NgeSonto
, Nhlaba 11
1. UKUKHANYA OKUPROFETHIWE
a. Kungayiphi indlela uMoya Ongcwele ubhekiswa kuJesu ngoIsaya-na? Isaya 49:6.
b. USimeyoni wamveza kanjani uJesu lapho elethwa ethempelini ukuba lingcweliswe-futhi lokhu kufanele kusenze sicabangeni-na? Luka 2:32.
“USimeyoni osekhulile, ethempelini lapho uKristu ebefundisa khona, wakhuluma Ngaye ‘njengokukhanya okwembulela abeZizwe, nenkazimulo yesizwe Sakho uIsrayeli.’ Luka 2:32. Kulamazwi wakhomba yena isiprofetho esifanayo kuIsrayeli wonke. Ngomprofethi uIsaya, uMoya Ongcwele uthi, ‘Kuyinto elula ukuba ubeyinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwaIsrayeli: ngalokho ngiyakukubeka ube ukukhanya kwabeZizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ Isaya 49:6, R.V. Lesiprofetho sasiqondakala ngokuvamile njengoba sikhuluma ngoMesiya, futhi lapho uJesu ethi, ‘Ngingukhanya kwezwe,’ abantu babengeke behluleke ukukhumbula izimfuno Zakhe ukuthi unguLowo Othenjisiwe.”-The Desire of Ages, p. 465.
“Maye, isifundo esinjani sendaba emangalisayo yaseBethlehema, ukuthi sikhuza kanjani ukungakholwa kwethu, ukuzidla kwethu nokuphelela kwethu. Isixwayisa kanjani ukuba siqaphele, funa ngokunganaki kwethu kobugebengu sehluleke ukuhlukanisa izibonakaliso zezikhathi, ngakho-ke asilwazi usuku lokuhanjelwa kwethu.”-The Great Controversy, p. 315.
NgoMsombuluko
, Nhlaba 12
2. UKUKHANYA OKWENQATSHIWE
a. Abaholi bamaJuda basabela kanjani emsebenzini kaKristu-na? Johane 1:11; 8:13.
“Impilo yonke nezimfundiso zikaKristu bekuyizifundo eziqhubekayo zokuzithoba, ubumnene, ukusiza, nokuzidela. Lokhu bekungukusola okuqhubekayo kulabo abathi balungile, becindezela umoya olukhuni owabonakaliswa ngamaJuda. USathane wabahola kwaze kwaba sengathi bayaphithizela uma kukhulunywa nje ngemisebenzi emangalisayo kaKristu, leyo edonsela ukunaka kwabantu kude nabo. Ekugcineni bakholelwa ukuthi ungumkhohlisi, futhi babeceba noma ngayiphi indlela ukumqeda futhi kwakuzoba kuhle kubo.”-Spiritual Gifts, vol. 4a, p. 117.
b. Iyiphi incazelo ecacile uJesu ayinikeza abaFarisi abangakholwa, nokho baphendula kanjani-na? Johane 8:14-18.
“[AbaFarisi] babengenalwazi ngesimilo [sikaKristu] esingcwele nangomsebenzi Wakhe ngoba bengahlolanga iziprofetho ezimaqondana noMesiya, njengoba bekuyilungelo labo nomsebenzi ukwenza lokho. Babengenakho ukuxhumana noNkulunkulu kanye neZulu, ngakho-ke abazange baqonde umsebenzi woMsindisi emhlabeni, futhi, noma sebethole ubufakazi obudelisayo bokuthi uJesu unguMsindisi, kodwa benqaba ukuvula izingqondo zabo ekuqondeni. Ekuqaleni babeka izinhliziyo zabo ukumelana Naye, futhi benqaba ukukholwa ubufakazi obunamandla bobungcwele Bakhe, futhi, umphumela walokho, izinhliziyo zabo zakhula ngokuqina baze bazimisela ukuthi bangakholwa Nguye noma baMamukele.”-The Spirit of Prophecy, vol. 2, pp. 354, 355.
c. Yimuphi umehluko ophawulekayo uJesu asho ukuthi ukhona phakathi Kwakhe nabaFarisi abangakholwa-na? Johane 8:19-23.
d. Kuyini okuzoba umphumela obulalayo wokulahlwa kwababusi bamaJuda ngokwenqaba uKristu-na? Johane 8:24; Mathewu 23:38.
Ngolwesibili
, Nhlaba 13
3. IZINHLOBO EZIMBILI ZABALALELI
a. Ngemva kokuxwayiswa ukuthi bangafela ezonweni zabo, kuyini abaFarisi abakufuna kuJesu-futhi kungani-na? Johane 8:25 (Isigaba sokuqala).
