Back to top

Sabbath Bible Lessons

Isifundo Sesikolo SeSabatha

 <<    >> 
ISIFUNDO 9 ISABATHA, NHLABA 31, 2025

UJesu Nendoda Eyimpumputhe

IVESI LEKHANDA: “Wathi uJesu: Mina ngizele ukwahlulela kulelizwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe” (Johane 9:39).

“Imbali kaJobe ibonisa ukuthi ukuhlupheka kubangelwa uSathane, futhi kunqotshwa uNkulunkulu ngenhloso yomusa.”-The Desire of Ages, p. 471.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 570-575. 

NgeSonto , Nhlaba 25

1. UKUQONDA OKUNEPHUTHA

a. Yimuphi umbuzo abafundi abawubuza uJesu lapho bebona indoda eyayizelwe iyimpumputhe-na? Johane 9:1, 2.

b. Yimuphi umbono oyiphutha wobunzima obabukhona kumaJuda nakubafundi, futhi uSathane wazuza kanjani ngalokho-na? Johane 9:34 (isigaba sokuqala).

“Ngokuvamile amaJuda ayekholelwa ukuthi isono sijeziswa kulokhu kuphila. Konke ukuhlupheka kwakubhekwa njengecala lokwenza okuphambukile okuthize, noma lowo ohluphekayo uqobo noma abazali bakhe. Kuyiqiniso ukuthi konke ukuhlupheka ngumphumela wokweqa umthetho kaNkulunkulu, kodwa lomthetho uthe wahlanekezelwa. USathane, umqalisi wesono nayo yonke imiphumela yaso, ithe yaholela abantu ukuba babheke ukugula nokufa njengokuvela kuNkulunkulu-njengesijeziso sokunganaki esiza ngenxa yesono. Ngakho-ke phezu kwalowo ukuhlupheka okukhulu noma isifo esiwele kuye unomthwalo owengeziwe obhekwa njengesoni esikhulu.

“Kanjalo indlela yalungiselelwa amaJuda ukuba enqabe uJesu. Lowo ‘owathwla izifo zethu, wabetshatha ubuhlungu bethu, wathwala usizi lwethu’ wabhekwa ngamaJuda njengo ‘jezisiwe, oshaywe nguNkulunkulu, ohlushiwe;’ futhi bafihla ubuso babo Kuye.”-The Desire of Ages, p. 471.


NgoMsombuluko , Nhlaba 26

2. NGENXA YENKAZIMULO KA-NKULUNKULU

a. Ngeyiphi impendulo kaJesu eyaletha ukukhanya ngokuhlupheka nesono-na? Johane 9:3-5.

“‘INkolo yamaJuda maqondana nobudlelwano besono nokuhlupheka yamukelwa ngabafundi bakaKristu. Lapho uJesu elungisa amaphutha abo, akazange achaze imbangela yokuhlupheka komuntu, kodwa wabatshela okuzoba ngumphumela. Ngenxa yalokho imisebenzi kaNkulukulu izobonakaliswa. ‘Ngisekhona ezweni,’ Esho, ‘Ngingukukhanya kwezwe.’”-The Desire of Ages, p. 471.

b. Kuyini uJesu akwenza ngokushesha emva kwalokho, futhi indoda eyimpumputhe yabambisana kanjani Naye-na? Johane 9:6, 7.

“Lapho eseninde amehlo endoda eyimpumputhe, wathi makahambe ayogeza echibini lase-Silowama, ukubona kwalendoda kwabuyiselwa. Ngakho-ke uJesu waphendula umbuzo wabafundi ngendlela ebonakalayo, njengoba ngokuvamile wayephendula imibuzo elethwa Kuye ngenxa yosikisiki lokufuna ukwazi. Abafundi ababizelwanga ukuba baxoxisane ngalombuzo wokuthi ngubani owonile noma ngubani ongonanga, kodwa ukuba bazwisise amandla nomusa kaNkulunkulu ngokunikeza ukubona koyimpumputhe. Kwakusobala ukuthi ayengekho amandla okwelapha kubumba, noma kwichibi lapho indoda eyimpumputhe eyathunyelwa ukuba iyogeza khona, kodwa amandla abekuKristu.”-Ibid.

c. Chaza ukuziphatha okwahlukene komakhelwane bendoda eyanikwa ukubona-futhi chaza inkulumo eyalandela phakathi kwakhe nabomakhelwane bakhe-na? Johane 9:8-12.

