Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isigaba sabadala izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1i)

 <<    >> 
Isifundo 4 ISabatha, Ntulikazi 27, 2024

Injongo Ephakeme

IVESI LEKHANDA: “Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”(Kolose 3:14).

“Lapho abakholwayo abazingcwelisile behlangana, inkulumo yabo angeke yaba phezu kobuthakathaka kwabanye noma babonise ukukhononda noma ukusola; umusa, uthando, isibopho sokuphelela, sizobazungeza.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 509.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 154-157, 547-549. 

NgeSonto Ntulikazi 21

1. NGAPHEZULU NANGAPHESHEYA KOTHANDO LWEMVELO

a. Kungani umusa kukhulunywa ngawo kuphela emva kothando lobuzalwane-na? 2 Peter 1:7 (inxenye yokugcina); Roma 5:7, 8; Jakobe 3:17.

“Simelwe ukuthanda abantu ngenxa kaKristu. Kulula ngenhliziyo yenyama ukuthanda izintandokazi ezimbalwa, nokuba yinxenye yalaba abambalwa abakhethekile; kodwa uKristu uyasiyala ukuthi sithandane njengoba Naye wasithanda.”-Testimonies to Ministers, p. 156.

b. Kuyini uJesu akuhlanganisa nokuphelela-na? Mathewu 5:43-48; Luka 6:36; Kolose 3:14.

“Abantu besaba ukuhlanzeka nokuziphatha okunesithunzi koMsindisi wethu, lapho uthando Lwakhe olungazicabangeli nomusa omnene kwazuza izinhliziyo zabo. Wayengumfanekiso wesimilo Sakhe esiphelele.”-Gospel Workers, p. 73. [1892 okwengeziwe.]

“Ungawazisi umuzwa wokuphakama okuphezulu, uzibone ungcono kunabanye. ‘Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.’ Ukuthula nokuphumula kuzoza kuwe njengoba uletha intando yakho ngaphansi kwentando kaKristu. Khona-ke uthando lukaKristu luzobusa enhliziyweni.”-Messages to Young People, p. 73.


NgoMvulo Ntulikazi 22

2. ISIMO SASEZULWINI ESINIKEZIWE

a. Chaza ukujula kwesimo seqiniso sobuKrestu maqondana nabanye. Amahubo 101:2; Filiphu 2:1-4.

“Amawala, intukuthelo evuka kalula izodanjiswa futhi ithotshiswe amafutha omusa kaKristu. Umuzwa wezono ezithethelelwe uzoletha lokho kuthula okudlula ukuqonda konke. Kuzobakhona umzama oqotho wokunqoba konke okumelana nokuphelela kobuKrestu. Ukungezwani kuzonyamalala. Lowo ngaphambili wayethola iphutha kulabo abamuzungezile uzobona amaphutha amakhulu akhona esimilweni sakhe.”-Messages to Young People, p. 73.

b. Uhlobo lwesimo esichazwe ngenhla lungahlala kanjani kuphela enhliziyweni yomuntu ngamunye wethu-na? Filiphu 2:5-8; 1 Korinte 2:16.

“Ukuthanda umina yikhona okubulala ukuthula kwethu. Uma umina esaphila, sihlala simi ngomumo nokuqhubeka ukubuvikela ekuhlushweni nasekuthukweni; kodwa uma sesifile, nokuphila kwethu kufihleke ngoKristu kuNkulunkulu, angeke samukele ukunganaki noma ukubukela phansi. Sizokuba yizithulu ekuhlanzweni nezimpumputhe ekuklolodweni nasekuthukweni….

“Ukuthula kukaKristu kungukuthula okuqhubekayo nokuhlala njalo. Akweyami kunoma yiziphi izimo zokuphila, nangenani lempahla yasemhlabeni noma inani labangani basemhlabeni. UKristu ungumthombo wamanzi aphilayo, futhi injabulo etholakala Kuye ayisoze yaphela.

“Ubumnene bukaKristu, obubonakaliswa ekhaya, kuzokwenza abahlala khona bajabule; akudali ingxabano, akubuyiseli impendulo enolaka, kodwa kudambisa intukuthelo ecasukile futhi kudlulise ngomhawu ozwiwa yibo bonke abaphakathi kwesiyingi sawo esithokozile. Noma kukuphi lapho uthokozelwa khona, wenza imikhaya esemhlabeni ibe yinxenye yomkhaya owodwa omkhulu waphezulu.

“Bekungaba ngcono kakhulu kithi ukuhlupheka ngaphansi kokumangalelwa ngamanga kunokufaka phezu kwethu ukuhlupheka ngokuziphindiselela ezitheni zethu. Umoya wenzondo nokuziphindisela uvela kuSathane, ungaletha kuphela ububi kulowo owuthokozelayo. Ukuthobeka kwenhliziyo, lobumnene buyisithelo sokuhlala kuKristu, buyimfihlo yesibusiso sangempela. ‘Uzokwenza kubekuhle ubumnene bensindiso.”-Thoughts from the Mount of Blessings, pp. 16, 17.


