Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
ISIFUNDO 11 ISABATHA, NHLANGULANA 13, 2025

UKristu Ukhulekela Abafundi Bakhe (2)

“IVESI LEKHANDA: “Ngibazisile igama Lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube-kubo, Nami ngibe kubo” (Johane 17:26).

“Njengompristi omkhulu ongcwelisiwe olamulela abantu Bakhe. Njengomalusi othembekile ubuthela umhlambi Wakhe ngaphansi komthunzi kaSomandla, kwisiphephelo esinamandla nesiqinisekile. Ngaye silindele impi yokugcina noSathane, futhi uQhubekela phambili ukuhlangana nayo.”-The Desire of Ages, p, 680.

Incwadi Enikeziwe:   The Sanctified Life, pp. 69-69. 

NgeSonto , Mandulo 7

1. UBUNYE NO-KRISTU

a. Yimuphi umcijo odingekayo wokuphumelela kwebandla uJesu awusho ngokuphindiwe kumkhuleko Wakhe wokulamulela-na? Johane 17:11 (isigaba sokugcina), 21-23.

“[UKristu] wakhulekela abafundi Bakhe ukuba babemunye, njengoba Yena noBaba bemunye; futhi lobunye bamakholwa kufanele bube ubufakazi emhlabeni bokuthi usithumile, nokuthi sithwele ubufakazi bomusa Wakhe.”-My Life Today, p. 252.

“Uma sisondela eduze noNkulunkulu, umuntu ngamunye, kanjalo awuboni ukuthi umphumela uzobayini? Awuboni ukuthi sizosondelana omunye komunye? Angeke sisondele kuNkulunkulu, futhi siwele esiphambanweni esifanayo, ngaphandle kokuthi izinhliziyo zethu zihlanganiswe ndawonye ngobunye obuphelele.”-Our High Calling, p. 96.

b. Ubunye bebandla bungafinyelelwa kanjani futhi bulondolozwe-na? 1 Johane 1:7.

“Ubunye bamakholwa kuKristu buzokwenza ukuthi imiphumela yemvelo iholelwe ebudlelwaneni bomunye komunye; yisiphi isibopho sobunye esikhuthazela kakhulu emhlabeni. Sibanye kuKristu, njengoba uKristu emunye noBaba. AmaKristu angamagatsha, futhi amagatsha kuphela, eMvinini ophilayo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 47.


NgoMsombuluko , Mandulo 8

2. ANISIBO ABALELIZWE

a. Kuyini uKristu akushoyo maqondana nabafundi Bakhe kanye nomhlaba-na? Johane 17:13, 14. Kungani umhlaba ubashushisa-na?

“AmaKristu asendulo abengabantu abakhethekile ngempela. Ukuziphatha kwabo okumsulwa nokholo oluqinile ukukhuza okuqhubekayo okuphazamisa ukuthula kwesoni. Noma babembalwa ngokwesibalo, bengenamali, isikhundla, noma iziqu zokuhlonishwa, babesabeka kwabenza okubi noma kuphi izimilo zabo nezimfundiso bezaziwa. Ngakho-ke babezondwa ngababi, njengoAbela owayezondwa uKayini ongamesabi uNkulunkulu. Ngesizathu esifanayo leso uKayini abulala ngaso uAbela, benza kulabo abafuna ukulahla izivimbelo zoMoya Ongcwele, babulala abantu bakaNkulunkulu. Kungesizathu esifanayo leso amaJuda enqaba futhi abethela uMsindisi-ngoba ukuhlanzeka nobungcwele besimilo Sakhe bekungukhuza okuqhubekayo kubugovu babo nokonakala. Kusukela ezinsukwini zikaKristu kuze kube manje abafundi Bakhe abathembekile bathe bazondwa bemelene nalabo abathanda futhi belandela indlela yesono.”-The Great Controversy, p. 46.

b. Liyini icebo likaNkulunkulu ngabantwana Bakhe maqondana nomfutho welizwe othintekayo-na? Johane 17:15, 16.

“NgeSakhe isibonelo uMsindisi wabonisa ukuthi abalandeli Bakhe bangaba semhlabeni kodwa bangabi abomhlaba. Akazelanga ukuba ahlanganyele ekuzijabuliseni okukhohlisayo, ukupheshulwa amasiko alo, nokulandela ukwenza kwalo, kodwa ukwenza intando kaBaba Wakhe, ukufuna nokusindisa okulahlekile. Ngalenhloso ephambi kwawo amaKrestu angema engangcoliswa yilokhu okubazungezile. Noma ngeyiphi indawo okuyo noma izimo, eziphakeme noma ezithobekile, zizobonisa amandla enkolo yeqiniso ekwenzeni ngokuthembeka emsebenzini.”-The Acts of the Apostles, p. 467.

