Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
ISabatha, Mandulo 7, 2024 Isifundo 10
Ukuqinisa Ingqondo Yethu IVESI LEKHANDA: “Lencwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobela yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza” (2 Peter 3:1).
Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church vol. 5, pp. 671-691. 
“Kufanele njalo sibale izibusiso zethu. Kufanele sizibuthele ndawonye futhi sizilengise kwiholo lezikhumbuzo. Sithombe sini ongasilengisa lapho namuhla.”-The Review and Herald, Ndasa 26, 1889.

1. ISICELO KWIHOLO LENKUMBULO NgeSonto Mandulo 1
a. Kungayiphi indlela futhi kungani uPeter encenga amandla enkumbulo yethu-na? 2 Peter 3:1. “Uma abesilisa nabesifazane bangaqondisisa ngokuphelele ubukhulu bomhlatshelo omkhulu owenziwa INkosi yasezulwini ngokufa esikhundleni somuntu, khona-ke icebo lensindiso lizokhuliswa, futhi ukucabanga ngeKhalvari kuzovusa imizwa ethambile, engcwele, nephilayo enhliziyweni yamaKrestu. Ukudumisa uNkulunkulu neWundlu kuzoba sezinhliziyweni nasezindebenzi zabo. Ukuzigabisa nokuzazi angeke kuchume ezinhliziyweni ezigcina zizintsha izinkumbulo zezehlakalo zaseKhalvari. Umhlaba uzobonakala njengento encane kuphela kulabo ababonga inani elikhulu lokuhlengwa komuntu, igazi eliyigugu leNdodana kaNkulunkulu ethandekayo. Yonke ingcebo yomhlaba ayinalo inani elanele lokuhlenga umphefumulo owodwa obhubhayo. Ngubani ongalinganisa uthando lukaKristu aluzwa ngomhlaba odukile lapho elenga esiphambanweni, ehlupheka ngenxa yezono zabantu abanecala-na? Loluthando lwalungenakulinganiswa, futhi alunamkhawulo.”-Testimonies for the Church vol. 2, p. 212.“Maye, uma wonke amandla adukisayo ebenikezelwa kumgomo owodwa omkhulu-amalungiselelo anothile omusa kaNkulunkulu alokuphila-yibuphi ubufakazi obungalengiswa kumaholo enkumbulo, obulandisa ngomusa nesihawu sikaNkulunkulu!…Khona-ke lomkhuba wawuzothwala kanye nathi njengesimiso esihlala njalo ukukhulisa amagugu esimoya ngobuqotho nokuphikelela njengabathanda ilizwe abasebenzela izinto zasemhlabeni nezinto zesikhashana.”-Our High Calling, p. 188.

2. OKUFANELE SIKUGCINE ENGQONDWENI YETHU NgoMvulo Mandulo 2
a. Kuyini okufanele kuze kuqala kithi ukuba sikukhumbule, futhi kungani-na? 2 Peter 3:2. Amahubo 119:11. “Izilingo kaningi zibonakala zingenakuvinjelwa ngoba, ngenxa yokunganaki ukukhuleka nokufunda iBhayibheli, lowo olingwayo akanakho ukukhumbula ngokushesha izithembiso zikaNkulunkulu futhi ahlangabezane noSathane ngezikhali zeMibhalo. Kodwa izingelosi zizungeza labo abazimisele ukufundiswa izinto ezingcwele; futhi ngesikhathi esifanele ziletha emkhumbulweni wabo amaqiniso adingekayo. Kanjalo ‘Ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, uMoya kaJehova uzakuphakamisa ibhanela kuye.’ Isaya 59:19.“UJesu wathembisa abafundi Bakhe: ‘Umduduzi, onguMoya Ongcwele, lowo uBaba ayakumthumela egameni lami, Uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.’ Johane 14:26. Kodwa izimfundiso zikaKristu kwakufanele zigciniwe engqondweni ukuze uMoya kaNkulunkulu usikhumbuze ngesikhathi sobungozi.”