Ngolwesibili Ntulikazi 23

3. UTHANDO: IQINISO VS AMANGA

a. Chaza uthando lweqiniso uNkulunkulu alungele ukulinikeza bonke abashisekela ukulubamba ngokuzimisela-beluthokozela ngokujulile. Mathewu 5:6; 1 Korinte 13:4-8.

“Ukuze ibandla liphumelele kufanele kubekhona umzamo okhuthele wokufunda ohlangothini lwamalunga alo ukuthokozela isitshalo sothando esiyigugu. Makube nenzuzo yonke ukuze kuchume enhliziyweni. UMkrestu ngamunye uzokhulisa ekuphileni kwakhe izimpawu zothando olungcwele; uzokwembula umoya wokubekezela, wokuphana, nenkululeko kwinzondo kanye nomona. Lesimilo sikhula ngezwi nangesenzo esingeke sibuyele emuva, futhi angeke kube ongangeneki, obandayo, futhi angeke abeyilowo ongenandaba nezintakazelelo zabanye. Umuntu okhulisa isitshalo esiyigugu sothando uzoba nomoya wokuzidela, futhi angeke azinikele ekuzilawuleni ngisho noma echukuluzwa. Angeke afake okuqondiwe okungalungile nokuzimisela okubi kwabanye, kodwa uzozizwa ngokujulile esonweni lapho sitholakala kunoma yimuphi wabafundi bakaKristu.

“Uthando aluzigabisi. Luyisitho esithobekile; alivumeli umuntu ukuba azigabise, noma aziphakamise. Ukuthanda uNkulunkulu noma abazalwane bethu angeke kwembule izenzo ezisheshayo noma zibaholele ekubeni ongqongqoshe, ukuthola amaphutha, noma abaphoqayo. Uthando aluzikhukhumezi. Inhliziyo lapho uthando lubusa khona luzoholelwa endleleni ethobekile, ehloniphekile, ukuziphatha ngobubele kwabanye, kungakhathaleki ukuthi zivumelana nezimo zethu noma cha, kungakhathaliseki ukuthi siyahlonishwa noma siphathwa kabi. Uthando isimiso esisebenzayo; lugcina ubuhle kwabanye njalo phambi kwethu, okusivimbela ukuba singanaki izenzo hleze sehluleke injongo yethu yokuzuzela imiphefumulo kuKristu. Uthando aluzifuneli okwalo. Ngeke lushukumise abantu ukuthi bazifunele okwabo ukukhululeka nokuzitika. Yinhlonipho esinikela ngayo kumina evame ukuvimbela ukukhula kothando.”-Testimonies for the church, vol. 5, pp. 123, 124.

b. Sixwayisa kanjani ngokumelana nothando lwamanga-na? Jakobe 2:19; Juda 1:11-13.

“UMdala B---ubonakala engumuntu ongcwele kakhulu. Okhuluma kakhulu ngothando. Ekhuluma ngokukholwa uthi, ‘Okumele sikwenze ukuba sikholwe, noma yikuphi esikucela kuNkulunkulu sizokwenzelwa.’ UMzalwane White waphendula wathi, ‘Izithembiso ezithenjisiwe zinemibandela. Johane 15:7: Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo nikwenzelwe. Imfundiso yakho yokukholwa ayisho lutho ifana nombhobho kafulawa ophume womabili amakhanda. Futhi maqondana nothando lweqiniso, ungumuntu onteketeke kakhulu, akalokothi asuke endleleni yeqiniso leBhayibheli.’”-Spiritual Gifts, vol. 2, p. 46.


Ngolwesithathu Ntulikazi 24

4. UDABA OLUBALULEKILE

a. Kubaluleke kangakanani kithi ukuhlala emuseni wonke obhalwe njengamanyathelo esitebhisi sikaPeter-na? 2 Peter 1:8.

“Vumela umusa wobuKrestu uvame kuwe. Nikela kuMsindisi wakho uthando lwakho oluhle futhi olungcwele kakhulu. Nikela ukulalela okuphelele entandweni Yakhe. Angeke amukela lutho oluncane kunalokhu. Ungashukunyiswa ekuqineni kwakho ukuklolodelwa nokweyiswa kwalabo zizingqondo zabo zizinikele ezeni. Landela uMsindisi wakho ebubini bonke ngisho nakuwo umbiko omuhle. Kubale konke kube yinjabulo, nenhlonipho engcwele, yokuthwala isiphambano sikaKristu. UJesu uyakuthanda. Wakufela. Ngaphandle kokuthi ufune ukumkhonza ngothando lwakho oluphelele, uzohluleka ukuphelelisa ubungcwele ekwesabeni Kwakhe, futhi uzophoqelelwa ukuzwa amazwi okugcina asabekayo, Suka kimi.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 237.

b. Kulomhlaba okhathazayo, kuyini esingakunaki-na? Isihlabelelo Sezihlabelelo 2:15.

