Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 5 ISabatha, Ncwaba 3, 2024

Ukuqinisekisa

IVESI LEKHANDA: “Ngakho-ke bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu, ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka“(2 Peter 1:10).

“Labo abaphenduke ngempela bangcwatshwa kanye noKristu ekufeni okufana noKwakhe, futhi bavuswa ethuneni elimanzi ngokufana nokuvukwa Kwakhe, ukuze bahambe ekuphileni okusha. Ngokulalela ngokwethembeka eqinisweni kufanele benze ukubizwa nokukhethwa kwabo kuqiniseke.”-SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 6, p. 1115.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 9, pp. 186-188, 191-194. 

NgeSonto Ntulikazi 28

1. UBIZO LOKUKHUTHALA

a. Kuyini okuza kuqala ekuphileni kwethu kobuKristu-na? 2 Peter 1:10. Kungani lokhu kungenisa isiphambano emaveni ethu-na? Mathewu 10:38.

“UNkulunkuulu ukhethile ubuhle obuthize besimilo; futhi ngamunye, lowo ngomusa kaKristu, ozofinyelela kwizinga lezimfuno Zakhe, uzothola ukungena ngokuvama embusweni wenkazimulo. Bonke abafinyelela kulezinga lesimilo, kufanele basebenzise izindlela uNkulunkulu azimisile kuze kube sekupheleni. Uma uzodla ifa lokuphumula okuseleyo kwabantwana bakaNkulunkulu, kufanele usebenzisane noNkulunkulu. Bakhethelwe ukuthwala ijoka noKristu-ukuthwala umthwalo Wakhe, ukuphakamisa isiphambano Sakhe. Kufanele sizimisele ‘ukwenza ukubizwa nokukhethwa kwethu kuqiniseke.’ Hlolani imibhalo, futhi nizobona ukuthi akuyona indodana noma indodakazi kaAdamu ekhethelwe ukusindiswa ngokungalaleli umthetho kaNkulunkulu. Umhlaba wenza ize umthetho kaNkulunkulu; kodwa amaKristu akhethelwe ukungcwelisa ngokulalela iqiniso. Akhethiwe ukuthwala isiphambano, uma ezofakwa umqhele.”-Fundamentals of Christian Education, p. 126.

“Lowo ogwema isiphambano ugwema umvuzo othenjiswe abathembekileyo.”-Sons and Daughters of God, p. 248.


NgoMvulo Ntulikazi 29

2. UKULWA NONKULUNKULU

a. Njengoba sifuna ukunqoba ubuthakathaka besimilo sethu-kanjalo senza ukubizwa nokukhethwa kwethu kuqiniseke-yisiphi sibonelo uJesu asinika sona njengeNdodana yomuntu ngesikhathi elapha emhlabeni-na? Heberu 5:7, 8.

“Lapho umuzi uthuliswa ngokubindeka, nabafundi babuyele emakhayeni abo ukuze bathole ukuqabuleka ngokulala, uJesu akalalanga. Ukunxusa Kwakhe okungcwele kwenyukela kuBaba Wakhe eNtabeni yemiNqumo ukuze abafundi Bakhe baphephe kwimifutho emibi abazohlangabezana nayo nsuku zonke emhlabeni, nokuthi umphefumulo Wakhe ungaphiwa amandla futhi uqine emisebenzini yezilingo zosuku oluzayo. Ubusuku bonke, lapho abalandeli Bakhe belele, yilapho uThishela ongcwele ekhuleka khona. Amazolo nesithathwa zihlala phezu kwekhanda Lakhe elikhotheme ngomkhuleko. Isibonelo Sakhe sishiyelwe abalandeli Bakhe.

“INkosi yasezulwini, ngesikhathi isemsebenzini Wayo, yayikhuleka njalo ngokushisekela. Yayingayi eNtabeni yemihlwathi njalo, ngoba abafundi Bakhe base beyazi indawo Yakhe yokuphumula, futhi kaningi babemlandela. Wayekhetha ukuthula kwasebusuku, lapho kungekho kuphazamiseka. UJesu wayelapha abagulayo avuse abafileyo. Yena ngoKwakhe engumthombo wezibusiso namandla. Wathulisa isivunguvungu, futhi samlalela. Ubengangcoliswanga ukonakala, eyisihambi esonweni, nokho wayekhuleka, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi. Wakhulekela abafundi Bakhe futhi ezikhulekela Naye, kanjalo ezihlanganisa nezidingo zethu, ubuthakathaka bethu, ukwehluleka kwethu, okuvamile ebantwini. Wayengumceli onamandla, engenazo izinkanuko zobuntu bethu, kodwa ezungezwe ubuthakathaka obufanayo, elingwa ezintweni zonke njengathi. UJesu wabekezelela ubuhlungu obudinga usizo nokusekelwa nguBaba Wakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 508.