-The Great Controversy, pp. 599, 600. b. Yisho izibonelo ezigcizelela ukubaluleka okunamandla kokugcina ezingqondweni zethu emlandweni nezimfundiso zeBhayibheli-na? Luka 1:67-70; Izenzo 3:20, 21. “IBhayibheli lingumlando wasendulo futhi liphelele kunawo wonke umuntu angabanawo. Liphuma lilisha emthonjeni weqiniso eliphakade, futhi ezikhathini zonke isandla esingcwele sithe sagcina ukucweba kwalo. Likhanyisa isikhathi esedlule, lapho ucwaningo lomuntu oluyize luzama ukungenelela. Kusezwini likaNkulunkulu kuphela lapho esibona amandla abeka izisekelo zomhlaba naneka amazulu. Kulapha kuphela sithola ukulandisa okuyiqiniso kwemvelaphi yezizwe. Kulapha kuphela kunikezwa umlando wohlanga lwethu olungangcoliswa ukuzigabisa komuntu noma ubandlululo.”-Education, p. 173.“Ingqondo yami ithwele kanzima indaba yokubhala umlando weTestamende Elidala. Kuyangikhathaza ukubona abafowethu nodadewethu beletha nsuku zonke amaqiniso amancane eBhayibheli. Ukuze sibe ngabanqobi kufanele siqonde ukuthi kukhona impi okufanele siyilwe. Masijabulele ukwazi ukuthi ngamandla aqinisayo omusa kaNkulunkulu siqinisekisa ukuthi siyanqoba. UNkulunkulu unamandla ngaphezu kwamandla onke esitha esiwileyo.”-The Bible Training School, Nhlangulana 1, 1903.

3. ISIBONAKALISO ESIYISIPROFETHO SIYAGCWALISEKA Ngolwesibili Mandulo 3
a. Kuyini okwenzeka ezinsukwini zokugcina ukunyakazisa ukholo lwabaningi-na? 2 Peter 3:3. “Indlela evamile yokufundisa abasha ayihlangabezani nezinga lemfundiso yangempela. Umuzwa wongakholwa uhlanganiswa nendaba ebekwa ezincwadini zesikole, futhi izibikezelo zikaNkulunkulu zibekwe ekukhanyeni okungabazekayo noma okungamukeleki. Kanjalo izingqondo zabasha ziyajwayelana nemibono kaSathane, futhi uma ukungabaza kuthe kwathokozelwa kanye kuphenduka kulabo abakuthokozelayo, baqinisekisa imicijo, kanye nokucwaninga kwesayensi kwenziwa kudukise ngenxa yendlela okuqanjwa ngayo nokucaciswa kwayo kuyahlanekezelwa. Abantu bazibophezela ekubambeni izwi likaNkulunkulu phambi kwenkantolo yokugcina, futhi isigwebo simenyezelwa ngokufunzelelwa nguNkulunkulu ngokwesilinganiso esingapheli, futhi neqiniso likaNkulunkulu lenziwa libonakale njengento engaqinisekile phambi kwerekhodi lesayensi….Lapho esikhundleni sokufunzelela ukukholwa kulabo abangabazayo, bavuma ukungaqiniseki kwabo ngokuthi izwi likaNkulunkulu noma okutholwe yisayensi, okubizwa ngokungeyikho, kuyiqiniso. Labo abaqaphela ngempela baye babenza ukuba bantengantenge okholweni lwabo ngenxa yokungabaza kwalabo ababethi bangabachasi beBhayibheli lapho besebenzelana nezibikezelo eziphilayo. USathane usebenzise ithuba lokungaqiniseki kwengqondo, futhi ngokusebenzisa izithunywa ezingabonakali, uthe wazigcwalisa ngolwazi lwakhe, futhi wabangela abantu ukuba bakhungatheke kwinkungu yokungabaza.”