NgeSonto
, Mbasa 27
1. UGIBE OLUBEKELWE U-JESU
a. Ngesikhathi uJesu efundisa ethempelini, ababhali nabaFarisi kuyini abakwenzayo-na? Johane 8:2-3.
“UKristu waphazanyiswa masinyane. Ixuku labaFarisi nababhali lasondela Kuye, lihudula kanye nabo owesifazane oshaywe uvalo, lowo ngokuqinile, belangazela ngamazwi ukumbeka icala lokweqa umthetho wesikhombisa.”-The Desire of Ages, p. 460.
b. Bebonisa inhlonipho enkulu nesobala ngomthetho, mbuzo muni abaFarisi abawuletha kuKristu-futhi kuyini ababekuqondile ngempela-na? Johane 8:4-6 (isigaba sokuqala).
“Ukuhlonipha kwabo kokuzenzisa kwemboza icebo lokucekela phansi elijulile Ngaye. Babamba lethuba ukuvikela ukulahlwa Kwakhe, becabanga ukuthi noma yisiphi isinqumo angasenza, bazothola ithuba lokuMmangalela. Uma kufanele owesifazane abekwe icala, udelela umthetho kaMose. Uma kufanele amemezele ukuthi ufanelekile, uzosolwa ngamaRoma njengomuntu ocabanga ngegunya kuphela elingelabo.”-Ibid., pp. 460, 461.
NgoMsombuluko
, Mbasa 28
2. UMFANEKISO WANGEMPELA WEMBULIWE
a. UJesu waphendula kanjani emangeni wabaFarisi-na? Johane 8:6 (isigaba sokugcina).
“UJesu wabheka okwesikhashana isehlakalo-somutu ohlushwayo ethuthumela ehlazweni lakhe, izikhulu ezinobuso obuqinile, ezingenaso isihawu somuntu. Umoya Wakhe ohlanzekile ongenasici wawunolwazi lokuthi kungani lelicala lilethwe Kuye. Wafunda izinhliziyo, ubenolwazi lomlando wokuphila komuntu wonke ophambi Kwakhe. Laba bekufanele babe ngabalondolozi bobulungiswa ngokwabo baholela isisulu sabo esonweni, ukuze babekele uJesu ugibe. Engabaniki isibonakaliso sokuthi uzwile umbuzo wabo, Wasukuma, egxilisa amehlo Akhe phansi, waqala ukubhala emhlabathini.”-The Desire of Ages, p. 461.
b. UJesu wabonisa kanjani ukuthi abamangaleli ngokwabo babenesono-futhi kuyini abakwenza ngalesosikhathi-na? Johane 8:7-9.
“Abamangaleli base behluliwe. Manje, isambatho sabo sokuzenzisa okungcwele sisuwe kubo, bema, benecala futhi belahliwe, phambi kokuHlanzeka Okungapheli. Bathuthumela funa ububi obufihliwe bezimpilo zabo bungabekwa obala phambi kwesixuku; futhi ngabanye, ngamakhanda athotshisiwe nangamehlo abheke phansi, bahamba, beshiya lowo abambeka icala nomMsindisi onozwelo.”-Ibid.
c. Ngokuvamile, kuyini esingakufunda ngamazwi kaJesu kubamangaleli Bakhe-na? Luka 6:42.
“Kukhona labo abasebancane kwizifiso zabo zokulungisa izinto kubo ezibonakala ziyiphutha. Bacabanga ukuthi kufanele bakhethwe ukuba bathathe indawo yalabo abenze amaphutha. Babukela phansi umsebenzi owenziwe yilezisebenzi kuyilapho abanye bababheka futhi babagxeke. Ngezenzo zabo bathi: ‘Ngingenza izinto ezinkulu. Ngingaqhubekisela phambili umsebenzi ngempumelelo.’ ‘Kulabo abacabanga ukuthi bazi kakhulu ukuze bagweme amaphutha, Ngiyaliwe ukusho kubo ukuthi: ‘Ungahluleli, ukuze nawe ungahlulelwa.’ Mathewu 7:1. Ungakwazi ukugwema ukwenza amaphutha komunye umcijo, kodwa ezinye izinto unakho ukwenza amaphutha anzima kakhulu, okuzobanzima kakhulu ukuwelapha futhi azoletha isiphithiphithi emsebenzini. Lamaphutha angenza okubi kakhulu kunalawo enziwe abazalwane bakho.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 279.
