Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
ISIFUNDO 10 ISABATHA, NHLANGULANA 6, 2025

UKristu Ukhulekela Abafundi Bakhe (1)

IVESI LEKHANDA: “Ngiyabakhulekela bona, angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona” (Johane 17:9, 10).

“Lomkhuleko [kuJohane 17] uyisifundo esiqondene nokulamula lokho uMsindisi azokwenza ngaphakathi kweveyili, lapho umhlatshelo Wakhe omkhulu ngenxa yabantu, umnikelo Wakhe, uzobe usuphothuliwe.”-The SDA Bible Commentary [E.G.Whites Comments], vol. 5, p. 1145.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 737-746. 

NgeSonto , Ncwaba 31

1. UMKHULEKO WOKUGCINA KA-KRISTU ENABAFUNDI BAKHE

a. Ngemuva kokuba uJesu eqedile ukunikeza abafundi imiyalo, kuyini akwenza nabo okokugcina-na? Johane 17:1, 9.

“[UJohane 17:1-6 ngokuphindwa.] Lona ngumkhuleko wokugcina kaKristu kanye nabafundi Bakhe. Wawunikela maduze nje ekungeneni eNsimini yaseGetsemane, lapho ayezokhashelwe khona futhi athathwe.”-The SDA Bible Commentary [E.G.Whites Comments], vol. 5, p. 1145

b. Kuyini uKristu akwembula ekuqaleni komthandazo-na? Johane 17:1, 2.

“Isahluko seshumi nesikhombisa sikaJohane sikhuluma ngokusobala maqondana nobuntu bukaNkulunkulu noKristu, kanye nobuhlobo babo omunye komunye.”-Ibid.

“Funda umkhuleko kwisahluko seshumi nesikhombisa sikaJohane. Lesahluko akufanele sifundwe ngokuphinda phindwa kuphela; amaqiniso aso kufanele adliwe futhi afanekiswe.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p. 80.


NgoMsombuluko , Mandulo 1

2. IMIPHUMELA YOKUMAZI U-KRISTU

a. Yiliphi iqiniso eliqavile uJesu alimemezela njengesisekelo sokuphila okuphakade-na? Johane 17:3.

“Ulwazi ngoNkulunkulu njengoba lembuliwe kuKristu ulwazi lolo bonke abasindisiwe okumele babenalo. Lolu ulwazi olusebenza inguquko esimilweni. Uma lamukelwa ekuphileni, lizodala kabusha umphefumulo ngomfanekiso kaKristu. Lolu ulwazi uNkulunkulu amema abantwana Bakhe ukuba balamukele, ngaphandle kwalo konke kuyize futhi akulutho.”-The Acts of the Apostles, p. 475.

“Kusho uJesu: ‘UBaba ngoKwakhe uyanithanda.’ Uma ukukholwa kwethu kugxile phezu kukaNkulunkulu, ngoKristu, kuzofakazela ‘njengehange lomphefumulo, bobabili beqinisekile futhi beqinile, nabangena ngaphakathi kweveyili; noma oHamba ngaphambili kwethu usengenile.’ Kuyiqiniso ukuthi ukudangala kuyeza; nezinhlupheko kumele sizilindele; kodwa kumele sibeke konke, okukhulu nokuncane, kuNkulunkulu. Akadideki ngokwanda kobunzima noma imithwalo esindayo nengaphezu kwamandla ethu. Ukunaka Kwakhe kwelulelwa kumkhaya wonke futhi kuzungeza umuntu ngamunye; unentakazelelo yomsebenzi wethu wonke kanye nosizi lwethu. Uphawula konke ukukhala; uthintwa imizwa yethu nobuthakathaka bethu. Konke ukuhlupheka nezilingo ezisehlelayo lapha zivunyelwa, ukusebebza kithi izinhloso Zakhe zothando Lwakhe kithi, ‘ukuze sibe ngabahlanganyeli bobungcwele Bakhe’ futhi kanjalo siba ngabahlanganyeli benjabulo ephelele etholakala ebukhoneni Bakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 742.

b. Kusho ukuthini ukumazi uKristu, futhi uyini umphumela wolwazi olunjalo-na? Qhathanisa uHoseya 6:3 no Johane 17:3.

“Kungenxa yokwazi uKristu kuphela ukuthi singamazi uNkulunkulu….Ukwazi uKristu ngokwesisekelo kumele kuqinise ulwazi lwesimoya, ukusebezisa amazwi Akhe. Ngaphandle kwalokhu, konke okunye kuyize.