-Fundamentals of Christian Education, p. 329. b. Yimuphi umyalo uPawule awusebenzisayo kulendaba namuhla-na? 1 Thimothi 6:20. “Ukungaguquki kwemvelo kuthe kwagxilwa phezu kwakho, futhi imibono engabazayo ithe yamukelwa kalula yilabo izingqondo zabo zikhetha umoya wokungabaza, ngoba bengavumelani nomthetho kaNkulunkulu ongcwele, isisekelo sombuso Wakhe ezulwini nasemhlabeni. Imikhuba yemvelo yabo ebubini yenza kubelula kubo ukukhetha izindlela zamanga, nokungabaza ukuthembeka kokubili imibhalo yeTestamende Elidala neLisha kanye nomlando. Kunobuthi besiphambeko kubona, bathe babheka wonke amathuba okutshala imbewu yokungabaza ezingqondweni zabo. Imvelo iphakanyiswa ngaphezu kukaNkulunkulu wemvelo, nobulula benkolo buyachithwa; isisekelo sokukholwa senziwa sibonakale njengesi-ngaqondwa kahle. Ukusambathekisa kokungakholwa, izingqondo zalabo abangabazayo zishiywa ukuba ziwele emadwaleni okungathembeki.”-Ibid.

4. UGQOZI OLUHLOSIWE Ngolwesithathu Mandulo 4
a. Ngaphandle kokubukela phansi igunya Lemibhalo Engcwele, yikuphi okunye agxila kukho ekuhlaseleni okubi kukaSathane-na? Isambulo 12:17; 19:10. “Yicebo likaSathane ukwenza buthakathaka ukholo lwabantu bakaNkulunkulu ebuFakazini. Bese kulandela ukungabaza maqondana nemicijo ebalulekile yokukholwa kwethu, izinsika zokholo lwethu, bese kuba ukungabaza imiBhalo engcwele, bese kuba uhambo oluhlehlayo oluya ekubhujisweni. Lapho ubuFakazi, ababekukholelwa ngaphambili, bungatshazwa futhi buyekwa, uSathane uyazi ukuthi abakhohlisile ngeke bagcine lapha; futhi uphinda phinda imizano yakhe aze abafake ekuhlubukeni okusobala, okungalapheki futhi kuphelele ekubhujisweni.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 211.“Inkohliso yokugcina kaSathane ukwenza kungaphumeleli ubufakazi boMoya kaNkulunkulu. ‘Lapho kungekho-mbono khona, abantu bayadlubulunda.’ Izaga 29:18. USathane uzosebenza ngokuhlakanipha, ngezindlela ezingafani nangezithunywa ezahluka-hlukene, ukuyaluzisa ithemba labantu abayinsali bakaNkulunkulu ebufakazini beqiniso. Uzoletha imibono yamanga, ukudukisa nokuxubanisa amanga neqiniso, futhi acunule abantu ukuba babheke yonke into bathwele igama lemibono, njengohlobo lokuzenzisa; kodwa ukuthembeka kwemiphefumulo, nokulinganisa amanga neqiniso, ukunika amandla okuhlukanisa phakathi kwabo.”-The Faith I Live By, p. 296. b. Kuyini okwenzeka kulabo abakholwa yisigijimi sengelosi yesithathu beqala ukungabaza UBufakazi-futhi ngokuvamile, kungani bekwenza lokhu-na? Johane 3:19, 20. “Ngiyayazi ingozi yakho. Uma ulahlekelwa ithemba ebufakazini uzosuka eqinisweni elivela eBhayibhelini. Ngiyesaba ukuthi abaningi bazoba nombuzo, isimo sokungabaza, futhi ekudidekeni kwabo ngenxa yemiphefumulo yenu ngiyanixwayisa. Bangaki abazoqaphela isixwayiso-na? Njengoba namuhla ubambelela ebufakazini, ingabe kufanele unikezwe ukuwela, ukulungisa amaphutha, ungazizwa ukhululekile ukwamukela noma ukwenqaba noma iyiphi ingxenye noma yonke-na? Lokho othambekela ukukuthola iyona kanye ingxenye edingeka kakhulu. UNkulunkulu noSathane abakaze basebenze ngokubambisana. Ubufakazi bunophawu lukaNkulunkulu noma olukaSathane. Umuthi omuhle ungathela isithelo esibi, nomuthi omubi isithelo esihle. Niyakubazi ngezithelo zabo. UNkulunkulu ukhulumile. Ngubani othuthumela ngezwi Lakhe-na?”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 98.

