NgeSonto
, Nhlangulana 22
1. UJESU ESEBHETHANIYA
a. Lapho ezwa ukuthi uJesu uyeza eBethaniya, kuyini uMartha akwenza futhi ukuvuma okunjani akuqinisekisa-na? Johane 11:20-22.
“Phakathi kwabangani abalilayo kwakukhona izihlobo zomndeni, abanye babo babephethe izikhundla zokuziphendulela eJerusalema. Phakathi kwalabo kwakukhona izitha ezibabayo zikaKristu. UKristu ubezazi izinhloso zabo, ngakho-ke akazange ngalesosikhathi azazise. Umyalezo wanikezwa uMartha ngokuthula okwenza abanye endlini bangamuzwa….
“UMartha washesha ukuhlangabeza uJesu, inhliziyo yakhe inyakaziswa imizwa ephikisanayo, ebusweni Bakhe obukhanyayo wafunda ubumnene obufanayo bothando olwalukhona ngezikhathi zonke. Ithemba lakhe Kuye lalunganqamukile, kodwa wacabanga ngomfowabo amthandayo, noJesu Naye ayemthanda. Ngosizi olugobhoza enhliziyweni yakhe ngoba uKristu engafikanga ngaphambili, kodwa ithemba lalikhona namanje lokuthi uzokwenza okuthize ukubaduduza, wayesethi, ’Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.’ Ngaphezu kwalokho, phakathi kwesiyaluyalu esenziwa ngabalilayo, odadewabo kaLazaru babephindaphinda lamazwi.
“Ngobuntu nobungcwele bomusa kaJesu wabheka usizi lwakhe, ubuso obuhluphekile. UMartha ubengazimisele ukulandisa okudlule; konke wakugcizelela ngamazwi aletha umunyu, ‘Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.’ Kepha lapho ebheka ubuso obunothando, waphinda wathi, ‘Kepha ngiyazi, nakalokhu, noma yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”-The Desire of Ages, pp. 529, 530.
NgoMsombuluko
, Nhlangulana 23
2. ISITHEMBISO ESIPHELELE SETHEMBA
a. Kuyini uJesu akuqinisekisa uMartha-na? Johane 11:23. Kuyini akuqonda ngalokhu-na? Johane 11:24.
“UJesu wakhuthaza ukholo lwakhe, ngokuthi, ‘Umfowenu uzovuka futhi.’ Impendulo Yakhe beyingaqondanga ukuvusa ithemba lwenguquko esheshayo. Wathwala imicabango kaMartha ngaphezu kokubuyiselwa komfowabo manje, futhi wabagxilisa ekuvukeni kwabalungileyo. Lokhu wakwenza ukuze abone ukuvuka kukaLazaru njengethemba lokufa kwabalungileyo, nesiqiniseko sokuthi kuzogcwaliseka ngamandla oMsindisi.
“UMartha waphendula, ‘Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”-The Desire of Ages, pp. 530.
b. Yimaphi amazwi uJesu awasho eqinisekisa ukukholwa kukaMartha-na? Johane 11:25; 1 Johane 5:12.
“Esafuna ukunikeza isiqondiso sangempela sokholo lwakhe, uJesu wathi, ‘Mina ngingukuvuka, nokuphila.’ KuKristu kukhona ukuphila, kwangempela, okungabolekiwe, ‘Onayo iNdodana unokuphila.’ 1 Johane 5:12. Ubungcwele bukaKristu buyisiqiniseko sabakholwayo sokuphila okuphakade.”-Ibid.
c. Yisiphi isithembiso esiyisisekelo sethemba lethu ngale kwethuna, futhi ukuqiniseka kukaMartha kuhlobana kanjani nesimangaliso sikaKristu-na? Johane 5:26; 11:26, 27.
“UKristu lapha wabhekela phambili esikhathini sokubuya Kwakhe kwesibili. Lapho abangcwele abafileyo bezovuswa bengenakubola, futhi abalungile abaphilayo bazoguqulelwa ezulwini bengakubonanga ukufa. Isimangaliso uKristu ayezosenza, sokuvusa uLazaru kwabafileyo, sifanekisa ukuvuswa kwabo bonke abalungile abafileyo. Ngezwi Lakhe nangemisebenzi Yakhe uzisho ngoKwakhe ukuthi unguMqalisi wokuvuka. Yena ngoKwakhe maduze wayezofa esiphambanweni ephethe izihluthulelo zokufa, umnqobi wethuna, futhi wahlala ngakwesokudla Sakhe namandla okunikela ukuphila okuphakade.”-Ibid.
