Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
ISIFUNDO 1 ISABATHA, MBASA 5, 2025

UJesu, Isinkwa Sokuphila

IVESI LEKHANDA: “UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma” (Johane 6:35).

“Sidla inyama kaKristu….uma ngokukholwa sibambelela Kuye njengoMsindisi wethu.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, p. 1135.

Incwadi Enikeziwe:   Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 18-21. 

NgeSonto , Ndasa 30

1. INTSHISEKO ENOKUZIMISELA

a. Emva kwesimangaliso sezinkwa, abantu abaningi baba nokukholwa okungakanani-na? Johane 6:14. Kuyini abazimisela ukukwenza-na? Johane 6:15 (isigaba sokuqala).

“Usuku lonke ukukholelwa Kuye kwaqina. Lesenzo sokumthweswa umqhele bekuyisiqiniseko sokuthi uMkhululi obekade-elindelwe isikhathi eside uphakathi kwabo. Amathemba abantu aphakama kakhulu. Lona Nguye ozokwenza iJuduya libe yiparadesi lasemhlabeni, ilizwe elichichima ubisi nezinyosi. Uzokwenelisa zonke izifiso. Uzophula amandla amaRoma anenzodo. Uzokhulula iJudiya neJerusalema. Uzophilisa amasotsha alimele empini. Uzopha wonke amabutho ngokudla. Uzonqoba izizwe, futhi anikeze uIsrayeli ukubusa osekukade kufunwa.

“Ngokushisekela kwabo abantu babekulungele ngalesosikhathi ukumbeka umqhele njengeNkosi. Babona ukuthi akenzimzamo wokudonsela ukunaka noma agcine udumo Kuyena. Kulokhu wayehlukile kubampristi nababusi, futhi babesaba ukuthi aNgeke acindezele ngamandla ukuthatha isihlalo sobukhosi sikaDavide. Bekhulumisana bebodwa, bavumelana ukuba bambambe ngamandla futhi bammemezele njengeNkosi yakwa–Israyeli. Abafundi bahlangana nesixuku ekumemezeleni isihlalo sobukhosi sikaDavide njengomnikazi ofanelekile wefa oyiNkosi Yabo. Kwakungenxa yesizotha sikaKristu, besho, okuyimbangela yokwenqaba Kwakhe inhlonipho enjalo. Vumela abantu baphakamise uMhlengi wabo. Vumela abapristi nababusi abazikhukhumezayo baphoqelelwe ukudumisa Lowo oweza embathiswe ngegunya likaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, pp. 377, 378.


NgoMsombuluko , Ndasa 31

2. UKUTHOBISA INTSHISEKO ENGALUNGILE

a. Kuyini okwenziwa nguJesu ukuvimbela isixuku nabafundi ukuphumelelisa amacebo abo okumbeka esihlalweni sobukhosi sasemhlabeni-na? Johane 6:15.

“[Abafundi nesixuku] ngokuqabatheka bahlela ukuphumelelisa inhloso yabo; kodwa uJesu obona okungaphansi, futhi uyakuqonda, njengoba bengakwazi, okuzoba ngumphumela womnyakazo onjalo. Ngisho namanje abapristi nababusi babesafuna ukuphila Kwakhe. Bambeka icala lokuthi udonsela abantu ukuba basuke kubo. Isidlozane nokuvukela umbuso kuzolandela umzamo wokuMbeka esihlalweni sobukhosi, nomsebenzi wombuso wesimoya uzovinjelwa. Ngaphandle kokulibala intshukumo kufanele ihlolisiswe. Wabiza abafundi Bakhe, uJesu wabanxusa ukuba bathathe isikebhe babuyela eKaparnawume, beMshiya ukuba ahambise abantu.

“Akuzange kube khona umyalo ovela kuKristu owabonakala ngempela ukuthi awungeke ugcwaliseke. Abafundi bebenethemba isikhathi eside ukuba inhlangano ethandwayo ibeke uJesu esihlaweni sobukhosi; babengenakubekezelela umcabango wokuthi wonke lomdlandla ube yize. Isixuku esasihlangene ukugcina iPhasika sasishisekela ukubona umprofethi omusha. Kubalandeli Bakhe lokhu kwakubonakala njengethuba lokumisa iNkosi yabo ethandekayo esihlalweni sikaIsrayeli. Ekukhanyeni kwalesifiso esisha kwakunzima kubo ukuhamba bebodwa, bashiye uJesu yedwa ogwini oluyincithakalo. Babhikisha bemelene naloluhlelo; kepha manje uJesu wakhuluma ngegunya angakaze alubhekise kubo. Bebazi ukuthi uma beqhubeka ukuphikisana ohlangothini lwabo bekuzoba-yize, futhi ngokuthula babheka ngasolwandle.”-The Desire of Ages, p. 378.

b. Ngosuku olulandela isimangaliso, isixuku kuyini esakwenza-na? Johane 6:22-25.

