Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 7 ISabatha, Ncwaba 17, 2024

Isiprofetho Senzuzo Yethu

IVESI LEKHANDA: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu” (2 Peter 1:19).

“Ekwamukeleni isigijimi sengelosi yesithathu kusho ukuthi asilalelanga izinganekwane, kodwa ‘izwi eliqinisekile lesiprofetho.’ Manje siphila ekukhanyeni okugcwele kokukhanya kweqiniso leBhayibheli.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 592.

Incwadi Enikeziwe:   Selected Messages, bk. 1, pp, 15-23. 

NgeSonto Ncwaba 11

1. UKHOLO, HAYI IZINGANEKWANE

a. Kungani uPeter abanakho ukuqinisa ubuNkulunkulu bukaJesu Kristu-na? Mathewu 17:1-7.

“Phezu kwentaba umbuso wenkazimulo wesikhathi esizayo wafanekiswa kancane-uKristu iNkosi, uMose omela abangcwele abavusiwe, noEliya omela abaguquliwe. “Abafundi nokho abasiqondi lesehlakalo; kodwa bajabulela ukuthi uThishela obekezelayo, omnene futhi othobekile, othe wazula ehla enyuka njengesihambi esilahlekile, uhlonishwa ngabathandiweyo basezulwini.”-The Desire of Ages, p. 422.

“Ubusuku bonke base budlulile besentabeni; kwathi ekuphumeni kwelanga, uJesu nabafundi Bakhe behlela ethafeni. Bejulile ngomcabango, abafundi babethukile futhi bethulile. Ngisho noPeter akabanga nazwi.”-Ibid., p. 426.

b. Kuyini uPeter akwazi ukukumemezela ngokuqiniseka-futhi thina, ngokholo, kufanele sinanele kanjani isibonelo sesibindi sakhe-na? 2 Peter 1:16-18.

“Awekho amanga eqinisweni. Uma silandela izinganekwane ezenziwe ngobuqili, sihlangana namandla esitha simelane noNkulunkulu noKristu….

“Zonke izinhlobo zobubi zilindele ithuba lokusihlasela. Ukukhohlisa, ukufumbathisa, ukuvumisa, izithembiso zokuphakanyiswa okumangalisayo, zizosetshenziswa ngesineke esikhulu.

“Izinceku zikaNkulunkulu kuyini ezikwenzayo ukuphakamisa isivimbelo esithi ‘Isho njalo iNkosi’ ukumelana nalobubi.”- Selected Messages, bk. 1, p, 194.


NgoMvulo Ncwaba 12

2. UMTHELELA WESIPROFETHO

a. Lapho isiphithiphithi sivama, kuyini esingakubonga, njengoba siboniswe indlela uKristu aletha ithemba ngayo kubafundi ababedumele besendleleni eya eEmawuse-na? Luka 24:15-21, 27, 32; 2 Peter 1:19.

“Izinhliziyo zabafundi [endleleni eya e Emawuse] zashukunyiswa. Ukholo lokhelwa futhi. Baye ‘bazalwa kabusha ethembeni eliphilayo’ nangaphambi kokuba uJesu azembule kubo. Bekuyinhloso Yakhe ukukhanyisa ukuqonda kwabo futhi anike amandla ukholo lwabo ezwini eliqinisekile lesiprofetho. Wayefisa ukuba iqiniso ligxile ezinqondweni zabo, kungesikho nje ukuthi lisekelwe ubufakazi Bakhe ngempela, kodwa ngenxa yobufakazi obungangabazeki obethulwa ngezimpawu nezithunzi zomthetho ojwayelekile, kanye neziprofetho zeTestamende Elidala. Kwakudingeka kubalandeli bakaKristu ukuba babenokholo olukhaliphile, kungabi ngenxa yabo kuphela, kodwa ukuba bathwalele emhlabeni ulwazi ngoKristu. Njengenyathelo lokuqala lokwabelana ngalolwazi, uJesu waqondisa abafundi ku ‘Mose nakuzo zonke iziprofethi.’ Lokho kwakungubufakazi obanikezwa nguMsindisi ovukile ngobugugu obubalulekile kweMibhalo yeTestamende Elidala.”-The Great Controversy, p. 349.

