NgeSonto
, Mbasa 20
1. INTAKAZELELO YABANTU KU-JESU
a. Lapho bezwa futhi bebona uJesu eshumayela phambi kwabantu, kuyini okwabuzwa amanye amaJuda-na? Johane 7:25, 26.
“Abaningi phakathi kwabalaleli bakaKristu ababehlala eJerusalema, futhi ababenolwazi ngamacebo ababusi abamelana Naye, bazizwa bedonseleka Kuye ngamandla angenakuvinjelwa. Ukuqiniseka kwacindezelwa phezu kwabo ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 457.
b. Kuyini uSathane akwenza kubabusi ukuletha ukungabaza-na? Johane 7:27.
“USathane wayelungele ukuletha ukungabaza; futhi ngalokhu indlela yalungiswa ngeyabo imicabango engalungile ngoMesiya nokuza Kwakhe. Kwakukholelwa ngokuvamile ukuthi uKristu uzozalwa eBethlehema, nokuthi emva kwesikhathi uzoNyamalala, futhi ekubonakaleni Kwakhe okwesibili akekho ozokwazi uma esefikile. Babembalwa ababamba ukuthi uMesiya ubengeke abenobuhlobo nabantu. Futhi ngenxa yomcabango othandwayo wenkazimulo kaMesiya abazange bahlangane noJesu waseNazaretha, abaningi baqaphela leziphakamiso, nokho thina siyamazi loMuntu lapho evela khona: kodwa lapho uKristu esefikile, akukho owaziyo ukuthi uvela kuphi.”-Ibid.
NgoMsombuluko
, Mbasa 21
2. IZINHLELO EZINONYA ZIYAVINJELWE
a. Lapho efunda imicabango yabalaleli Bakhe ababengabaza, uJesu wathini kubo-na? Johane 7:28.
“Ngesikhathi besazilazila phakathi kokungabaza nokukholwa, uJesu wathatha imicabango yabo waphendula wathi kubo: ‘Niyangazi, futhi niyazi ukuthi ngivelaphi: Futhi angizizelanga ngoKwami, kepha Lowo ongithumileyo uqinisile, Lowo eningamazi.’ Babezisho ukuthi banolwazi lokuthi isiqalo sikaKristu kumele sibenjani, kodwa babengazi lutho. Uma bebephila ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, bebezoyazi iNdodana Yakhe lapho ibonakaliswa kubo.”-The Desire of Ages, p. 457.
b. Lapho bentula amaphuzu okuphikisa uJesu, abaholi bakwaJuda bazama kanjani ukumthulisa-na? Johane 7:30 (isigaba sokuqala). Empeleni, kungani bengakwazanga ukumbamba-na? Johane 7:30 (isigaba sokugcina).
“Abalaleli abakwazanga ukuqonda amazwi kaKristu. Ngokusobala kwakungukuphinda-phida kwesimangaliso abesenzile phambi kwamaSahendrin ezinyangeni eziningi ngaphambili, lapho yena eziveza njengeNdodana kaNkulunkulu. Lapho ababusi bezama ukuzungeza ukufa Kwakhe, manje base becabanga ukuMthatha; kodwa bavinjelwa amandla angabonakali, lawo amisa umkhawulo wokufutheka kwabo, wathi kubo, niyakuhamba nifinyelele lapha, ningadluleli phambili.”-Ibid.
c. Abaningi babonisa kanjani ukholo lwabo kuJesu-nokuthi ababusi babehlela ukwenzani lapho bebona ukuthi abantu bazwelana Naye-na? Johane 7:31, 32.
“Abaholi babaFarisi, ababekhathazekile ngokubuka okwenzekayo, babamba amazwi ozwelo phakathi kwesixuku. Baphuthuma kubapristi abakhulu, beceba ukumbamba, bahlela nokho ukumthatha eyedwa, ngokuba ababanga nesibindi sokumbamba phambi kwabantu.”-Ibid., pp. 457, 458.
Ngolwesibili
, Mbasa 22
3. ISIMEMO
a. Ngosuku lokugcina lomkhosi, yimuphi umfanekiso omuhle uJesu awenza ukuze aduduze imiphefumulo ekhathele ngenxa yesono-na? Johane 7:37, 38.
