Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
ISIFUNDO 1 ISABATHA, NTULIKAZI 5, 2025

UJesu, uSimoni, noMariya

IVESI LEKHANDA: “Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane ” (Luka 7:47).

“UJesu uyazazi zonke izimeko zomphefumulo ngamunye. Ungathi, Ngiyisoni, isoni esikhulu. Ungaba yiso; kodwa njengoba umubi kakhulu, yilapho udinga kakhulu uJesu. Akaphendukeli okhalayo, noma axoshe ozisolayo. Akakhulumi komunye konke azokwembula, kepha uncenga wonke umphefumulo othuthumelayo ukuthi ubenesibindi. Ngesihle uzoxolela bonke abeza Kuye ukuba bathethelelwe futhi babuyiselwe.”-The Desire of Ages, p. 568.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 4, pp. 485-487, 550-552. 

NgeSonto , Nhlangulana 29

1. UKUVAKASHELA IBETHANIYA OKOKUGCINA

a. Chaza isimo esasikhona eJerusalema ngesikhathi sokuhambela kukaKristu eBhethaniya futhi lokhu kwaba nomfutho onjani kwabanye ababekhona edilini likaSimoni. Johane 11:55-57; Amahubo 55:21.

“USimoni waseBethaniya wayebalwa njengomfundi kukaJesu. Ubengomunye wabaFarisi abambalwa ababehlangana obala nabalandeli bakaKristu. Wamvuma uJesu njengothishela, enethembe lokuthi hleze angaba nguMesiya, kodwa wayengakamamukeli njengoMsindisi. Isimilo Sakhe sasingaphendulwanga; nezimiso zakhe zingaguqukanga.”-Ibid., p. 557.

b. Yisiphi isibusiso esikhulu uSimoni asithola, futhi wabonisa kanjani manje ukubonga kwakhe kuJesu-na? Luka 7:36.

“USimoni weyephukisiwe esifeni sochoko, futhi yilokhu okwamsondeza kuJesu. Wayefisa ukubonisa ukubonga kwakhe, futhi ukuvakasha kukaKristu kokugcina eBethaniya wenzela uMsindisi idili nabafundi Bakhe.”-Ibid.


NgoMsombuluko , Nhlangulana 30

2. IMISEBE EVELA ENHLIZIYWENI

a. Chaza okufihliwe, ngemuva kwalezi zingcawu zohlobo lwesimo esivame ukuba khona emibuthwaneni yomphakathi-nokuthi sabakhona kanjani kulesikhathi. Amahubo 55:21.

“Lomkhosi waletha ndawonye amaJuda amaningi. Kwakukhona ngalesikhathi ukujabula okukhulu eJerusalema. UKristu nomsebenzi Wakhe waheha ukunaka okukhulu ukudlula ngaphambili. Labo ababeze emkhosini babheka eduze kakhulu ukwenza Kwakhe, futhi abanye babo bembheka ngamehlo angenamusa.”-The Desire of Ages, p. 557.

b. Landisa isenzo sikaMariya edilini likaSimiyoni. Luka 7:37, 38; Johane 12:3.

“UMariya walela ngokukhuthazela wonke amazwi aphuma emlomnyeni kaJesu. Ngomusa Wakhe, uJesu wathethelela izono zakhe, wabiza umfowabo amthandayo ukuba aphume ethuneni, nenhliziyo kaMartha yagcwala ukubonga. Wamuzwa uJesu ekhuluma ngokufa Kwakhe okuzayo, futhi ngothando olujulile nosizi wayelangazela ukumbonisa inhlonipho. Ngomnikelo wakhe omkhulu wathenga ibhokisi lelitra ‘lamafutha enadi, elinenani elikhulu,’ wagcoba ngawo umzimba Wakhe. Kodwa abaningi bathi wayesondele ukubekwa abeyinkosi. Usizi lwakhe lwaphenduka injabulo, futhi emaganga ukuba ngowokuqala ukuhlonipa iNkosi yakhe. Wavula ibhokisi lamafutha, wawathulula ekhanda nasezinyaweni zikaJesu; lapho, eguqile ekhala, ezimathisa ngezinyembezi zakhe, wesula izinyawo Zakhe ngezinwele zakhe ezinde, eziphephezelayo.”-Ibid., pp. 558, 559.

c. UJudasi wasamukela kanjani lesenzo-na? Johane 12:4, 5; Mathewu 26:8, 9.

“[UMariya] wazama ukugwema ukubonwa, futhi ukuhamba kwakhe ngabe kwadlulwa kungaqashelwa, kodwa iphunga lamakha alo lagcwalisa indlu yonke, futhi isenzo sakhe sezwakala kubobonke ababekhona. UJudasi wabheka lesenzo ngokudana okukhulu. Esikhundleni sokulinda ukuzwa ukuthi uKristu uthini ngalendaba, waqala ukuhleba nokukhononda kulabo abaseduze kwakhe, ezwakalisa isihlamba sakhe kuKristu ngobuhlungu benchithakalo enjalo. Ngobuciko wenza ukusongoza okuzobangela ukunganeliseki.”-Ibid., p. 559.


