NgeSonto
, Ncwaba 24
1. “ANGEKE NGINISHIYE NINGENAYE UMDUDUZI”
a. Yibuphi ubunzima abafundi ababezohlangana nabo emva kokwenyuka kukaKristu-na? Johane 16:1-3.
“INkosi yazi konke ngezinceku Zayo ezithembekile lezo ngenxa Yakhe zilele ematilongweni noma zidingiselwe kwiziqhingi eziyihlane. Uyaziduduza ngobukhona Bakhe. Uma ngenxa yeqiniso okholwayo ema kwizinkundla zokungalungi, uKristu uma ohlangothini lwazo. Konke ukusolwa okuwela phezu kwazo, kuwela phezu kukaKristu. UKristu ujeziswa kaningi ebuntwini babafundi Bakhe. Uma omunye evalelwa phakathi kwezindonga zejele, uKristu ujabulisa inhliziyo ngothando Lwakhe.”-The Desire of Ages, p. 669.
b. Kuyini okwathenjiswe abafundi-futhi kanjani-na? Johane 14:18; 15:26.
“[UKristu] wazimisela ukunika izikhulumeli Zakhe, umuntu wesithathu wobuNkulunkulu. Isipho asikwazanga ukugqama. Wayezonikela zonke izipho kubekanye, futhi ngenxa yalokho uMoya ongcwele, oguqulayo, okhanyisayo, namandla angcwelisayo, bekuzoba ngumnikelo Wakhe.”-My Life Today, p. 36.
NgoMsombuluko
, Ncwaba 25
2. UMSEBENZI WOMDUDUZI
a. Yimuphi umehluko phakathi kobudlelwano bukaKristu nabalandeli Bakhe ozokwenzeka emva kokwenyuka Kwakhe-na? Johane 16:7.
“Kusukela manje ukuya phambili uMoya, uKristu wayezohlala ezinhliziyweni zabantwana Bakhe. Ubudlelwane babo Naye babusondele kakhulu kunangesikhathi ayenabo uqobo. Ukukhanya, nothando, namandla okuhlala ngaphakathi kukaKristu azobonakala kubo ngaphandle.”-Steps to Christ, p. 75.
b. Yimuphi umsebenzi ofinyelela kude uMoya Ongcwele ozowenza ngenxa yezoni-na? Johane 16:8-11.
“UMoya unikeziwe njengesithunywa esivuselelayo, ukwenza iphumelele insindiso eyenziwa ngokufa koMhlengi wethu. UMoya ufuna njalo ukudonsela ukunaka kwabantu kumnikelo omkhulu owenziwa esiphambanweni saseKhalvari, ukwembulela umhlaba uthando lukaNkulunkulu, nokuvulela umphefumulo ozisolayo izinto eziyigugu zemiBhalo.
“Njengoba aletha ukulahlwa ngenxa yesono, futhi waletha engqondweni isilinganiso sokulunga, uMoya Ongcwele ubuyisa intando isuke ezintweni zomhlaba futhi igcwalise umphefumulo ngesifiso sobungcwele. ‘Uzakuniholela kulo lonke iqiniso’ (Johane 16:13), kusho uMsindisi. Uma abantu bethanda ukubunjwa, bazolethwa ekungcwelisweni komzimba wonke. Umoya Ongcwele uzothatha izinto zikaNkulunkulu uzigcizelela emphefumulweni. Ngamandla Akhe indlela yokuphila izokwenziwa ngokukhanyayo ukuze kungabikho ophambukayo.”-The Acts of the Apostles, pp. 52, 53.
c. Yimuphi omunye umsebenzi obalulekile uMoya Ongcwele ozowugcwalisa phambi komhlaba-na? Johane 15:26.
“Kungenxa yobudlelwano boMoya Ongcwele nobufakazi abaphilayo ukuxwayisa umhlaba. Isisebenzi sikaNkulunkulu siyisithunywa lapho ukuxhumana kwezulu kunikezwa khona, futhi uMoya Ongcwele unikeza igunya elingcwele ezwini leqiniso.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 6, p. 1053.
Ngolwesibili
, Ncwaba 26
3. UKUFAKAZELA U-KRISTU
a. Ngaphandle koMoya Ongcwele, ngubani omunye ozofakazela uKristu-na? Johane 15:27; 1 Johane 1:1-3. Kanjani-na?
