NgeSonto
Ncwaba 4
1. UKUKHULA LAPHA FUTHI NAMANJE
a. Kuyini okwagcizelelwa ngumpostoli uPeter kwabakholwayo-na? 2 Peter 1:12-15.
“Lalikhona iqiniso lanamuhla ezinsukwini zikaLuther-iqiniso laleso sikhathi lalibaluleke kakhulu; kukhona iqiniso lamanje lebandla namuhla. Lowo owenza konke ngokulandela iseluleko sentando Yakhe uthokozela ukubeka abantu ngaphansi kwezimeko ezingafani futhi athwalise phezu kwabo imisebenzi ekhethekile ezikhathini abaphila kuzo nangezimo ababekwe phansi kwazo. Uma bezothokozela ukukhanya abanikezwe kona, imibono ebanzi yeqiniso izovuleka phambi kwabo.”-The Great Controversy, p. 143.
b. Chaza ukuthi singakhula kanjani ekuqondeni kwethu ukukhanya okuvela eZulwini. Heberu 5:12-14; 6:1-3.
“Inyathelo ngalinye lokukholwa nokulalela liletha umphefumulo eduze kokuxhumana nokuKhanya komhlaba, kulowo ‘okungekho kuye ubumnyama nakanye.”-The Great Controversy, p. 476.
NgoMvulo
Ncwaba 5
2. UKUZIPHENDULELA
a. Kungani futhi nakanjani kufanele siguqule indlela yethu yokwenza uma samukela ukukhanya okukhulu okuvela ezulwini-na? Jakobe 4:17; Izaga 4:18; Mathewu 6:23.
“UNkulunkulu ufuna kubantu Bakhe ngokuya komusa neqiniso abaphe lona. Konke ukulunga Kwakhe kudinga kuhlangabezane nakho ngokugcwele. Izidalwa eziziphendulelayo kufanele zihambe ekukhanyeni okukhazimula phezu kwazo. Uma zehluleka ukwenza lokhu, ukukhanya kwazo kuphenduka ubumnyama, nobumnyama babo bukhulu ngezinga elilingana nokukhanya okuvamile. Ukukhanya okuqongelelwe kubonakele phezu kwabantu bakaNkulunkulu; kodwa abaningi badebesela ukulandela ukukhanya, futhi ngalesizathu basesimeni sesimoya esibuthakathaka kakhulu.
“Akukona ukuswela ulwazi ukuthi abantu bakaNkulunkulu manje bayabhubha. Angeke bajeziswa ngoba bengayazi indlela, neqiniso, nokuphila. Iqiniso elithe lafinyelela ekuqondeni kwabo, ukukhanya okubonakele emphefumulweni, kodwa okuthe kwanganakwa noma kwenqatshwa, yikhona okuzobajezisa. Labo abangazange babe nokukhanya abangakwenqaba angeke babekwa icala. Kuyini okunye okwengenziwa okungenzelwa isivande sikaNkulunkulu kunalokhu okwenziwe-na? Ukukhanya, ukukhanya okuyigugu, okukhanya kubantu bakaNkulunkulu; angeke kwabasindisa ngaphandle kokuthi bavume ukusindiswa yikho, baphile ngakho ngokugcwele, bakudlulisele kwabanye abasebumnyameni. UNkulunkulu ubiza abantu Bakhe ukuba basebenze. Ngumsebenzi womuntu ngamunye ukuba avume futhi ashiye izono abuyele kuJehova yilokhu okudingekayo. Akakho ongenza lomsebenzi enzela omunye. Ulwazi lwezenkolo lwandile kakhulu, futhi lolwazi lwandisa izibopho ezihambisanayo. Ukukhanya okukhulu kulokhu kukhanya ebandleni, futhi ngakho liyajeziswa ngoba liyenqaba ukuhamba ekukhanyeni. Uma bebeyizimpumputhe ngabe abanasono. Kodwa bakubonile ukukhanya futhi balizwa iqiniso kakhulu, kodwa abahlakaniphile futhi kaba-ngcwele. Abaningi iminyaka eminingi abathuthuki olwazini nobungcwele beqiniso. Bambashile esimoyeni. Endaweni yokuya phambili ekupheleleni, babuyela emuva ebumnyameni bobugqila baseGibhithe. Izingqondo zabo azisetshenziswa ekumesabeni uNkulunkulu nobungcwele beqiniso. “Ingabe uIsrayeli kaNkulunkulu uzophaphama-na? Ingabe bonke abazisho ukuthi bayamesaba uNkulunkulu bafuna ukulahla konke okungalungile, ukuvuma kuNkulunkulu zonke izono ezifihlekile, bahluphe imiphefumulo phambi Kwakhe-na? Ingabe, ngokuzithoba okukhulu, bahlolisise zonke izenzo ezihlosiwe, futhi benolwazi lokuthi iso likaNkulunkulu lifunda konke, lihlola konke okufihlakele-na? Umsebenzi mawuphelele, ukuzinikela okuphelele kuNkulunkulu. Ubiza ukuzinikela okuphelele ngakho konke esinakho nesiyikho. Abafundisi nabantu badinga inguquko entsha, ukuguqulwa kwengqondo, ngaphandle kwalokho asilona iphunga lokuphila kube ngukuphila, kodwa elokufa kube ngukufa.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 123, 124.
