NgeSonto
, Ntulikazi 6
1. ENTABENI YEMI-NQUMO
a. Lapho uJesu nabafundi Bakhe befika eJerusalema, yimuphi umyalo athuma ngawo ababili phambili-na? Mathewu 21:1-5.
“UJesu wathuma abafundi Bakhe ababili ukuba balethe Kuye imbongolo kanye nethole layo. Ekuzalweni Kwakhe uMsindisi wayencike ekungenisweni ngabafokazi. Umkhombe abelele Kuwo bekuyindawo yokuphumula ebolekiwe. Manje, noma izinkomo ezisezintabeni eziyizinkulungwane zingeZakhe, wayencike emseni wabafokazi ngesilwane azongena ngaso eJerusalema njengeNkosi.”-The Desire of Ages, pp. 569, 570.
b. Chaza isenzo sabafundi. Mathewu 21:6, 7.
“Abafundi, ngentshiseko enkulu, bendlala izambatho zabo esilwaneni, futhi babeka iNkosi yabo phezu kwaso. Ngaphambili uJesu wayehamba ngezinyawo, futhi abafundi ekuqaleni bamangala manje ukuthi ukhethe ukugibela imbongolo. Kodwa ithemba lakhanyisa ezinhliziyweni zabo umcabango ojabulisayo wokuthi uzongena kwinhloko-dolobha, ezisho ukuthi uyiNkosi, futhi aqinise amandla Akhe obukhosi.”-Ibid., p. 570.
NgoMsombuluko
, Ntulikazi 7
2. UMZUZU WENTOKOZO
a. Lapho isixuku sizwa ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, kuyini esakwenza-na? Johane 12:12, 13.
“Lapho [abafundi] besemsebenzi wabo babekhuluma ngalokhu okulindelwe ngemfudumalo kubangane bakaJesu, futhi injabulo yasabalala kude naseduze, bephakamisa okulindelwe abantu ngenhlokomo enkulu.”-The Desire of Ages, p. 570.
b. Kuyini okwaholela isixuku ukuba sidumise uJesu njengoMesiya kulowo mcimbi ojabulisayo-na? Zakariya 9:9; Johane 12:14, 15.
“UJesu wayelandela usiko lwamaJuda lokungena ngobukhosi. Isilwane ayesigibele yileso esasikhwelwa amakhosi akwaIsrayeli, futhi isiprofetho sabikezela ngaphambili ukuthi kanjalo uMesiya kufanele angene embusweni Wakhe. Ngokushesha wahlaliswa phezu kwembongolo ukukhamuluka okukhulu kokunqoba kwaqhasha emoyeni. Isixuku sammemezela njengoMesiya. INkosi yabo. UJesu manje wamukela inkonzo leyo ngaphambili angazange ayivumele, futhi abafundi bamukela lokhu njengobufakazi bamathemba abo aphakeme kwakufanele asekelwe ngokuMbona ebekwa esihlalweni.”-Ibid.
c. Abantu bazimisela kanjani ukukhululwa okwazwakaliswa ngenjabulo yamazwi omhlabeleli-na? Mathewu 21:9; Amahubo 118:26.
“Ixuku labantu laqinisekiswa ukuthi ihora lenkululeko yabo lifikile. Ngomcabango babebona umbutho wamaRoma ukhishelwa ngaphandle kweJerusalema, futhi uIsrayeli uzoba isizwe esikhululekile futhi. Bonke babejabulile futhi benamile; abantu babephikisana omunye komunye ekumkhonzeni. Babengeke babonakalise ngaphandle ubukhulu nobukhazikhazi, kepha bamnika ukukhululeka kwezinhliziyo ezijabulile. Behluleka ukumupha izipho ezibizayo, kodwa bendlala izambatho zabo zangaphandle njengekhaphethi endleleni Yakhe, futhi bendlala amagatsha amaqabunga amafutha omnqumo nangesundu endleleni. Babengahola udwendwe olunqobayo ngaphandle kwezinga lasebukhosini, kodwa banquma amagatsha esundu, uphawu lweMvelo yokunqoba, futhi bewaphakamisea phezulu ngokumemeza okukhulu nange-hosana.”-Ibid.
Ngolwesibili
, Ntulikazi 8
3. UKUGCWALISEKA KWESIPROFETHO
a. Abanye babaFarisi basabela kanjani kumbono wokudunyiswa kukaKristu-na? Johane 12:19; Luka 19:39.
