Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
ISIFUNDO 3 ISABATHA, MBASA 19, 2025

UJesu Esemkhosini wamaDokodo

IVESI LEKHANDA “Bamangala ngokufundisa Kwakhe, ngokuba izwi Lakhe lalinamandla “(Luka 4:32).

“UJesu ubazi ngezidingo zomphefumulo. Ubukhazikhazi, ingcebo, kanye nodumo angeke kwanelisa inhliziyo. ‘Uma ekhona owomileyo, akeze kimi aphuze.’ Abacebile, nabampofu, abaphakeme, nabaphansi, bamukelwa ngokufanayo. Uthembisa ukukhulula ingqondo ethwele kanzima, ukududuza abadabukileyo, futhi anikeze ithemba kwabadangele.”-The Desire of Ages, p. 454.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 31-35. 

NgeSonto , Mbasa 13

1. UKUPHILA KWASEKHAYA KUKA-JESU

a. Iyiphi inselele uJesu abhekana nayo ekhaya Lakhe-na? Johane 7:5.

“Ebuncaneni Bakhe, uJesu wayeseqalile ukwakha isimilo Sakhe, futhi inhlonipho nothando kubazali Bakhe kwakungeke kwamenza ayeke ukulalela izwi likaNkulunkulu. ‘Kulotshiwe ukuthi’ bekuyisizathu Sakhe ngesenzo ngasinye esingafani namasiko omndeni. Kodwa umfutho waborabbi wenza ukuphila Kwakhe kwaba muncu. Nasebusheni Bakhe kwakunele afunde isifundo esinzima sokuthula nokubekezela.

“Abafowabo, njengamadodana kaJosefa abizwa ukuthi, abesohlangothini laworabbi. Ayegcizelela ukuthi amasiko kufanele aqashelwe, kungathi ayizimfuno zikaNkulunkulu. Babenaka izimiso zabantu kakhulu kunelizwi likaNkulunkulu, futhi babethukutheliswa kakhulu ukukhalipha okusobala kukaJesu lapho ehlukanisa phakathi kwamanga neqiniso. Ukulalela Kwakhe okuqotho umthetho kaNkulunkulu, bakugxeka ngokuthi unenkani. Bemangaliswa ulwazi nokuhlakanipha akubonisayo uma ephendula orabbi. Bebazi ukuthi akatholanga imfundo evela kumadoda ahlakaniphile, kodwa babengenakho ukubona ukuthi Yena ungumeluleki wabo. Baqonda ukuthi imfundo Yakhe yayiphakeme kakhulu kuneyabo. Kodwa abahlukanisanga ukuthi wayenelungelo lomuthi wokuphila, umthombo wolwazi bona ababengenawo.”-The Desire of Ages, p. 86.


NgoMsombuluko , Mbasa 14

2. AMADODANA KA-JOSEFA

a. Siphakamiso-sini abafowabo kaJesu abasenza Kuye ngesikhathi belindele umkhosi wamadokodo weminyaka yonke-na? Johane 7:3, 4.

“Abafowabo [bakaKristu] babecabanga ukuthi wenza iphutha ngokuzehlukanisa namadoda afundile esizwe. Babenomuzwa wokuthi lamadoda enza okulungile, nokuthi uJesu usephutheni lokuzibeka ngoKwakhe ukuba aphikisane nawo. Kodwa babengofakazi bokuphila Kwakhe okumsulwa, futhi noma babengazibeki kwizinga labafundi Bakhe, babethathekiswe kakhulu imisebenzi Yakhe. Udumo Lwakhe eGalile belithokozisa izifiso zabo; babenethemba lokuthi uzonikeza ubufakazi bamandla Akhe azoholela abaFarisi ukuba babone ukuthi uyilokho Azisho ukuthi uyikho. Kungathiwani uma enguMesiya, isikhulu sakwaIsrayeli! Babewuthanda lomcabango ngokweneliseka okuziqhenyayo.

“Babekhathazekile kakhulu ngalokhu baze banxusa uKristu ukuba aye eJerusalema. ‘Muka lapha,’ besho, ‘uye eJudiya, nabafundi Bakho ukuze babone imisebenzi Yakho oyenzayo. Ngoba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, befuna yena uqobo lwakhe abesobala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise Wena kulo izwe.’ Futhi igama elithi ‘uma’ ligcizelela ukungabaza nokungakholwa. Babebonisa ubugwala nobuthakathaka Kuye. Uma ezazi Yena ukuthi unguMesiya, kungani lokuziphatha okungajwalekile nokungenzi umsebenzi-na? Uma ngempela enawo lawomandla, kungani engahambi ngesibindi ukuya eJerusalema, futhi aqinise izimfuno Zakhe. Kungani engenzi imisebenzi eJerusalema imisebenzi emangalisayo okubikwa ngayo eGalile. Ungazifihli ezifundazweni ezisithekile, besho, bese wenza imisebenzi yakho enamandla ukuba kusizakale abalimi nabadobi abangafundile. Ziveze enhloko-dolobha, uzuze ukusekelwa ngabapristi nababusi, bese uhlanganisa isizwe ekusunguleni umbuso omusha.”-The Desire of Ages, p. 450.

b. Chaza inkinga abamnene ababehlala bebhekana nayo. Amahubo 86:14.