“Kuyicebo [likaNkulunkulu] ukuthi labo abahlanganyela insindiso enkulu ngoJesu Kristu kufanele babe ngabashumayeli Bakhe….Abantu kufanele baxwayiswe ukulungiselela ukwahlulela okuzayo. Kulabo abalalela kuphela izinganekwane, uNkulunkulu uzobapha ithuba lokuzwa izwi eliqinisile lesiprofetho, uma benza kahle ukuliqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama. Uzoletha izwi eliqinisekile leqiniso ekuqondeni kwabo bonke abazoliqaphela; bonke bangalifanisa nezinganekwane ezilethwa kubo ngabantu abazishoyo ukuthi baqonda izwi likaNkulunkulu futhi balungele ukufundisa labo abasebumnyameni.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 631, 632.

b. Yisho isixwayiso sikaPawule kuThimothi esiphathelene kakhulu nesikhathi sanamuhla-na? 1 Thimothi 6:20, 21.

“Wona kanye umoya wokukhonza izithombe wobuhedeni udlangile namuhla, noma uphansi komfutho wezesayensi nemfundo uye wathatha isimo esicwengekile nesikhangayo. Nsuku zonke kwengezwa ubufakazi obudangalisayo bokuthi ukukholwa ezwini eliqinisekile lesiprofetho kuncipha ngokushesha, nokuthi esikhundleni sako izinkolelo zamanga nobuthakathi bukaSathane yibona obuthumba izingqondo zabantu.”-Testimonies for the Church, vol, 5, p. 192.


Ngolwesibili Ncwaba 13

3. IHANGE LOMPHEFUMULO WETHU

a. Singaqonda kanjani isiprofetho sangempela njengehange, insika eyisisekelo senkolo yamaKrestu-na? Amose 3:7; 2 Peter 1:20, 21.

“Abaningi, abaningi kakhulu, babuza ubunjalo beqiniso leMibhalo. Umcabango womuntu kanye nemicabango yenhliziyo yomuntu kubukela phansi ukuphefumulelwa kweZwi likaNkulunkulu, futhi lokhu okumele kwamukelwe njengokuvunyiwe, kuzungezwe ifu lemfihlakalo. Akukho okugqamile futhi nokuhlukile nangemigqa, phezu kwedwala elijulile. Lesi esinye sezimpawu eziphawuliwe zezinsuku zokugcina.”-Selected Messages, bk. 1, p. 15.

“Kukhona abantu abalwela ukuba ngabokuqala, abahlakaniphile ukudlula lokhu okubhaliwe; ngakho-ke, ukuhlakanipha kwabo kungubuwula. Bathola ukubona izinto ezimangalisayo ngaphambili, imibono embula ukuthi basemuva kakhulu ekuqondeni intando engcwele nenhloso kaNkulunkulu. Uma befuna ukucacisa noma ukudalula izimfihlakalo ezifihliwe kusukela emandulo umuntu ofayo. Bafana nomuntu obhaduza odakeni, ongakwazi ukuzikhipha nokho utshele abanye indlela yokubakhipha olwandle lodaka nabo abaphakathi kwalo. Lona ngumfanekiso ofanelekayo wamadoda azibeka ekulungiseni amaphutha eBhayibheli. Akukho umuntu ongathuthukisa iBhayibheli ngokusikisela lokhu iNkosi eqonde ukukusho noma okumele kushiwo.

“Abanye basibheka kabi futhi bathi, ‘Awucabangi ukuthi kungenzeka kube nephutha kofanekisayo noma kubahumushi-na?’ konke lokhu kungenzeka, futhi ngomqondo omncane kangangokuthi uzoshesha ukungabaza futhi ukhubeke phezu kwalokhu okungenzeka kuzolungela ukukhubeka kwezimfihlakalo zeZwi eliphefumulelwe, ngoba izingqondo zabo ezibuthakathaka azikwazi ukubona inhloso kaNkulunkulu.”- Ibid., p. 16.