5. UKULONDOLOZA IZIGIJIMI ZANAMUHLA Ngolwesine Mandulo 5
a. Kungani kubalulekile ukulalela ubufakazi uNkulunkulu abuthumela kubantu Bakhe ngoMoya wesiprofetho, kakhulu ezinsukwini zokugcina-na? Izaga 29:18 (inxenye yokuqala); Hoseya 12:13; 2 Izikronike 20:20 (inxenye yokugcina). “INkosi Ibiza ukuvuselelwa kobufakazi obuqondile obanikezwa eminyakeni edlule. Ubiza ukuvuselelwa kokuphila kwesimoya. Sekuyisikhathi eside amandla esimoya sabantu Bakhe andikindiki, kodwa kuzoba novuko ekufeni okusobala. Ngomkhuleko nokuvuma izono kufanele sivule indlela yeNkosi. Njengoba sikwenza lokho, amandla oMoya azokuza. Sidinga amandla epentekoste. Lokhu kuzokuza; iNkosi ithembesile ukuthumela uMoya Wayo njengamandla onke anqobayo.“Izikhathi eziyingozi kakhulu ziphambi kwethu. Wonke onolwazi lweqiniso kumele avuke, azibeke endaweni, umzimba, umphefumulo, ngaphansi kwempatho kaNkulunkulu. Isitha sisendleleni yethu. Kufanele siphaphame, kumele sisiqaphele. Kufanele sihlome ngazo zonke izikhali zikaNkulunkulu. Kufanele silandele imiyalo enikezwe nguMoya wesiprofetho. Kufanele sithande futhi silalele iqiniso lanamuhla. Lokhu kuzosisindisa ekwamukeleni izinkohliso ezinamandla. UNkulunkulu ukhulumile kithi ngezwi Lakhe. Ukhulumile kithi ngobufakazi ebandleni, nangezincwadi ezisisizayo ukwenza kubesobala umsebenzi wethu nendawo okumele manje siyigcwalise. Izixwayiso zithe zalethwa, umugqa phezu komugqa, isimiso phezu kwesimiso, kufanele ziqashelwe. Uma singazinaki, kuzithethelela kuni esingakuletha?“Ngincenga labo abasebenzela iNkosi ukuba bangamukeli amanga ngenxa yeqiniso. Ungavumeli umcabango womuntu ubekwe lapho iqiniso elingcwelisayo okumele libekhona. UKristu ulindele ukokhela ukholo nothando ezinhliziyweni zabantu Bakhe. Makungabikho imibono ephambukile ezothola ukubukwa ngabantu abathi bemi beqinile endaweni yeqiniso laphakade. UNkulunkulu uyasibiza ukuba sibambe ngokuqinile izimiso eziqavile ezisekelwe phezu kwegunya elingenakuphikiswa.”-Gospel Workers, pp. 307, 308.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Mandulo 6
1. Yiziphi izinkumbulo engigxila kuzo lezo okumele zisuswe kungene ezingcono-na? 2. Ngingalungiselela ngcono kanjani isilingo esikhulu esizayo ngibhekane naso ngokuqina-na? 3. Yiziphi izimpawu zemfundo yami ezisebenza ngokuphambene nenkolo yami-na? 4. Kungani isitha semiphefumulo sizimisele ukwenqaba UBufakazi-na? 5. Kungani kufanele ngichithe isikhathi esiningi futhi ngithokozele ukuzifunda-na?
 <<    >>