NgeSonto
, Nhlangulana 1
1. UKUBUZANA OKUPHINDWAYO
a. Lapho bebiza okwesibili insizwa uJesu ayevulile ukuba ibone, abaFarisi bazama ukuyicindezela ukuthi yenzeni-na? Johane 9:24.
“AbaFarisi babona ukuthi banikeza umphakathi udumo lomsebenzi owenziwe nguJesu. Abakwazanga ukwenqaba isimangaliso. Indoda eyimpumputhe yayigcwele injabulo nokubonga; wabheka izinto ezimangalisayo zemvelo, futhi wagcwala ukwethaba ngobuhle bomhlaba nesibhakabhaka. Ngokukhululeka wabalisa amava akhe, bazama futhi ukumthulisa, bathi, ‘Nikeza uNkulunkulu udumo: siyazi ukuthi loMuntu uyisoni.’ Okungukuthi, Ungasho ukuthi loMuntu ukunikeze ukubona; nguNkulunkulu okwenzile lokho.”-The Desire of Ages, p. 473.
b. Ngeyiphi ingxabano engenakuphikiswa insizwa eyayilethayo-na? Johane 9:25.
NgoMsombuluko
, Nhlangulana 2
2. UKUBUZANA OKUPHINDWAYO (KUYAQHUBEKA)
a. AbaFarisi baphinda babuza bathini kulensizwa ebuyiselwe ukubona-futhi yayiyini injongo yabo yangempela-na? Johane 9:26.
“[AbaFarisi] babuza futhi, ‘Wenzeni kuwe-na? Uwavule kanjani amehlo akho-na?’ Ngamazwi amaningi bazama ukumdida, ukuze acabange ukuthi udukisiwe ngokwakhe. USathane nezingelosi zakhe ezimbi babesohlangothini lwabaFarisi, futhi behlanganisa amandla abo futhi ngokuzithoba kwabantu ukuze bahlanekezele umfutho kaKristu. Bathuntubezela ukukholwa okwakujula ezingqondweni zabaningi.”-The Desire of Ages, p. 473.
b. Insizwa yabaphendula kanjani-futhi ngubani owayeseduze kwayo ukuba amkhuthaze-na? Johane 9:27.
“Izingelosi zikaNkulunkulu zazikhona lapha ukuze ziqinise umuntu obuyiselwe ukubona.
“AbaFarisi ababonanga ukuthi kwakufanele babhekane nanoma yimuphi umuntu ngaphandle kwendoda engafundile eyazalwa iyimpumputhe; bebengamazi Lowo ababephikisana naye. Ukukhanya okungcwele kwakhanyisa ekamelweni lomphefumulo wendoda eyimpumputhe. Lapho abazenzisi bezama ukumenza ukuba angakholwa, uNkulunkulu wamsiza ukuba abonise, ngamandla nokukhakhamela kwezimpendulo zakhe, ukuthi wayengeke athiywe.”-Ibid., pp. 473, 474.
c. Siqiniswa kanjani ngosizo olufanayo namuhla-na? Luka 12:11, 12.
“Manje, ngeBhayibheli lakho ufuna ukuhamba phambi kukaNkulunkulu, ulivule phambi kukaNkulunkulu, futhi uncenge phambi kukaNkulunkulu. Ufuna ukuzwisisa kwakho kuphangise; ufuna ukwazi ukuthi uyazazi izimiso zangempela zeqiniso, futhi lapho uhlangana nabaphikisi angeke ubhekane nabo ngamandla akho. Ingelosi kaNkulunkulu izoma eduze kwakho ukusiza impendulo yonke yemibuzo ongabuzwa yona. Kodwa ngalesosikhathi uSathane uzokuma ohlangothini lwabaphikisana nawe ukuvusa nokusho izinto ezinzima ukuba uzithwale, ukuze ucunuke uze ukhulume amazwi angafanele; kodwa izinkulumo zakho uzenza ukuba uSathane angazinikeli ngamazwi akho.”-The Review and Herald, Nhlaba 3, 1887.