“Abafowabo bakaJesu uma ebonisana nabo ngomsuka wobugovu kaningi obutholakala ezinhliziyweni zalabo abafisa ukuvelela. Lomoya bekungumoya obusa emhlabeni. Babephatheka kabi ngoba, esikhundleni sokufuna isihlalo sobukhosi sesikhashana, uKristu wayememezela ukuthi uyisinkwa sokuphila. Badumala kakhulu lapho abafundi abaningi bemshiya. Bona ngokwabo basuka Kuye bebalekela isiphambano sokuvuma imisebenzi athe wayembula-yokuthi uyisiThunywa sikaNkulunkulu.”-Ibid., p.451.


Ngolwesibili , Mbasa 15

3. IMPIKISWANO NGO-JESU

a. Yimiphi imibono ephikisanayo eyakhuliswa ngoJesu-na? Johane 7:11, 12.

“Ukusuka eJerusalema umbiko wezimangaliso zikaKristu wasabalala yonke indawo lapha amaJuda ayehlakazeke khona. Futhi noma izinyanga eziningi ubengekho emikhosini, intakazelelo Kuye ayizange inciphe. Abaningi abavela kuzo zonke izinxenye zomhlaba babekhuphukele eMkhosini wamaTabanakeli ngethemba lokuMbona. Ekuqaleni komkhosi imibuzo eminingi yenziwa Ngaye. Abafarisi nababusi babelindele ukuthi uYeza, benethemba lokuthola ithuba lokumlahla ngecala. Ngokushisekela babuza, ‘Uphi Yena?’ kodwa akekho owaziyo. Umcabango Ngaye wawuphezulu kakhulu ezingqondweni zonke. Ngokwesaba abapristi nababusi, akekho nakanye owaMvuma njengoMesiya, kepha yonke indawo kwakukhona ingxoxo eyayingakaze ibekhona impela Ngaye. Abaningi babemvikela njengaLowo othunywe nguNkulunkulu, kanti abanye bemgxeka njengomkhohlisi wabantu.”-The Desire of Ages, pp. 451, 452.

b. UJesu wayithulisa kanjani imibono ephikisanayo ephathelene Naye-na? Johane 7:14-18; Luka 4:32.

“Phakathi komkhosi, lapho ukwesasa Ngaye kuphakeme kakhulu, waNgena egcekeni lethempeli phambi kwesixuku. Ngenxa yokungabikho Kwakhe emkhosini, kwakunxuswe ukuthi angabi nesibindi sokuzibeka emandleni ngaphezu kwabapristi nababusi. Bonke bamangala ngobukhona Bakhe. Kwathuliswa wonke amazwi. Bonke bamangala ngesithunzi nesibindi sokuziphatha Kwakhe phakathi kwezitha ezinamandla ezazinxanela ukuphila Kwakhe.

“Ngakho-ke, emile, njesikhungo sokukhangwa yisixuku esikhulu, uJesu wabafundisa njengokungathi akukho muntu owake wakwenza ngaphambili. Amagama Akhe akhombisa ulwazi lwemithetho kanye nezimiso zakwa-Israyeli, nezinkonzo zemihlatshelo nezimfundiso zabaprofethi, zezidlula kude kakhulu ezabapristi naworabbi. Waphula izivimbelo zemikhuba namasiko. Izehlakalo zokuphila okuzayo zazibonakala ziphambi Kwakhe. Njengomuntu obona okungaBonwa, wakhuluma ngelizwe lasemhlabeni nelasezulwini, umuntu nokungcwele, ngegunya elihle. Amagama Akhe ayesobala futhi aqinisekile, futhi, njengaseKapenawume, abantu bamangala ngokufundisa Kwakhe, ‘ngoba izwi Lakhe lalinamandla.’ Luka 4:32….Bonke bazulazula olwazini Lwakhe lomthetho neziprofetho.”-Ibid., pp. 452, 453.


Ngolwesithathu , Mbasa 16

4. INZONDO EBHEKISWE KOYINGCWELE

a. UJesu kuyini akubona ko-rabbi futhi mbuzo muni awuletha-na? Johane 7:19.

“UJesu wanikeza orrabi ubufakazi bobungcwele Bakhe ngokubabonisa ukuthi wayefunda izinhliziyo zabo. Kusukela ekwelapheni Kwakhe eBethaniya babeceba ukufa Kwakhe. Kanjalo babephula umthetho abawufakazelayo ukuba bazivikele. ‘Ingabe uMose akaninikanga umthetho,’ Wathi, ‘Nokho akekho kini ogcina umthetho? Kungani nifuna ukungibulala-na?”-The Desire of Ages, p.456.

b. Ekuphenduleni kwabo uKristu, kuyini o-rabbi abambeka icala ngakho-futhi waphendula kanjani-na? Johane 7:20-23.