“INkosi ikhuluma nabantu ngolwimi olungaphelele, ukuze imizwa eyonakele, ebuthuntu, eqonda okomhlaba, abantu basemhlabeni ukuzindla amazwi Akhe. Kanjalo kubonisa ukuzikhothamisa kukaNkulunkulu. Uhlangana nabantu abawileyo lapho bekhona. IBhayibheli, liphelele njengoba linjalo ngobulula balo, aliphenduli imibono emikhulu kaNkulunkulu; ngoba imibono engapheli ayikwazi ukufakwa ngokuphelele ezintweni zomcabango ophelayo. Esikhundleni sokuba amazwi eBhayibheli enziwa ihaba, njengoba abantu abaningi becabanga, amazwi anamandla ahlehla ngaphambi kobukhulu bomqondo, nakuba umbhali akhetha ulimi oluveza obala ukuze adlulisele ngalo amaqiniso emfundo ephakeme.”- Ibid., p. 22.

“Uma abantu bezama ukusola Izwi likaNkulunkulu. Baphikelela kumhlaba ngcwele, kumele babe nokwesaba futhi bathuthumele ngokufihla ukuhlakanipha kwabo njengobuwula. UNkulunkulu akamisanga umuntu ukuletha ukwahlulela eZwini Lakhe, ukukhetha ezinye izinto njengeziphefumulelwe futhi adelele ezinye njengezinga-phefumulelwe.”- Ibid., p. 23.


Ngolwesithathu Ncwaba 14

4. UKULUNGISELELA KUKANKULUNKULU ABANTWANA BAKHE

a. Chaza isimo esiyingozi esivame ukutholakala namuhla-nokuthi kufanele sibhekane kanjani naso. 2 Peter 2:1-3; 1 Thimothi 4:1, 2; Duteronomi 6:24, 25.

“Akukaze, asikaze sibekhona isikhathi, lapho iqiniso lizohkupheka kakhulu ngokuhlanekezelwa ngokungeyikho, ukugxekwa, lihlehliswe ngenxa yezimpikiswano ezihlanekezelwe zabantu kunezinsuku zokugcina. Abantu bazilethele ngokwabo inqwaba ehlukahlukene yohlubuko abazimelela kuzo njengezibikezelo zabantu. Abantu bakhangwa yinto ethile eyinqaba, into entsha, futhi abanalo ulwazi ukuze bahlukanise isimilo semibono yabantu abangayisungula njengento ethile. Kodwa ukuyibiza njengento enomphumela omkhulu futhi uyibophele emazwini kaNkulunkulu akukwenzi kube yiqiniso….

“Kufanele sizwe iphimbo likaNkulunkulu eZwini Lakhe elembuliwe, izwi eliqinisekile lesiprofetho. Labo abazoziphakamisa futhi bafune ukwenza into emangalisayo kungaba ngcono bafinyelele emqondweni ehluzekile.”- The SDA Comments [E.G.White Comments], vol. 6, pp. 1064, 1065.

“Umthetho kaNkulunkulu uyisisekelo sayo yonke inguquko ehlala njalo. Kufanele sethule emhlabeni ngemigqa ecacile isidingo sokuthobela lomthetho. Ukulalela umthetho kaNkulunkulu kuyisikhuthazo esikhulu embonini, emnothweni, eqinisweni, nasekuphatheni ngokulunga phakathi komuntu nomuntu….

“Labo abalela nokulalela izwi likaJehova bagcine imithetho Yakhe ngentokozo, bazakuba phakathi kwalabo abazombona uNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol, 8, p. 199.

b. Yiziphi izibonelo eBhayibhelini uPeter azishoyo ukuze abonise isidingo-nesiqiniseko-sokukhulula kukaNkulunkulu ngomusa labo abamthandayo nabamesabayo. 2 Peter 2:4-8.

