Umnikelo weSabatha Lokuqala Ngowe GC Kwigatsha Lemfundo
Imfundo, ngokufanayo nokungcweliswa, ngumsebenzi wempilo yonke, inxenye ebalulekile yamava omuntu. KuleSabatha sicela uxhaso lwenu lokwenza inxenye ebalulekile yebandla sandise ukufinyelelwa kwayo.
Kufanele sifunde ukuba ngabavangeli kusukela eminyakeni yobuntwana. “Wonke umfundi weqiniso uzalelwa embusweni kaNkulunkulu njengomvangeli” (The Desire of Ages, p. 195). “Ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka” (Duteronomi 6:7). Uma ukunqoba sekuzuziwe, nesoni kanye nezoni zingasekho, umsebenzi wemfundo uyaqhubeka.
Manje ukudlula ngaphambili, ibandla kufanele lilungele ukuba nezincwadi lezo abazali abazozisebenzisa ukumisa imfundiso efanele yezisekelo zabantwana babo, abasha bangakhulela olwazini lwentando kaNkulunkulu, futhi abadala bangaqhubeka ngokukhula.
Ngeshwa, izikhungo zemfundo zisukile kwizisekelo zokufunda zaba yizindawo zemfundo yelizwe. Ngokubona ukuthi umfutho omkhulu ezikolweni uphezu kwabantwana bethu, abaningi bacela izincwadi ukusiza ekubafundiseni ukuba bahloniphe futhi bakhazimulise uNkulunkulu.
Ngakho-ke, igatsha lemfundo kuGenerala Conference lilungisa uhlu lonke lohlelo lwemfundo ngalenhloso nokuqondisa. Ngokuhlanganyela nothishela bethu kumaunion ahlukene enhlangano, umsebenzi wokulungisa izinhlelo zemfundiso usendleleni.
Nokho umsebenzi mkhulu kunesibalo esikhona. Sidinga iminikelo yokuzithandela ukulungiselela izincwadi, sizihumushe ngezilimi ezahlukene, senze zithengeke. Uxhaso lwenu luzokwenza kuphumelele ukuba silungise izincwadi zodidi oluphakeme ukuze abafundi abazisebenzisayo ezikolweni zethu “balungele ukuba lusizo kulokuphila nomsebenzi kaNkulunkulu izikhathi zaphakade.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 495.
Siyaqonda ukuthi lomsebenzi mkhulu, kodwa ufanelekile. Ngoxhaso lwenu sizoletha izincwadi ukuhlomisa abancane kakhulu phakathi kwethu ukunikeza isigijimi sevangeli emhlabeni wonke ngempumelelo.
Siyanibonga ngaphambili futhi kwangathi uNkulunkulu angabusisa izipho kanye nabanikelayo.
Abazalwane benu kwigatsha lemfundo leGC