“Usomabhizinisi angaphatha ibhizinisi lakhe ngendlela ezodumisa iNkosi yakhe ngenxa yobuqotho bakhe. Uma engumlandeli kaKristu weqiniso uzothwala inkolo yakhe kuzo zonke izinto ezenziwayo futhi embule ebantwini umoya kaKristu. Umkhandi wezimoto angahlakanipha futhi abe ngummeli Wakhe othembekile lowo owakhandleka ekuhambeni okuthobekile kokuphila phakathi kwamagquma aseGalile. Wonke umuntu obiza igama likaKristu kumele asebenzele ukuthi abanye, ngokubona imisebenzi emihle, bangaholelwa ekudumiseni uMdali wabo noMhlengi….”
“Ngomoya wothando singenza imisebenzi ethobekile yokuphila ‘kungathi kwenzelwa iNkosi.’ Kolose 3:23. Uma uthando lukaNkulunkulu lusenhliziyweni, luzobonakaliswa ekuphileni. Usawoti omnandi kaKristu uzosiphahla, nomfutho wethu uzosiphakamisa futhi usibusise.”-Steps to Christ, pp. 82, 83.
b. Yisiphi isithembiso esikhethekile sesikhathi esizayo esinikezwa abantu bakaNkulunkulu ezikhathini zeTestamende Elidala ngomprofethi uJoweli-na? Joweli 2:28, 29.
c. Kunini nakanjani lesiprofethi sagcwaliseka impela-na? Izenzo 2:1-7, 16-18.
“Ukwenyukela kukaKristu ezulwini bokuluphawu lokuthi abalandeli Bakhe kufanele bamukele isibusiso esithenjisiwe. Ngalokhu kwakufanele balinde ngaphambi kokuba bangene emsebenzini wabo. Lapho uKristu engena phakathi kwamasango asezulwini, wangena ebukhosini phakathi kokudunyiswa izingelosi. Emva kokuthi lenkonzo isiphelile, uMoya Ongcwele wehlela phezu kwabafundi ngemizila enothile, futhi uKristu wakhazimuliswa, ngisho nangenkazimulo ayeNayo noBaba kusukela phakade. Ukuthululwa kwepentekoste bekungukukhumisana kweZulu ukuthi ukubekwa esihlaweni koMhlengi kufezekile. Ngokuya ngesithembiso Sakhe uthumele uMoya Ongcwele uvela ezulwini uya kubalandeli Bakhe njengophawu lokuthi, njengompristi nenkosi, othole lonke igunya ezulwini nasemhlabeni, futhi unguLowo oGcotshiweyo phezu kwabantu Bakhe.”-The Acts of the Apostles, pp. 38, 39.
Ngolwesithathu
, Ncwaba 27
4. EZINSUKWINI ZETHU
a. Sazi kanjani isithembiso sikaJoweli 2:28-32. Siyasebenza nakithi namuhla-na? Izenzo 3:19.
“Lesi sithembiso singesethu ngokufanayo njengoba sasinjalo kubo, futhi silethwa kancane phambi kwabantu, nokwamukelwa kwaso kukhuluma ebandleni. Umphumela wokuthula phezu kwezihloko ezibalulekile, yisiphi isithembiso esisazi kancane ngokugcwaliseka kwaso okusebenzayo kunesithembiso esinothile sesipho sikaMoya Ongcwele, lapho ukuqeqesheka kumele kunikezwe kuko konke ukusebenza kwesimoya-na? Silethwa kancane isithembiso soMoya Ongcwele ezintshumayelweni zethu, nokuthintwa phezu kwaso kwenzeka ngokungazelele, futhi yilokho kuphela. Iziprofetho zithe zagxila phezu kwaso, izimfundiso zithe zasikhanyisa; kodwa lokhu okubalulekile ebandleni ukuze likhule emandleni esimoya kanye nekhono, ukuze ukufundisa kungathwala ukuqiniseka kwaso, nemiphefumulo iguqulelwe kuNkulunkulu, kuthe kwashiywa ngaphandle emizameni yokufundisa.”-Testimonies to Ministers, p. 174.