“UKristu weza kulomhlaba ukuba embula uBaba. Ukubekezela okunjani, ubumnene obunesisa kanjani, uzwelo olungcwele kanjani, mandla-mani enhloso, awabonakalisayo! Akazange ehluleke noma adangale. Ubeyisithombe sokuhlanzeka, uthando Lwakhe lwalungafaniswa. Kwinyathelo ngalinye wayesebenzisa ukuzidela nokuzinikela. Ekufeni Kwakhe waba yisambulo sokubuyisana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu”-The Signs of the Times, Masingana 27, 1898.

“Ukumazi uNkulunkulu ukumthanda Yena.”-The Desire of Ages, p. 22.


Ngolwesibili , Mandulo 2

3. UYISE NENDODANA BEKHAZIMULISWA

a. Ngesikhathi somsebenzi Wakhe, ukuphila kukaKristu emhlabeni kwakuhlanganisani-na? Johane 17:4.

“Kuzo zonke izenzo zomusa uJesu azenzayo, wayezama ukugcizelela kubantu ngobuzali, izenzo zomusa kaNkulunkulu. Kuzo zonke izifundo wayezama ukufundisa abantu amaqiniso okuthi ‘UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.’ UJesu ngabe waluqonda uthando lukaBaba, futhi ufuna ukusidonsela Kuye ngokubonisa umusa wobuzali….

“UJesu weza kulomhlaba ukufanekisa isimilo sikaNkulunkulu ngokuphila Kwakhe, futhi wabuyisela emuva ukuhlanekezela uSathane akumisile, futhi wembula inkazimulo kaNkulunkulu. Kwakungukuphila phakathi kwabantu ukuthi angembula umusa, uzwelo, nothando lukaBaba Wakhe osezulwini; kodwa bekuyizenzo zokuphana ezazibeka phambili umusa kaNkulunkulu.”-Sons and Daughters of God, p. 139.

b. Kuyini uJesu akucela kuBaba ekupheleni komsebenzi Wakhe emhlabeni-na? Johane 17:5.

“UKristu akakhulelekeli ukwembulwa kwenkazimulo yemvelo yomuntu; ukuthi imvelo yomuntu ayizange ibekhona ebukhoneni Bakhe bangaphambili. Ukhuleka kuBaba Wakhe maqondana nenkazimulo anayo nobunye Bakhe noNkulunkulu. Umkhuleko Wakhe yilowo olamulayo; umusa unxusa ukubonakaliswa kwenkazimulo engcwele abeNayo lapho emunye noNkulunkulu. Iveyili malisuswe, Esho, futhi inkazimulo Yami ikhazimule phambili-futhi vumela inkazimulo Yami ikhanye ngaphambili-inkazimulo ebenginayo ngaphambi kokuba ilizwe libekhona.”-The Signs of the Times, Nhlaba 10, 1899.

“Lomhlaba uyinto encane ebukhosini obukhulu uNkulunkulu ahlala kuwo, nokho lomhlaba omncane owileyo-imvu eyodwa edukileyo-iyigugu kakhulu phambi Kwakhe kunaleyo engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyalolunye engadukile emhlambini. UKristu, UMphathi onothando ezigodlweni zezulu, wehla esimeni Sakhe esiphakeme, wabekela eceleni inkazimulo ayeNayo noBaba, ukuze asindise umhlaba odukileleyo. Ngalokho washiya imihlaba engenasono ngaphezulu, engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye emthandayo, weza kulomhlaba, Yebo, walinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu’ futhi ‘yachotshozwa ngobubi bethu.’ (Isaya 53:5.) UNkulunkulu wazinikela ngeNdodana Yakhe ukuze ajabule ukubuyisela emuva imvu ebilahlekile.”-Christ’s Object Lessons, pp. 190, 191.


Ngolwesithathu , Mandulo

4. UKULUNGISWA KWABAZOLANDELA

a. Ngokuhlangana noKristu, abafundi bafinyelela komuphi umqondo maqondana namazwi Akhe-na? Johane 7:17; 17:7. Uyini umsebenzi wethu namuhla-na?

“Labo abafuna ukwazi iqiniso nokuqonda intando kaNkulunkulu, abathembekile ekukhanyeni kwalo futhi beshisekela ukwenza imisebenzi yabo nsuku zonke, bazoyazi ngempela imfundiso, ngoba bazoholelwa ekulazini iqiniso. UNkulunkulu akathembisi, ngezenzo ezinkulu zokuhlinzekela Kwakhe, ngokungenakuvinjelwa alethe abantu elwazini leqiniso Lakhe, uma bengalifuni iqiniso futhi bengenasifiso sokwazi iqiniso. Abantu banamandla okucima uMoya kaNkulunkulu; amandla okukhetha asele kubo. Bavunyelwe inkululeko yokwenza. Bangaba ngabalalelayo ngegama nomusa woMhlengi wethu, noma bazolalela, babone imiphumela. Umuntu unokuziphendulela ngokwamukela noma ukwenqaba iqiniso elingcwele neliphakade. UMoya kaNkulunkulu uyaqhubeka ukusidelisa, nemiphefumulo iyakhetha noma imelane neqiniso.”-Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 427, 428.

b. Kuyini uJesu akusho kuYise maqondana nenkolelo yabapostoli-na? Johane 17:8. Kungayiphi indlela lamazwi esebenza kithi namuhla-na?