Ngolwesibili
, Mbasa 29
3. ISENZO ESINGALINDELWE
a. Mbuzo muni uJesu awuletha kowesifazane emva kokuba abamangaleli behambile-futhi indlela Yakhe yokubhekana nalesimo yathinta kanjani ukuphila kowesifazane-na? Johane 8:10, 11.
“Owesifazane wema phambi kukaJesu, egcwele ukwesaba. Amazwi Akhe, ‘Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe,’ kuyena ezwakala njengonqunyelwe ukufa. Akazange abhekise amehlo akhe ebusweni boMsindisi, kodwa ngokuthula walindela isijeziso sakhe. Ngokumangala wabona abamangaleli bakhe behamba ngokuthula futhi bejabhile; ngakho-ke lawomazwi ethemba awela ezindlebeni zakhe, ‘Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.’ Inhliziyo yakhe yancibilika, futhi, wazilahlela ezinyaweni zikaJesu, wakhipha uthando lwakhe lokubonga futhi ngezinyembezi ezibabayo wavuma izono zakhe.
“Lesi kuyena bekuyisiqalo sempilo entsha, ukuphila okuhlanzekile nokuthula, othembekile kuNkulunkulu. Ekuphakamiseni umphefumulo owileyo, uJesu wenza isimangaliso esikhulu kunokwelapha isifo esinzima kakhulu somzimba; welapha ukugula kwesimoya esingukufa ingunaphakade. Owesifazane ophendukile waba ngomunye wabalandeli Bakhe abaqinile. Ngothando lokuzidela nokukhonza wabonisa ukubonga kwakhe umusa Wakhe othethelelayo. Ngowesifazane onephutha umhlaba unendelelo futhi uyaklolodela, kodwa Lowo Ongenasono wazwelana naye ebuthakathakeni futhi welulela kuye isandla esisizayo. Lapho baFarisi abazenzisayo bemlahla, uJesu wathi kuye, ‘Hamba, ungabe usona.’”-The Ministry of Healing, p. 89.
“Ngesenzo Sakhe sokuthethelela lona wesifazane nokumkhuthaza ukuthi aphile impilo engcono, isimilo sikaJesu sikhanya ebuhleni bokulunga okuphelele. Yize engathambisi isono, noma anciphise umuzwa waso, akafuni ukulahla, kodwa ukusindisa. Umhlaba ngalona wesifazane unendelelo futhi uyaklolodela kuphela; kodwa uJesu ukhuluma amazwi enduduzo nethemba.”-The Desire of Ages, p. 462.
b. Chaza umphumela womusa kaKristu osindisayo. Luka 7:37-41, 47, 48.
“UJesu uyazazi izimo zomphefumulo ngamunye. Lapho icala lesoni lilikhu, yilapho edinga kakhulu uMsindisi. Inhliziyo Yakhe yothando olungcwele nozwelo idonswa ngabaningi kulowo obanjwe ngokungenathemba ogibeni lwesitha. NgeLakhe igazi wasayina amaphepha enkululeko yesizwe.”-The Ministry of Healing, p. 89, 90.
Ngolwesithathu
, Mbasa 30
4. UKUDUDUZEKA KWABO BONKE
a. Kuyini okufanele kubonise isimo sethu sengqondo, ikakhulukazi ngokuphathelene nabanye-futhi lokhu kungenzeka kuphela kanjani-na? 2 Korinte 1:3-5.
“Izimeko zinokuncane ezingakwenza ngamava omphefumulo. Kungenxa yomoya othokozelwayo onikeza umbala kuzo zonke izenzo zethu. Umuntu onokuthula noNkulunkulu nabazalwane bakhe angeke adangaliswa. Umona angeke wabakhona enhliziyweni yakhe; ukucabangela okubi angeke kwathola indawo lapho; inzondo angeke ibekhona. Inhliziyo evumelana noNkulunkulu iphakanyiselwa ngaphezu kokucanuka nezilingo zalokuphila.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 488.
“Bekungenxa yokuhlupheka uJesu athola ngayo imfundiso yokuthula. Ngokuhlupheka koluntu lonke Naye uyathinteka; futhi ‘Ngokuba lokhu wahlupheka uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.’ Isaya 63:9; Heberu 2:18. Kulemfundiso wonke umphefumulo ongena ebudlelwaneni bokuhlupheka Kwakhe unelungelo lokwabelana.”-Thoughts from the Mount of Blessing, p. 13.
b. Chaza ithemba elingavamile kanye nelungelo esinalo lokulandela ezinyathelweni zikaKristu. 2 Korinte 1:6, 7.