“Uma ilunga nje lebandla lingavuka lenze umsebenzi elingawenza, liphume ukuya empini ngokuzithandela, ngamunye ebheka ukuthi angafeza okungakanani ekuzuzeni imiphefumulo kuJesu, singabona abaningi beshiya indawo kaSathane ukuba beme ngaphansi kwebhanela likaKristu. Uma abantu bethu bangasebenza ngokukhanya okunikezwa ngamazwi ambalwa eseluleko, sizobona ngempela insindiso kaNkulunkulu. Ukuvuseleleka okumangalisayo kuzolandela. Izoni zizophenduka, nemiphefumulo eminingi izokwengezwa ebandleni. Uma siletha izinhliziyo zethu ebunyeni noKristu, nokuphila kwethu kuvumelana nomsebenzi Wakhe, uMoya owehlela phezu kwabafundi ngosuku lwePentekoste uzowela kithi.”-Testimonies to Ministers, vol. 8, p. 246.
b. Kuyini ngempela okumele kusikhathaze namuhla, futhi kuyini okumele sikukhulekele ngokushiseka eNkosini-na? Johane 16:12-14; Zakariya 10:1.
“Maye, sidinga kangakanani sonke ukubhapathiza koMoya Ongcwele. Kanjalo-ke sizohlala sisebenza ngomqondo kaKristu, ngobumnene, umusa, nozwelo, sizobonisa ukuthanda isoni lapho sizonda isono ngenzondo ephelele.”-Evangelism, p. 369.
“Kudingeka kubekhona ukuvuka phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, ukuze umsebenzi Wakhe ungaqhubekela phambili ngamandla. Sidinga ukubhapathiza koMoya Ongcwele. Kufanele siqonde ukuthi uNkulunkulu uzokwengeza izigaba zabantu Bakhe amadoda anekhono nomfutho, abazokwenza eyabo inxenye ukuxwayisa umhlaba.”-Ibid., pp. 558, 559.
Ngolwesine
, Ncwaba 28
5. UKULUNGISELELA
a. Kufanele silungiselele kanjani ukuthululwa koMoya Ongcwele ngamandla emvula yamuva-na? Hoseya 6:1-3.
“Ngabona ukuthi abaningi abanaki ukwenza amalungiselelo adingeka kakhulu futhi ababheki isikhathi ‘sokuhlunyelelwa’ kanye ‘nemvula yamuva’ ezokwenza bakwazi ukuma ngosuku lweNkosi futhi baphile phambi Kwayo. Maye, bangakhi engababona ngesikhathi sohlupho bengenaso isivikelo! Bathe badembesela amalungiselelo adingekayo; ngakho-ke angeke bathola ukuhlunyelelwa lokhu bonke okumele babenakho ukulungela ukuphila phambi kukaNkulunkulu ongcwele. Labo abalungele ukuhluzwa ngabaprofethi futhi behluleka ukuhlanza imiphefumulo yabo ngokulalela lonke iqiniso, futhi nalabo abathanda ukukholwa ukuthi isimo sabo singcono kakhulu kunalokhu esiyikho, bazofinyelela esikhathini sokuwa kwezibetho, futhi bazobona ukuthi bebadinga ukuqoshwa balungele isakhiwo. Kodwa angeke sibekhona isikhathi sokwenza lokho futhi engekho noMlamuli wokuncengela indlela yabo phambi kukaBaba. Ngaphambi kwalesikhathi isimemezelo esesabekayo nesizothile sizobe sesimenyezelwe, ‘Ongalungile makenze njalo ukungalungi: nongcolileyo makazingcolise njalo kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.’ Ngabona ukuthi akukho noyedwa ongabelana ‘nokuhlunyelela’ ngaphandle kokuthi bathole ukunqoba konke ukuhlaselwa, ukuzigabisa, ubugovu, ukuthanda ilizwe, nangalo lonke izwi eliphambukile nesenzo. Kufanele, manje, sisondele eduze kakhulu eNkosini sifune ngokuqiniseka ukuthi amalungiselelo abalulekile asisize ukuma empini nsuku zonke ngosuku lweNkosi. Bonke mabakhumbule ukuthi uNkulunkulu ungcwele nokuthi akukho noyedwa ngaphandle kwezidalwa ezingcwele ezizohlala njalo ebukhoneni Bakhe.”-Early Writing, p. 71.
NgoLwesihlanu
, Ncwaba 29
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Msebenzi muni owenziwa uMoya Ongcwele kimi-futhi ufuna ukungisebenzisa kanjani ngesilinganiso esikhulu njengethulusi esandleni sikaNkulunkulu-na?
2. Kuyini okungangivimbela ukwamukela uMoya Ongcwele ngokugcwele-na?
3. Ngeyiphi inxenye engingasiza ngayo ibandla lami ukuthola ukugcwala koMoya-na?
4. Chaza ukusebenza koMoya Ongcwele emhlabeni.
5. Chaza ukusebenza kwesiprofetho sikaJoweli 2:28-32.