Isingeniso
“Njengoba siqhubeka ngeziFundo Ezivela kwiVangeli Ngokuya Ngokuka-Johane, siqala ukusondela ezinsukwini zokugcina zomsebenzi kaJesu emhlabeni. UMoya wesiProfetho uyasitshela, “kungaba kuhle kithi ukuchitha ihora ngosuku sizindla ngokuphila kukaKristu. Kufanele sithathe umcijo ngamunye, sivumele umcabango ubambe isehlakalo ngasinye, kakhulu esokugcina. Njengoba sigxila kumhlatshelo Wakhe omkhulu ngenxa yethu, ithemba lethu Kuye lizoqhubeka njalo njalo, uthando lwethu luzovuswa, futhi sizogcwala umoya Wakhe ngokwengeziwe. Uma singasindiswa ekugcineni, kufanele sifunde isifundo sokuzisola nokuthotshiswa ezinyaweni zesiphambano.”-The Desire of Ages, p. 83
“Umpostoli ukhuluma ngeZimpawu zeqiniso njengoba zinjalo kuJesu Kristu, ukuguqukela enyameni kugcizelela ukuhlakanipha okungcwele, intando engcwele, namandla angcwele, Ngaye indlela yensindiso yavulwa futhi yabonakaliswa kubantu bonke. UJesu kukhulunywa Ngaye njengoMdali wezinto zonke, umthombo wokuphila, ukukhanya kwezwe, ukubonakaliswa okuphilayo kwengqondo kaBaba. Intando kaNkulunkulu “kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni“(2 Peter 3:9), ngokusebenza koMoya Ongcwele, kulethwa embonweni nguJohane, esiholela eGetsemane, lapho isiphelo sesizwe soluntu sanqunywa khona.
“Kuyabonakala ukuthi inhloso ebalulekile yalencwadi ukusiza amakholwa angamaKrestu lawo ahlakazekile, ayengenakho ukuxhumana noJesu uqobo futhi engenisa imibono yabahedeni, ukuhlangabezana neZimpawu zeqiniso, ukuKhanya kweqiniso. Enye yenhloso ebalulekile ezincwadini zikaJohane ukulungiselela amaKristu ngobubanzi ukubhekana nezingozi ezisongela ibandla ekupheleni kweminyaka eyikhulu: ukwesaba uNkulunkulu kokuqala kwasekuncipha (Isambulo 2:4) nokuthanda umhlaba kwakuthola indawo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu (1 Johane 2:15). Inkolo yamanga njengeGnosticism yayisondela emhlambini. Inkolo yamaGnostic yayenqaba ukuthi uKristu waguqulelwa enyameni ngempela, ukuthatha isimo semvelo. Inkolo yeGnostic ifundisa abantu ukuthi abazange bambone uKristu, lokhu abakubonile isithunzi kuphela. Ngakho-ke, iqiniso elembulwe kuJohane 1:14 lalibalulekile ikakhulukazi ngalezozinsuku. Enye ingozi eyayisongela ibandla ukushushiswa okuvela kubabusi bamaRoma.
Akungabazeki ukuthi incwadi kaJohane ibelusizo olukhulu kumaKrestu ebandla lokuqala. Ibelusizo olukhulu kubalandeli bakaKristu ukwehlela phansi ezikhathini zonke-futhi ilusizo olukhulu kithi namuhla.
Kwangathi ukuhola kukaMoya kaNkulunkulu kunganikezwa kokubili othishela nabafundi njengoba siqhubekela phambili ukufunda loluhlu lwezifundo!
Igatsha leSikolo seSabatha kwiGeneral Conference