“Inhliziyo eyamukela izwi likaNkulunkulu ayifani nechibi elihwamukayo, ayifani nomthombo ophukile olahlekelwe ubugugu bawo. Ifana nomfudlana wentaba, owondliwa imithombo engapheli, egxuma lawo lipholile, elikhazimulayo elivela edwaleni ukuya edwaleni, livuselele abakhathele, abomile, abasindwayo. Ifaniswa nomfula ogeleza njalo, futhi njengoba uthuthuka, ujula futhi uba-banzi, aze-amanzi anika ukuphila ahlakazeka emhlabeni wonke. Umfula ohlabelelayo endleleni yawo ushiya emuva isipho sezithelo eziningi eziluhlaza. Utshani olusesebeni luluhlaza ngokusha, izihlalhla ziluhlaza ngokunothile, nezimbali eziningi. Lapho umhlaba ulele futhu ungekho-phuzi ngaphansi kokushisa okuvuthayo kwehlobo, umugqa oluhlaza uphawula indlela yokuhamba komfula.
“Kunjalo ngomntwana kaNkulunkulu weqiniso. Inkolo kaKristu yembula ngokwayo ukubaluleka okuqinisayo, isimiso esigcwala yonke indawo, esiphilayo, esisebenzayo, amandla esimoya. Uma inhliziyo ivulekela umfutho wasezulwini weqiniso nothando, lezimiso zizophinde zigeleza njengemifula ehlane, ebangela ukuthela kubonakale lapho manje kungaveli lutho nendlala.”-Prophets and Kings, pp. 233, 234.
“‘Uma ekhona owomileyo, ngethemba lokuphumula, ngenxa yokukhululwa kwizimpawu zesono, uKristu uthi, ‘akeze Kimi, aphuze.’ Johane 7:37.”-The Ministry of Healing, p. 179.
b. Kungayiphi indlela lesimemo kufanele siqondwe kabanzi-na? Johane 7:39.
“UKristu waphana ngezimiso zeqiniso evangelini. Ezimfundiswe Zakhe singaphuza kwimifula ehlanzekile egeleza ivela esihlalweni sikaNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 309.
“Esikudingayo inkolo ephilayo. Umuntu oyedwa wemibono eyandisiwe yomsebenzi, emphefumulweni wakhe exhumana noNkulunkulu futhi ogcwele intshiseko ngoKristu, uzocindezela umfutho onamandla ngobuhle. Akaphuzi emfuleni ongajulile, odungekile, kodwa emanzini ahlanzekile, aphakeme lapho usuka khona; futhi uzokwazi ukukhuluma ngomoya omusha namandla ebandleni. Njengoba ukucindezela kwangaphandle kukhula, uNkulunkulu uzokwenza ibandla Lakhe liqiniswe ngobungcwele, amaqiniso azothile abakholelwa kuwo. UMoya Ongcwele ovela ezulwini, osebenza namadodana namadodakazi kaNkulunkulu, bazoba ngaphezu kwezihibe babambe umhlaba wombonisi omelana nesitha. UNkulunkulu unokunqoba okukhulu akubekile kulabo abathanda iqiniso, abantu abagcina umthetho.”-Ibid., vol. 5, p. 581.
Ngolwesithathu
, Mbasa 23
4. AMAZWI ANGAFANI NAWABANYE
a. Ngenxa yokubhekisa kukaKristu emanzini okuphila, abaningi baphetha ngokuthini-futhi kungani-na? Johane 7:40 (qhathanisa noDuteronomi 18:15).
b. Lapho abanye bekhuthazwa ngethemba elinjalo, abanye basabela kanjani-na? Johane 7:41-44.
c. Myalo muni owatholwa yizikhulu uvela kubabusi babo-na? Johane 7:45 Kungani bengakwazanga ukubopha uJesu-na? Johane 7:46.
“Ngosuku lokugcina lomkhosi, izinduna zathunywa ngabapristi nababusi ukuba zibambe uJesu, zabuyela emuva ngaphandle Kwakhe. Zabuzwa ngolaka, ‘Kungani ningamlethanga-na?’ Ngobuso obunesizotha zaphendula, ‘Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowoMuntu.’
“Njengoba izinhliziyo zabo zazilukhuni, zathanjiswa amazwi Akhe. Ngesikhathi ekhuluma egcekeni lethempeli, babezulazula eduze, befuna ukubamba okuthize kamuva okungahle kumelana Naye. Kodwa njengoba belalele, inhloso yokuthunywa kwabo yalibaleka. Bema njengabantu abajabulile. UKristu wazembula ngoKwakhe emiphefumulweni yabo. Babona ukuthi abapristi nababusi angeke babona-ubuntu bugcweliswe ngenkazimulo engcwele.”-The Desire of Ages, p. 459.