“AbaFarisi abaningi bafakazela lesehlakalo, futhi, bevutha umona nenzondo, bazama ukuguqula umuzwa ovamile nokhona. Ngegunya labo lonke bazama ukuthulisa abantu; kodwa ukuncenga kwabo nokusongela kwakhulisa kuphela ukushiseka kwabo. Besaba ukuthi lesixuku, ngobukhulu benani laso, bangabeka uKristu abeyinkosi. Njengecebo lokugcina bacindezela phakathi kwesixuku baqonda lapho uJesu ekhona, futhi bamsola ngamazwi asongelayo: Nkosi, khuza abafundi Bakho.’ Besho ukuthi umsindo ongaka awukho emthethweni, futhi angeke wavunyelwa yiziphathimandla.”-The Desire of Ages, p. 572.
b. Yimpendulo enjani uJesu abanikeza yona-na? Luka 19:40.
“Isehlakalo sokunqoba bekuyindlela ekhonjwe nguNkulunkulu. Sabikezelwa ngumprofethi, futhi umuntu wayengenamandla okubekela eceleni inhloso kaNkulunkulu. Uma abantu baye behluleka ukuphumelelisa icebo Lakhe, ngabe wanikeza izwi kumatshe angezwa, ngabe amemezela iNdodana Yakhe ngenhlokomo yendumiso.”-Ibid., p. 572.
“Futhi kungenzeka abapristi nababusi bazame ukuvimbela umhlaba ubuso obukhazimulayo belanga, njengokuvalela ngaphandle imisebe yenkazimulo evela kwiLanga Lokulunga. Naphezu kwako konke ukuphikisana, umbuso kaKristu wavunywa ngabantu.”-God’s Amazing Grace, p. 47.
“Umsebenzi kaNkulunkulu uzoqhubekela phambili, naphezu kwakho konke abantu abangakwenza ukuwuvimbela noma ukuwucekela phansi.”-The Story of Jesus, p. 85.
c. Lokuvezwa okumangalisayo kwagcwalisa kanjani isiprofetho, njengoba sabonwa ngabaningi esixukwini-na? Zakariya 9:9.
“Lapho abaFarisi abathulisiwe babuyela emuva, amazwi kaZakariya amukelwa ngamaphimbo angamakhulu. [Zakariya 9:9 ngokuphindwa.]”-Ibid., p. 572-575.
Ngolwesithathu
, Ntulikazi 9
4. WONKE AMEHLO ABHEKA KU-KRISTU
a. Kungayiphi inhloso uJesu avumela lesibonakaliso esikhulu ngosuku lokungena Kwakhe ngokunqoba eJerusalema-na? Johane 12:16, 23-28.
“Akukaze kwenzeke ekuphileni Kwakhe kwasemhlabeni uJesu avumele umbukisa onjalo. Wabonela phambili ngokusobala umphumela wakho. Kwakuzomletha esiphambanweni. Kodwa bekuyinhloso Yakhe ukuthi phambi kwabantu azibonakalise njengoMhlengi. Wafisa ukuthatha ukunaka umhlatshelo ozoklomelisa umsebenzi Wakhe emhlabeni owileyo. Lapho abantu behlangene eJerusalema ukugubha iPhasika, Yena, iWundlu loqobo, ngesonzo sokuzithandela wazibeka ngoKwakhe eceleni njengomnikelo. Kuyadingeka ebandleni Lakhe ezikhathini zonke ngokulandelana kwazo ukwenza ukufa Kwakhe ngenxa yezono zomhlaba ube yisihloko somcabango ojulile kanye nokufunda. Wonke amaqiniso ahlangene nawo kufanele aqinisekiswe ngaphandle kokungabaza. Kwakubalulekile, ngaleso sikhathi, ukuthi amehlo abantu bonke manje aqondiswe Kuye; izehlakalo ezandulela umhlatshelo Wakhe omkhulu kumele kubeyizo ezibizela ukunaka kumhlatshelo ngempela. Emva kombukiso onjalo nesenzo esenzeka ekungeneni Kwakhe eJerusalema, wonke amehlo azolandela uhambo Lwakhe ngokushesha kuze kufinyelele kwisehlakalo sokugcina.