“Abantu bakaNkulunkulu, babekwe obala emandleni akhohlisayo nobubi obungalali benkosana yobumnyama, futhi bangqubuzana namandla onke omubi, aqinisekiswa ngokulinda okungapheli kwezingelosi zasezulwini. Futhi isiqiniseko asinikezwa ngaphandle kwesidingo. Uma uNkulunkulu enikeza abantwana Bakhe izithembiso zomusa nesivikelo, kungoba kukhona izithunywa ezinamandla uma ububi buhlangabezana nazo-izithunywa eziningi, ezizimisele, ezingakhathali, ulunya lwazo olunamandla okungekho noyedwa ongaphepha uma enganaki futhi angaqapheli.”-The Great Controversy, p. 513.


Ngolwesine Ncwaba 15

5. UKUBONGA UMKHULULI WETHU

a. Yikuphi ukukhululwa okuyigugu kakhulu uNkulunkulu asinika kona-na? 2 Peter 2:9 (inxenye yokuqala); 1 Korinte 10:13; Amahubo 50:15.

“UNkulunkulu uzogcina bonke abahamba endleleni yokulalela; kodwa ukuchezuka kuyo kungukuphendukela emhlabeni kaSathane. Lapho ngokuqinisekile sizowa. UMsindisi uyasincenga, ‘Lindani nikhuleke, ukuba ningangeni ekulingweni.’ Marako 14:38. Ukuzindla nokukhuleka kungasigcina singagijimeli endleleni enqatshelwe neyingozi, kanjalo-ke kufanele sisindiswe ngokunqoba okuningi.

“Nokho akufanele siphelelwe amandla lapho sihlaselwa isilingo. Ngokuvamile lapho sibekwa esimweni esivivinyayo siyangabaza ukuthi uMoya kaNkulunkulu osiholayo. Kodwa kwakuyiMimoya eyaholela uJesu ehlane ukuze alingwe nguSathane. Uma uNkulunkulu esiletha esilingweni, unenhloso yokuthi kuzuze thina. UJesu akazange acabange ngezithembiso zikaNkulunkulu uma engena esilingweni angacelwanga, futhi akazange aphelelwe amandla lapho isilingo simehlela. Nathi akufanele.”-The Desire of Ages, p. 126.

“Isilingo akusona isono. UJesu ungcwele futhi ucwebile; kodwa walingwa ngezindlela zonke njengathi, kodwa ngokuqina nangamandla lawo umuntu angeke abizelwa ukusibekezelela. Ngempumelelo Yakhe yokumelana usishiyele isibonelo esikhanyayo, sokuthi silandele emanyathelweni Akhe. Uma sizethemba noma sinokulunga okungokwethu sizoshiywa ukuba siwe ngaphansi kwamandla esilingo; kodwa uma sibheka kuJesu simethembe Yena sibiza amandla osizo Lwakhe athe anqoba ngalo isitha enkundleni yempi, futhi isilingo ngasinye sizokwenza indlela yokuphepha. Lapho uSathane eza njengesikhukhula, kumele sihlangabezane nesilingo sakhe ngenkemba yoMoya, noJesu uzakuba ngumsizi wethu futhi asiphakamisele ibhanela elimelana naye. Uyise wamanga uyathuthumela futhi aqhaqhazele lapho ithemba likaNkulunkulu, ngamandla avuthayo, liphonswa ebusweni bakhe.”-Testimonies for the Church, vol, 5, p. 426.


Ngolwesihlanu Ncwaba 16

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Ukuqonda siprofetho seBhaybheli kungangisiza kanjani ezinsukwini ezizayo-na?

2. Kungani uJesu abelana ngesiprofetho nabafundi endleleni eya eEmawuse-na?

3. Yiziphi izindlela uSathane azama ngazo ukucekela phansi ukuthembela kwethu emiBhalweni-na?

4. Kungani kubalulekile kangaka ukubambelela ngokuqina emazwini aphefumulelwe-na?

5. Lapho sihlaselwa isilingo, yisiphi isinyathelo okufanele sikhumbule ukusithatha-na?

 <<    >>