“Ngakho-ke abakhelene nayo nababeyibonile ngaphambili iyisinxibi, bathi, ‘Akusiye lo owayehlezi enxiba-na?’ Bambheka ngokungabaza; ngoba lapho amehlo akhe evulwa, ubuso bakhe baguqulwa futhi bakhazimula, futhi wabonakala efana nomunye umuntu. Kusukela komumunye ukuya komunye umbuzo wawuzwakala. Abanye bathi, ‘Nguyena,’ abanye bathi, ‘Qha, kepha ufana naye.’ Kodwa lowo owathola isibusiso esikhulu wathulisa umbuzo ngokuthi, ‘Nginguye.’”-Ibid., pp. 471, 472.


Ngolwesibili , Nhlaba 27

3. UMBUZO UYAKHULA

a. Abaholi bamaJuda bamyisa kubani umuntu owazalwa eyimpumputhe-futhi kungani-na? Futhi waphulukiswa ngaluphi usuku-na? Johane 9:13, 14.

b. Chaza indlela abaFarisi abasabela ngayo-na? Johane 9:15, 16.

“AbaFarisi babenethemba lokuthi bangenza uJesu abeyisoni, futhi ngenxa yalokho angabi nguMesiya. Babengazi ukuthi nguYena owenza iSabatha nowazi zonke izibopho zalo, lowo ophilise indoda eyimpumputhe. Babonakala beshiseka ngokumangalisayo ekugcineni iSabatha, kodwa babeceba ukumbulala ngalolosuku.”-The Desire of Ages, p. 472.

c. AbaFarisi ngubani abambiza ukuba bafakaze ngomuntu ophulukisiwe-na? Johane 9:18, 19.

“[AbaFarisi] base bebiza abazali bakhe, bababuza bathi: Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe-na?’

“Kwakukhona umuntu uqobo, ememezela ukuthi ubeyimpumputhe, futhi ubuyiselwe ukubona, kepha abaFarisi bakhetha ukwenqaba ubufakazi ngenxa yomuzwa wabo kunokwamukela ukuthi basephutheni. Lunamandla angakanani ubandlululo, ngokunjalo kuyahlanekezela ukulunga kwabaFarisi.”-Ibid.

d. Sixwayiswa kanjani ngobubi obufinyelela kude bokuba nombono wokucabangela ngaphambili-na? Izaga 18:13.

“Baningi ababeka esabo isakhiwo ngalokhu abakuzwayo, okwenza umcabango ubonakale wehluke ngokuphelele kunaleso isikhulumi esizama ukukuveze. Abanye, bezwa ngendlela yokubandlulula kwabo noma izinto abanazo ngaphambili, bazwisisa udaba ngendlela abafisa lube ngayo-njengoba lizovumelana kangcono nenhloso yabo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 695.


Ngolwesithathu , Nhlaba 28

4. EBHEKENE NOKWESATSHISWA

a. Abafarisi bazama kanjani ukwesabisa abazali bomuntu owazalwa eyimpumputhe-futhi basabela kanjani-na? Johane 9:20, 21. Kungani banikeza impendulo egwemayo-na? Johane 9:22, 23.

“AbaFarisi babenethemba elilodwa elisele, futhi ukuba besabise abazali balendoda. Ngokuqiniseka okubonakalayo babuza, ‘Pho isibona kanjani manje-na?’ abazali besaba ukuzinikezela; ngoba kwashiwo ukuthi uma ekhona ovuma ukuba unguKristu kakhishwe esinagogeni;’ okungukuthi, uma uzokhishwa esinagogeni izinsuku ezingamashumi amathathu. Ngalesosikhathi akukho mntwana ozosokwa kungakhalelwa nofileyo kulelokhaya lalowo owonile. Isijeziso sasibhekwa njengesehlakalo esikhulu; futhi uma sehluleka ukuletha inguquko, isijeziso esinzima kakhulu sasilandela. Umsebenzi omkhulu owenzelwe indodana yabo, waletha ukulahlwa ngecala kubazali, nokho baphendula bathi, “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe: kodwa ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi, mbuzeni yena, usekhulile, uzoziphendulela.’ Kanjalo bagudluzela konke ukuziphendulela kwabo bakuyisa endodaneni yabo; ngoba kwakungafanele bavume uKristu.”-The Desire of Ages, pp. 472, 473.

b. Lapho sicindezelwa ngokwesatshiswa, kuyini okumele sikukhumbule-na? Amahubo 118:6.