“Kulokuqagela [ukuthi imisebenzi Yakhe emangalisayo ithunyelwe ngumoya omubi] uKristu akazange akunake. Waqhubeka ukubonisa ukuthi umsebenzi Wakhe wokuphilisa eBethaniya wawuvumelana nomthetho weSabatha, nokuthi amaJuda ngokwawo akuphendulela ngokuhumusha akubeka emthethweni. Wathi, ‘Ngokuba uMose uninikile ukusoka…futhi ngosuku lweSabatha niyamsoka umuntu.’ Ngokuya ngomthetho, wonke umntwana kufanele asokwe emva kwezinsuku eziyishiyagalombili. Lapho isikhathi esimisiwe sifika ngeSabatha, kanjalo usiko kumele lwenziwe. Kukangakanani okumele kuhambisane nomoya womthetho wokwenza umuntu ‘konke okumhlophe ngokuphelele ngosuku lweSabatha.’”-Ibid., pp. 456, 457.

c. Chaza ukubaluleka okubanzi kwesixwayiso esilandelayo sikaKristu. Johane 7:24.

“Ababusi bathuliswa; futhi iningi labantu lababaza lithi. Lona akasiye yini abafuna ukumbulala-na? Kodwa bheka, ukhuluma ngesibindi, abasho lutho Kuye. Ingabe ababusi bayazi ngempela ukuthi lo unguKristu-na?”-Ibid., p. 457.

“UKristu akabheki ukubonakala kwangaphandle; akahluleli njengalokhu umuntu ehlulela. Akazisi umuntu ngokwesigaba sakhe, ithalenta, imfundo, noma isikhundla.

“Kulomuntu ngiyakubheka, Esho, ‘nakulowo ompofu, nonomoya ochotshoziweyo, nothuthumela ngezwi Lami.”-The Signs of the Times, Mfumfu 21, 1897.


Ngolwesine , Mbasa 17

5. UKUNQUMA KOMUNTU VS OKUNGCWELE

a. Umbhalo uveza kanjani isimo sengqondo somphakathi kulomhlaba-ngokuvamile njengoba sasibonakala ezikhathini zasendulo, kodwa ikakhulukazi namuhla-na? Isaya 59:14, 15.

“Izithunywa ezimbi zihlanganisa amandla azo futhi ziyawaqinisa. Zinika amandla inhlekelele enkulu yokugcina. Izinguquko ezinkulu zizokwenzeka maduzane emhlabeni wethu, futhi ukunyakaza kokugcina kuzokwenzeka ngokushesha….

“Isitha siphumelele ukuhlanekezela ubulungisa nokugcwalisa izinhliziyo zabantu ngesifiso sokuzuza ngobugovu….Ukukhala kwabantu abalambile kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kuyilapho ukucindezela kwezinhlobo zonke nokuphanga abantu ngobugovu baqokelela ingcebo enkulu ngokwesabekayo.”-Testimonies for the Church, vol. 9, pp. 11, 12.

b. Phakathi kwzinxushunxushu, kungani singathembela ezindleleni zikaNkulunkulu-na? Isaya 55:8, 9.

“Noma izingqondo zabantu ezifayo zingakulungele ukungena kwikomiti yokweluleka yaLowo Ongapheliyo, noma ukuqonda ngokuphelele ukusebenza kwezinhloso Zakhe, kodwa kaningi kungenxa yamanye amaphutha noma ukunganaki kolwabo uhlangothi maqondana nomyalezo waseZulwini. Kaningi izingqondo zabantu, ngisho nezinceku zikaNkulunkulu, ziphuphuthekiswa imibono yabantu, amasiko nezimfundiso zamanga zabantu, ukuze bakwazi ukuqonda kuphela inxenye yezinto ezembulwe ezwini Lakhe.”-The Great Controversy, pp. 344, 345.

“Icebo likaNkulunkulu ngabantwana Bakhe liphakeme kunomcabango umuntu angafinyelela kuwo. Unikezile emthethweni Wakhe ongcwele umbhalo wesimilo Sakhe.”- Testimonies for the Church, vol. 8, p. 63.


NgoLwesihlanu , Mbasa 18

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Chaza isimo sasekhaya uJesu akhulela kuso.

2. Isimo sengqondo esinjani esaboniswa abafowabo baka-Kristu esiphindeka kaningi namuhla-na?

3. Yimiphi imibono ephikisanayo eyasakazwa ngoJesu-na?

4. Chaza umoya o-rabbi abawubonisa kuJesu.

5. Chaza umehluko omkhulu phakathi kwezindlela zomuntu nezikaNkulunkulu.

 <<    >>