Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
ISIFUNDO 11 ISABATHA, NHLANGULANA 14, 2025

UJesu Umalusi Omuhle

“IVESI LEKHANDA: “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu” (Johane 10:11).

“UKristu uyikho kokubili isango kanye nomalusi. Uyangena ngoKwakhe. Kungenxa yomhlatshelo Wakhe waba ngumalusi wezimvu.”-The Desire of Ages, p, 478.

Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 476-484. 

NgeSonto , Nhlangulana 8

1. ISELA NOMALUSI

a. UJesu wehlukanisa kanjani phakathi kwesela nomalusi, futhi yisiphi isifundo sesimoya abesifanekisa-na? Johane 10:1, 2.

“UKristu wasebenzisa leziprofetho [eziqondiswe emsebenzini wokwalusa kukaMesiya, njengoba kutholakala kuIsaya 40:9-11; Amahubo 23:1; no Hezekeli 34:23, 16, 25, 28] Kuye, futhi wabonisa umehluko phakathi kwesimilo Sakhe nalezo zabaholi bakwaIsrayeli. AbaFarisi babesanda kuxosha omunye esibayeni, ngoba wayenesibindi sokufakaza ngamandla kaKristu. Baxoshe umphefumulo lowo uMalusi Weqiniso amdonsela Kuye. Kulokhu babonise ukungazi umsebenzi abanikwe wona, nokuthi abakulungele ukwethenjwa kwabo njengabelusi bomhlambi. UJesu manje ubeke phambi kwabo umehluko phakathi kwabo kanye noMalusi Omuhle, futhi eqondisa Kuye njengomgcini wangempela womhlambi weNkosi.”-The Desire of Ages, p. 477.

“UKristu uyasithanda ngoba asinakuzisiza futhi sencikile.”-Sermons and Talks, vol. 1, p. 248.

b. Yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kwezimvu nomalusi wazo-na? Izimvu kuyini ezizokwenza phambi komfokazi-na? Johane 10:5.


NgoMsombuluko , Nhlangulana 9

2. ISANGO LESIBAYA

a. UJesu wembula kanjani umehluko phakathi Kwakhe nabaFarisi-na? Johane 10:7-10.

“UKristu uyisango lesibaya sikaNkulunkulu. Ngalesango zonke izingane Zakhe, kusukela ezikhathini zasendulo, zithe zathola ukungena. KuJesu, njengoba kuboniswa ngezimpawu, njengoba kusithezwe ngemifanekiso, njengoba kuboniswa ngobuhlobo babaprofethi, njengoba kwembulwa ezifundweni ezinikwe kubafundi Bakhe, futhi ngezimangaliso ezenzelwa amadodana abantu, bathe babona ‘iWundlu likjaNkulunkulu, elisusa izono zezwe’ (Johane 1:29), futhi Ngaye balethwa phakathi kwesibaya somusa Wakhe. Abaningi bazile beletha ezinye izinto zenkolo yelizwe; imigidi nezinhlelo ezithe zasungulwa lezo abantu benethemba lokuthola ukulungisiswa nokuthula noNkulunkulu, futhi ngokunjalo bazothola ukungena emhlambini Wakhe. Kodwa isango linye kuphela nguKristu, nakubo bonke abathe bafaka ngaphakathi okuthize okuthatha indawo kaKristu, bonke abazama ukungena esibayeni ngenye indlela, bangamasela nabaphangi.

“AbaFarisi abangenanga ngesango. Bathe bakhwela esibayeni ngenye indlela kunekaKristu, futhi bebangaphelelisi umsebenzi womalusi weqiniso. Abapristi nababusi, ababhali nabaFarisi, bachithile amadlelo aphilayo, futhi bangcolisa imithombo yamanzi okuphila. Ngokuthembeka amazwi aphefumulelwe achaza labelusi bamanga kanje. ‘Ezibuthakathaka aniziqinisanga, nezigulayo aniziphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga….kepha nizibusile ngamandla alukhuni.’ Hezekeli 34:4.”-The Desire of Ages, pp. 477, 478.

b. Umalusi weqiniso wehluke kanjani kunalowo okhokhelwayo-na? Johane 10:11-13.

“Bayadingeka abantu, kungesibo abangashumayela kuphela, kodwa labo abanolwazi olulingayo lwemfihlakalo yokwesaba uNkulunkulu, nalabo abazohlangabezana nezidingo zabantu eziphuthumayo-labo abaqonda ukubaluleka kwesikhundla sabo njengezinceku zikaJesu, futhi ngenjabulo bazophakamisa isiphambano leso abafundisile ukuthi bangasithwala kanjani.