Ngolwesibili
, Nhlangulana 3
3. ISIBINDI PHAMBI KOBUMPUMPUTHE NGABOMU
a. Bengakwazi ukukhohlisa insizwa ebuyiselwe ukubona, abaFarisi bameyisa kanjani-futhi ukungazi okunjalo kuye kwabonakala kuwo wonke umlando kanjani-na? Johane 9:28, 29; 1 Korinte 1:18, 19, 26-28.
“Ngebandla Lakhe ezizukulwaneni zonke uNkulunkulu uneqiniso elikhethekile nomsebenzi okhethekile. Iqiniso elifihliwe kwizihlakaniphi zelizwe nokuhlakanipha okwembulelwe labo abanjengezingane nabathobekile. Kudinga ukuzidela. Kukhona izimpi okufanele ziliwe nokunqoba okumele kuzuzwe. Ukuqala okumelwa ngabambalwa. Amadoda amakhulu elizwe nangomhlaba ovumelanayo, ayaphikiswa futhi adelelekile….
“Abaholi abakhulu bezenkolo babecabanga ukuthi lesizukulwane sizozwakalisa ukudumisa kwalo futhi sakhe isikhumbuzo salabo abatshale imbewu yeqiniso iminyaka engamakhulu edlule. Abaningi abasuki kulomsebenzi ukuthi banyathelele phansi izithelo ezikhulayo zembewu efanayo namuhla-na? Isikhalo esidala siyaphindwa, ‘Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; kepha lomuntu [uKristu eyisithunywa uyathuma], kodwa lo asimazi lapho evela khona.’ Johane 9:29. Njengasesikhathini sasendulo, amaqiniso akhethekile anamuhla ayatholakala, kungesikho njengeziphathimandla zezenkolo, kodwa njengabesilisa nabesifazane abangafundile kakhulu noma abangahlakaniphile kakhulu ukuba bakholwe yizwi likaNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, p. 78, 79.
b. Yisiphi isibonelo esingasifunda kubufakazi obuqotho balensizwa, kanye namanye amakholwa aqotho kuKristu-na? Johane 9:30-33; Izenzo 4:19, 20.
“Ngesizotha sonke, ngomoya womusa, nangothando lukaNkulunkulu kufanele sikhombise abantu ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali wezulu nomhlaba, nokuthi usuku lwesikhombisa luyiSabatha lukaJehova.
“Ngegama leNkosi kufanele siqhubekele phambili, sisombulule ibhanela Lakhe, sikhulume izwi Lakhe. Uma iziphathimandla zisitshela ukuthi singawenzi lomsebenzi, uma zisenqabela ukuba simememzele umthetho kaNkulunkulu nokukholwa kukaJesu, lapho-ke kuzodingeka nathi sisho njengoba kwenza abapostoli: ‘Nqumani-nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela-nina kunoNkulunkulu. Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.’ Izenzo 4:19, 20.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 395.
Ngolwesithathu
, Nhlangulana 4
4. ISIMO SENGQONDO SOBUIMNYAMA, IMISEBENZI YOBUMNYAMA
a. Njengoba abaFarisi ababethukuthele bengazimisele ukwamukela ubufakazi, kuyini abakwenza ngensizwa eyayifakaza ngokuphulukiswa kwayo-na? Johane 9:34.
“Indoda yabhekana nabamangaleli bakhe endaweni yabo. Umcabangoo wakhe wawungenakuphendulwa. AbaFarisi bamangala, futhi bathula-babeshaqekile phambi kwamagama akhe abonisiwe, amazwi anqunyiwe. Ngemizuzwana embalwa kwaba khona ukuthula. Ngakho abapristi naworabbi basonga izingubo zabo, kungathi besaba ukungcoliswa nokuxhumana naye; bathintitha uthuli ezinyaweni zabo, futhi bazwakalisa ukusola okuqondiswe kuye-‘Wena wazalwa ezonweni impela, wena usifundisa thina-na?’ basebemkhiphela ngaphandle.”-The Desire of Ages, p. 474.
b. Ngokuphambene, uJesu wayiphatha kanjani lensizwa-na? Johane 9:35-38.
