NgeSonto
, Nhlangulana 15
1. UMKHAYA WASE-BETHANIYA
a. Yibaphi abafundi uJesu ayenabo emzini waseBethaniya-na? Johane 11:5.
“Inhliziyo [kaKristu] yahlanganiswa isibopho esiqinile sothando lomndeni eBethaniya, futhi ngomunye wabo umsebenzi Wakhe omuhle kakhulu wenziwa.
“Ekhaya likaLazaru, uJesu wayevame ukuthola ukuphumula. UMsindisi wayengenakhaya okungeLakhe; wayencike ekungenisweni ngabangane Bakhe nabafundi, futhi kaningi, uma ekhathele, nalapho omele ukuhlangana nabantu, wayejabulela ukubalekela kulekhaya elalinokuthula, kude nokucabangela nomona wabaFarisi abanolaka. Lapha wayefumana ukwamukelwa okuqotho, okumsulwa, ubuhlobo obungcwele. Lapha wayengakhuluma ngendlela elula nangenkululeko ephelele, azi ukuthi amazwi Akhe azoqondwa futhi abeyigugu.”-The Desire of Ages, p. 524.
b. Uhlobo olunjani lwekhaya ubukhona bukaNkulunkulu nezibusiso Zakhe ezikhethekile kakhulu babukhona-na? Izaga 3:33 (isigaba sokugcina).
“UMsindisi wethu wayethokozela ikhaya elithulile nabalaleli abanentshiseko. Wayefisa ubumnene bomuntu, ukuthakazela, nothando. Labo abathola imfundo yasezulwini wayehlala elungele ukubabela izibusiso ezinkulu.”-Ibid.
NgoMsombuluko
, Nhlangulanaa 16
2. UKUGULA KUKA-LAZARU
a. Senzo sini udadewabo Lazaru asithatha lapho umfowabo egula kakhulu-futhi impendulo enjani abayithola-na? Johane 11:1-4.
“ULazaru wabanjwa ukugula okuzumayo, futhi odadewabo bathumela kuMsindisi, bathi, ‘Nkosi, bheka, lo oMthandayo uyagula.’ Babona ukukhahlameza kwalokugula okubambe umfowabo, kodwa bebazi ukuthi uKristu wazibonakalisa ukuthi uyakwazi ukwelapha zonke izinhlobo zezifo. Bakholwa ukuthi uzozwelana nabo osizini lwabo; ngakho-ke abazange benza isicelo esiphuthumayo sobukhona Bakhe, kodwa bathumela umyalezo onethemba, ‘Lo oMthandayo uyagula.’ Babecabanga ukuthi uzosabela ngokushesha kumyalezo wabo, futhi abe nabo masinyane uma efike eBethaniya.
“Ekukhathazekeni babelindele izwi elivela kuJesu. Uma nje kusekhona inhlansi yempilo kumfowabo, babekhuleka futhi belindele uJesu ukuthi uyeza. Kepha isithunywa sabuya ngaphandle Kwakhe. Kodwa sabuya nomyalezo, ‘Lokhu kugula akusikho okokufa.’ Futhi banamathela ethembeni lokuthi uLazaru wayezophila ngesisa bazama ukukhuluma amazwi ethemba nakhuthazayo kumuntu ogulayo ongazi lutho.”-The Desire of Ages, p. 525, 526.
b. Chaza amazwi kaKristu nakwenzayo ezinsukwini ezilandelayo. Johane 11:5-8.
“Phakathi kwezinsuku ezimbili uKristu wabonakala sengathi uwukhiphile engqondweni umyalezo; ngoba akazange akhulume ngoLazaru. Abafundi bacabanga ngoJohane uMbhapathizi, umanduleli kaJesu. Babemangele ukuthi kungani uJesu, enamandla okwenza izimangaliso, avumela uJohane ukuba adangale etilongweni, nokuthi afe ukufa kokubulawa. Enamandla anjalo, kungani uKristu angasindisanga ukuphila kukaJohane-na? Lombuzo wawuvame ukubuzwa abaFarisi, abawuletha njengempikiswano engenakuphendulwa maqondana nokuzisho kukaKristu ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. UMsindisi waxwayisa abafundi Bakhe ngezilingo, ukulahlekelwa, nokushushiswa. Ingabe wayezobadela yini uma besezilingweni-na? Abanye bazibuza ukuthi ingabe benze iphutha ngomsebenzi Wakhe. Bonke babekhathazekile kakhulu.
