NgeSonto
, Ncwaba 17
1. UMYALO OMUSHA
a. Uthando olungakanani olwaboniswa ngeSibonelo esikhulu, futhi lubaluleke kanjani kubalandeli Bakhe-na? Johane 13:1 (isigaba sokugcina); 15:13.
“Lubanzi kangakanani, futhi lugcwele kangakanani loluthando-na? Abafundi kwakumele bathandane njengalokhu uKristu ebathandile. Lokhu kwakufanele kube ngubufakazi babo emhlabeni ukuthi uKristu akhiwe ngaphakathi, ithemba lenkazimulo. Ngaleso sikhathi abafundi babengaqondi inxenye entsha yalomyalo; kodwa emva kokuhlupheka kukaKristu, emva kokubethelwa Kwakhe esiphambanweni nokuvuka Kwakhe nokwenyukela Kwakhe ezulwini, baqala ukuba nomunye umcabango wokuthi uthando lukaNkulunkulu luyaqondwa, futhi uthando okumele balusebenzise omunye komunye. Emva kokuba uMoya Ongcwele uhlala kubo ngosuku lwePentekoste, loluthando labonakaliswa.”-The Signs of Times, Mfumfu 20, 1898.
b. Yisiphi isithelo sokuqala soMoya Ongcwele futhi yibuphi ubufakazi bokuthi lesi sithelo sipheleliswa kithi-na? Galathiya 5:22; 1 Johane 4:11-13; 3:18.
“Ukupheleliswa kwesimilo soMkrestu kutholakala lapho isifiso sokusiza nokubusisa abanye sivumbuka njalo ngaphakathi.”-The Acts of the Apostles, p. 551.
NgoMsombuluko
, Ncwaba 18
2. UMYALO OMUSHA (UYAQHUBEKA)
a. Kungamuphi umqondo uKristu ebhekisa uthando lobuzalwane “njengomyalo omusha”-na? Johane 13:34.
“Kubafundi lomyalo wawumusha; ngoba babengathandani njengokuba uKristu ebathandile. Wabona ukuthi umbono omusha nokuzibophezela kwakufanele kubalawule; ukuze izimiso ezintsha zisetshenziswe yibo; ngokuphila Kwakhe nangokufa kwakufanele bamukele umcabango omusha wothando. Umyalo wokuba bathandane bewuyincazelo entsha yokukhanya komhlatshelo wokuzidela Kwakhe. Umsebenzi wonke womusa uyinkonzo eqhubekayo yothando, ukuzidela, ukuzincintsha, nomzamo wokuzinikela. Phakathi kwehora ngalinye lohambo lukaKristu emhlabeni, uthando lukaNkulunkulu bolugobhoza lusuka Kuye ngemizila engenakuvinjelwa. Bonke abathelwe ngoMoya Wakhe bazothanda njengoba athanda. Sona lesimiso esashukumisa uKristu sizoshukumisa bonke ekuphatheni kwabo omunye nomunye.”-The Desire of Ages, p. 677, 678.
b. Kuyini okwembula ukuthi singamadodana kaNkulunkulu nabahlobo bakaKristu-na? Roma 8:14; 1 Johane 3:10.
“Inkolo equkethe ekwenzeni amazwi kaKristu; ayenzeli ukuba izuze umusa kaNkulunkulu, kodwa ngenxa, sonke asiwufanele, sithole isipho sothando Lwakhe. UKristu ubeke insindiso yomuntu, kungesikho phezu kokuzisho kuphela, kodwa phezu kokukholwa okubonakaliswa ngemisebenzi yokulunga. Ukwenza, kungesikho ngokuzisho kuphela, okulindelwe kubalandeli bakaKristu. Kungenxa yesenzo okwakhiwa ngaso isimilo. ‘Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.’ Roma 8:14. Kungesibo labo izinhliziyo zabo zithintwa nguMoya, kungesibo labo manje bezinikele emandleni awo, kodwa labo abaholwa nguMoya, ngamadodana kaNkulunkulu.”-Thought from the Mount of Blessing, pp. 149, 150.
“Isimilo nobuntu babalandeli bakaKristu kuzofana nokweNkosi yabo. Uyisibonelo, isilinganiso esingcwele nesiphelele esinikezwe amaKristu ukuba basilingise. Abalandeli Bakhe beqiniso bazothanda abazalwane babo futhi bavumelane nabo. Bazothanda omakhelwane babo njengoba uKristu ebanike isibonelo futhi bazokwenza noma yikuphi ukuzidela uma ngokwenze njalo bakhuthaze imiphefumulo ukuba ishiye izono zazo futhi iphendukele eqinisweni.”-Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 58, 59.