“Izwe alinawo amakholwa eqiniso anele; ibandla lidinga amakholwa afana nalawa; umphakathi angeke wabayeka. Umkhuleko kaKristu kubafundi Bakhe uthi: ‘Angiceli ukuba ubasuse ezweni, kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.’ UJesu uyazi ukuthi sisemhlabeni, sivulekele kwizilingo zawo, kodwa uyasithanda, futhi uzosipha umusa wokunqoba umfutho wokonakala kwawo. Uzosenza sibe nezimilo eziphelele, ukuze ukungalaleli kwethu kungalethi isimo sokuziphatha okubi kwabanye.”-Testimonies for thr Church, vol. 5, p. 334.


Ngolwesibili , Mandulo 9

3. AMANDLA EQINISWENI

a. Ingabe iqiniso libenzelani labo abalaziyo futhi balilalele-na? Johane 8:32; Johane 17:17.

“Lapho iqiniso lamukelwo enhliziyweni, imvubelo yalo izolawula izifiso, ihlanze imicabango, futhi inandise ukuhlela….

“Izwi likaNkulunkulu kufanele libe nomphumela ongcwelisayo ebudlelwaneni bethu kwilunga ngalinye lomkhaya woluntu. Imvubelo yeqiniso angeke yaletha isithelo somoya wempikiswano, ukuthanda ukulangazela okuthile, isifiso sokuba ngowokuqala. Uthando lweqiniso lozalo lwasezulwini alunabo ubugovu futhi aluguquki. Alweyamanga ekudunyisweni ngumuntu. Inhliziyo yalowo owamukela umusa kaNkulunkulu izophuphuma ngothando kuNkulunkulu nakulabo uKristu abafelayo. Umina akakhathazeki ukuba aqashelwe. Akathandi abanye ngoba bemthanda futhi bemjabulisa, ngoba bethokozela ukufaneleka kwakhe, kodwa ngoba beyimfuyo ethengwe nguKristu. Uma izinhloso zakhe, amazwi, noma izenzo zakhe zingaqondwa noma ziyahlanekezelwa, akacunuki, noma aphisheke ngisho nomqashi wendlela yakhe. Unomusa futhi uyacabanga, uthobekile ngombono wakhe ngaye, kepha egcwele ithemba, uhlale ethembele kwinkumbulo yothando lukaNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, pp. 100, 101.

b. Iqiniso lingachazwa kanjani-na? Amahubo 119:142.

“Iqiniso njengoba linjalo kuJesu lingukulalela sonke isimiso sikaJehova. Ngumsebenzi wenhliziyo. Ukungcweliswa kweBhayibheli akukona ukungcweliswa kwamanga okungeke kuhlole imiBhalo, kodwa lizothemba ukuzizwa okuhle nokuthwathwa yinhliziyo kunokufuna iqiniso njengengcebo efihliwe. Ukungcwelisa kweBhayibheli kuzoholela abanalo ulwazi lwezimfuno zikaNkulunkulu futhi bazilalele.”-Lift Him Up, p. 152.

c. Singangcweliswa kanjani yiqiniso-na? Johane 17:19; 16:13 (isigaba sokuqala).

“UKristu wathi uzingcwelisile ngoKwakhe, ukuze nathi singangcweliswa. Wathathela Kuye imvelo yethu, futhi Waba isibonelo esingenaphutha ngenxa yabantu. Akenzanga iphutha, ukuze nathi sibe ngabanqobi, singene embusweni Wakhe njengabanqobi. Wakhulekela ukuthi singcweliswe ngeqiniso. Liyini iqiniso-na? Esho, ‘Izwi Lakho liyiqiniso.’ Abafundi Bakhe kwakumele bangcweliswe ngokulalela iqiniso.”-My Life Today, p. 252.


Ngolwesithathu , Mandulo 10

4. UZWELO OLUFINYELELA-KUDE

a. Sazi kanjani ukuthi uKristu wasifaka emthandazweni Wakhe wokulamula-na? Johane 17:20.

“Konke uKristu abeyikho kubafundi Bakhe, ufisa ukubayikho kubantwana Bakhe namuhla.”Steps to Christ, p. 75.