“Kubaluleke kakhulu ukuthi abafundisi bazihlanganise nabantu babo, kanjalo bajwayelane nezimo ezinhlobo-nhlobo zemvelo yomuntu. Kufanele bafunde ukusebenza kwengqondo, ukuze bajwayele izimfundiso zakhe kwinhlakanipho yabalaleli bakhe. Ngaleyondlela bazofunda ngomnikelo omkhulu ophethwe yilabo kuphela abafunda kakhulu imvelo nezidingo zabantu.”-Gospel Workers, p. 191.


Ngolwesibili , Nhlangulana 10

3. UMALUSI OMUHLE OJWAYELEKILE

a. Yiluphi olunye uphawu lukamelusi omuhle uJesu alubonakalisa-na? Johane 10:14, 15.

“Njengoba umalusi wasemhlabeni ezazi izimvu zakhe, ngokunjalo uMalusi ongcwele uyawazi umhlambi Wakhe ohlakazeke emhlabeni wonke. ‘Nina niyizimvu Zami, niyizimvu zedlelo Lami; ningabantu, Mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ‘Ngikubizile ngegama lakho; ungo-Wami.’ ‘Bheka ezandleni Zami ngikubhalile.’ Hezekeli 34:31; Isaya 43:1; 49:16.

“UJesu uyasazi ngabanye, futhi uthintwa umuzwa wobuthakathaka bethu. Usazi sonke ngamagama. Wazi indlu ngayinye esihlala kuyo, igama lomuntu ngamunye ohlala kuyo. Ngezinye izikhathi wanikeza umyalezo ezincekwini Zakhe ukuba ziye esitaladini esithize emzini othize, kwindlu ethizeni, ukuthola enye yezimvu Zakhe.

“Wonke umphefumulo waziwa ngokuphelele nguJesu kungathi nguwo kuphela uMsindisi athe wawufela. Ukuhlupheka okwehlela umuntu ngamunye kuthinta inhliziyo Yakhe. Ukukhala kofuna usizo kufinyelela endlebeni Yakhe. Uzele ukudonsela bonke Kuye. Uyabancenga, ‘Ngilandeleni,’ futhi noMoya Wakhe uhamba phezu kwenhliziyo ukubadonsela Kuye. Abaningi bayanqaba ukudonswa. UJesu uyazi ukuthi bangobani. Uyazi futhi ukuthi ngobani abezwa ngenjabulo ubizo Lwakhe, futhi bakulungele ukuza ngaphansi konanekelo lobufundisi Bakhe. Uthi, ‘Izimvu ziyalizwa izwi Lami, Nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela.’ Unakekela ngamunye kungathi akekho omunye ebusweni bomhlaba.”-The Desire of Ages, pp. 479, 480.

b. Yiziphi ezinye izimvu uJesu abonisa ukuzikhathalela-na? Johane 10:16.

“UJesu wayecabanga ngemiphefumulo emhlabeni wonke edukiswe ngabelusi bamanga. Leyo alangazelela ukuyibutha ngengezimvu zedlelo Lakhe ezihlakazeke phakathi kwezimpisi, Wathi, ‘Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi Lami; kube mhlambi-munye nomalusi munye.’ Johane 10:16.”-Ibid., p. 483.

“UJesu unamatshe aligugu emabandleni onke, futhi akusiko okwethu ukuba senze ukulahla izinkolo ezaziwayo emhlabeni, kodwa ngokuthobeka nangothando, sethule lonke iqiniso njengoba linjalo kuJesu. Abantu bonke mababone ukuhlakanipha nokuzinikela, mababone isimilo esifana nesikaKristu, futhi badonselwe eqinisweni.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 4, p. 1184.


Ngolwesithathu , Nhlangulana 11

4. AMANDLA ANGCWELE

a. Yimaphi amandla angcwele uJesu amemezela ukuthi uNawo-na? Johane 10:17, 18.

“‘Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila Kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.’ Lokhu kusho ukuthi, UBaba wakuthanda, nokuthi Nami uyangithanda kakhulu ngokunikela ukuphila Kwami ukuba ngikuhlenge. Ngokuba ngumbambeli wenu nesiqiniseko, ngokunikela ngokuphila Kwami, ngokuthatha icala lenu, ukweqa kwenu umthetho, ngijabula kakhulu kuBaba Wami.