“Babebonakala sengathi abawanaki amazwi Akhe, base bethi Kuye, ‘Wena ungubani-na?’ Babezimisele ukumphoqa ukuthi asho ngoKwakhe ukuthi unguKristu. Ukubonakala Kwakhe nomsebenzi Wakhe kwakwehlule kakhulu kunalokho okulindelwe ngabantu, ngangokuthi, njengoba izitha Zakhe ezinobuqili zazikholelwa, kwisimemezelo esiqondile sokuthi unguMesiya kuzobangela Yena ukuba enqatshwe njengomkhohlisi.”-The Desire of Ages, p. 465.
b. Wabaphendula kanjani uMsindisi-eveza ukuxhumana Kwakhe okumangalisayo noYise-na? Johane 8:25 (isigaba sokugcina), 26-29.
“UKristu akazange nakanye achezuke ekuthembekeni kwizimimiso zomthetho kaNkulunkulu. Akazange enze okuthize okuphambene nentando kaBaba Wakhe. Phambi kwezingelosi, abantu namademoni babekwazi ukukhuluma amagama avela kunoma yiziphi izindebe okungaba ukuhlambalaza: ‘Ngokuba ngenza njalo okuthandeka Kuye.’ Johane 8:29. Usuku nosuku izinyanga ezintathu izitha Zakhe zazimlandela, zizama ukuthola ibalana esimilweni Sakhe. USathane, neqeqeba lonke lababi, babezama ukuMnqoba; kodwa abafumananga lutho Kuye abangasizakala ngakho. Ngisho namademoni aphoqelelwa ukuvuma: ‘UngoNgcwele kaNkulunkulu.’ ”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 208.
c. Chaza ukuhamba kukaKristu nsuku zonke noYise-nokuthi kufanele sikubonise kanjani lokhu kumava ethu-na? Johane 15:10; Efesu 2:4-6.
“Njengoba uJesu ubekwisimo semvelo yomuntu, kanjalo uNkulunkulu ufuna abalandeli Bakhe babenjalo. Ngamandla Akhe kufanele siphile impilo yokuhlanzeka nokuhlonipha indlela eyaphilwa nguMsindisi.”-Ibid., p. 289.
“Impilo yoMsindisi emhlabeni, noma wayephila phakathi kwempikiswano, bekuyimpilo yokuthula. Lapho izitha ezithukuthele zimlandela, Wathi, ‘Ongithumileyo Unami, uBaba kangishiyanga ngiNgedwa; ngoba ngenza njalo okuthandeka Kuye.’ Johane 8:29. Akukho sivunguvungu somuntu noma ulaka lukaSathane olungaphazamisa ukuthula kokuxhumana okuphelele noNkulunkulu.”-Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 15, 16.
Ngolwesithathu
, Nhlaba 14
4. UKUKHANYA KUKHAZIMULISIWE
a. Njengoba uKristu akhuluma amaqiniso ahlabayo kubaFarisi, amazwi Akhe athinta kanjani abalaleli abaqotho-futhi kungani lokhu kungase kusikhuthaze namuhla-na? Johane 8:30.
“UKristu wazwisisa ukuthi enze kanjani ngendlela ezolile, nehlalaniphile, futhi awenze ize amacebo abo okumletha ekulahlweni. Amazwi kaJehova ayebukhali njengomcibisholo oqonda kulo uphawu futhi alimaze izinhliziyo zabamangaleli Bakhe. Ngezikhathi zonke uma uKristu ekhuluma nabantu, noma abalaleli Bakhe bebaningi noma bebancane, amazwi Akhe ayequkethe umphumela osindisayo phezu komphefumulo wabanye babalaleli Bakhe. Akukho myalezo oke waphuma ngaphambili ezindebeni zikaKristu owalahlekayo. Lonke ilizwi alikhulumayo lalibeka ukuziphendulela phezu kwalabo abalizwileyo. Abafundisi abaletha isigijimi sokugcina somusa emhlabeni, abashumayela iqiniso ngobuqotho, abathembele emandleni kaNkulunkulu, akufanele besabe ukuthi imizamo yabo iyize. Akakho noyedwa ongathi umcibisholo weqiniso awugijimeli ukuphawula, futhi uhlabe imiphefumulo yalabo abalalele. Noma kungekho iso lomuntu elingabona ukundiza komcibisholo weqiniso, noma kungekho indlebe engezwa ukukhala komphefumulo olimele, nokho iqiniso ngokuthula livule indlela enhliziyweni. UNkulunkulu ukhuluma nomphefumulo, futhi ngosuku lokugcina lokuziphendulela abafundisi bakaNkulunkulu bazoma bephethe izindondo zomusa ohlengayo ukunikeza uKristu inhlonipho, kuLowo ofanelwe inhlonipho, Lowo obona ekusithekeni, phambi kwabantu uzoklomelisa labo abamemezele iqiniso egameni Lakhe.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 6. 1896.
b. Ngaphandle kwezikhonzi, obani abanye ababusiswa ngokubonakala kokukhanya okuvela ezulwini-na? Amahubo 27:1; 147:15; Isaya 55:10, 11.
