Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
  ISabatha, Nhlangulana 7, 2025

Umnikelo weSabatha Lokuqala

“Izindlu ezimbili zokukhonzela eTmal Nadu, India

Ubufakazi beArchaeological bukhomba ukuthi kusukela ekuqaleni konyaka 2600 B.C., Impucuko ye-Indus beseyikhona emadolobheni amaningi isivele yahlala ezwenikazi namuhla elaziwa ngokuthi i-India. Inkolo yangempela lapha sekuyisikhathi eside ingamaHindu. (79.8%), ilandelwa ngamaIslam (14.2%), AmaKrestu (2.3%), amaSikhisim (1.7%), kanye nezinye. Lapho imibiko ebeyikhona yokuxhumana neSDA Reform Movement kusukela ngonyaka ka1920 no 1950, kwakungonyaka ka1987 lapho i-Indiya esenyakatho yamelwa okokuqala ngokusemthethweni kuSDARM kuGeneral Conference lapho kwakuhlangene khona izithunywa.

Isifunda esiseningizimu yeIndia-iTamil Nadu-ibhekwa njengendlunkulu kwezezimboni nakwezolimo. Umsebenzi weNkosi uthe wamiswa lapha iminyaka eminingi, kodwa ukusebenzela abantu abaningi abangaphezu kwezigidi ezingu 72 kulesifunda, kukhona isidingo sokufinyelela okubanzi.

Ngokuya ngokubalwa kwabantu ngonyaka ka 2001 eIndia, umuzi wasePattveeranpatti bowunabantu abangu 7, 744. Isilinganiso sayo sokubala sasiphakeme nge 83%, siphakeme kunesilinganiso sikazwelonke nge59.5% (izincwadi ezivumayo).

Umthombo oyinhloko wokuziphilisa lapha ikhofi, amabhanana, amawolintshi, necardamon, upelepele, nezinye izithako. I-Pallapatti iyidolobha elikhulu elinabantu abangu 13, 701.

Kusukela ngonyaka ka 1998, umsebenzi omkhulu wokungakhathali komvangeli osuka ePeriyaklamuthe wasiza ukukhulisa inani lamalunga ebandla kakhulu kulezindawo ezimbili. Izinselela ezimbalwa zenze kwabanzima ukuhlala kwizindlu ezikhokhelwayo, kanjalo manje, abazalwane kulendawo yasePattiveeranpatti nasePallapatti badinga indawo yabo yokukhonzela.

UMoya wesiProfetho ngempela uphawula iIndia njengendawo lapho ‘[izigidi phezu kwezigidi ezingazange zezwa ngoNkulunkulu noma uthando Lwakhe olwembulwe kuKristu. Kuyilungelo labo ukwamukela lolwazi. Banezimfuno ezilingana nezethu emseni woMsindisi.”-Education, p. 263.

Ngokho-ke ngenhlonipho enkulu sicela abazalwane nodade emhlabeni wonke ukuba banikele ngesihle ukwakha indlu yesibane seNkosi ukuba ikhazimule lapha. Ngomsebenzi wokumela umthetho kaNkulunkulu nokulungisa izikhala ezenziwe emthethweni kaNkulunkulu, kufanele sihlanganise uzwelo kubantu abahluphekile. Kufanele sibonise uthando oluphakeme kuNkulunkulu; kufanele siphakamise isikhumbuzo Sakhe.”-Welfare Ministry, p. 32. Siyanibonga, kwangathi iNkosi ingabusisa izipho nalabo abaphayo!

Abazalwane nodade abavela ePattiveeranpatti nase Pallapatti

 <<    >>