Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
ISIFUNDO 8 ISABATHA, NHLABA 24, 2025

UJesu Kanye no-Abrahama

IVESI LEKHANDA: “UAbrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula” (Johane 8:56).

“(UAbrahama wenza umthandazo oqotho ngaphambi kokufa kwakhe ukuze abone uMesiya. Futhi wambona uKristu.”-The Desire of Ages, p. 468.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Christ Object Lessons, pp. 269-271, 330-332. 
  Early Writings, pp. 149-153 

NgeSonto , Nhlaba 18

1. AMADODANA KA-ABRAHAMA

a. Kuzisho kuni abaFarisi ababekuphinda-phinda-na? Johane 8:33 39 (isigaba sokuqala). Nokho yini efakazela ukuhlangana okunjalo-na? Johane 8:39 (isigaba sokugcina), 56; Roma 9:6-8.

“AbaFarisi bazisho ngokwabo ukuthi bangabantwana bakaAbrahama. UKristu wabatshela ukuthi lokhu kuzisho kungafakazelwa kuphela ngokwenza imisebenzi kaAbrahama. Abantwana beqiniso bakaAbrahama bazophila, njengoba yena aphila, ukuphila kokulalela uNkulunkulu. Angeke bazame ukubulala Lowo okhuluma iqiniso anikwa lona nguNkulunkulu. Ukuceba uzungu olumelene noKristu, orrabi bebangenzi umsebenzi kaAbrahama. Ukuzisho nje ukuthi uyinzalo kaAbrahama bekungasizi ngalutho. Ngaphandle kokuxhumana kwesimoya naye, okuzobonakala ngokuba nomoya ofanayo, nokwenza imisebenzi efanayo, babengebona abantwana bakaNkulunkulu.

“Lesimiso siqukethe isisindo esifanayo phezu kombuzo okade ufundekela umhlaba wabuKrestu-umbuzo wokulandelana kwabapstoli. Ukwehla kusukela kuAbrahama kwafakazela, kungesikho ngegama noma uzalo, kodwa ngokufana kwesimilo. Kanjalo ukulandelana kwabapostoli kweyame kungesikho ukudlulisela igunya lobufundisi, kodwa ngobudlelwano besimoya. Ukuphila okuthe kwashukunyiswa ngumoya wabapostoli, inkolo nemfundiso yeqiniso abayifundisayo, lobu ubufakazi beqiniso bokulandelana kwabapostoli. Lokhu yikho okuseka abantu abathobekile abalandela abafundisi bokuqala bevangeli.”-The Desire of Ages, p. 466, 467.


NgoMsombuluko , Nhlaba 19

2. BABENGENJE NGOKUZISHO KWABO

a. Nakuba amaJuda abeyinzalo ka-Abrahama ngokwemvelo, baphenduka amadodana kabani ngempela lapho benqaba uKristu-na? Johane 8:41-44.

“UJesu waphikisa amaJuda ukuthi bangabantwana bakaAbrahama. Wathi, ‘Nenza imisebenzi kababa wenu.’ Ngokugcona baphendula bathi, ‘Asizalwanga ngokuphinga; asinaye omunye uBaba, uNkulunkulu kuphela. ‘Lawa mazwi, ayebhekiswe kwisimo sokuzalwa Kwakhe, ayehloswe ukuhlokoloza uKristu phambi kwalabo ababeqala ukukholwa Nguye. UJesu akazange akunake ukuqabatheka okunonya, kodwa wathi, uma uNkulunkulu ubenguyihlo, benizakungithanda mina: Ngoba ngiphuma futhi ngivela kuNkulunkulu.’

“Imisebenzi yabo ifakazela ubudlelwano babo kuye obengumqambi-manga nombulali. ‘Nina ningabakayihlo uSathane, kusho uJesu, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. ….Kepha Mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa Yimi.’ Johane 8:44, 45, R.V. Umqondo wokuthi uJesu ukhuluma iqiniso, futhi ngeqiniso, yingakho wayengenakwamukelwa ngabaholi bamaJuda. Kwakuyiqiniso elalicasula amadoda anokulunga kwawo. Iqiniso lembula inkolo yamanga; lilahla ukufundisa kwabo nokwenza kwabo, futhi laliingafuneki. Babengakhetha ukuvala amehlo abo eqinisweni kunokuba bazithobe bevuma ukuthi bebasephutheni. Babengalithandi iqiniso. Babengalilfisi, yize kwakuyiqiniso.”-The Desire of Ages, p. 467.

b. Yini esenza sibe ngabantwana bakaAbrahama-futhi abaholi bamaJuda babonisa kanjani ukuthi babengebona abantwana bakaAbrahama ngokweqiniso-na? Galathiya 3:6-9; Johane 8:40.