Ngolwesibili , Ntulikazi 1

3. INZONDO KA-JUDASI

a. Ngokweqiniso kungani uJudasi agxeka isenzo sikaMariya sokugcoba izinyawo zikaJesu-na? Johane 12:6.

“UJudasi wayengumgcini wezimali zabafundi, futhi kulesikhwama sabo esincane wayezithathela ngasese ukuba ayisebenzisele yena, ngaleyondlela wayenciphisa izinsiza zabo kungasali lutho. Wayezimisele ukufaka esikhwameni konke angakufumana. Ingcebo esesikhwameni njalo yayienzelwa ukukhulula abampofu; futhi uJudasi lokhu wayebekubheka njengoku-ngabalulekile okukuthengwayo, wayethi, kwenzelwani incitho-na? Kungani inani lawo lingafakwa esikhwameni sokunakekela abampofu-na? Manje isenzo sikaMariya sasingafani kakhulu kumuntu onomoya wobugovu wabekwa ehlazweni; futhi ngokwesiko lakhe, wafuna ukunikeza isisusa esifanele sokuphikisa kwakhe isipho sakhe. Ephendukela kubafundi, wabuza, kungani amafutha angathengiswa ngawodenariyo abangamakhulu amathathu, kunikezwe abampofu-na? Lokhu wakusho, kungesikho ukuthi wayenakekela abampofu, kodwa ngenxa yokuthi uyisela, futhi isikhwama sikuye, futhi wembula okungaphakathi kwaso.’ UJudasi ubengenayo inhliziyo yabampofu. Uma ngabe amafutha kaMariya athengiswa, nemali yawela ezandleni zakhe, abampofu bebengeke bazuza kuso.”-The Desire of Ages, p. 559.

b. Abafundi bambheka kanjani uJudasi-futhi yena ngokwakhe wazibheka kanjani-na? Johane 13:29.

“UJudasi wayenomcabango ophakeme ngekhono lokuphatha kwakhe. Njengomphathi wezimali wazibona ephakeme kakhulu kunabafundi bakhe, futhi ebaholela ukuba bambheke ngendlela yokukhanya okufanayo. Wayethole ukuzethemba kwabo, futhi waba nomfutho onamandla phezu kwabo. Ukufakazela kwakhe kozwelo maqondana nabampofu wayebakhohlisa, futhi belizwi lakhe kwabangela ukuba babheke ukuzinikela kukaMariya njengongathembeki.”-Ibid., p. 559, 560.

c. Chaza ukuthi kuyini okuvame ukuqhuba labo ababubula kwabanye bethule-nokuthi kungathinta kanjani imiphefumulo ebuthakathaka eqondiswe kubo. Juda 1:16.

“UMariya wezwa amazwi okusola. Inhliziyo yakhe yathuthumela ngaphakathi kwakhe. INkosi, Nayo, ingase icabange yini ngaye ukuthi uyahlaphaza. Ngaphandle kokuxolisa noma abeke izaba wathothobala.”-Ibid., p. 560.


Ngolwesithathu , Ntulikazi 2

4. USIMONI NO-MARIYA

a. USimoni waphatheka kanjani ngokuzidla kobuFarisi bakhe nangesenzo sikaMariya-futhi wamehlulela kanjani uJesu-na? Luka 7:39.

“USimoni owayenomcimbi ezungezwe umfutho wokusola kukaJudasi ngesipho sikaMariya, futhi wamangalela ukuziphatha kukaJesu. Ukuziqhenya kwakhe kobuFarisi kwacunulwa….

“Ngokwelapha uchoko lukaSimoni, uKristu wamsindisa ekufeni okuhlalayo. Kodwa…ngoba uKristu wavumela owesifazane ukuba asondele Kuye, ngoba engazange ngokweyisa amenyanye njengalowo izono zakhe ziziningi ukuba zingaxolelwa, njengokuba engazange abonisa ukuthi uyaqonda ukuthi uwile, uSimoni walingeka ukucabanga ukuthi uKristu akayena umprofethi.”-The Desire of Ages, pp. 566.

b. Lwazi luni lokuphila okusondelene kukaSimoni noMariya uJesu akwembula-na? Luka 7:40-43. UJesu wakhuza kanjani uSimoni, futhi kungani-na? Luka 7:44-46.

