NgeSonto
, Ntulikazi 13
1. ABAVELA EMPUMALANGA NASE-NTSHONALANGA
a. Ngubani owafuna uJesu ekuzalweni Kwakhe-ekuqaleni kokuphila Kwakhe-futhi kuyini abakuletha Kuye-na? Mathewu 2:1, 2, 10, 11.
b. Manje, ngubani owafuna uJesu ekupheleni komsebenzi Wakhe, futhi ngubani ababemfanekisa-na? Johane 12:20. Kuyini esingakufunda kulokhu-na? Mathewu 8:11.
“Lamadoda [AmaGreki athile] ayevela entshonalanga ukubona uMsindisi esondela ekugcineni kokuphila Kwakhe. Njengoba izazi zaseMpumalanga zabonakala ekuqaleni komsebenzi Wakhe. Ngesikhathi sokuzalwa kukaKristu abantu abangamaJuda babegxile kakhulu kwizinhlelo zabo zokuvelele abazange bazi ngokuBonakala Kwakhe. Izazi ezivela ezweni lobuhedeni zafika emkhombeni ziphethe izipho zazo, ukudumisa uMsindisi. Kanjalo lamaGreki, amela izizwe, izilimi, nabantu emhlabeni, eza ukubona uJesu. Kanjalo abantu emhlabeni wonke nasezikhathini zonke bazodonselwa esiphambanweni soMsindisi….
“Abanye babelinganisa, futhi bhambisa umbiko, wokuthi waxosha abapristi nababusi ethempelini, nokuthi wayezothatha ifa lesihlalo sobukhosi sikaDavide, abuse njengenkosi yakwaIsrayeli. AmaGreki afisa ukwazi iqiniso maqondana nomsebenzi Wakhe.”-The Desire of Ages, pp. 621, 622.
NgoMsombuluko
, Ntulikazi 14
2. UKULANGAZELA OKOMHLABA
a. AmaGreki agcizelela kanjani isifiso sabo-na? Johane 12:21.
b. Chaza ukwenza uJesu akuqonda ngesicelo nokuthi inhliziyo yakhe yaphendula kanjani kuso. Johane 12:22, 23.
“Lapho uJesu ezwa isicelo esiqabathekile, ‘Sifuna ukubona uJesu,’ wezwa isikhalo sokulamba kwezwe, ubuso Bakhe bakhanya, futhi Wathi, ‘Ihora lifikile, lokuthi iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.’ Ngesicelo samaGreki wabona isiqinikeko somphumela womhlatshelo Wakhe omkhulu.”-The Desire of Ages, p. 621.
“Lapho isicelo silethwa kuJesu, wayephakathi kwaleyo-nxenye esethempelini ngaphandle kwamaJuda ayekhishelwe ngaphandle, kodwa waya kumaGreki angaphandle kwegceke, futhi wakhulumisana nawo eyedwa.”-Ibid., p. 622.
c. Kungayiphi indlela ukunaka okunesihawu kukaKristu ekusabeleni kulezihambi okungasikhuthaza nathi-na? Amahubo 86:14.
“Kufanele senze yonke imizamo yokuhambisa ulwazi lweqiniso kubo bonke abazolilalela, futhi baningi abazolalela. Bonke emadolobhebi ethu amakhulu uNkulunkulu unemiphefumulo ethembekile enentakazelelo yokwazi ukuthi liyini iqiniso….Phinda lomyalezo, phinda lomyalezo, kungamazwi akhulunywa kaningi-ningi. Tshela abantu Bami ukuthi baphinde umyalezo ezindaweni lapho lashunyayelwa khona okokuqala. Futhi ibandla nebandla lithe lathatha isikhundla salo sokuma eqinisweni, amandla kaNkulunkulu afakazela umyalezo ngendlela emangalisayo.”-Evangelism, p. 394.
“Asitshelwa ukuthi kufanele senze umbukiso okhethekile, omangalisayo. Iqiniso kumele limenyezelwe emigwaqeni emikhulu nasezimpambanweni zezindlela, kanjalo umsebenzi mawenziwe ngezindlela ezihlakaniphile, nangezinhlelo eziphusile….Umsebenzi owenziwe nguKristu emhlabeni wethu kufanele ube yisibonelo sethu, futhi sihambele kude nombukiso. Kufanele sibhekele kude ishashalazi kakhulu njengoKristu agcina umsebenzi Wakhe. Ukubanga ivuso akuyona inkolo, yize inkolo igcizelela okwayo okuhlanzekile, okungcwele, okukhulisayo, umfutho ongcwelisayo, iletha ukuphila kwesimoya, nensindiso.”-Ibid., p.396.