“‘Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kepha namukeliswe umoya wobuntwana, esimememza ngaye sithi, Abba, Baba.’ Umoya wobugqila udale ukufuna ukuphila okuhambisana nenkolo yezomthetho. Ngokuzama ukufeza izimfuno zomthetho ngamandla ethu. Likhona ithemba kithi kuphela njengoba singena ngaphansi kwesivumelwano sikaAbrahama, okuyisivumelwano somusa ngokukholwa kuKristu-Jesu. Ivangeli elashunyayelwa kuAbrahama, lelo ayenethemba kulo, bekuyivangeli elifanayo elishunyayelwa kithi namuhla, esinethemba ngalo. UAbrahama wabheka kuJesu, onguMqalisi noMphelelisi wokukholwa kwethu.”-The Youth’s Instructor, Mandulo 22, 1892.


Ngolwesibili , Nhlaba 20

3. ISIMILO SIKA-KRISTU

a. Imuphi umbuzo izitha zikaJesu ezingakwazanga ukuwuphendula maqondana nesimilo Sakhe esingangcoliswanga-na? Johane 8:46 (isigaba sokuqala).

“Ekuphileni Kwakhe emhlabeni, uKristu wakhulisa isimilo esiphelele, wanikela ukulalela okuphelele imithetho kaBaba Wakhe. Ngokuza emhlabeni ngesimo somuntu, ukuze abe ngaphansi komthetho, ekwembuleni kubantu ukuthi uthwele ukugula kwabo, ukuhlupheka kwabo, icala labo, kodwa akazange abe yisoni. Ephambi kwabaFarisi wathi, ‘Ngumuphi kini ongangilahla ngesono-na?’ Akukho balana lesono elatholakala Kuye. Wema ngaphambi komhlaba njengeWundlu elimsulwa likaNkulunkulu.”-Sons and Daughters of God, p. 25.

“UJesu waphila umthetho emehlweni ezulu, emehlweni amazwe angawelanga asonweni, naphambi kwabantu abanesono. Phambi kwezingelosi, phambi kwabantu, naphambi kwamademoni, wakhuluma, engaphikiswa-muntu, amazwi lawo uma ebevela kwezinye izindebe ebezoba yinhlamba: ‘Ngokuba ngenza njalo okuthandeka Kuye.’ ”-The Desire of Ages, p. 467, 468.

b. Ngaphandle kwalokho okwakhulunywa nguJesu njengeNdodana yomuntu, uMbhalo uthini ngesimilo sikaKristu-na? Heberu 4:15; 1 Peter 1:18, 19.

“Ukukholwa kwabantu kuKrestu njengoMesiya kwakungafanele kweyame kubufakazi obubonwayo, noma bakholelwe Kuye ngenxa yobuntu Bakhe obuthathekisayo, kodwa ngenxa yesimilo esihle esitholakala Kuye, engabe singatholakalanga, futhi okungakaze kwenzeka, komunye.”- SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 7, p. 904.

c. Singathintwa kanjani impilo kaJesu-na? Filiphu 2:6-8.

“Ingabe Isibonelo sethu asinyathelanga kanzima, sazidela, sazinikela, endleleni ethobekile ngenxa yecala lethu ukuze asisindise-na? Wahlangabezana nobunzima, wabhekana nokudumazeka, futhi wahlanjalazwa futhi wahlupheka emsebenzini Wakhe wokusisindisa. Ingabe sizonqaba ukulandela lapho iNkosi yenkazimulo ithe yahola indlela-na? Ingabe sizokhononda ngobunzima nangezilingo emsebenzini wokunqoba ngenxa yethu, uma sikhumbula ukuhlupheka koMhlengi wethu-na?”-Testimonies for the Church, vol. 3, p. 371.


Ngolwesithathu , Nhlaba 21

4. ISIMILO SABALANDELI BAKA-KRISTU

a. Iyini inhloso yabo bonke abalandeli bakaKristu beqiniso-na? 1 Peter 1:13-16.

“Umsebenzi wethu ukuba silwele ukufinyelela kwindawo yokwenza ukuphelela lokhu uKristu ekuphileni Kwakhe emhlabeni kwatholakala kuzo zonke izigaba zesimilo.”-That I May Know Him, p. 130.

b. Singafinyelela kanjani kulomgomo-na? Heberu 12:1-4; Galathiya 5:6 (isigaba sokugcina); Filiphu 3:12-15; 4:13.