“Labo uKristu abahlengile bangamagugu Akhe, bayingcebo Yakhe emangalisayo nekhethekile.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 309.

b. Yisiphi isiqiniseko esinaso sokunaka kukaKristu, ngoMoya Ongcwele, ophezu kwethu namuhla-na? Johane 14:16.

“Amazwi akhulunywa kubafundi ngaphambili akhulunywa kithi namuhla. UMduduzi ungowethu njengoba ubengowabo. UMoya unikeza amandla futhi ulondoloze ukuzama, imiphefumulo ebambanayo kukho konke okungazelelwe, futhi nokubona ukwehluleka kwabo namaphutha abo. Osizini nasekuhluphekeni, lapho okuzayo kubonakala kumnyama nekusasa elididayo, futhi sizizwa sibuthakathaka futhi sinesizungu-lezi izikhathi lapho, njengempendulo yomkhuleko wokukholwa, uMoya Ongcwele uletha induduzo enhliziyweni.”-The Acts of the Apostle, p. 51.

“Ngehora lesidingo esikhulu, lapho ukudangala kuzonqoba umphefumulo, yilapho iso likaJesu libona ukuthi sidinga usizo Lwakhe. Ihora lesidingo somuntu kuba ihora lethuba likaNkulunkulu. Lapho lonke usizo lwabantu lwehluleka, yilapho uJesu eletha kithi usizo Lwakhe, futhi ubukhona Bakhe buhlakaza ubumnyama futhi buphakamise ifu lokuhwaqabala.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 530.

c. Yisiphi isifiso uJesu asibonisa sona ngenxa yabantu Bakhe ekugcineni komthandazo Wakhe-na? Johane 17:24.

“Ngaphambi kokuba izisekelo zomhlaba zimiswe, uBaba neNdodana bahlangana ngesivumelwano sokuhlenga umuntu uma enganqotshwa nguSathane. Bathe bahlanganisa izandla Zabo ngesibopho esizothile sokuthi uKristu abe yisiqiniseko sesizwe soluntu. Lesibopho uKristu wasigcwalisa.”-The Desire of Ages, p. 834.


Ngolwesine , Mandulo 11

5. UKUBA SILAZI IGAMA LAKHE

a. Kufanele sibonise kanjani uBaba ngoKristu-na? Johane 17:25, 26.

“UKristu uthi Ngaye uthunyelwe emhlabeni ukuba ngumkhulumeli kaBaba. Ngesimilo Sakhe sobuntu, ngomusa Wakhe nozwelo olumnene, ngothando Lwakhe nobuhle, wema phambi kwethu njengesibonelo sokuphelela okungcwele, umfanekiso kaNkulunkulu ongabonwa.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 739.

b. Kuqondisa kuni okufanele sikulondoloze njalo ekuphilen kwethu-na? Jeremiya 9:23, 24.

“Konke ukuzigabisa kokufaneleka kwethu akudingekile.

“Umyalo akuwona, othi lowo ozidumisa ngenkazimulo engeyakhe, kodwa ekaNkulunkulu…Kukhona, lapha ukuba abantu bathathele udumo kubo. Ngokuba isibusiso ngasinye abasithokozelayo, bonke ubuhle abanabo, banesikweletu somusa kaKristu. Makungabikho oziphakamisa njengohlakaniphile noma olungile….

“Labo abanamava ajulile ezintweni zikaNkulunkulu, babekela kude ukuzigabisa noma ukuziphakamisa. Banomcabango ozithobile ngabo, futhi imicabango ephakeme ngodumo nokuhlakanipha kukaKristu….Uma amehlo ethu agxiliswe ezulwini, futhi sinombono okhanyayo wesimilo sikaKristu, sizophakamisa iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zethu.

“Njengoba umuntu ejwayelana nomlando woMhlengi, ubona ubuthakathaka obunzima ngaye; nokungathandeki kwakhe kuKristu kukhulu kangangokuba ubona isidingo senguquko ngempela ekuphileni kwakhe. Noma kunjalo ngesifiso sokufunda ukuba abe iSibonelo sakhe esikhulu.”-Sons and Daughters of God, p. 235.


NgoLwesihlanu , Mandulo 12

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kuyini engingakwenza ukukhulisa ubunye phakathi kwabazalwane-na?

2. Ngingasizakala kanjani ngomkhuleko kaKristu ngenxa yabafundi Bakhe-na?

3. Kungaziphi izindlela engingakhulisa ulwazi olujulile lwegama likaNkulunkulu-na?

4. Chaza izwi likaKristu: “Abasibo abezwe.”

5. Fingqa izincazelo ezisebhayibhelini “zeqiniso.”

 <<    >>