“[USimiyoni] akazange aqonde ukuthi iNdodana kaNkulunkulu kufanele yenze ngendlela kaNkukunkulu, ngozwelo, ngobumnene, nangomusa. Indlela kaSimoni ukungaqapheli inkonzo yokuphenduka kukaMariya. Isenzo sakhe sokwanga izinyawo zikaKristu nokuzigcoba ngamafutha kwakhungathekisa inhliziyo yakhe elikhuni. Wacabanga ukuthi uma uKristu ubengumprofethi, ubezobona izoni futhi azikhuze….

“Njengoba enza uNathani kuDavide, uKristu wathukusa ikhaya Lakhe ngaphansi kwesembozo somfanekiso. Waletha esixukwini Sakhe umthwalo wokumemezela isigwebo phezu kwakhe. USimoni nguyena owaholela owesifazane esonweni njengoba esemzonda manje. Owesifazane wangena ngokujulile esiphambekweni ngenxa yakhe….Kepha uSimoni wazizwa elunge kakhulu kunoMariya, futhi uJesu wayefisa ukuba abone ukuthi isono sakhe sikhulu kangakanani ngempela. Uzombonisa ukuthi isono sakhe sikhulu kunowesifazane.”-Ibid., p. 566, 567.

c. AmaJuda aphendula kanjani lapho uJesu ethi kuMariya izono zakhe zithethelelwe-na? Luka 7:48, 49. Umfanekiso kaKristu waba nomphumela onjani enhliziyweni kaSimoni-na?

“USimoni manje waqala ukuzibona ngokukhanya okusha. Wabona ukuthi uMariya wayenakwa yiLowo owayumkhulu kunomprofethi. Wabona ukuthi unamandla okubona ngeso lomprofethi uKristu ofunda inhliziyo yakhe yothando nokuzinikela. Amahloni asuswa phezu kwakhe, futhi wabona ukuthi uphambi kobukhona baLowo ophakeme kunaye.”-Ibid., p. 567.


Ngolwesine , Ntulikazi 3

5. UKUGUQULWA KUKA-SIMONI

a. Ukungaqiniseki ngomphumela ongabonakali kithi, kungani sikhuthazwa ukuba sikhulume ngokungesabi nezoni ezinjengo-Simoni-na? Izaga 9:8; Jakobe 5:20.

“Lapho uMariya eyisoni esithethelelwe, [uSimoni] ubeyisoni esingathethelelwe. Umyalo oqinile wobulungiswa ayefisa ukuwucindezela maqondana naye wamsola.

“USimoni wathinteka ngobumnene bukaJesu bokuthi angamsoli ngokusobala phambi kwezihambi. Akaphathwanga ngendlela abefisa uMariya aphathwe ngayo. Wabona ukuthi uJesu akafisi ukwembula isono sakhe kwabanye, kepha wafuna amazwi ngempela ecala ukugculisa ingqondo yakhe, kodwa ngomusa onozwelo wathobisa inhliziyo yakhe. Ukudalulwa okunzima bekuzoba lukhuni kuSimoni ukumelana nenguquko, kepha umyalo omnene wamenza wavuma iphutha lakhe. Wabona ubukhulu becala alenzile eNkosini Yakhe. Ukuzigabisa Kwakhe kwathotshiswa, waphenduka, uMFarisi ozidlayo wathobeka, umfundi ozidelayo.”-The Desire of Ages, pp. 567, 568.

b. Kuyini uJesu akusho ngesenzo sikaMariya, futhi yimaphi amagama akhuthazayo awakhuluma kuye-na? Mathewu 26:12, 13; Luka 7:50.

“UMariya wayebhekwa njengesoni esikhulu, kodwa uKristu ubezazi izimeko ezabumba ukuphila Kwakhe. Ngabe wacima yonke inhlansi yethemba emphefumulweni wakhe, kodwa akwakwenzanga lokho. Nguyena owamphakamisa ekudangaleni nasekonakaleni. Izikhathi eziyisikhombisa emuzwa ekhuza amadimoni alawula inhliziyo yakhe nengqondo. Uzwile ukukhala Kwakhe okunamandla kuYise ngenxa yakhe. Ubazi ukuthi isono senyanyeka kanjani ekuhlanzekeni Kwakhe okungangcoliswanga, futhi ngamandla Akhe uthe wanqoba.”-Ibid., p. 568.


NgoLwesihlanu , Ntulikazi 4

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Ekuhambeni kwami noNkulunkulu, ngingazijwayeza kanjani ubuhle bukaMariya-na?

2. Yisiphi isixwayiso okufanele ngisithathe ukuqaphela ukuziphatha kukaJudasi edilini-na?

3. Ngingagwema kanjani umgodi wemicabango kaSimoni eyamholela kuwo-na?

4. Kunini lapho amazwi kaKristu enduduzo kuMariya asebenza ekuphileni kwami-na?

5. Kuyini engingakufunda indlela uJesu abonisa ngayo uSimoni iphutha lakhe-na?

 <<    >>