Umnikelo weSabatha Lokuqala
Owokwakhiwa kwebandla kabusha, Endaweni yaseProkhorovka, eRussia
“IRussia ngokwendawo, iyizwe elikhulu kunawo wonke emhlabeni, lihlanganisa 6, 612, 073.2 ngama square miles (17, 125, 191 km2) nangenani labantu abangu 147, 000,000. Abantu abavela kumazwe adlula 180 abakhile kuleyondawo enkulukazi, futhi ngokwehlukahlukana kwabo, bafakazela izinkolelo zezenkolo ezihlukile. Egqame kakhulu iRussian Othrodox (41.1%), ilandelwe yinkolo yamaKrestu (6.3%), Islam (6.5%), Neopagans and Tengrists (1.2%), Bhuddhism (1.2%), abanye abakholwa (25.2%), abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu (13%), abaseleyo abafakazeli noma ngeyiphi inkolo.
Kusukela ekuqaleni kweSDARM, isigijimi sevangeli eliphakade safinyelela kulendawo ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Abakholwayo abaningi badlula ekushushisweni okukhulu-abanye abafakaza ngoMsindisi owabethelwa wabuye wavuka banikela ngokuphila kwabo.
“Ekupheleni konyaka ka1990, umshumayeli wevangeli nonkosikazi wakhe beza kwisifunda saseRussia ngenhloso yokuqhubela phambili umsebenzi wokuhambisa ivangeli. Ngomphumela wemizamo yabo nemikhueko, ixuku labakholwayo lahlelwa. Kodwa babengenayo indawo yokuhlanganyela neyokukhonzela. Ekugcineni, ngonyaka ka2006 bathola indlu encane yomhlaba endaweni yaseProkhorovska, isikhungo sokuphatha sasemadolobheni esifundeni saseProkhorovsky esifundeni saseBelgorod kwindawo yezolimo ezikhiqiza okusanhlamvana, ubhontshisi onoshukela, ubhekilanga, nezithelo eduze komfula iPsyol eseningizimu-mpumalanga nedolobha laseKursk, okuyikhaya lensimbi eningi.
“Sibonile ngokukhanya isandla sikaNkulunkulu emsebenzini lapho ngokumangalisayo esusa izihibe eziningi wabusisa nendlu ethengiweyo. Umsebenzi kulesifunda uthe waqhubeka ukukhula, futhi akubanga isikhathi eside lendlu yaba yincane kakhulu ukuba bonke abakholwayo bakaNkulunkulu bathole izihlalo. Iminyaka embalwa edlule, sathola imvumo kwiziphathi mandla saqala ukwakha indlu yokukhonzela. Abazalwane bathe banikela futhi basebenza kanzima, kodwa ukuphelelisa lomsebenzi sidinga usizo lokuzidela kwabantu emhlabeni wonke abathanda iNkosi. Ukupheleliswa kwalomsebenzi kuzonikeza ithuba lokuqhubekisela phambili umsebenzi wevangeli kwizifunda ezingomakhelwane, njengesikhonkwane sokukhanya sokumemezela isigijimi sokugcina sensindiso. Kwangathi iNkosi ingabusisa umuntu ngamunye onhliziyo yakhe ilungele ukusiza impumelelo yeqiniso lanamuhla kulesifunda somhlaba!
Abazalwane benu nodade abavela ebandleni laseProkhorovka neRussian Union