“Abantu abangabizwanga kumsebenzi wobufundisi kufanele bakhuthazwe ukuba basebenzele iNkosi ngokuya ngamakhono ahlukahlukene. Abesilisa nabesifazane abangamakhulu manje abangenzi lutho bangenza umsebenzi owamukelekayo. Ngokuthwala iqiniso balise kumakhaya abangane babo nomakhelwane, bangenza umsebenzi omkhulu benzele iNkosi. UNkulunkulu akakhethi ubuso bomuntu. Uzosebenzisa uMkrestu othobekile, nothembekile, nalapho bengawutholanga ngemfundo njengoba abanye benjalo. Abanjalo mabahlanganyele Naye emsebenzini wokungena umuzi-nomuzi. Lapho sihlezi eduze komlilo, singakwazi-uma ngokuzithoba, ngokuqaphile, nokwesaba uNkulunkulu-benze kakhudlwana ukuhlangabezana nezidingo zangempela ngemindeni kunomfundisi ogcotshiwe.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 21.
Ngolwesine
, Nhlaba 15
5. UBUGQILA VS INKULULEKO
a. Kuyini uJesu akusho kumaJuda aMamukelayo-na? Johane 8:31, 32. Ngokuphambene, kuyini abangakholwa abehluleka ukubona isimo kuphela esizobenza bakhululeke esonweni-na? Johane 8:33-36.
“[AbaFarisi] babesebugqilini obesabekayo kakhulu-babebuswa umoya omubi.
“Wonke umphefumulo onqaba ukuzinikela kuNkulunkulu ungaphansi kokulawulwa amanye amandla. Akayedwa. Angakhuluma ngenkululeko, kodwa uyisigqila esibi kakhulu. Akavunyelwa ukubona ubuhle beqiniso, ngoba ingqondo yakhe ingaphansi kokulawulwa nguSathane. Kuyilapho ezithopha ngokuthi ulandela iziqondiso zokwahlulela kwakhe, ulalela intando yenkosi yobumnyama. UKristu weza ukuzogqabula izibopho zobuqgila besono emphefumulweni.
“Emsebenzini wenhlawulelo akukho ukucindezela. Awekho amandla angaphadle asetshenziswayo. Ngaphansi komfutho woMoya kaNkulunkulu, umuntu ushiywa ekhululekile ukukhetha lowo azomsebenzela. Inguquko eyenzekayo uma umphefumulo uzinikela kuKristu, kubakhona umqondo ophakeme wenkululeko. Ukuxoshwa kwesono kwisenzo somphefumulo ngokwawo. Ngeqiniso, asinawo amandla okuzikhulula ngokwethu ekulawulweni nguSathane; kodwa uma sifisa ukukhululwa esonweni, nangesidingo sethu esikhulu sizokhalela amandla angaphezu kwethu, amandla omphefumulo afaka amandla oMoya Ongcwele, futhi alalela ukunikezwa kwentando ekupheleliseni intando kaNkulunkulu.
“Isimo kuphela lapho inkululeko yomuntu ingabakhona yileso sokuba munye noKristu. Iqiniso lizonikhulula;’ futhi uKristu uyiqiniso. Isono singanqoba kuphela ngokwenza ingqondo ibe buthakathaka, futhi sicekele phansi inkululeko yomphefumulo. Ukuzithoba kuNkulunkulu kungukubuyisela kuwe uqobo, ukuya enkazimulweni yeqiniso nesithunzi somuntu. ‘Umthetho ungcwele, lowo esithotshiswa kuwo, ‘umthetho wenkululeko.’ Jakobe 2:12.”-The Desire of Ages, p. 466.
NgoLwesihlanu
, Nhlaba 16
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza ubukhulu bamazwi kaSimeyoni ngoJesu.
2. Chaza impatho yababhali nabaFarisi maqondana noJesu.
3. Kuyini okuzokwenzeka esizweni sakubo ngokwenqaba uJesu-na?
4. Ngeyiphi indlela imiphefumulo ethembekile eyaphendula ngayo kuKristu-kokubili ngalesosikhathi namanje-na?
5. Chaza umqondo “wenkululeko” ekukhanyeni kweVangeli leqiniso.