“Isimangaliso sezinkwa sasibikwa kude naseduze, futhi ngakusasa ekuseni abantu bathutheleka eBethaniya ukubona uJesu. Beza ngenani elikhulu, behamba ngezinyawo nangolwandle. Labo abathe bamshiya ngobusuku obedlule babuya, belindele ukuMthola kuleyondawo; njengoba sasingekho isikebhe angawelela Ngaso ngakolunye uhlangothi. Kodwa ukufuna kwabo akuzange kuphumelele, abaningi babuyela eKaparnawume, belokhu bemfuna.

“Kuthe kusenjalo wayesefika eGenesaretha, emva kosuku olulodwa engekho. Masinyane sekwazeka ukuthi usefikile, abantu ‘bagijima kuso sonke isifunda, baqala ukuthwala ngemibhede abagulayo, bebayisa lapho bezwe ukuthi ukhona.’ Marako 6:55.”-Ibid., pp. 383, 384.


Ngolwesibili , Mbasa 1

3. INHLOSO ENGCONO, USIZO OLUVELA PHEZULU

a. Yimuphi umyalezo ongagwegwesi kodwa onengqondo uJesu awunikeza izixuku-na? Johane 6:26, 27.

“UJesu akazange anelise usikisiki lwabo. Ngokudumala wathi, ‘Aningifuni ngokuba nabona izimangaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.’ Abamfunanga noma ngasiphi isizathu esifanele; kodwa bathe bondliwa ngezinkwa, babenethemba lokuthola futhi usizo lwesikhashana ngokuzihlanganisa Naye. UMsindisi wabanxusa, ‘Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlalayo kuze-kube ngukuphila okuphakade.’ Ningafuni izinto nje eziyinzuzo. Makungabi umzamo ophakeme ukwenelisa ukuphila kwanamuhla, kodwa funani ukudla kwesimoya, ngisho nokuhlakanipha okuzohlala ingunaphakade.”-The Desire of Ages, p. 384.

b. Yimuphi umbuzo amaJuda awubuza uJesu mayelana nomsebenzi kaNkulunkulu-na? Johane 6:28. Chaza impendulo eyanikezwa yiNkosi. Johane 6:29.

“Okomzuzwana intakazelelo yabalaleli yavuswa. Bathi-ke kuye: singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu-na?’ Bebelokhu benza imisebenzi eminingi esindayo ukuze bazibonge kuNkulunkulu; futhi babekulungele ukuzwa noma ngeyiphi inkonzo entsha leyo abangagcina ukufaneleka okukhulu. Umbuzo wabo wawusho ukuthi, Kuyini esingakwenza ukuze sifanelwe izulu-na? Lingakanani inani okufanele silikhokhe ukuze sithole ukuphila okuzayo-na?

“UJesu waphendula futhi wathi kubo, Lona ngumsebenzi kaNkulunkulu, ukuze nikholwe Kuye Lowo amthumileyo.’ Intengo yezulu nguJesu. Indlela eya ezulwini ingukukholwa ‘kwiWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe. Johane 1:29.”-Ibid., p. 385.

“Ukuphenduka kusho ukusuka kumina uphendukele kuKristu: futhi lapho samukela uKristu ukuze ngokukholwa siphile ukuphila Kwakhe kithi, imisebenzi emihle izobonakala.”-Thoughts from the Mount of Blessing, p. 87.

“Kwangathi iNkosi ingasiza abantu Bayo ukuba babone ukuthi kukhona umsebenzi onzima okumele wenziwe…Ekhaya, ebandleni, nasemhlabeni kufanele basebenze umsebenzi kaKristu. Abashiywanga ukuba basebenze bebodwa. Izingelosi zizosizana nabo. Futhi uKristu ungumsizi wabo.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 18.


Ngolwesithathu , Mbasa 2

4. ISINKWA SASEZULWINI

a. Ama-Juda ayefuna siphi isibonakaliso futhi yiliphi iqiniso elingokomlando abakhuluma ngalo-na? Johane 6:30, 31. Wathini uJesu ngesinkwa esivela ezulwini-na? Johane 6:32, 33.

“AmaJuda ayehlonipha uMose njengomnikezeli wemana, bebuyisela udumo ngezinsimbi zomculo, futhi balahlekelwa ngumbono Walowo umsebenzi opheleliswa Ngaye. Okhokho babo bakhonona ngoMose, futhi bengaza futhi benqaba umsebenzi wakhe ongcwele. Manje ngomoya ofanayo abantwana benqaba Lowo othwele umyalezo kaNkulunkulu ngokwabo. ‘UJesu wayesethi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini.’ Lowo onipha imana wayemi phambi kwabo. NguKristu ngoKwakhe owahola amaHeberu ehlane, futhi ebondla nsuku zonke ngesinkwa esivela ezulwini. Ukudla bekuluhlobo lwesinkwa ngempela esivela ezulwini. UMoya onika ukuphila, ogeleza uvela ekugcwaleni okungapheli kukaNkulunkulu, uyimana yeqiniso.”-The Desire of Ages, pp. 385, 386.

b. Begxilise izingqondo zabo phezu kwemvelo, isinkwa somzimba kuphela, isiphi isicelo abasenzayo –futhi kuyini iNkosi eyabachazela yona-na? Johane 6:34-36.