Ngolwesibili
, Nhlangulana 24
3. UJESU UYAKHALA
a. Chaza izenzo namazwi kaMariya agcwele usizi. Johane 11:28-32.
b. Lapho uJesu ebona uMariya namanye amaJuda ekhala, kuyini uJesu akwenza-futhi kungani-na? Johane 11:33-35.
“‘Lapho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye babekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka.’ Wafunda izinhliziyo zabo bonke ababebuthene. Wabona ukuthi abaningi kubo, ababedlula njengombukiso wobuhlungu babezenzisa. Ubazi ukuthi abanye esixukwini, ababonakalisa ukudabuka babembuluza, kungekudala bazoceba ukumbulala, kungesikho kuphela ukwenza isimangaliso esinamandla, kodwa lowo ozovuswa ekufeni. UKristu ngabe wasusa izambatho zokudabuka kokuzenzisa. Kodwa wabamba intukuthelo Yakhe ekulungeni Kwakhe. Amazwi engabe ngeqiniso uwakhulumile, akawakhulumanga, ngenxa yalabo abaguqile ezinyaweni Zakhe besosizini, abakholwa Kuye ngeqiniso.
“Wathi kubo, nimbekephi-na? ‘Bathi Kuye, Nkosi, woza ubone.’ Bahamba bonke ukuya ethuneni. Bekuyisehlakalo esidabukisayo. ULazaru ubethandeka kakhulu, nodadewabo bamkhalela ngezinhliziyo ezibuhlungu, kuyilapho ababengabangane babo behlanganisa izinyembezi zabo nezabodadewabo kaLazaru abashonelwe. Ngokubona konke ukukhathazeka kwabantu, nangesimo sokuthi abangane Bakhe bangakhalela ofile lapho uMsindisi welizwe emi eduze-‘UJesu wakhala izinyembezi.’ Noma eyiNdodana kaNkulunkulu, nokho wathathela Kuye imvelo yomuntu, kodwa washukunyisa usizi lwabantu. Ubumnene Bakhe, inhliziyo enesihawu ivuswa kaningi uzwelo ngenxa yokuhlupheka. Ukhala nabakhalayo, futhi ajabule nabajabulayo.”-The Desire of Ages, p. 533.
c. Kungayiphi indlela lomzuzu wempilo kaJesu ungaba isibonelo kithi-na? Roma 12:15.
“Isibonelo esimangalisayo sikaKristu, ubumnene obungenakufaniswa lobu abuhlanganisa nozwelo lwabanye, ukhala nabakhalayo, ajabule nabajabulayo, kufanele kube nomfutho ojulile phezu kwesimilo sabobonke abaMlandela ngobuqotho. Nangamazwi anozwelo nezenzo bazozama ukwenza indlela ibelula ezinyaweni zokhathele.”-The Ministry of Healing, pp. 157, 158.
Ngolwesithathu
, Nhlangulana 25
4. UKUBAMBISANA KUKANKULUNKULU NABANTU
a. Yiliphi izwi uJesu alinikeza labo abamzungezile-na? Johane 11:39 (isigaba sokuqala). Waphendula kanjani uMartha futhi uJesu wathini kuye-na? Johane 11:39 (isigaba sokugcina).
“Lapho iNkosi isizokwenza umsebenzi, uSathane washukumisa umuntu othile ukuba angavumi. ‘Susani itshe,’ kusho uJesu, ngokungokwenzeka, elungiselela indlela yomsebenzi Wakhe. Kepha imvelo enhle kaMartha nokuvelela kwakhe yazifakazela. Wayengafuni umzimba obolile ukuthi ugutshwe. Inhliziyo yomuntu kunzima ukuqonda amazwi kaKristu, nokholo lukaMartha lwalungaboni incazela yangempela yesithembiso Sakhe.
“UKristu wakhuza uMartha, kodwa amazwi Akhe akhulunywa ngesizotha esikhulu. UJesu wathi Kuye, angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu-na?’ Kungani ungabaza maqondana namandla Ami-na? Kungani ucabanga ukumelana nokuzisho Kwami-na? Unezwi Lami. Uma ungakholwa kuphela, uzobona inkazimulo kaNkulunkulu. Izinto ezingenakwenzeka kumuntu angeke zavimbela umsebenzi kaSomandla. Ukungabaza nokungakholwa akukona ukuzithoba. Ukukholwa okulula emazwini kaKristu ukuzithoba kwangempela, ukuzinikela ngeqiniso.