Ngolwesibili
Ncwaba 6
3. IQINISO LANAMUHLA
a. Nikeza izibonelo zezihloko okumele izifundo zigxilwe kuzo, lezo okufanele singaphazanyiswa kuzo. Daniyeli 7:9, 10; 8:14; Amahubo 119:33-35.
“Kukhona amaqiniso amaningi atholakala eZwini likaNkulunkulu, kodwa ‘yiqiniso lanamuhla’ elidingwa ngumhlambi manje. Ngibonile ingozi yezithunywa ezibalekela amaphuzu abalulekile eqiniso lanamuhla, ukugxila phezu kwezihloko ezinganqunyelwe ukuhlanganisa umhlambi futhi zingcwelise umphefumulo. USathane lapha uzosebenzisa konke okusemandleni ukulimaza imbangela.
“Kodwa izihloko zendawo engcwele, eziphathelene nezinsuku ezingu 2300, imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa kukaJesu, zibalwa ngokuphelele ukuze zichaze intshukumo yeAdvent edlule futhi zibonise ukuthi siyini isimo sethu sanamuhla, ziseka ukukholwa kongabazayo, zinikeze isiqiniseko senkazimulo ezayo. Lokhu, ngikubonile izikhathi eziningi, lapho izihloko eziphakeme lezo izithunywa okumele zigxile kuzo.”-Early Writings, p. 63. [Ukugcizelela koMbhali]
b. Iminyaka engu 180 (uma siqhathanisa kamuva isibonelo sembali yalomhlaba), yisiphi isibonelo esibalulekile seqiniso lanamuhla-na? Isambulo 14:6-13.
“Ukumenyezelwa kwesigijimi sengelosi yokuqala, eyesibili, neyesithathu kutholakala ezwini Elifunzelelwe. Akukho sikhonkwane noma intwana ezosuswa. Kungekho amandla omuntu anelungelo elikhulu lokuguqula indawo yalamazwi amise iTestamende Elisha endaweni yeTestamende eliDala. ITestamende Elidala yivangeli lemifanekiso nezimpawu. ITestamende Elisha yiyona ingqikithi. Enye ibalulekile njengenye. ITestamende Elidala liletha izifundo ezivela ezindebeni zikaKristu, futhi lezifundo azilahlekelwanga amandla azo noma ngayiphi indlela. Isigijimi sokuqala nesesibili zanikezwa ngonyaka ka1843 no1844, futhi manje singaphansi kwesimemezelo sengelosi yesithathu; kodwa lezimemezelo ezintathu kufanele zimenyezelwe namanje. Zibalulekile manje njengoba zazinjalo ngaphambili ukuze ziphindelwe labo abafuna iqiniso. Ngosiba nangamazwi kufanele sizwakalise isimemezelo, sibonise uhlelo lwazo, nokusebenza kweziprofetho ezisiletha kwisigijimi sengelosi yesithathu. Angeke kwabakhona eyesithathu ngaphandle kwesokuqala nesesibili. Lezigijimi kufanele sizinikeze emhlabeni ngezincwadi ezishicilelwe, ekuxoxisaneni, sibonise uhlelo lwembali yeziprofetho izinto eziye zaba ngakhona, nezinto ezizokwenzeka.”-Counsels to Writers and Editors, p. 26.
Ngolwesithathu
Ncwaba 7
4. UKULANGAZELELA UKUKHULA
a. Chaza isimo esisiza ukuba sisingathe iqiniso lanamuhla njengoba lembuleka, noma abanye belenqaba. Jeremiya 29:13; Mathewu 18:3; Johane 7:17.
“Uma uba njengomntwana omncane, uzimisele ukuholwa, futhi lapho ukuqonda kwakho kungcweliswa nentando yakho nobandlululo selunikelwe, ukukhanya okunjalo kuzokwabiwa yonke indawo enhliziyweni yakho njengoba kuzokhanyisa imiBhalo futhi kubonise iqiniso elikhona nokuvumelana kwalo okuhle. Lizovela njengeketanga legolide, isixhumanisi esihlanganisiwe ukuze sixhumane ngokuphelele.”-Testimonies for the Church, vol. 3, p. 448.
b. Ukunganaki kaningi kwenza buthakathaka kanjani umthelela weqiniso lanamuhla-futhi liyini ikhambi-na? Isaya 56:9, 10; 1 Korinte 14:8; Isambulo 3:17-19.