“UKristu wasebenzisa izinto zemvelo lezo ababejwayelene nazo, ukufanekisa iqiniso elingcwele. Umhlabathi wenhliziyo walungiswa kanjalo ukuthola imbewu enhle. Wenza abalaleli Bakhe bazizwa ukuthi intakazelelo Yakhe yayihlangana neyabo, ukuze inhliziyo yakhe uzwelane nabo enjabulweni nasosizini lwabo. Futhi ngaleso sikhathi babona Kuye ukwembulwa kwamandla nobuhle obudlula kude oluphethwe orabbi. Izimfundiso zikaKristu zaphawulwa ngobulula bazo, isizotha, namandla kuze kufike namuhla zazingaziwa kubo, futhi ngokuthanda kwabo bamemeza bathi: ‘Akuzange kukhulume muntu njengokuba Kukhuluma lowoMuntu.’ Abantu baMlalela ngokujabula; kodwa abapristi nababusi-ngokwabo bamangalela ithemba labo njengabalondolozi beqiniso-bamzonda kakhulu uKristu ngomusa owembuliwe, owadonsela izixuku kude nabo ukuba zilandele uKukhanya kokuphila. Ngokusebenzisa umfutho wabo isizwe samaJuda, sehluleka ukubona isimilo Sakhe esingcwele, bamenqaba uMhlengi.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 747.
Ngolwesine
, Mbasa 24
5. UKUTHUTHUKA KOFUNA NGOKWEQINISO
a. Abapristi abakhulu nabaFarisi bazikhuza kanjani izikhonzi-na? Johane 7:47-49.
b. Chaza ingxonxo eyalandela uNikodemu-ebonisa ukukhula kwakhe kusukela ngobusuku eqala ukukhulumisana noKristu kuJohane isahluko 3. Johane 7:50-52.
“[UNikodemu] wafihla iqiniso enhliziyweni yakhe, futhi iminyaka emithathu kwakukhona isithelo esincane esibonakalayo. Kodwa nakuba uNikodemu engamvumanga ngokusobala uKristu, emkhandlwini weSanhendrin wayenqanda kaningi amacebo abapristi ukuba bangambulali.”-The Acts of the Apostles, p. 104.
“Isifundo uKristu asinika uNikodemu [ekuvakasheni kwakhe ebusuku kuJohane isahluko 3] akuzange kwaba yize. Ukuqiniseka kwase kugxile engqondweni yakhe, futhi enhliziyweni yakhe wayemamukele uJesu. Kusukela ekukhulumisaneni noMsindisi, wahlola ngobuqotho iMibhalo yeTestamende Elidala, futhi walibona iqiniso libekwe endaweni ngempela yevangeli.
“Umbuzo owabuzwa nguye wawuhlakaniphile, futhi ngabe wezwakala kulabo abamele umkhandlu uma bebengadukiswanga yisitha. Kodwa babegcwele ubandlululo kangangoba akukho mpikiswano yokuthanda uJesu waseNazaretha, nokho wawudelisa, ungenasisindo kubo. Impendulo ayithola uNikodemu, beyithi, ‘Kanti nawe ungowaseGalile-na? Futhi Phenyisisa: ukuthi akuveli umprofethi eGalile.’
“Abapristi nababusi babekhohlisiwe, futhi uSathane wayehlose ukuba bakholwe, ukuthi uKristu uvela eGalile. Abanye ababenolwazi lokuthi wazalelwa eBethlehem, bathula, ukuze amanga angaphucwa amandla awo.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, p. 1136.
NgoLwesihlanu
, Mbasa 25
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kungani uJesu adonsa ukunaka nenhlonipho yabantu-na?
2. Ababusi bakwaJuda baphikelela kanjani ukuzama ukuvimbela uJesu-na?
3. Isiphi isicelo uJesu asenza ngosuku lokugcina lomkhosi-na?
4. Chaza impikiswano enkulu eyalandela ngenxa yalokho.
5. Uma ucabanga ngabantu obaziyo, kufanele ukhumbeleni ngoNikodemu-na?