Ngolwesibili
, Ncwaba 19
3. IGAMA ELIKHETHEKILE
a. Yiliphi igama uJesu alibeka phezu kwabalandeli Bakhe abathembekile, futhi kungani-na? Johane 15:15, 14.
“Kusho uKristu: ‘Ningabahlobo Bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.’ Lesi isimiso esibekiwe; lesi isivivinyo esifakazela izimilo zabantu.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 188.
“Namuhla isikhathi selungelo elizothile nethemba elingcwele kwizinceku zikaNkulunkulu. Uma lokukholwa kugcinwa ngokuthembeka, umvuzo uzobamkhulu kakhulu wenceku ethembekile lapho iNkosi izokhuluma amazwi athi: ‘Landa ngobuphathi bakho.’ ‘Ukusebenza ngokuzimisela, umsebenzi wokudela, ukubekezela, umzamo okhuthazelayo, uzovuzwa kakhulu; uJesu uzothi: Emva kwalokho anisezona izinceku, kodwa abahlobo, noma izihambi. Ukuvuma kweNkosi akunikezwa ngenxa yomsebenzi omkhulu owenziwe, ngoba izinto eziningi zithe zazuzwa, kodwa ngenxa yokuthembeka ezintweni ezincane. Akuyona imiphumela emikhulu eniyizuzile, kodwa ngenxa yamandla esisebenza ngawo, esilinganiswa noNkulunkulu. Uvuza ubuhle nokuthembeka kakhulu kunobukhulu bomsebenzi owenziwe.”-Ibid., vol. 2, pp. 510, 511.
b. Kungayiphi inhloso uJesu asikhetha, futhi kuziphendulela kuni okuhambisana nalelungelo-na? Johane 15:16, 17.
“UMsindisi wethu wembula uthando kithi uthando lolo umuntu angeke alulinganisa. Lapho sisalimele futhi singabafayo, waba nozwelo kithi. Azange asidlulisele ngakolunye uhlangothi, asishiye, singenasizo futhi singenathemba, ukuba sibhubhe kuphela. Akazange ahlale ebungcweleni Bakhe, ekhaya elithokozisayo, lapho wayethandwa ngumbuthwano wonke wasezulwini. Wabheka isidingo esibuhlungu. Wathabatha isimo sethu, futhi wakhombisa intakazelelo Yakhe naleyo yabantu. Wafa ukuba asindise izitha Zakhe. Wakhulekela ababulali Bakhe. Ekhomba kwisibonelo Sakhe, uthi kubalandeli Bakhe, ‘Nginiyala ngalezozinto, ukuze nithandane’; ‘njengalokho Nginithandile, nani nithandane.’ Johane 15:17; 13:34.”-Christ’s Object Lessons, pp. 381, 382.
“Singazisho ukuthi singabalandeli bakaKristu, singafakaza ukuthi sikholwa amaqiniso onke asezwini likaNkulunkulu; kodwa lokhu angeke kwasiza omakhelwane bethu ngaphandle kokuthi inkolo yethu ithwalelwa ekuphileni kwethu nsuku zonke.”-Ibid., p. 383.
Ngolwesithathu
, Ncwaba 20
4. UKUZINGELWA NGUMHLABA WONKE
a. Kuyini umhlaba okwenzayo kubahlobo bakaKristu-na? Kungani-na? Johane 15:18, 19.
“Uma abantu behlanganiswa ndawonye, kungesikho ngokucindezela noma ubugovu, kodwa ngothando, babonisa ukusebenza komfutho ongaphezu komfutho womuntu wonke. Lapho kukhona lobunye, ubufakazi bokuthi umfanekiso kaNkulunkulu ubuyiselwe ebantwini, nokuthi umyalo omusha wokuphila uthe watshalwa. Kuyabonakala ukuthi akhona amandla kwimvelo engcwele okumelana nemvelo yezithunywa ezimbi, nokuthi umusa kaNkulunkulu uthobisa ubugovu bozalo enhliziyweni yemvelo.
“Loluthando, oluboniswa ebandleni, luzonyakazisa ulaka lukaSathane ngempela. UKristu akazange abekele abafundi Bakhe indlela elula.”-The Desire of Ages, p. 678.
b. Kungani umhlaba washushisa uKristu, futhi kungani abalandeli Bakhe beshushiswa-na? Johane 3:19, 20; 15:20, 21.
