Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
  ISabatha, Nhlaba 3, 2025

Umnikelo weSabatha Lokuqala

Ngowe-World Mission

Namuhla umlayezo ufike ngesikhathi uyahlokoma:

“Umoya wokufundisa kufanele uvuselelwe emabandleni ethu. Wonke amalunga ebandla kufanele afunde ukuthi angasiza kanjani ukuqhubekisela phambili umsebenzi kaNkulunkulu, kokubili kumamishini asekhaya nasemazweni akude. Cishe inxenye eyinkulungwane yomsebenzi owenziwe okufanele ngabe wenziwe kumasimu yizithunywa zevangeli. UNkulunkulu ubiza izisebenzi Zakhe ukuba zihlanganise amasimu amasha ngenxa Yakhe. Kukhona amasimu anomhlaba onothile alindele ukusetshenzwa isisebenzi esithembekile. Izingelosi ezikhonzayo zizosizana namalunga onke ebandla azosebenzela iNkosi yawo ngokuzinikela.

“Ibandla likaKristu emhlabeni lahlelwa ngenhloso yokuvangela, neNkosi ifisa ukubona ibandla lonke liceba izindlela nezimali lapho abakhulu nabancane, abacebile nabampofu, bangezwa umlayezo weqiniso. Asibobonke ababizelewe umsebenzi womuntu ubuqu kumasimu akude, kodwa bonke bangenza okuthile ngemikhuleko yabo nangezipho ukuze basize umsebenzi wezithunywa zevangeli.

“Usomabhizinisi waseMelika obengumKrestu oqotho, lapho ekukhuluma nesinye isisebenzi esikanye naye waphawula ngokwakhe ukuthi wayesebenzela uKristu amahora angamashumi amabili nane ngosuku. Kubo bonke ubudlelwano bami nebhizimisi,’ wathi, ‘ngizama ukumela iNkosi yami. Njengoba nginethuba, ngizama ukuzuzela abanye Kuyo. Usuku lonke ngisebenzela uKristu. Futhi ebusuku, lapho ngilele, nginomuntu osebenzela Yena endaweni yaseChina.’

“Ekuchazeni wengeza: “Ebusheni bami nganquma ukuba ngihambe njengesithunywa sevangeli kubahedeni. Kodwa ekufeni kukababa wami kwafanela ukuba ngisebenze kwibhizinisi lakhe ukuze ngondle umndeni. Manje, esikhundleni sokuzihambela mina, ngixhasa isithunywa sevangeli. Kwidolobha elinjalo, kwisifunda saseChina, kulapho isisebenzi-sami simiswe khona. Futhi, ngisho nanxa ngilele, mina, ngisasebenzela uKristu ngommeli wami.”-Testimonies to the Church, vol. 6, pp. 29, 30.

“Manje ukudlula ngaphambili yisikhathi sokubeka imali ebhange laseZulwini ngokwenzaaa umsebenzi wamasimu emhlabeni. Angeke kubelula, futhi kamuva kungaba semva kwesikhathi. Imiphefumulo iyabhubha ingenaye uKristu kanye neqiniso lanamuhla, neNkosi ibeke phezu kwethu ukukhanya okuyigugu okufanele kusakazwe emhlabeni wonke.

Ngiyacela ukuba niphe ngesihle, kwangathi iNkosi inganibusisa ngokunothile kanye nesipho senu. Ngiyabonga!

Kwigatsha leSabbath School kwiGeneral Confere

 <<    >>