Ngolwesibili
, Ntulikazi 15
3. UKUPHILA OKUNIKEZWE NGOKUFA
a. Kuqhathanisa kuni uJesu akwenza phakathi kohlamvu lukakolweni kanye nomsebenzi Wakhe-na? Johane 12:24.
“Imbewu egqitshwe emhlabathini iletha isithelo, futhi kamuva siyatshalwa futhi. Kanjalo isivuno siyaphinda phindwa. Futhi ukufa kukaKristu esiphambanweni saseKhalvari kuzoveza isithelo sokuphila okuphakade. Ukucabanga ngalomhlatshelo kuzoba inkazimulo kulabo, njengezithelo zawo, bazophila iminyaka engunaphakade.
“Uhlamvu lukakolweni olugcina ukuphila kwalo angeke lathela isithelo. Lihlala lodwa. UKristu unakho, uma ethanda, ukuzisindisa ngoKwakhe ekufeni. Kodwa uma eKwenza lokho, kufanele aHlale yedwa. Angeke aletha amadodana namadodakazi kuNkulunkulu. Kuphela ngokunikela ukuphila Kwakhe angakwazi ukunikela ukuphila oluntwini. Kuphela ngokuwela emhlabathini afe angaba imbewu yesivuno esikhulu-iningi elingenakubalwa elivela ezizweni zonke, imindeni, izilimi, nabantu, lihlengiwe kuNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 623.
b. Yisiphi isicelo sesibili uJesu asenza ngomfanekiso wembewu-na? Johane 12:25, 26.
“Bonke abazoletha isithelo njengezisebenzi ezisebenza ndawonye noKristu kufanele bawele kuqala emhlabathini futhi bafe. Ukuphila kufanele kulahlwe emseleni wesidingo somhlaba. Ukuzithanda, intakazelelo yakho, kufanele kupheliswe. Futhi umthetho wokuzidela ngumthetho wokuzilondoloza. Umlimi ugcina imbewu yakhe ngokuthi ayisakaze. Kanjalo nokuphila komuntu. Ukunikeza kungukuphila. Ukuphila okuzolondolozwa kungukuphila lokho okunikelwe ngesihle emsebenzini kaNkulunkulu nakubantu. Labo ngenxa kaKristu banikela ukuphila kwabo kulomhlaba bazokugcina kuze kube sekuphileni okuphakade.
“Ukuphila okuchithwa ngokuzifunela kufana nokudla okusahlamvana. Kuyanyamalala, kodwa akwandi. Umuntu angabuthela konke ngokwakhe; angaphila futhi acabange futhi azicebise ngokwakhe; kodwa ukuphila kwakhe kuyadlula, futhi akunalutho. Umthetho wokuzikhohlisa umthetho wokuzibhubhisa.
“[UJohane 12:26 ngokuphindwa.] Bonke abathwala noJesu isiphambano somhlatshelo bazoba ngabahlanganyeli benkazimulo Yakhe. Bekungukujabula kukaKristu ekuthotshisweni nasebuhlungwini ukuthi abafundi Bakhe bakhazimuliswe Ngaye. Bayizithelo zokuzidela Kwakhe.”-Ibid., pp. 623, 624.
Ngolwesithathu
, Ntulikazi 16
4. UKUKHAZIMULISWA KUKA-JESU
a. Yimuphi umkhuleko uJesu anikela ngawo njengoba ecabanga ngokufa Kwakhe esiphambanweni-na? Johane 12:27, 28 (isigaba sokuqala).
“Ngokuthemba uKristu wayeseqalile ukuphuza indebe yobuhlungu. Ubuntu Bakhe bancipha ngehora lokushiywa, lapho konke okubonakalayo wayezoshiywa nanguNkulunkulu uqobo, lapho bonke bezombona eshaywa, eshaywe nguNkulunkulu, futhi ehlushwa. Wancipha ekubonweni ngabantu, nokuba aphathwe njengesigebengu esikhulu kunazo zonke, ngokufa okuyihlazo nokudumazayo. Ukuthwala impikiswano namandla obumnyama, umcabango womthwalo osabekayo wokona kwabantu, nolaka lukaBaba ngenxa yesono esabangela umoya kaJesu uquleke, futhi ukuphaphatheka kokufa kwagcwala ebusweni Bakhe.