“Phakathi kokulunga nesono, uthando nenzondo, iqiniso namanga, kukhona impi engalawuleki. Uma omunye eveza uthando lukaKristu nobuhle bobungcwele, udonsela kude izikhonzi zombuso kaSathane, nenkosana yobubi iyavuswa ukumelana naye. Ukuhlupheka nokusolwa kulindele bonke labo abathelwe ngoMoya kaKristu. Isimilo sokushushiswa siyaguquka ngezikhathi zonke, kodwa isimiso-nomoya owengamelayo-uyafana nalowo owabulala abakhethiweyo beNkosi kusukela ezinsukwini zika-Abela.”-Thoughts from the Mount Blessings, p. 29.
“Iqiniso likaNkulunkulu alizange lithandeke emhlabeni. Inhliziyo yenyama kaningi ayivumi iqiniso. Ngiyambonga uNkulunkulu ukuba ngilahle uthando lomhlaba. Nokuzigabisa kwenhliziyo, futhi nako konke okuphenduka isithombe, ukuze sibe ngabalandeli boMuntu waseKhalvari. Labo abalalela iqiniso angeke bathandwa futhi bahlonishwa ngumhlaba. Ukusuka ezindebeni zikaThishela ongcwele, njengoba wayehamba ngokuzithoba phakathi kwabantwana babantu, kwakuzwakala amazwi: lowo ozoba ngumfundi Wami, makathabathe isiphambano, angiLandele. Yebo, landela Isibonelo sethu: ingabe wayefuna inhlonipho nodumo lwabantu-na? Cha, nakanye! Ingabe sizofuna udumo nokunconywa okuvela emhlabeni-na?
“Labo abangenalo uthando lukaNkulunkulu angeke bathanda abantwana bakaNkulunkulu. Lalela amazwi eseluleko sasezulwini: ‘Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 491.
Ngolwesine
, Ncwaba 21
5. UTHANDO OLUNGCWELE EKUPHILENI KWABAKHOLWAYO
a. Umpostoli uPawule uhlukanisa kanjani phakathi kothando lwamanga lumelene nothando lweqiniso loMkrestu-na? 1 Korinte 13:1-8.
“Noma ukuzisho kungaba kukhulu kangakanani, lowo inhliziyo yakhe engagcwaliswanga ngothando lukaNkulunkulu nabangane bakhe akayena umfundi kaKristu weqiniso. Noma enokukholwa okukhulu futhi enamandla okwenza izimangaliso, nokho ngaphandle kothando ukukholwa kwakhe kuyize. Angabonisa ukuphana okukhulu; kodwa uma yena, ngezinye izindlela kunothando lweqiniso, enikela ngempahla yakhe yonke ukondla abampofu, isenzo angeke samsiza emuseni kaNkulunkulu. Ngokushiseka kwakhe hleze ahlangabezane nokufela ukholo, kodwa uma engaqhutshwa uthando, uzobhekwa nguNkulunkulu njengothanda ukukhohlisa noma ofuna ukuzenzela.”-The Acts of the Apostles, pp. 318, 319.
b. Kuyini esingakuqonda ngezimpawu ezinikezwe nguKristu kuSambulo 3:10-12, kanye nezithembiso kulabo abanazo.
“Izambatho ezicwebile nezingcwele azilungele ukwembathwa noma ngubani emva kokungena ngesango lomuzi. Bonke abazongena bazoba nengubo yokulunga kukaKristu negama lukaNkulunkulu lizobonakala emabunzini abo. Legama liwuphawu abapostoli abalibona embonweni, futhi labonisa ukuzinikela kwengqondo ekuhlakanipheni nokulalela okuthembekile yonke imithetho kaNkulunkulu. Angeke kwabakhona ukwembozwa kwezono namaphutha okufihla ukonakala kwesimilo; azikho izambatho ezizohlanzwa inxenye; kodwa bonke bazocweba futhi bangabi nabala.”-The Youth’s Instructor, Ncwaba 18, 1886.
NgoLwesihlanu
, Ncwaba 22
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Yiziphi izimfanelo zothando lwaphezulu uKristu afuna ukuzikhulisa kimi-na?
2. Kuyini okungivimbelayo ekutholeni uthando oluzidelayo ngokugcwala kwalo-na?
3. Umyalo kaKristu ungaba musha kimi kanjani-na?
4. Kungani kungafanele ngimangale uma ngishushiswa-na?
5. Chaza izibusiso zabakholwayo ngesikhathi saseFiladefiya.