“Uma ungenamuzwa wokuthi kuludumo ukuba ngumhlanganyeli wezinhlupheko zikaKristu; uma ungazizwa unomthwalo womphefumulo olungele ukufa; uma ungavumi ukunikela ukuze ubeke imali yomsebenzi okumele wenziwe, angeke kwabakhona indawo yakho embusweni kaNkulunkulu. Sidinga ukuba ngabahlanganyeli noKristu ekuhluphekeni Kwakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 9, pp. 103, 104.
c. Chaza ubunjalo obudingeka kakhulu phakathi kwamakholwa ngaphansi kwesigijimi sezingelosi ezintathu. 1 Korinte 13:13, 4-8.
“Izimpawu ezidingeka kakhulu ukuba zithokozelwe abantu bakaNkulunkulu abagcina umthetho banakubekezela futhi banesineke, ukuthula nothando. Lapho uthando luntuleka-khona, ukulahlekelwa okungenakubuyiselwa kuyaqhubeka.”-Ibid., vol. 6, pp. 398.
Ngolwesine
, Nhlaba 1
5. UKUBUYISWA OKUNOTHANDO
a. Amakholwa eqiniso kuyini azokwenza uma umKrestu ewela esonweni-ngokuphambene nalokhu amakholwa anenhliziyo yamanga avame ukwenzani-na? Galathiya 6:1-3; Roma 15:1-3.
“Gcina enqondweni ukuthi umsebenzi wokubuyisela kufanele ube ngumthwalo wethu. Lomsebenzi akumele wenziwe ngokuzidla, ngokuxhamazela, nangendlela yobungcwethi. Ungasho ukuthi, ngendlela yakho, unamandla, futhi uzowasebenzisa, bese uthulule ukumangalela kulowo owenza iphutha. Yenza ukubuyisana kwakho ngomoya omnene, wokuzicabangela, funa nawe ulingwe. Umsebenzi obekwe phambi kwethu ukwenzela abafowethu kungesikho ukubabekela eceleni, kungesikho ukubacindezela ukuba badangale noma sibadele ngokuthi: ’Ungiphoxile, futhi angeke ngizame ukukusiza.’ Lowo ozibeka ngokwakhe njengogcwele ukuhlakanipha namandla, futhi edonsela phansi lowo ocindezelwe nohluphekile odinga usizo, abonise umoya wabaFarisi, azemboze ngengubo yesithunzi azenzele yona. Ngomoya wakhe ubonga uNkulunkulu ukuthi akafani nabanye abantu, ecabanga indlela yakhe njengefanele ukudunyiswa nokuthi unamandla kakhulu ukuba angalingwa. Kodwa ‘uma umuntu ecabanga ukuthi unotho, engelutho, uyazikhohlisa.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 398, 399.
“Akasiye umlandeli bakaKristu lowo, ngamehlo agwemayo, afulathele owonile, abayeke bengenazithiyo zokuphishikela indlela yabo ephansi. Labo abaphambili ekumangaleleni abanye, futhi beshisekela ukubaletha ekulungisweni, ngokuvamile izimpilo zabo zinecala kunabo. Abantu bazonda isoni, kuyilapho bethanda isono. UKristu uzonda isono, kodwa uyasithanda isoni. Lona uzoba ngumoya wabo bonke abaMlandelayo. Uthando lomKrestu luyephuza ukuthukuthela, futhi luyashesha ukubona ukuphenduka, lulungele ukuthethelela, ukukhuthaza, ukubeka odukayo endleleni yobungcwele, nokugcina izinyawo zakhe kuyo.”-The Desire of Ages, p. 462.
NgoLwesihlanu
, Nhlaba 2
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza ugibe ababhali nabaFarisi abalulungisela uJesu.
2. AmaJuda angabazenzisi abonisa kanjani ukuhlonipha kwabo umthetho-na?
3. Kuyini amaJuda amangalela owesifazane aphoqeleka ukuba akuvume ngabo-na?
4. Chaza ithemba elanikezwa owesifazane owonile owaphathwa kabi.
5. Ngingafana kanjani noJesu uma ngibhekene nemiphefumulo eyonayo-na