Bible Training School, Nhlolanja 1, 1904.

“UNkulunkulu ukubeke kwakhanya ukuthi ufuna siphelele; futhi njengoba ekufuna lokhu, wenzile amalungiselelo okuba sibe ngabahlanganyeli bemvelo engcwele. Yiyona ndlela kuphela esingaphumelela emizameni yethu ukuzuza ukuphila okuphakade. Amandla siwaphiwa nguKristu.”-Ibid.

b. Luyini ubizo lukaNkulunkulu kithi khona manje-na? 2 Korinte 6:15-18; 7:1.

“UMdali wezulu nomhlaba enimbiza ngokuthi uBaba onothando. Uma nihlukana nomhlaba othandweni lwenu, futhi nihlale nikhululekile ekugcolisweni kwalo, nibalekele ukonakala okusezweni ngezinkanuko, uNkulunkulu uzakuba nguYihlo kini, uzokwamukela emndenini Wakhe, futhi uzakuba indlalifa Yakhe. Esikhundleni somhlaba, ukuze niphile, ukuphila kokulalela, umbuso phansi kwezulu lonke. Uzakuninika isisindo senkazimulo engunaphakade nokuphila okuphakade.”-Testimonies for the Church, vol. 2. p. 44.


Ngolwesihlanu Ntulikazi 5

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Ukukholwa okukhulu kuvelaphi-na?

2. Ngehluleke kuphi ukuthokozela ngokuphelele uthando lukaNkulunkulu kimi-na?

3. Kukanjani namuhla ‘umuthi wokwazi okuhle nokubi” kungiphazamisa-na?

4. Kuyini okuzokwenzeka uma ngokuqinile ngizinze kuKristu ukudlula ngaphambili-na?

5. Ngokuya ngalesifundo, kungayiphi indlela isimilo esinesici singapheleliswa ngayo-na?

 <<    >>