“[UJohane 17:3, 8 ngokuphindwa.] Lona ngumsebenzi obekwe phambi kwethu, wokuba ngabameli baKristu, njengoba wayeKhona emhlabeni wethu engumkhulumeli kaBaba. Kufanele sifundise amazwi esinikwe wona ezifundweni zikaKristu…Kufanele sibe sosukwini lokubuyisana koqobo, futhi akusikho ukuthi kufanele sithobise izinhliziyo zethu phambi kukaNkulunkulu futhi sivume izono zethu, kodwa kufanele, ngethalenta lemfundo yethu, sifune ukweluleka labo esihlangana nabo, sibabuyise ngesimiso nangesibonelo sokumazi uNkulunkulu noJesu Kristu amThumileyo.”-Christian Education, p. 157.

c. Kungenxa yobani, ngokuqondile, uJesu anikela umkhuleko Wakhe otholakala kuJohane 17-na? Johane 17:9, 20.

“[UKristu] ulamulela labo abathobekile kakhulu, abacindezelwe kakhulu nabahluphekile, kulabo abalingwayo kakhulu nabavivinywayo.”-Our High Calling, p. 49.


Ngolwesine , Mandulo 4

5. UKRISTU EKHAZIMULISWA KUBAFUNDI BAKHE

a. UJesu wakhazimuliswa kanjani ngabafundi Bakhe-na? Johane 17:10, 11. Kuyini okudingekayo ukuze lomsebenzi wenziwe-na?

“UKristu waceba ukuthi uhlelo lwasezulwini, ukuhlelwa kombuso wasezulwini, ukuvumelana okungcwele kwasezulwini, kuzofanekiswa ebandleni Lakhe lasemhlabeni. Kanjalo ebantwini Bakhe uyakhazimuliswa. Ngabo iLanga Lokulunga lizokhanya ngokucwebezela okungasithezwanga emhlabeni…Ibandla, elimbathiswe ukuluLunga kukaKristu, liyindawo Yakhe yokubekela, lapho ingcebo yomusa Wakhe, ububele Bakhe, nothando Lwakhe, kufanele lubonakale ngokugcwele nangombukiso wokugcina. UKristu ubheka abantu Bakhe ngokuhlanzeka nokuphelela, njengomvuzo wokuthotshiswa Kwakhe, nokugcwaliswa kwenkazimulo Yakhe-UKristu, Isikhungo esikhulu, lapho yonke imisebe yenkazimulo ivela khona.”-The Desire of Ages, p. 680.

“Kuphela uma bemunye noKristu abafundi bangaba nethemba lamandla aphelezelayo oMoya Ongcwele nokusebenzisana nezingelosi zezulu. Ngosizo lwezithunywa ezingcwele bazokwethula phambi komhlaba bemunye futhi bazonqoba empini abacindezelwa ngokuhlasela okungapheli kokumelana namandla obumnyama. Njengoba beqhubeka ukusebenza ngokuhlanganyela, izithunywa zezulu zizohamba phambi kwabo, ukuvula indlela; izinhliziyo zizolungiswa ukwamukela iqiniso, futhi abaningi bazozuzelwa kuKristu. Uma bezohlala kuphela bemunye, ibandla lizoqhubekela phambili ‘emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na.’ Isihlabelelo Sezihlabelelo 6:10. Akukho okungamelana nentuthuko eqhubekayo. Ibandla lizoqhubeka ukunqoba ukuya ekunqobeni, ngodumo oluqinisekile lomsebenzi ongcwele wokumemezela ivangeli emhlabeni.”-The Acts of the Apostles, pp. 90, 91.


NgoLwesihlanu , Mandulo 5

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Ulwazi lomuntu uqobo ngoKristu luthinta kanjani isiphelo sami-na?

2. Kungayiphi indlela amava ami obuKrestu engasebenza njengethulusi lokufunda esandleni sikaNkulunkulu-na?

3. Kuyini engingakwenza ukukhazimulisa uKristu ngokugcwele-na?

4. Kungaphansi kwaziphi izimo uJesu athandaza okokugcina ekanye nabafundi Bakhe-na?

5. Chaza isizathu sokubonakala kokuqala kukaKristu.

 <<    >>