“Kwase kufika ukuzithoba okungcwele kwentando kaBaba Wakhe. ‘Ngenxa yalokhu,’ Wathi, ngize ngafika kulelihora. Baba, khazimulisa igama Lakho.’ Kungenxa yokufa kukaKristu umbuso kaSathane unganqotshwa ngawo. Yindlela kuphela umuntu angahlengwa ngayo, futhi uNkulunkulu akhazimuliswe. UJesu wavuma ubuhlungu, wamukela umhlatshelo.”-The Desire of Ages, p. 624.
b. Ngeyiphi impendulo eyezwakala ivela ezulwini-na? Johane 12:28 (isigaba sokugcina). Isixuku esasimile sathini-na? Johane 12:29.
“Njengoba izwi lizwakala, ukukhanya kuthwashuka kuvela efwini, kwazungeza uKristu, kungathi izingalo zaMandla Angapheliyo ziphonseleka Kuye ukumzungeza njengodonga lomlilo. Abantu babheka lesehlakalo ngokwesaba nangokumangala. Akukho noyedwa owazama ukukhuluma. Ngezindebe ezithule nomoya ofuywayo bonke bemi amehlo abo ebheke kuJesu. Ubufakazi bukaBaba bunikeziwe, ifu laphakama, lahlakazeka ezulwini. Ngoba isikhathi senhlangano ebonakalayo phakathi kukaBaba neNdodana siphelile.
“‘Ngakho-ke abantu, ababemi eduzane, bakuzwa, bathi kuyaduma: abanye bathi, ingelosi ikhuluma Naye.’ Kodwa amaGreki ayefuna ukwazi alibona ifu, alizwa izwi, bqonda nencazelo yalo, futhi akwazi ukuhlukanisa uKristu ngempela; kubona wembulwa njengoThunywe nguNkulunkulu.
“Izwi likaNkulunkulu lezwakala lapho uJesu ebhapathizwa ekuqaleni komsebenzi Wakhe, futhi ekuguqulelweni Kwakhe enyameni entabeni. Manje ekupheleni komsebenzi Wakhe lezwakala okwesithathu.”-Ibid., p. 625.
Ngolwesine
, Ntulikazi 17
5. UKUNGAKHOLWA KWAMA-JUDA
a. Ngaphandle kokubheka izimangaliso eziningi uJesu azenza-kanye nezwi elaphinda lezwakala livela ezulwini-iningi lamaJuda lasabela kanjani Kuye-na? Johane 12:37-41.
“UJesu ukhulume iqiniso elizothile maqondana nesimo samaJuda. Wenzile isicelo Sakhe sokugcina, futhi wamemezela isiphelo sabo. Manje uNkulunkulu futhi ubekile uphawu Lwakhe emsebenzini weNdodana Yakhe. Wayeqonda Lowo uIsrayeli amenqaba. ‘Lelizwi alizanga ngenxa Yami,’ kusho uJesu, ‘kodwa ngenxa yenu.’ Bekungubufakazi bomqhele wobuMesiya Bakhe, uphawu olusuka kuBaba lokuthi uJesu uthe ukhulumile iqiniso, futhi uyiNdodana kaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 625.
“Ngaphambili babuza uMsindisi, ‘Pho wenza sibonakaliso yini ukuba sibone sikholwe Nguwe-na? Johane 6:30. Izibonakaliso eziningi zinikeziwe; kodwa bavalile amehlo abo futhi baqinisa izinhliziyo zabo. Manje njengoba uBaba Uqobo ekhulumile, futhi angeke bafune esinye isibonakaliso, kodwa baqhubeka ukwenqaba ukukholwa Nguye.”-Ibid., p. 626.
b. Sixwayiswa kanjani ngezenzo zabanye ababusi, nangaphandle kokuthi baqinisekiswa ukuthi umsebenzi kaKristu uyiqiniso-na? Johane 12:42, 43.
“Babethanda ukudunyiswa ngabantu esikhundleni sokwamukelwa uNkulunkulu. Ukuze bazisindise ekusolweni nasehlazweni, bamenqaba uKristu, benqaba nomnikelo wokuphila okuphakade. Futhi bangakhi kumakhulu eminyaka abalokhu benza okufanayo.”- Ibid.
NgoLwesihlanu
, Ntulikazi 18
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kuyini ababefuna ukuzalwa kukaKristu futhi manje amaGreki kuyini akuphawula-na?
2. Ingabe umfanekiso kakolweni usebenza kanjani ekuphileni kwami-na?
3. Ngingahlukanisa kanjani izwi likaNkulunkulu lapho abaningi becabanga ukuthi ukuduma-na?
4. Kwesaba kuni nokukhathazeka kwababusi bakwaJuda okufanele ngikugweme-na?
5. Chaza ukusetshenziswa okukabili kohlamvu lukakolweni olufakwa emhlabathini.