“‘Ngidela ukuphila Kwami, ukuba ngibuye ngikuthabathe. Akakho ongangamuka ukuphila Kwami, kodwa ngikudela ngoKwami. Nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe.’ Lapho enjengelunga lomkhaya woluntu ofayo, njengoNkulunkulu ubengumthombo wokuphila emhlabeni. Ngabe wamelana nokuzinikela ekufeni, ngabe wenqaba ukuza ngaphansi kombuso wawo. Kodwa ngokuzithandela wadela ukuphila Kwakhe, ukuze anikeze ukuphila nokungafi ekukhanyeni. Wathwala izono zelizwe, wabekezelela isijeziso saso, waDela ukuphila Kwakhe njengomhlatshelo, ukuze abantu bangabhubhi ingunaphakade….’Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu….Yebo Yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, Yachotshozwa ngobubi bethu: isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula; nangemivimbo Yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu Kwayo ububi bethu sonke.’ Isaya 53:4-6.”-The Desire of Ages, pp. 483, 484.

b. Kuyini okuholela abantu ukuba balandele uKristu-na? Johane 10:27; 1 Johane 4:10, 19.

“Akusikho ukwesaba isijeziso, noma ithemba lomvuzo ongunaphakade, okwaholela abafundi bakaKristu ukuba baMlandele. Babheka uthando loMsindisi olungenakufaniswa, alubonakalisa kulo lonke uhambo Lwakhe emhlabeni, kusukela emkhombeni waseBethlehema ukuya esiphambanweni saseKhalvari, futhi umbono Wakhe wawuheha, wawuthambisa futhi uthobise umphefumulo. Uthando lwaluvuka enhliziyweni yalowo olubhekayo. Babezwa izwi Lakhe, futhi baMlandela.”-Ibid., p. 480.

“Sicabanga ngempilo Yakhe emhlabeni, umhlatshelo Wakhe ngenxa yethu, umsebenzi Wakhe ezulwini njengoMmeli wethu, nezindlu azilungiselela labo abaMthandayo, singamemeza kuphela sithi, Maye luphakeme futhi lujulile uthando lukaKristu.”-The Acts of the Apostles, p. 334.


Ngolwesine , Nhlangulana 12

5. ISIQINISEKO SENSINDISO

a. Yisiphi isiqiniseko uJesu asinika izimvu Zakhe-na? Johane 10:28, 29.

“Nakuba manje eseNyukele ebukhoneni bukaNkulunkulu, futhi abelane ngesihlalo sobukhosi somhlaba wonke, uJesu akazange alahlekelwe ububele bemvelo Yakhe. Namanje isihawu esifanayo, inhliziyo enozwelo nomusa ivukeleke lonke usizi lwabantu. Namuhla isandla esahlatshwa sifinyelela kude ukuze sibusise kakhulu abantu Bakhe abasezweni. ‘Futhi abasoze babhubha, akukho muntu ozobakhipha esandleni Sami.’ ‘Umphefumulo ozinikela ngokwayo kuKristu ubaluleke kakhulu ebusweni Bakhe kunomhlaba wonke. UMsindisi wadlula osizini lwaseKhalvari ukuze ngamunye asindiswe embusweni Wakhe. Angeke-adela noyedwa athe waMfela. Ngaphandle kokuthi abalandeli Bakhe bakhetha ukumshiya Yena, uzobabamba ngamandla.”-The Desire of Ages, p. 480-483.

b. Kwencike phezu kwaziphi izimpawu ukulondeka kwesimoya sethu nesiqiniseko sensindiso-na? Roma 8:31-39.

“Ezigodlweni ngaphezulu, uKristu uncengela ibandla Lakhe-encengela labo athe wabakhokhela ngentengo yehlawulo ngegazi Lakhe. Amakhulu eminyaka, izikhathi, akusoze kwanciphisa amandla omhlatshelo Wakhe wehlawulo. Kungekho ukuphila noma ukufa, ukuphakama nokujula, okungasehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu; kungesikho ukuthi sibambe Yena ngokuqinile, kodwa ngenxa yokuba eBambe thina ngamandla. Uma insindiso yethu yeyame emizameni yethu, angeke sasindiswa; kodwa kweyame kuLowo ongaphambi kwezithembiso zonke. Ukubambelela kwethu Kuye kungabonakala kubuthakathaka, kodwa uthando Lwakhe yilolo lukabhuti omdala; uma siqhubeka ukugcina ukuhlangana kwethu Naye, akakho ongasamuka esandleni Sakhe.”-The Acts of the Apostles, pp. 552, 553.


NgoLwesihlanu , Nhlangulana 13

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Chaza umehluko wokuziphatha phakathi komalusi kanye nesela.

2. Yiluphi olunye uphawu uJesu aliqondisa Kuye-na?

3. Umalusi weqiniso uziphatha kanjani izimvu zabo-na?

4. Kungani izimvu zilandela umalusi hhayi umfokazi-na?

5. Chaza ukuthi singaqinisekiswa kanjani ngensindiso.

 <<    >>