“Singafinyelela kanjani ekupheleleni okukhonjwe iNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu-uThishela wethu Omkhulu-na? Singahlangabezana nezimfuno Zakhe ukuze sizuze izinga eliphakeme-na? Yebo singakwazi, uKristu ngabe angasinxusanga ukuba sikwenze lokho. Ungukulunga kwethu. Ngokuzithoba Kwakhe uhambe ngaphambi kwethu wasebenza kithi ukuphelela kwesimilo. Ukuphelela kwesimilo kweyame phezu kokuthi uKristu uyini kithi. Uma seyame Kuye njalo ekufanelekeni koMsindisi wethu, sihambe emanyathelweni Akhe, sizofana Naye, sihlanzeke singangcoliswa.”-Ibid.

c. Ngempela singaba msulwa futhi singabi nasici kanjani phambi kukaNkulunkulu-na? Roma 5:18-20; Heberu 10:14.

“UKristu akaxoleli noma ngubani ngaphandle kozisolayo, kodwa lowo amthethelelayo uqala amenze ukuba azisole.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 393, 394.

“Isoni kufanele sibheke njalo eKhalvari; futhi ngokholo olulula lomntwana omncane, kufanele seyame ekufanelekeni kukaKristu, samukele ukulunga Kwakhe futhi sikholelwe emseni Wakhe….

“Uthando olunjani lolu-uthando olumangalisayo, nolujulile kakhulu-olwaholela uKristu ukuba asifele siseyizoni! Ingakanani ilahleko emphefumulweni oqonda izimfuno eziqinile zomthetho, futhi lowo owehluleka ukuqonda umusa kaKristu ovamile kakhulu!”-Ibid., p. 384.


Ngolwesine , Nhlaba 22

5. UKUBA ISIMILO SETHU SIFANE NESAKHE

a. Singenza kanjani ukuthi ubizo nokukhethwa kwethu kuthembeke-na? 2 Peter 1:4-11; Isambulo 19:8.

“UNkulunkulu ufuna namuhla lokhu abekufuna kuAdamu, ukulalela okuphelele, ukulunga okungenacala, okungenaphutha emehlweni Akhe. UNkulunkulu uyasisiza ukuba sinikele Kuye konke okudingwa umthetho Wakhe. Angeke sakwenza lokhu ngaphandle kwalolo kholo oluletha ukulunga kukaKristu kwizenzo zansuku zonke.”-Selected Messages, bk. 2, p. 381.

“Inqobo nje uma uSathane esabusa, kufanele sinqobe umina, kunezono ezisicindezelayo okufanele sizinqobe; njengoba impilo isekhona, angeke yabakhona indawo yokumisa, alikho iphuzu esingafinyelela kulo bese sithi, ngikufumene ngokuphelele. Ukungcwaliswa kungumphumela wokulalela isikhathi eside.”-The Acts of the Apostles, pp. 560, 561.

“Kufanele sibone ukuthi ngokukholwa Kuye kuyilungelo lethu ukuba sibe ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, kanjalo sibalekele ukonakala okukhona emhlabeni ngezinkanuko. Kanjalo sizohlanzwa esonweni sonke, kubo bonke ubuthakathaka besimilo. Akufanele sigcine nokukodwa okuyisono….

“Njengoba sihlanganyela imvelo engcwele, okozalo nemikhuba ekhulisiwe ekwenzeni okuyiphutha kuyasuswa esimilweni, futhi senziwa amandla aphilayo okuhle. Sifunda njalo kuThishela ongcwele, nsuku zonke sihlanganyela kwimvelo Yakhe, sisebenzisana noNkulunkulu ekunqobeni izilingo zikaSathane. UNkulunkulu uyasebenza, nomuntu uyasebenza, ukuze umuntu abemunye noKristu njengoba uKristu emunye noNkulunkulu….

“NguNkulunkulu osinika amandla okunqoba. Labo abalizwayo izwi Lakhe futhi balalele imithetho Yakhe banikwa amandla okwakha izimilo ezilungileyo.”- SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 7, p. 943.


NgoLwesihlanu , Nhlaba 23

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungani abaFarisi babengenakho ukubiza ukuphila okuphakade ngokusekwa phezu kobuhlobo begazi labo-nanoma ngobani namuhla abathembela kokhokho noma ngophawu lweDNA ukuze basindiswe-na?

2. Chaza izimpawu zabantwana bakaAbrahama beqiniso.

3. Maqondana nesimilo Sakhe, kuyini uJesu abanakho ukukumemezela-na?

4. Ngeyiphi inhloso ebekwe phambi kwawo wonke umKrestu-na?

5. Singatholakala kanjani siphelele futhi singenacala phambi kukaNkulunkulu-na?

 <<    >>