“Sisengozini yokuletha isigijimi sengelosi yesithathu ngendlela engacacile kakhulu nengaqondwa ngabantu. Izintakazelelo eziningi zilethwa ngaphakathi ukuthi isigijimi sangempela okumele simenyezelwe ngamandla sithanjiswe futhi singezwakali.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 60.
“Siphila ngempela ezinsukwini zokugcina zembali yalomhlaba. Kufanele sinikele isikhathi esiningi kwintakazelelo yesimoya, uma sizoba namava esimoya akhulayo lawo adingeka namuhla. Kufanele senze izinguquko ezinqunyiwe. Kusho Izwi: Umlindi kudingeka aphaphame, futhi anike icilongo umsindo othile. Ukusa kuyeza; kanye nobusuku. Phaphama, Mlindi wami. Amazwi manje okumele azwakale aletha iqiniso lanamuhla athulile. Imiphefumulo iyabhubha ezonweni zazo, futhi abafundisi nodokotela namathishela balele. Phaphamani balindi!”-The Pacific Union Recorder, Nhlolanja 20, 1908.
“UFakazi Oqinisileyo umemezela ukuthi lapho ucabanaga ukuthi usesimeni esihle sokuchuma unesidingo sakho konke. Akwanele ukuthi abafundisi baletha izihloko zokucabangela; kufanele balethe nalezo zihloko ezisebenzayo. Kudingeka bafunde izifundo zoqobo uKristu azinikeza abafundi Bakhe futhi basebenzise okufanayo emiphefumulweni yabo nakubantu. Ngoba uKristu uthwele lobufakazi obukhuzayo, ingabe sizocabanga ukuthi uswele uthando olumnene kubantu Bakhe-na? Cha nakanye! Lowo owafa ukuze ahlenge umuntu ekufeni, wamthanda ngothando lwaphezulu, futhi lowo amthandayo uyamkhuza.”-Testimonies for the Church, vol. 3, p. 257.
Ngolwesine
Ncwaba 8
5. UMHLABA UKHANYISWE NGENKAZIMULO
a. Chaza ukuthi iqiniso lanamuhla likhula futhi lishesha kanjani ngaphambi kokubuya kukaJesu kulomhlaba. Isambulo 18:1-5.
“[Isambulo 18:1, 2, 4 ngokuphndwa.] Lombhalo ukhomba phambili esikhathini lapho isimemezelo sokuwa kweBhabhilona, njengoba senziwa ingelosi yesibili kaSambulo 14 (vesi 8) kufanele siphindwe, ngokwengeziwe okukhulunywa ngokonakala obekungena emabandleni ahlukene aseka iBhabhilona, kusukela ekunikelweni kwesigijimi okokuqala, ehlobo ngonyaka ka 1844.”-The Great Controversy, p. 603.
b. Kufanele siziphathe kanjani ekukhanyeni lokho umhlaba ngobubanzi elibheka ngayo isigijimi seqiniso lanamuhla njengesingalungile-na? 1 Korinte 2:12-16.
“Kumava ethu ngabanye kufanele sifundiswe ngoNkulunkulu. Uma simfuna ngenhliziyo eqotho, sizovuma Kuye ubuthakathaka besimilo sethu; futhi uthembisile ukwamukela bonke abeza Kuye ngokuncika okuthobekile. Lowo ozinikela kwizimfuno zikaNkulunkulu uzothola ubukhona obuhlalayo bukaKristu, futhi lobudlelwano buzoba kuye njengento eyigugu. Ukubamba ukuhlakanipha okungcwele, ubalekela ukonakala okusezweni ngezinkanuko.”-Testimonies to Ministers, p. 483.
“Uma uza kuKristu awusoze uziqhayise, ‘Ngingcwele Mina.’ Yekela uNkulunkulu akhulume lokho kuwe, ngoba awuyazi inhliziyo yakho. Lokhu kuziqhayisa ubufakazi obuqinisile bokuthi aniyazi iMibhalo namandla kaNkulunkulu. Vumela uNkulunkulu abhale ezincwadini Zakhe, uma ethanda, ukuthi ungumntwana olalelayo, ogcina izimiso Zakhe ngenhliziyo ejabulile, futhi imibiko uzokwembula phambi kwezingelosi nabantu ngosuku lomvuzo.”-The Signs of the Times, Zibandlela 2, 1887.
Ngolwesihlanu
Ncwaba 9
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kungayiphi indlela iqiniso lanamuhla lihlukile kunezikhathi ezidlule-na?
2. Kungani nginecala kuNkulunkulu lokuphila iqiniso lanamuhla-na?
3. Kungani kufanele ngenze kube umgomo ukwabela abanye iqiniso lanamuhla-na?
4. Kungayiphi indlela isimo-sami maqondana nokukhanya okukhulu kuthinta ngayo ukukhula kwesimoya sami-na?
5. Kufanele kube yini ukuqina kwami maqondana nesenzo-sami phambi kwezitha-na?