“UKristu uyisibonelo sethu.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 508.

b. Chaza umphumela waloluhlobo lokuphila ngomkhuleko onamandla. Izenzo 4:13

“Ukuphila kukaJesu bekungukuphila kokwethemba okuqhubekayo, buqiniswa ukuxhumana okuqhubekayo; futhi umsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wawungenakho ukuhluleka nokuntengantenga. Njengomuntu wanxusa isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, kwaze kwaba yilapho ubuntu Bakhe buthweswa amandla asezulwini ahlanganisa ubuntu nobungcwele. Ngokuthola ukuphila okuvela kuNkulunkulu, wanikeza abantu ukuphila.”-Education, p. 80.


Ngolwesibili Ntulikazi 30

3. UKUQINA EKUKHOLWENI

a. Kwenzekani lapho sehluleka ukugcina njalo ukukhuthala ukwenza ukubizwa nokukhethwa kwethu kuthembeke. Hezekeli 33:13. Nika isibonelo.

“UNkulunkulu ubonisa ukungajabuli kuDavide ngokuthatha amakhosikazi amaningi, ngokumhambela ngezahlulelo, nokuvumela ububi buvuke bumelane nendlu yakhe. Isehlakalo esinzima uNkulunkulu asivumela ukuba size phezu kukaDavide, lowo, ngobuqotho bakhe, ebizwa ngomuntu ngokwenhliziyo kaNkulunkulu, singubufakazi bezizukulwane ezilandelayo ukuthi uNkulunkulu angeke anika ilungelo noma ngubani owephula umthetho Wakhe; kodwa ukuthi uzojezisa ngempela owonayo, noma wayelungile futhi ethandwa nguNkulunkulu hleze kungaba kungesikhathi elandela iNkosi ngenhliziyo ehlanzekileyo. Uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe enze okubi, ukulunga kwabo kwangaphambili angeke kwabasindisa olakeni lukaNkulunkulu olungile nongcwele.”-The Spirit of Prophecy, vol. 1, p. 379.

“Kukhona iqiniso okumele lamukelwe uma imiphefumulo isindisiwe. Ukugcinwa kwemithetho kaNkulunkulu kungukuphila okuphakade koyamukelayo. Kodwa iMibhalo ikubeka ngokusobala ukuthi labo abake bayazi indlela yokuphila futhi bejabulela iqiniso basengozini yokuwela ohlubukeni, nokulahleka. Ngakho-ke kunesidingo sokunquma, sokuphendukela kuNkulunkulu nsuku zonke.

“Bonke abadinga ukusekela imfundiso yokukhetha, kanye ngomusa, njalo emuseni, benze lokhu bemelene nokusobala, ‘Isho njalo iNkosi.’ ”-The SDA Comments [E.G.White Comments], vol. 6, p. 1114.

b. Ngokwehlukile, chaza ukuthi kufanele isimo sethu sibenjani-futhi kungani kufanele sigcine amandla eqiniso emkhumbulweni. Hezekeli 18:21; 1 Korinte 15:1, 2 (inxenye yokuqala).

“Abaningi bacabanga ukuthi kuyizaba ezanele ngenxa yezono ezinkulu kakhulu ukukhohlwa. Kodwa abanazo, kanjalo nabanye, banawo amakhono obuhlakani-na? Kanjalo kufanele baqeqeshe izingqondo zabo ukuba zibambe. Kuyisono ukukhohlwa, kuyisono ukunganaki. Uma wakha umkhuba wokunganaki, ungase udembesela insindiso yomphefumulo wakho futhi ekugcineni utholakale ukuthi awuwulungele umbuso kaNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, p. 358.

“Gcina iBhayibheli lakho kuwe. Njengoba unethuba, lifunde; gcina amazwi engqondweni yakho. Nalapho uhamba emgwaqeni ungafunda umusho uzindle ngawo, kanjalo uzobe uwaqinisa engqondweni.”-Steps to Christ, p. 90.


Ngolwesithathu Ntulikazi 31

4. ESIKHETHWE NGEZINQUMO ZETHU

a. Uma sivuma imibandela esenza ngayo ukubizwa nokukhetheka kwethu kuqiniseke, uzoba yini umphumela-na? 2 Peter 1:10 (inxenye yokugcina), 11.

“Isifiso sikaNkulunkulu ngabantwana Bakhe siphakeme ukudlula umcabango ophakeme kakhulu womuntu angafinyelela kuwo. ‘Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo osezulwini ephelele.’ Lomyalo uyisithembiso. Icebo lokuhlengwa licabanga ukukhululwa kwethu ngokuphelele emandleni kaSathane. UKristu kaningi uhlukanisa umphefumulo ophendukile esonweni. Weza ukuba achithe imisebenzi kaSathane, futhi wenzile amalungiselelo wokuthi uMoya Ongcwele wabelwe wonke umphefumulo ophendukile, ukuze ungoni.