“Umfanekiso uJesu awusebenzisa wawujwayelekile kumaJuda. UMose, eqhutshwa nguMoya Ongcwele, wathi, ‘Umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova.’ Umprofethi uJeremiya wabhala wathi, ‘Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami.’ Duteronomi 8:3; Jeremiya 15:16. Orabbi ngokwabo babenesisho, sokuthi ukudla isinkwa ngokubaluleka kwesimoya, kwakungukufunda umthetho kanye nomkhuba wokwenza imisebenzi emihle; futhi kwakuvamile ukuthi ekufikeni kuka Mesiya wonke uIsrayeli uzokondliwa. Imfundiso yabaprofethi yenza kwabasobala isifundo esijulile sesimoya ngesimangaliso sezinkwa. Isifundo uKristu ayezama ukusiletha kubalaleli Bakhe esinagogweni. Uma babeqonda iMibhalo, ngabe bazwisisa amazwi Akhe uma ethi, ‘Ngiyisinkwa sokuphila.’ Usuku nje ngaphambi kwalolo, isixuku esikhulu, lapho siphelelwa ngamandla futhi sikhathele, sondliwa ngesinkwa abanika sona. Ngesinkwa abasamukele bathola amandla emzimbeni futhi baqabuleka, kanjalo kuKristu bangathola amandla esimoya kuze kube sekuphileni okuphakade.”-Ibid., p. 386.


Ngolwesine , Mbasa 3

5. UKUVUKA NOKUPHILA OKUPHAKADE

a. Yiziphi izithembiso ezimbili ezihlobene ezinikezwa labo abazihlanganisa noKristu-futhi lokhu kuletha kanjani ithemba kwisoni ngasinye-na? Johane 6:37-40.

“Bonke abamamukela ngokukholwa, [uJesu] uthi, kufanele babe nokuphila okuphakade. Akukho noyedwa ozolahleka.”-The Desire of Ages, p. 387.

“Ungalaleli amacebo esitha okuhlala kude noKristu uze uzenze ngcono ngokwakho; uze ulunge ngokwanele ukuza kuNkulunkulu. Uma ulinda kuze kube yileso sikhathi, awusoze weza Kuye. Lapho uSathane ekhomba izambatho zakho ezingcolile, phinda isithembiso sikaJesu, ‘Ozayo Kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.’ Johane 6:37. Utshele isitha ukuthi igazi likaKristu lihlanza zonke izono. Yenza umkhulekoi kaDavide owakho, ‘Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.”-Amahubo 51:7.

“Vuka uye kuBaba wakho. Uzakuhlangana nawe ngendlela enhle. Uma uthatha inyathelo elilodwa lokuza Kuye ngokuphenduka, uzoshesha akusingathe ezingalweni Zakhe zothando olungapheli. Indlebe yakhe ivulekele ukukhala komphefumulo ozisolayo. Inhliziyo efinyelela kuqala ekulandeleni uNkulunkulu yaziwa Nguye. Awusoze umthandazo onikelwayo, noma unqikaza kangakanani, kungekho zinyembezi ezichithekayo, noma uyimfihlo, kungekho ukufuna uNkulunkulu okuqotho nokuthokozelwayo, noma ubuthakathaka, kepha uMoya kaNkulunkulu uhamba phambili uhlangabezane naye. Ngisho ngaphambi kokuba umthandazo wethulwe noma ukulangazela kwenhliziyo kwenziwa kwazeke, Umusa ovela kuKristu uhamba ngaphambili ukuhlangana nomusa osebenza emphefumulweni womuntu.”-Christ’s Object Lessons, pp. 205, 206.

b. Kuyini amaJuda angakholwa akhononda ngayo futhi yisiphi isithemiso uJesu asiphinda kulabo abakholwa Nguye-na? Johane 6:41-51


NgoLwesihlanu , Mbasa 4

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Emva kwesimangaliso sezinkwa, abalandeli bakaKristu babehlela ukwenzani-na?

2. Chaza intakazelelo enkulu yesixuku esilandela uJesu.

3. Chaza amazwi kaJesu kuJohane 6:29.

4. Yimuphi umfanekiso uKristu awusebenzisa ukuze abonise umthombo wokuphila wesimoya-na?

5. Kungayiphi indlela abaholi bamaJuda ababonisa ngayo ubandlululo lwabo bemelene noKristu-na?

 <<    >>