Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
  ISabatha, Mandulo 6, 2025

Umnikelo weSabatha Lokuqala

Isikolo Endaweni yase-Mahoko, eRwanda

Ilizwe laseRwanda ilizwe eliseMpumalanga yeAfrika, lizungezwe iTanzania, iDemocratic Republic of Congo, iUganda, neBurundi. Umnotho welizwe uthe wakhula kusukela ngonyaka ka 2000 ngenxa yekofi kanye nokuthunyelwa ngaphandle kwelizwe imikhiqizo yezolimo, yensipho, amandla, namanzi asemabhodleleni, nokunye. Futhi yilizwe elidume ngeziNtaba Eziyinkulungwane, kuleminyaka edlule, iRwanda ilokhu iheha izivakashi ngobuhle belizwe-kakhulukazi imifula kanye neziqhingi, ngisho nedolobha iMahoko, lapho kukhona umsebenzi wezikolo zethu.

Ngabantu abangaphezu kwezigidi ezingu 13, ulwimi lozalo lwalapha iKinyarwanda, isiFrench, neEnglish (izilimi ezikhulunywa ngabantu abalinganiselwa ku20%), kanye neSwahili. Phakathi kwabantu bonke, I 43.7% ngamaKatolika, 37.7% ngamaProtestanti oqobo, 11.8% ngamaSeventh Day Adventist (abalelwa kwixuku elihlukile kwamanye amaProtestanti), futhi i2.0% ngamaMuslim, alandelwe ngabanye.

Ngaphezu kwalokho zonke izinkolo ezifakazelwayo lapha, kwilizwe elikhulayo ngokona, sibona isidingo esikhulu sokutshala ngemfundo yabantwana bethu. “Imfundo yangempela uqeqesho lokuhambisa ivangeli. Yonke indodana nendodakazi kaNkulunkulu ibizelwe ukuba ngumvangeli; sibizelwe umsebenzi kaNkulunkulu kanye nabangani bethu; ukuba silungele umsebenzi wakhe kufanele kube umgomo wemfundo yethu.”-The Ministry of Healing, p. 395.

Okuzungeze abantwana bethu izinto zomhlaba, kuyaqhubeka ukubanzima kakhulu ukubavikela kubuqili bukaSathane. Lokhu kuqala okwakungelula ukukuthola manje kunamatheliswe kubantwana bethu “ngamasmart” phone nezinye izinto zokuxhumana. Singalungela kanjani umsebenzi wokuvangela uma abantwana bethu bangawulungele-na? Sikhathazekile kakhulu ngoba abantwana bethu bafunda ezikolweni zombuso futhi baphoqelelwa ukuba baye ezikolweni ngosuku lweSabatha. Kanjalo, isidingo siyaphuthuma.

Njengoba izimali zethu zinganele, sicela abazalwane bethu emhlabeni wonke ukuba basisize ngeminikelo maqondana nesakhiwo salesikolo.

Lapho Umnikelo WeSabatha Lokuqala uqokelelwa, niyacelwa ukuba ninikele ngesihle, ukuze uNkulunkulu akhazimuliswe ngenxa yomsebenzi wesikolo lapha phakathi kwezintaba eziyinkulungwane. Ngumkhuleko wethu ukuthi iNkosi ingabusisa izipho nabanikelayo!

Abazalwane nodade abavela eRwanda

 <<    >>