NgeSonto
Ncwaba 25
1. IZINKINGA ZESIMO SETHU
a. UPeter uchaza kanjani isiphelo sobothishela bamanga-na? 2 Peter 2:20.
“Abafundisi bamanga, abavuka phakathi kwebandla futhi babalwa njengabaneqiniso ngabazalwane babo abaningi enkolweni, umpostoli ubafanisa ‘nemithombo engenawo amanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; kubona kugcinelwe inkungu yobumnyama ingunaphakade.’ ‘Khona isiphetho sakamuva sibi kakhulu kubo,’ esho, ‘kunesokuqala.’”-The Acts of the Apostles, p. 535.
b. Yimaphi amazwi angaphelelwa yisikhathi asisiza ukuba sigcine umbono uvuthiwe nokukhetha okuhlakaniphile okunqumayo lapho abanye besibukela phansi noma belinga ukubekezela kwethu-na? Umshumayeli 7:8.
“Abaningi bathanda ukududwa futhi babheka ngomona ukudikibala noma ukunganakwa. Kukhona umoya olukhuni, umoya ongathetheleli. Kukhona umona, ukuxabana, kanye nokulingisa….
“Lapho ulwa ngamandla ukuba ngowokuqala, khumbula ukuthi uzoba ngowokugcina emuseni kaNkulunkulu uma wehluleka ukwazisa umoya omnene nowokuthobeka. Ukukhukhumala kwenhliziyo kuzobangela abaningi ukuba behluleke lapho bebengase baphumelela khona. ‘Ukuthobeka kwandulela udumo,’ onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 50.
NgoMvulo
Ncwaba 26
2. IMIFANEKISO ETHOKOZISAYO
a. Yikuphi uPeter abhekisa kukho ukusivusa-na? Izaga 26:11; 2 Peter 2:20-22.
“Umhlaba usukulungele ukubhujiswa kwawo. UNkulunkulu angakwazi ukubekezelela izoni kodwa okwesikhashana. Kufanele baphuze indebe yolaka Lwakhe engaxutshwanga nesihe….Masinyane kuzokwaziwa ukuthi ngubani osehlangothini lweNkosi, lowo ongeke abenamahloni ngoJesu. Labo abangenaso isibindi sokuziphatha ngenxa kanembeza ukuthatha indawo yabo phambi kwabangakholwa, bashiye imfashini yomhlaba, futhi balingise ukuphila kukaKristu kokuzidela, benamahloni Ngaye, futhi abathandi isibonelo Sakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 287.
b. UKristu usixwayisa kanjani indlela efanayo yokwehluleka ukulondoloza ukuxhumana okuthobekile, nokwencika Kuye-na? Luka 11:24-26.
“Indlu ehlotshisiwe ifanekisa umphefumulo ozenzisayo. USathane uxoshwa nguKristu. Kodwa uzobuyela, ngethemba lokuthola intuba. Uma ethola indlu ingenalutho, ishaneliwe, futhi ihlotshisiwe. Ukuzenzisa kuphela okukhona lapho. ‘Khona-ke abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye; bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowomuntu kube-kubi kunokwakuqala.’
“Ukuzenzisa kuyisiqalekiso, ukuzivunulisa komuntu, lokho uSathane akusebenzisela udumo lwakhe. Labo abahlobisa umphefumulo ngokuzincoma nokuziduda balungisa indlela yemimoya eyisikhombisa emibi kakhulu kuneyokuqala. Ngokwamukela kwabo iqiniso lemiphefumulo iyazikhohlisa. Yakhela phezu kwesisekelo sokuzenzisa. Imikhuleko yebandla ingalethwa kuNkulunkulu ngomjikelezo wezinkonzo ezivamile, kodwa uma inikelwa ngokuzenzisa uNkulunkulu akahlonishwa yibo. INkosi ithi, ‘Ngiyakumemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho, ngokuba ayiyikukusiza, naphezu kwakho konke ukuzihlobisa kwabo, indawo yabo ehlotshisiwe uSathane ungena nebutho lezingelosi ezimbi futhi athathe indawo yakhe emphefumulweni, ukusiza enkohlisweni. Umpostoli uyabhala, uma emva kokuphunyuka ekungcoleni kwelizwe ngokwazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, baphinde bahileleke kukho, futhi bahlulwe, isiphelo sabo sokugcina sibi kunesokuqala. Ngokuba ngabe kwabangcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazile bafulathele umyalo ongcwele abanike wona.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, p. 1093.
Ngolwesibili
Ncwaba 27
3. UKUHLALA EKUKHOLWENI
a. Kungani sitshelwa ngokusobala ukuthi “sihlale njalo” kuKristu-na? Kolose 1:21-23.