“Ucindezelwa ukunaka ngokushesha, imithwalo, nemisebenzi; kodwa uma ukucindezela kukukhulu phezu kwakho, nemithwalo enzima okumele uyithwale, yilapho udinga kakhulu usizo olungcwele. UJesu uzoba ngumsizi wakho. Udinga njalo ukukhanya kokuphila ukuze ukhanyise indlela yakho, besekuthi imisebe engcwele ibonakala kwabanye. Umsebenzi kaNkulunkulu uphelele, ngokuba uphelele kuzo zonke izinxenye zalo. Kungukunaka okucophelelayo kulokhu umhlaba okubiza ngokuthi izinto ezincane ezenza ubuhle obukhulu nempumelelo yokuphila. Izenzo ezincane zothando, amazwi amancane omusa, izenzo ezincane zokuzidela, ukuthuthukisa ngokuqonda amathuba, ukukhulisa ngokuhlakanipha amathalenta amancane, kwenza umuntu abemkhulu phambi kukaNkulunkulu. Uma lezinto ezincane zenziwa ngokuthembeka, uma lomusa ungaba kuwe, futhi uvame, zizokwenza uphelele kuyoyonke imisebenzi emihle.

“Akwanele ukuba uzimisele ukunikela ngokukhululekile izimali zakho emsebenzini kaNkulunkulu. Yena ubiza ukuzinikela okuphelele kwamandla onke akho. Ukuzibamba kube yiphutha lokuphila kwenu. Ungacabanga ukuthi sinzima isimo sakho sokugcina ubuhlobo eduze noNkulunkulu, kodwa umsebenzi wakho uzobanzima ngokuphindwe kashumi uma wehluleka ukwenza lokhu….

“UNkulunkulu ubiza ukuzinikela okuphelele ngempela, futhi noma yini esilela kulokhu angeke ayamukele. Lapho isikhundla sakho sinzima kakhulu yilapho umdinga kakhulu uJesu.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 543.


Ngolwesine Ntulikazi 25

5. UKUKHOHLWA OKUYINGOZI=UKUNGABONI

a. Uma sisilela kunoma yimuphi umusa wobuKristu, kwenzekani-na? 2 Peter 1: 9; Isambulo 2:4.

“Lowo ongakhweli isitebhisi esiqhubekela phambili futhi engezele umusa ukuya emuseni ‘uyimpumputhe, ebona kalufifi,’ uyehluleka ukuhlukanisa ukuthi ngaphandle kokuba athathe lamanyathelo alandelanayo ukukhuphuka isitebhisi esijikelezayo, ukukhula emuseni naselwazini lweNkosi yethu uJesu Kristu, akazibeki endaweni lapho ukukhanya kukaNkulunkulu okuphezulu kwesitebhisi kubonakala kuye. Njengoba engangezi umusa emuseni, ukhohliwe izimfuno zikaNkulunkulu phezu kwakhe, nokuthi kufanele amukele ukuthethelelwa kwezono ngokulalela izimfuno zikaNkulunkulu. Usendaweni yesoni phambi kukaNkulunkulu. Uma enomusa kaKristu uzosebenzela ukuwukhulisa, kodwa uma engatheli isithelo semisebenzi emihle ukudumisa uNkulunkulu uhlala ekwisimo sobumpumputhe nokuswela ulwazi, ukuzitika, nesono. ‘Ubona kalufifi.’amehlo akhe anamathele emhlabeni, hayi kuNkulunkulu ophezu kwesitebhisi.

“Lelixuku lingaba namathuba emhlabeni kodwa lingabi nokwehlukanisa ilungelo nezibusiso zokuphila ngokukhanya okuvela kuNkulunkulu ngaphezu kwesitebhisi. Abazazi izinto ezibangela ukuthula kwabo. Abakwazi ukubheka emuva ngombono wesimoya osobala, ngoba ababoni izinto zokukhanya kwezulu. Ngaphambili bake bathokozela uthando lukaNkulunkulu; baphenduka ezonweni zabo futhi babhalwa njengezinceku zikaJesu Kristu, kodwa bakhohlwa izifungo abazenza kuNkulunkulu uma bebhapathizwa-zonke izibopho ezizothile abazamukele ngokufuna inkazimulo, udumo, nokuphila okuphakade.”-Manuscript Releases, vol. 19, pp. 350, 351.


Ngolwesihlanu Ntulikazi 26

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungani futhi yiziphi izimo engisengozini yokubandlululwa ngokungafanele-na?

2. Futhi kungaphansi kwezimo ezinjani lapho umoya wami wokupha uvame ukwehluleka-na?

3. Singehlukanisa kanjani phakathi kothando lweqiniso nothando lwamanga-na?

4. Yiziphi izenzo ezincane, zokupha engivame ukungazinaki-na?

5. Kungani ngisilela emkhakheni wokusiza umphakathi-futhi kungani lokhu kubaluleke kangaka-na?

 <<    >>