“Abafundi bambuza ukuthi kungani uJesu eya eJudiya, Walinda izinsuku zombili. Kepha ukukhathazeka ngoKristu futhi kubo bekungaphezu kwezingqondo zabo. Babengaboni lutho ngaphandle kwengozi yendlela azoyilandela.”-Ibid., pp. 526, 527.
Ngolwesibili
, Nhlangulana 17
3. UKUDUMALA KUPHENDUKA ITHEMBA
a. Yimuphi umyalezo ongaphelelwa isikhathi esingawuthola ngendlela uKristu asingatha ngayo ukulandelana kwezehlakalo eziphathelene nokugula kukaLazaru-na? Johane 11:9, 10.
“Labo okungenzeka basizane noKristu, kodwa lowo odelele isithunywa nomyalezo waso, uzolahlekelwa umthelela wawo. Bazohamba ebumnyameni, bengazi nalokhu okubakhubayo. Abanjalo balungele izinkohliso zosuku lokugcina. Izingqondo zabo zigxile kwizintakazelelo ezincane, futhi balahlekelwa yithuba elibusisekile lokuthwala ijoka noKristu, futhi basebenza ndawonye noNkulunkulu.”-Fundamentals of Christians Education, p. 471.
b. Yisiphi isambulo esimangalisayo uJesu asinika abafundi Bakhe-kodwa bawachaza kanjani amazwi Akhe-na? Johane 11:11, 12.
“Wakhuluma wathi lezinto: emva kwalokho wathi kubo, ULazaru umhlobo wethu ulele; kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.’ Anomhawu kanjani amazwi! Agcwele uzwelo kangakanani! Umcabango wengozi iNkosi yabo eyayizongena kuyo ngokuluya eJerusalema, abafundi base bekhohliwe umndeni oshonelwe eBethaniya. Kodwa kwakungenjalo kuKristu. Abafundi bazizwa bekhuzwa. Babedangele ngoba uKristu akazange wasabela ngokushesha kumyalezo. Balingeka ukucabanga ukuthi wayengenathando olumnene kuLazaru nabodadewabo ababecabanga ukuthi unalo, noma ngabe wabuyela emuva nesithunywa. Kodwa amazwi, ‘Umhlobo wethu uLazaru ulele,’ evuselela imizwa ezingqondweni zabo. Bazwisisa ukuthi uKristu akakhohlwanga ngomhlobo Wakhe ogulayo.”-The Desire of Ages, p. 527.
c. Chaza ukuthi amazwi kaKristu ayesho ukuthini ngempela. Johane 11:13, 14.
“UKristu ufanekisa ukufa njengokubuthongo kubantwana Bakhe abakholwayo. Ukuphila kwabo kufihleke ngoKristu kuNkulunkulu, futhi icilongo lokugcina lizozwakala labo abafayo bazolalela Kuye.”-Ibid.
Ngolwesithathu
, Nhlangulana 18
4. UKULINDA, UKULINDA, UKULINDA…
a. Kungani uJesu wahlala wangaya eBethaniya ngisho nalapho esezwile ukuthi uLazaru ufile-na? Johane 11:15.
“Abafundi bamangala ngamazwi kaKristu uma ethi, ‘ULazaru ufile. Futhi ngiyathokoza…ukuthi bengingekho lapho.’ Ingabe uMsindisi wakhetha ukugwema ngoKwakhe ikhaya labangani Bakhe abahluphekile-na? Kwakungathi uMariya noMartha noLazaru ofayo babesele bodwa. Kodwa babengebodwa. UKristu wabheka sonke isehlakalo, futhi emva kokufa kukaLazaru abodadewabo abashonelwe baqiniswa ngomusa Wakhe. UJesu wafakazela usizi lwezinhliziyo zabo ezidabukile, lapho umfowabo elwa nesitha esinamandla, ngokufa. Wezwa iminjunju yosizi lwabo, njengoba athi kubafundi Bakhe, ‘ULazaru ufile.’ Kodwa uKristu wayengathandi kuphela abaseBethaniya njengoba kucatshangwa; wabaqeqesha abafundi ukuthi bakuqonde. Kwakufanele babe ngofakazi Bakhe emhlabeni, ukuze isibusiso sikaYise singabengamela bonke. Ngenxa yabo wavumela uLazaru ukuba afe. Uma ngabe wamelapha ukuba aphile, isimangaliso esingubufakazi obuqinisekile besimilo Sakhe esingcwele, ngabe singenziwanga.”-The Desire of Ages, p. 528.
b. Kuyini okufanele sikuqaphele ngendlela uMphulukisi Omkhulu avumela ngayo uLazaru, umngane Wakhe, ukuthi agule kangaka ekugcineni aze-afe ngempela-na? 1 Korinte 15:17-19; Amahubo 18:28.