“Akudingeki ukuthi ngabomu sikhethe inkonzo yombuso wobumnyama ukuze siphile ngaphansi kokubusa kwawo. Kufanele sidebesele ukuzihlanganisa nombuso wokukhanya. Uma singabambisani nezithunywa zezulu, uSathane uzothola indawo enhliziyweni, futhi ayenze ibe yindawo yakhe yokuhlala. Isivikelo sobubi singukuhlala kukaKristu enhliziyweni ngokukholwa ekulungeni Kwakhe. Ngaphandle kokuthi sixhumane ngempela noNkulunkulu, asikwazi ukumelana nemiphumela engcolile yokuzithanda, ukuzitika, kanye nesilingo sokona. Singase sihlukane nemikhuba eminingi emibi, noma kungaba isikhathi sokuhlukana nexuku likaSathane; kodwa ngaphandle kokuxhumana okubalulekile noNkulunkulu, ngokuzinikela kwethu Kuye umzuzu nomzuzu, sizonqotshwa. Ngaphandle kokwazana noKristu, kanye nokuxhumana okuqhubekayo, sisemseni wesitha, futhi sizokwenza intando yaso ekugcineni.”-The Desire of Ages, p. 324.
b. Chaza ukulingana okuhle okufanele sikuqonde ngokulungisiswa ngokukholwa egameni likaJesu. Roma 3:24-26; Heberu 6:4-6; 10:26, 27.
“Lowo owaphulukisa ogulayo futhi wakhipha amademoni lapho ehamba phakathi kwabantu usenguye uMhlengi onamandla nanamuhla. Ukukholwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu. Ngakho-ke bamba isithembiso Sakhe, ‘Ozayo Kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.’ Ziphonse ezinyaweni Zakhe ukhale uthi, Nkosi, ‘Ngiyakholwa; siza ukungakholwa kwami.’ Awusoze wabhubha uma ukwenza lokhu-ngempela.”-The Desire of Ages, p. 429.
“Njengoba isoni sibheka emthethweni, icala laso lenziwa sobala kuso, licindezelekile kunembeza waso, futhi siyalahlwa. Induduzo nethemba laso litholakala kuphela ekubhekeni isiphambano saseKhalvari. Lapho siphikelela ezithembisweni, samukela uNkulunkulu njengokwezwi Lakhe, impumuzo nokuthula kufika emphefumulweni waso. Siyamemeza sithi, Wena uthembisile ukusindisa bonke abeza Kuwe ngeNdodana Yakho. Ngidukile, ngiswele, anginathemba. Nkosi ngisindise, noma ngiyabhubha.’ Ukholo lwaso lubambelela kuKristu, futhi siyalungisiswa phambi kukaNkulunkulu. “Kodwa noma uNkulunkulu elungile, nokho ulungisisa isoni ngokufaneleka kukaKristu, akukho umuntu ongemboza umphefumulo wakhe ngezingubo zokulunga kukaKristu uma esenza izono ezaziwayo, noma anganaki imisebenzi eyaziwayo. UNkulunkulu udinga ukuzinikela okuphelele kwenhliziyo, ngaphambi kokuba ukulungisiswa kuthathe indawo; futhi ukuze umuntu agcine ukulungisiswa, kufanele kubekhona ukulalela okuqhubekayo, ngesenzo, ukuphila ngokukholwa okusebenza ngothando futhi kuhlanze umphefumulo.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 365, 366.
Ngolwesithathu
Ncwaba 28
4. UKUPHILA EKUKHANYENI
a. Sibusisekile ngokukhanya okukhulu okuvela eZulwini, kuyini okufanele sikukhumbule uma sizimisele ngensindiso yethu-na? Jakobe 4:17.
“Uma kukhulunywa nabantu ngendaba yezempilo, bavame ukuthi: ‘Sazi kangcono kakhulu okuphathelene nathi. Abaqapheli ukuthi banesibopho sayo yonke imisebe yokukhanya ephathelene nokuphila kwabo ngokomzimba, nokuthi yonke imikhuba yabo ivulekele ekukhlolweni kuNkulunkulu. Impilo yomzimba akufanele iphathwe ngendlela engahlelekile. Zonke izitho, yonke imisipha yomzimba, kufanele ivikelwe ngokungcwele emikhubeni eyingozi.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 372.
b. Ngezimpawu eziningi zeqiniso lanamuhla ngeyiphi imvuselelo edingekayo (impilo isibonelo esisodwa nje), ifinyelela kude kangakanani imiphumela yezinqumo zethu zansuku zonke-na? Roma 14:21; Jeremiya 13:20.