“Yima uqinile, futhi ungalokothi wenze isenzo esiphambukile kunokuba ubizwe ngegwala. Ungavumeli ukubhinqa, ukusongela, makungabikho amazwi okukloloda, azokuheha ukuba ulwisane nonembeza wakho ikakhulukazi.”-Fundamentals of Christians Education, p. 93.

“Isimilo somKrestu weqiniso masiphawuleke ngokuqina kwenhloso, nangokuzimisela okunamandla, okungeke kwakhiwa noma kuthotshiswe ngumhlaba noma isihogo. Lowo onamehlo okubona okuthathekisayo kodumo lwezwe, akanandaba nokusongelwa, ongashukunyiswa ukuyengwa okuzayo, kakhulu okungalindelwe kuye, anqotshwe amacebo kaSathane.”-Testimonies for the Church, vol. 4, pp. 543, 544.

“Sizokwamukela ukumelana okwesabeka kakhulu okuvela kumaAdventist amelene nomthetho kaNkulunkulu. Kodwa, njengabakhi bezindonga zaseJerusalema, akufanele siphambukiswe futhi sivinjelwe umsebenzi wethu ngenxa yemibiko, ngenxa yezithunywa ezifisa ukukhuluma noma ukuphikisana, noma ukusongela okusabekayo, ukumenyezelwa kwamanga, noma nangayiphi inkohliso uSathane angayakha.”-Ibid., vol. 3, p. 574.


Ngolwesine , Nhlaba 29

5. UMLANDO IYAPHINDWA

a. Chaza isimo okufanele sibhekane naso njengabantu bakaNkulunkulu abagcina-imiyalo-futhi kufanele sisabele kanjani kuso. Isambulo 12:17; Izenzo 4:18-20.

“Njengoba impikiswano ifinyelela kumasimu amasha futhi nezingqondo zabantu zibizelwa emthethweni kaNkulunkulu onyathelelwa phansi, uSathane uzonyakaziswa. Amandla abhekene nomyalezo azothukuthelisa labo abaphikisana nawo. Abafundisi bazobeka phambili imizamo yabantu ukuvalela ngaphandle ukukhanya hleze kukhanye emhlambini wabo. Ngazozonke izindlela ngelizwi labo bazozama ukucindezela ingxoxo yalemibuzo ebalulekile. Izikhalazo zengalo eqinile yamandla elizwe, futhi, kulomsebenzi, abopapa namaProtestanti bazohlangana. Njengoba intshukumo yokucindezelwa kweSonto ithola amandla futhi inqunywa, umthetho uzonikezwa ukumelana nabagcina umthetho. Bazosongelwa ngezinhlawulo futhi baboshwe, abanye bazonikezwa izikhundla ezinomfutho, neminye imivuzo kanye nosizo, nokuvumiswa ukuba balahle inkolo yabo. Kodwa impendulo yabo eqinile ithi: ‘Siboniseni ezwini likaNkulunkulu iphutha lethu’-ukuncenga okufanayo okwenziwa nguLuther ngaphansi kwezimo ezifanayo. Labo ababekwa icala phambi kwezinkantolo bazokwenza impindiselo enamandla yeqiniso, futhi abanye ababezwa bazoholelwa ukuma endaweni yokugcina imithetho kaNkulunkulu. Kanjalo ukukhanya kuzolethwa ngaphambi kwezinkulungwane ngenye indlela engabe ingazange yawazi lamaqiniso.”-The Great Controversy, p. 607.

b. Uma sibhekana nokuphikisana, kuyini okumele sikukhumbule njalo-na? Johane 9:39; Izenzo 4:33; Mathewu 10:28.

“[Abapostoli] abazange bavinjelwe noma besatshiswe ukusongelwa.”-The Acts of the Apostles, p. 48.


NgoLwesihlanu , Nhlaba 30

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Abaholi bamaJuda babehlulela kanjani ogulayo nohluphekile-na?

2. Ngubani futhi yini ngempela eyalapha indoda eyimpumputhe-na?

3. Kungani omakhelwane bendoda eyimpumputhe badideka-na?

4. Yisiphi isimo lensizwa okwafanele ibhekane naso emva kokwelashwa kwayo-na?

5. Ngingagwema kanjani ukuwela ogibeni olwehlela abazali bakhe-na?

 <<    >>