“‘Susani itshe.’ UKristu ngabe wayaleza itshe ukuba lisuke, futhi ngabe itshe lalalela iZwi Lakhe. UJesu ngabe wamema izingelosi eziseduze Naye ukwenza lokho. Ekumemeni Kwakhe, izandla ezingabonwa ngabe zasusa itshe. Kodwa kwakufanele lisuswe izandla zomuntu. Kanjalo uKristu wabonisa ukuthi uluntu kufanele lusizane nobungcwele. Lokhu okungenziwa amandla omuntu amandla angcwele awamenywa ukuba asebenze. UNkulunkulu akaluchithi usizo lomuntu. Uyamqinisa, asizane naye njengoba esebenzisa amandla namakhono amuphe wona.”-The Desire of Ages, p. 535.
b. Yimaphi amazwi kaKristu akhuza ngobumnene ukungakholwa kwethu namuhla-na? Johane 11:40.
“Abaningi abanalo ukholo oluphilayo. Yingakho bengaboni okuningi kwamandla kaNkulunkulu. Ubuthakathaka babo bungumphumela wokungakholwa kwabo….Bayaceba futhi bahlele, kodwa bakhuleka kancane, futhi abathembeli ngokuphelele kuNkulunkulu. Bacabanga ukuthi banokukholwa, kodwa ngumuzwa kuphela womzuzwana. Bayehluleka ukubona isidingo sabo, noma ukuzimisela kukaNkulunkulu ukubanika, ababekezeli ukugcina izicelo zabo phambi kukaJehova.”-Christ’s Object Lessons, pp. 145, 146.
Ngolwesine
, Nhlangulana 26
5. UJESU UVUSA U-LAZARU
a. Yimuphi umthandazo uJesu awenza phambi kwethuna-na? Johane 11:41, 42.
“Umyalo uyalandelwa. Itshe ligiqiwe. Konke kwenziwe obala futhi ngamabomu. Bonke banikezwa ithuba lokubona ukuthi akukho ukukhohliswa okwenziwayo. Lapha kukhona umzimba kaLazaru ulele ethuneni elisedwaleni, ukufa okubandayo nokuthulile. Isikhalo sabalilayo sathuliswa. Bemangele futhi benethemba, isixuku sema sizungeze ithuna, silindele ukubona ukuthi kuyini okuzolandela….
“Lapha uKristu ubiza uNkulunkulu njengoBaba Wakhe, futhi ngesibindi esiphelele wamemezela ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, pp. 535, 536.
b. Yimaphi amazwi ashiwo uJesu avusa uLazaru-na? Johane 11:43. Kuyini okwenzeka ngokushesha-na? Johane 11:44.
“Izwi likaKristu], lalicwebile futhi lihlaba, libhobhoza indlebe yofileyo. Lapho ekhuluma, ubungcwele bakhanya ebuntwini. Ebusweni Bakhe, ekhanyiswa yinkazimulo kaNkulunkulu, abantu babona ithemba lamandla Akhe. Iso ngalinye lalinamathele emnyango wethuna. Indlebe ngayinye ikhothamele ukubamba umsindo omncane. Ngamandla nangentakazelelo ebuhlungu bonke belindele ukuvivinywa kobungcwele bukaKristu, ubufakazi obubonakalayo bokuzisho Kwakhe ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, noma acime ithemba labo ingunaphakade.
“Kwabakhona ukunyakaza ethuneni elithulile, futhi lowo obefile wayemi ngasemnyango wethuna….Umuntu kufanele asebenzele umuntu. ULazaru ukhululiwe, futhi umi phambi kwesixuku, kungesiye onezifo ezichakile, nangezitho ezibuthakathaka, ezixekezelayo, kodwa njengomuntu osekuphileni okusha, futhi ngomzimba wendoda ehloniphekayo. Amehlo akhe agcwele ubuhlakani nothando loMsindisi wakhe. Waziphosa phansi ngomkhuleko ezinyaweni zikaJesu.”-Ibid., p. 536.
NgoLwesihlanu
, Ndasa 27
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Chaza ukuqiniseka odadewabo kaLazaru ababenakho kuJesu.
2. Kuyini uJesu akuthembisa uMartha, uMariya, nakuwo wonke amakholwa-na?
3. Kungani uJesu wakhala-na?
4. Ubuntu basizana kanjani nobungcwele kulesimangaliso-na?
5. Chaza izenzo zikaLazaru ekusabeleni ubizo lukaJesu.