“Indaba yemvuselelo yempilo ithe yethulwa emabandleni; kodwa ukukhanya akuzange kwamukelwe ngenjabulo. Ukuzifunela, ukuzitika okubulala impilo yabesilisa nabesifazane kuthe kwamelana nomfutho wesigijimi esilungiselela abantu usuku olukhulu lukaNkulunkulu. Uma amabandla elindele amandla, kufanele aphile iqiniso lelo uNkulunkulu abanike lona. Uma amalunga ebandla enqaba ukukhanya kulendaba, azovuna umphumela oqinisekile wokuwohloka ngokwesimoya nangokomzimba. Nomfutho wamalunga amadala ebandleni azoletha umfuutho kulabo abasanda kungena enkolweni. INkosi ayisebenzi manje ukuletha imiphefumulo eminingi eqinisweni, ngenxa yamalunga ebandla angazange aphenduka nanini nalabo abake baphenduka kodwa babuyela emuva. Mfutho muni lamalunga angawuletha kwabasanda kuphenduka-na? Bebengeke yini benza ize isigijimi sikaNkulunkulu abantu Bakhe okufanele basishumayele-na?”-Ibid., p. 370.
c. Ngenxa yokuziphendulela okusindayo okuphezu kwabo bonke abaphathiswe ukukhanya okuvela eZulwini-ukukhanya kwanamuhla, kuncenga kuni okuzwakalayo okwehlela kithi manje-na? Jeremiya 3:12, 13; Amahubo 32:5.
Ngolwesine
Ncwaba 29
5. UKUQHUBEKELA PHAMBILI
a. Chaza okunye ukuncenga okufanele ibandla likaNkulunkulu eliphila ezikhathini eziyinselelo. Heberu 5:13, 14; 6:1; Filiphu 2:14, 15.
“Emabandleni ethu wonke kufanele kubekhona ukuphenduka kabusha kanye nokuzinikela emsebenzini. Angeke yini, emsebenzini wethu esikhathini esizayo nasemihlanganweni esiyibambayo, sibe nhliziyo-nye-na? Angeke yini silwe noNkulunkulu ngomkhuleko, sicele ukuba uMoya Ongcwele ungene enhliziyweni ngayinye-na? Ubukhona bukaKristu, obubonakala phakathi kwethu, kuzokwelapha ubulephero bokungakholwa okwenza inkonzo yethu ibe-buthakathaka futhi inganelisi. Sidinga umoya wokuphila okungcwele uphefumulelwe kithi. Kufanele sibe imizila leyo iNkosi ezothumela ukukhanya nomusa emhlabeni. Abahlehlela emuva kufanele babuyiselwe. Kufanele sidele izono zethu, ngokuvuma nokuphenduka sithobise izinhliziyo zethu ezizidlayo phambi kukaNkulunkulu. Izikhukhula zamandla esimoya kufanele zithululwe phezu kwalabo abalungele ukuzamukele.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 46. [Ukugcizelela koMbhali.]
“Noma ngabe uyini umsebenzi wenu, bazalwane abathandekayo nodade, kwenzeleni iNkosi, nenze konke okusemandleni enu. Ungadembeseli amathuba amahle akhona manje futhi uvumele ukuphila kwakho kube ngubufakazi bokwehluleka lapho uhlezi ungenzi lutho uphupha ngokunethezeka nempumelelo emsebenzini uNkulunkulu angakaze akufake kuwo. Yenza umsebenzi oseduze kwakho. Wenze, ngisho nalapho uphakathi kwengozi nobunzima ensimini yokuvangela; kodwa, ngiyakuncenga, ungakhonondi ngobunzima nokuzinikela kwakho. Bheka amaWaldenses. Bona ukuthi yimaphi amasu ongawaceba ukuthi ukukhanya kwevangeli kukhanyise ezingqondweni zabangazi lutho. Masingasebenzi ngokulindela umvuzo kulokhu kuphila, kodwa ngamehlo ethu agxile ngokukhuthazela phezu komklomelo ekugcineni komjaho. Abesilisa nabesifazane bayadingeka manje ukuqinisekisa emsebenzini njengenaliti embotsheni, abesilisa nabesifazane abazosebenza ngaphandle kokuthi indlela yabo yenziwe bushelelezi nasosonke isikhubekiso sisuswe.”-Colporteur Ministry, p. 68.
Ngolwesihlanu
Ncwaba 30
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ingabe ngiye ngacabanga okubi kakhulu lapho othile ebonakala engangamukeli-na?
2. Yziphi izindlela zokuzenza olungile ezizozembula ngayo kulezinsuku zokugcina-na?
3. Ngingathola kanjani futhi ngigcine ukulungisiswa ngokukholwa egazini likaKristu-na?
4. Yiziphi izindawo zokuphila izenzo ezidinga ukubonisa kangcono lokho engikwaziyo-na?
5. Lapho ngilingeka ukuba ngikhononde, kuyini okufanele ngikukhumbule-na?