“Isithunywa somlingi akufanele sithathwe njengezaba sesenzo esisodwa esingalungile. USathane uyajabula lapho ezwa labo abathi bangabalandeli bakaKristu bebeka izaba zobuthakathaka besimilo sabo. Yilezi zaba eziholela esonweni. Akukho-zaba zokona. Ukuziphatha okungcwele, ukuphila okufana nokukaKristu, kuyafinyelelwa yiwo wonke umntwana kaNkulunkulu, okholwayo.”-The Desire of Ages, p. 311.

b. Kunjani ukukhetha komusa ngamandla ethu okukhetha okwabonakala ekuphileni kukaJakobe noEsawu-na. 1 Peter 1:2 (inxenye yokuqala); Roma 9:10-14; 11:4, 5.

“UEsawu noJakobe babefundisiwe ngokufanayo ulwazi ngoNkulunkulu, futhi bobabili bekhululekile ukuhamba emithethweni Yakhe futhi bathole umusa Wakhe; kodwa bobabili abakhethanga ukwenza lokhu. Izelamani ezimbili zahamba ngezindlela ezihlukene, futhi nezindlela zazo zazizoqhubeka ziphambene futhi zihlukile kakhulu.

“Kwakungekho ukunganaki umthetho ohlangothini lukaNkulunkulu lokhu uEsawu avalelwa ngaphandle kwesibusiso sensindiso. Izipho zomusa Wakhe ngoKristu zikhululekile kubo bonke. Akukho ukukhethwa kodwa kungokwakhe noma ngubani ozobhubha ngakho. UNkulunkulu ubekile ngaphambili ezwini Lakhe imibandela leyo wonke umphefumulo ozokhethelwa ukuphila okuphakade-ukulalela imithetho Yakhe, futhi noma ngubani ozofinyelela kwizinga lezimfuno Zakhe uzothola intuba yokungena embusweni wenkazimulo….’Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.’ Isambulo 22:14. Mayelana nensindiso yokugcina yomuntu, lolu ukhetho kuphela olwethulwa ezwini likaNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 207.


Ngolwesine Ncwaba 1

5. UKUBAMBELELA EKUNQOBENI

a. Kungayiphi indlela umpostoli uPawule echaza uhambo lwakhe oluqonde phezulu-na? Filiphu 3:12-14.

b. Kungani sinolwazi lokuthi ukunqoba kungenzeka kuKristu-na? Filiphu 1:6; Juda 24; 1 Korinte 1:30.

“Sisindiswa ngokwenyuka sizungeleza isitebhisi. Sibheke kuKristu, sinamathele kuKristu, senyuka inyathelo ngalinye kubude bukaKristu, ukuze eNziwe kithi ukuhlakanipha nokulunga nokungcweliswa nokuhlengwa. Ukukholwa, amandla, ulwazi, ukuzithiba, ukubekezela, ukwesaba uNkulunkulu, umusa wobuzalwane, kanye nesisa ngumjikelezo walesitebhisi.

“Akuyona indaba elula ukuzuza ingcebo engenakulinganiswa yokuphila okuphakade. Akukho muntu ongakwenza lokho bese apheshulwe ngumsinga welizwe. Kufanele aphume ezweni ahlukane nalo angathinti okungcolileyo. Akekho ongenza okuthandwa yilizwe ngaphandle kokucindezelwa phansi ngumsinga welizwe. Akekho ozokwenza inqubekela phambili ekhuphukayo ngaphandle komzamo ophikelelayo. Lowo ozonqoba kumele abambelele ngokuqina kuKristu. Angabheki emuva, kodwa agcine iso lakhe libheke phezulu, athola umusa emva komunye. Ukuqaphela komuntu ngamunye kuyinani lokuphepha. USathane udlala umdlalo ngokuphila komphefumulo wakho. Ungaphendukeli ohlangothini lwakhe nangomzuzu owodwa, funa azuze ithuba phezu kwakho.

“Uma sifika ezulwini, kuzakuba sengathi sihlanganisa imiphefumulo yethu kuKristu, sitshekele Kuye, futhi sizehlukanisa nomhlaba, kubuthutha nokuzijabulisa kwawo. Kufanele kubekhona ohlangothini lwethu ukusizana nezihlakaniphi zezulu.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 147, 148.


Ngolwesihlanu Ncwaba 2

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Isiphambano sinakwenza kuni nokuphila kwami-na?

2. Kungani amandla omkhuleko wokuphila ebalulekile ensindisweni yami-na?

3. Kuyini okubangela umuntu ukuba awe phambi kwesilingo-na?

4. Chaza ukuthi kungani uJakobe onephutha amukelwa nguNkulunkulu, kodwa uEsawu wenqatshwa.

5. Yisho ezinye izithembiso esingazingcina engqondweni uma sizama ukunqoba.

 <<    >>