“Umsebenzi [kaKristu] awuzange ugcine ngombukiso wamandla Akhe phezu kwezifo. Wenza umsebenzi ngamunye wokwelapha isikhathi sokutshala enhliziyweni izimiso ezingcwele zothando Lwakhe nomusa Wakhe.”-Counsels on Health, p. 249.
“Uma uKristu ubesegumbini labagulayo, uLazaru ngabe engafanga; ngoba uSathane ubengeke abenamandla phezu kwakhe. Ukufa ngabe kungaqondisanga insutsha yayo kuLazaru ebukhoneni baLowo onika-Ukuphila. Ngakho-ke uKristu wahlala wangaya kuleyondawo. Wavumela isitha ukuba sisebenzise amandla aso, ukuze asibuyisele emuva, isitha esinqobile. Wavumela uLazaru ukudlula ngaphansi kombuso wokufa; nodadewabo abahlupheka ngokubona umfowabo elele ethuneni. UKristu ubazi ukuthi ngokubheka ubuso obufile bomfowabo ukukholwa kwabo kuMhlengi buzovivinywa kanzima. Kodwa ubazi ukuthi ngobunzima abadlula kubo manje ukukholwa kwabo kuzokhanyela phambili ngamandla amakhulu. Wahlupheka ngeminjunju yosizi abathe balubekezelela. Bekungasho ukuthi ubathanda kancane ngoba wephuza, kodwa ubazi ukuthi ngenxa yabo, nangenxa Yakhe, ngenxa yabafundi Bakhe, ukunqotshwa kwakufanele kuzuzwe.”-The Desire of Ages, p. 528.
Ngolwesine
, Nhlangulana 19
5. AKWENZEKI NGOKUBONA KWETHU
a. Kuyini okufanele sikucabange njalo ngokufa kwezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, kungakhathaliseki ukuthi kwenzeke kanjani-na? Amahubo 116:15. Ysisho isibonelo.
“Akuzange kunikezwe u-Elisha ukuthi alandele inkosi yakhe enqoleni evuthayo. Phezu kwakhe uNkulunkulu wavumela ukugula isikhathi eside. Phakathi kwamahora obuthakathaka komuntu nokuhlupheka ukholo lwakhe lwabambelela ezithembisweni zikaNkulunkulu, futhi wabona izithunywa zasezulwini zimzungeza ngenduduzo nokuthula….ukholo luthe lavuthwa lwaba yithemba elihlalayo kuNkulunkulu wakhe, nalapho ebizwa ukufa wayekulungele ukuphumula emsebenzini wonke wakhe.”-Prophets and Kings, pp. 263, 264.
b. Yiziphi izehlakalo ezenzeka eBethaniya ngaphambi kokufika kukaJesu-futhi obani abanye ababekhona uma efika-na? Johane 11:17-19.
“Ngokwephuza ukuza kuLazaru, uKristu wayenenhloso yomusa maqondana nalabo abangakamamukeli. Walibala, ukuze ngokuvusa uLazaru kwabafileyo hleze anikeze labo abanenkani, abantu abangakholwa obunye ubufakazi bokuthi ngempela ‘ungukuvuka, nokuphila.’ Wayenengwa ukunikela lonke ithemba labantu, abampofu, imvu edukile yendlu yakwaIsrayeli. Inhliziyo Yakhe yadabuka ngenxa yokungazisoli kwabo. Ngomusa Wakhe wayehlose ukubanika obunye ubufakazi obubodwa bokuthi unguMbuyiseli, Lowo kuphela ongaletha ukuphila nokungafi ekukhanyeni. Lokhu kwakufanele kube ngubufakazi lobo abapristi abangeke bakuhlanekezela. Yiso isizathu sokulibala Kwakhe ukuya eBethaniya. Lesimangaliso sokugcina, sokuvuswa kukaLazaru, sasizobeka uphawu lukaNkulunkulu emsebenzini Wakhe futhi ngesimangalo sobungcwele Bakhe.”-The Desire of Ages, p. 529.
NgoLwesihlanu
, Nhlangulana 20
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ngobani ababengamalunga omndeni kaLazaru?
2. Kungani uJesu angazange ngokushesha avumelane nesicelo sabangane Bakhe-na?
3. Bazizwa kanjani abafundi ngesimo sokuziphatha kukaKrisu-na?
4. Ukufa kufanele kubhekwe kanjani yilabo abakholwa kuKristu?
5. Kungayiphi inhloso uKristu avumela uLazaru ukuba afe-na?