“Indoda yazilahlela ezinyaweni zoMsindisi ikhuleka. Akubuyiselwanga kuphela ukubona kwakhe kwemvelo, kodwa namehlo okuqonda kwakhe athe avulwa. UKristu wembuliwe emphefumulweni wakhe, futhi wamamukela Yena njengoThunywe nguNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 475.
c. Chaza umehluko omkhulu phakathi kokuxosha abahlubuki abanenkani vs abaphika uKristu abayizimpumputhe abakhipha imiphefumulo elalela uNkulunkulu ngothando. 1 Amakhosi 9:6-9; Mathewu 12:31, 32; Amahubo 11:3.
“[UWycliff waphawula,] akekho umuntu ongaxoshwa ngempela ebandleni ngaphandle kokuthi azilethele ukulahlwa kuqala.”-The Great Controversy, p. 84.
“Ukuphikiswa kuyisabelo sabo bonke labo uNkulunkulu abasebenzisa emsebenzini wokuveza iqiniso ikakhulukazi elisebenza esikhathini sabo. Lalikhona iqiniso lanamuhla ezinsukwini zikaLuther, iqiniso ngalesosikhathi elalinokubaluleka okukhethekile, likhona iqiniso lanamuhla ebandleni….labo abaletha iqiniso lanamuhla mabalindeli ukuthi bazokwamukelwa ngothando olukhulu kunabavuseleli basendulo. Impikiswano enkulu phakathi kweqiniso nesiphambeko, phakathi kukaKristu noSathane, kumele ikhule ngamandla ekupheleni kwembali yalomhlaba.”-Ibid., pp. 143, 144.
Ngolwesine
, Nhlangulana 5
5. UKUBUSISWA VS UKWAHLULELWA NGOKUKHANYA
a. Kuyini uJesu akusho maqondana nomphumela womsebenzi Wakhe-na? Johane 9:39.
“Kwase kubuthana ixuku labaFarisi ndawonye, futhi ukubonakala kwabo kwaletha engqondweni kaJesu umehluko oke wabonakala ngomphumela wamazwi nemisebenzi Yakhe. UKristu wazela ukuvula amehlo abangaboni, ukunikeza ukukhanya kulabo abahlezi ebumnyameni. Wamemezela ngoKwakhe ukuthi ungukukhanya kwezwe. Nesimangaliso asenza sasifakazela umsebenzi Wakhe. Abantu ababona uMsindisi ekumbulweni Kwakhe bavunyelwa ukubona ngokuphelele ubukhona Bakhe obungcwele ukudlula umhlaba oke wakuthokozela ngaphambili. Ulwazi ngoNkulunkulu lwembulwa ngokuphelele. Kodwa kulesi sambulo, ukwahlulela kuyadlula phambi kwabantu. Izimilo zabo ziyahlolwa, nesiphelo sabo siyanqunywa.”-The Desire of Ages, p. 475.
b. Abafarisi baphendula kanjani amazwi kaKristu-na? Johane 9:40. Ngesikhathi ekhuluma nabo, uJesu wembula kanjani icala lobumpumputhe babo-na? Johane 9:41.
“Ukubonakala kwamandla angcwele lawo anikezwa indoda eyimpumputhe kokubili ngokwemvelo nokubona kwesimoya kwashiya abaFarisi ebumnyameni obujulile….Uma uNkulunkulu akwenze kwabanzima kubo ukubona iqiniso, ukungazi bekungeke kwabenza abanecala. ‘Kepha manje nithi, Siyabona.’ Ukholelwa ukuthi uyakwazi ukubona, futhi wenqaba izindlela ongathola ngazo ukubona. Kubo bonke ababona isidingo sabo, UKristu weza nosizo olungapheli. Kodwa abaFarisi abavumanga ukuthi banesidingo. Bayenqaba ukuza kuKristu, futhi ngalokho basala beyizimpumputhe-ubumpumputhe abanecala ngabo. UJesu wathi, isono senu sihlezi.’ ”-Ibid.
NgoLwesihlanu
, Nhlangulana 6
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kuyini abaFarisi ababezama ukuvumisa indoda ebeyimpumputhe ngaphambili-na?
2. Ngubani owayesebenzisa abaFarisi abangakholwa-na?
3. Ngubani owasiza insizwa ukuba inikeze izimpendulo ezicacile nezidelisayo-na?
4. Kuyini okwenzeka lapho ngesibindi, evuma uKristu obala-na?
5. Chaza ukuthi yiluphi uhlobo lobumpumputhe olubi kakhulu, futhi kungani.