“Izehlakalo ezihlangene nokungena kokunqoba kuzoba undaba-mlonyeni, futhi kuzoletha uJesu phambi kwezingqondo zonke. Emva kokubethelwa Kwakhe, abaningi bazokhumbula lezehlakalo bahlanganise ukuthethwa kwecala Lakhe nokufa Kwakhe. Bazoholelwa ekuhloleni iziprofetho, futhi bazovuma ukuthi uJesu unguMesiya; futhi ezindaweni zonke abaphendukela ekukholweni bazophinda-phindeka.”-The Desire of Ages, p. 571.
b. Ngokumangazayo, kuyini uJesu akwenza lapho ebheka ngokuphelele lomuzi-futhi kungani-na? Luka 19:41-44.
“Phakathi kwesehlakalo sokujabula, lapho bonke besondela khona ukukhonza, iNkosi yamaIsrayeli yayikhala, kungesizo izinyembezi zenjabulo, kodwa izinyembezi kanye nokububula kosizi olungenakuvinjelwa. Isixuku sathuswa ukuhwaqabala okuzumayo. Ukumemeza kwabo kwathuliswa. Abaningi bakhala bezwelana nosizi abangeke baluqonda.
“Izinyembezi zikaJesu bezingalindele umzindlo wokuhlupheka Kwakhe….bekungenxa yokubheka iJerusalema okwahlaba inhliziyo kaJesu-IJerusalema elenqaba iNdodana kaNkulunkulu futhi ladelela uthando Lwakhe, lenqaba ukuqinisekisa izimangaliso Zakhe ezinamandla, futhi lalifuna ukuthatha ukuphila Kwakhe. Wabona ukuthi lalinecala lokwenqaba uMhlengi walo.”-Ibid., p. 576.
Ngolwesine
, Ntulikazi 10
5. UKUFIKA E-JERUSALEMA
a. Njengoba uJesu engena eJerusalema, yimuphi umbuzo ababusi abawuletha futhi impendulo enjani abayithola phakathi komsindo-na? Mathewu 21:10, 11.
“Lapho udwendwe selizokwehla eNtabeni yeMinqumo, lavinjelwa ngababusi. Babuza imbangela yomsindo wenjabulo. Lapho besabuza, ‘Ngubani lona-na? Abafundi, begcwaliswe ngomoya ongcwele, baphendula lombuzo. Ngephimbo elisobala bephinda iziprofetho eziphathelene noKristu.”-The Desire of Ages, pp. 578.
b. Lapho uJesu esefikile edolobheni, kuyini akwenza ethempelini-na? Mathewu 21:12-16; Amahubo 8:2.
“Iminnyaka emithathu ngaphambili, ababusi ethempelini babenamahloni ngokubaleka kwabo phambi kokukhuza kukaJesu. Babelokhu bemangalela ukwesaba kwabo, kanye nokulalela kwabo ngokungathembi uMuntu oyedwa othobekile. Babenomuzwa wokuthi akunakwenzeka ukuthi ukuzinikela kwabo ngokungafanele kungaphindeka. Kodwa manje babenovalo ukudlula isikhathi esedlule. Futhi ngokushesha okukhulu balalela ukuyala Kwakhe. Akukho noyedwa owabanakhu ukubuza ngegunya Lakhe. Abapristi nabahwebayo babaleka ebukhoneni Bakhe, beqhuba izinkabi zabo phambi kwabo….
“Lapho isixuku sibaleka ethempelini, abaningi babesasele ngemuva. Labo manje bahlanganiswa nabasanda-kufika. Futhi igceke lethempeli lagcwala abagulayo kanye nabafayo, futhi uJesu waphinde wabaduduza.”-Ibid., pp. 591, 592.
NgoLwesihlanu
, Ntulikazi 11
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Sasinjani isimo sokuziphatha kwabaFarisi esivame ukuphindwa namuhla-na?
2. Kuyini okuphawula labo abahlonipha uKristu njengeNkosi ethenjisiwe-na?
3. Kuyini mhlawumbe okungabangela uJesu ukuba akhalele mina njengoba enza kulo i-Jerusalema?
4. Isiprofetho sikaZakariya 9:9 sagcwaliseka kanjani kulesikhathi-na?
5. Kungani uKristu avumela kakhulu ukuhalaliswa ngabantu bonke ngalesikhathi-na?