NgeSonto
, Ntulikazi 27
1. UJESU UKHULUMA NGOKUBUYELA KWAKHE KUYISE
a. Yimaphi amagama uJesu awakhluma ekupheleni komsebenzi Wakhe emhlabeni-na? Johane 13:33. Yimuphi umyalezo awunikezayo-na? Johane 13:34, 35.
“Omyalo owodwa wokugcina uKristu awunikeza abafundi Bakhe uthi, ‘Thandanani njengalokhu nginithandile.’ Johane 13:34. Ingabe siyawulalela lomyalo, noma sizitika ngobukhali, izimpawu zesimilo ezingafani nezikaKristu-na? Uma noma ngayiphi indlela sidabukisa noma silimaza abanye, kungumsebenzi wethu ukuvuma iphutha lethu futhi sifune ukubuyisana. Lokhu ukulungiselela okubalulekile okungenza sisondele phambi kukaNkulunkulu ngokukholwa, ukucela isibusiso Sakhe.”-Christ’s Object Lessons, p. 144.
b. Ngeyiphi ingxonxo eyabakhona phakathi kukaPeter noJesu maqondana nokumuka kweNkosi-na? Johane 13:36-38.
“Abaningi namuhla beme lapho uPeter ema khona lapho ngokuzethemba ememezela ukuthi angeke ayidela iNkosi yakhe. Ngenxa yokuneliseka kwabo, bawela kalula njengenyamazane kwizihibe zikaSathane. Labo ababona ubuthakathaka babo bethemba amandla aphakeme kunomina. Futhi lapho bebheke uNkulunkulu, uSathane akanamandla okumelana nabo. Kodwa labo abazethembayo banqotshwa kalula.”-Our High Calling, p. 307.
NgoMsombuluko
, Ntulikazi 28
2. ISIGIJIMI SENDUDUZO
a. Ngesikhathi besekamelweni eliphezulu, yimaphi amagama aduduzayo uJesu awakhuluma nabafundi Bakhe futhi yisiphi isithembiso asenza kubo-na? Johane 14:1, 2.
“[Johane 14:1-4 ngokuphindwa.] Ngenxa yakho ngifikile kulomhlaba. Ngiyasebenza ngenxa yakho. Lapho ngihamba, ngisazosebenza ngobuqotho ngenxa yakho. Ngifikile emhlabeni ukuziveza Ngokwami kuwe, ukuze ukholwe. Ngiya kuBababa ukuba ngisizane Naye ngenxa yakho. Inhloso kaKristu yokuhamba yayiphambene nalokhu abafundi ababekwesaba. Bekungasho ukwehlukana kokugcina. Uyolungisa indawo yabo, ukuze abuye futhi, abathathele Kuye. Ngesikhathi ebakhela izindlu, bona kufanele bakhe izimilo ezifana nobungcwele.”-The Desire of Ages, p. 663.
b. Yisiphi isehlakalo esibalulekile uKristu asifaka kumyalezo Wakhe-na? Johane 14:3.
“Isithembiso sokubuya kukaKristu okwesibili kwakufanele sigcinwe sisisha ezingqondweni zabafundi Bakhe. UJesu ngoKwakhe abambona enyukela ezulwini, uzobuya futhi, ukuthatha labo abasemhlabeni abazinikele emsebenzini Wakhe. Lona lelolizwi elathi kubo, ‘Bhekani, nginani, kuze kube sekupheleni,’ lizobamema ukuba bangene ebukhoneni Bakhe embusweni wezulu.”-The Acts of the Apostles, p. 33.
c. Yimuphi umbuzo uThomasi awubuza uJesu mayelana nendlela, futhi ngeyiphi impendulo ayithola-na? Johane 14:5, 6.
“Azikho izindlela eziningi eziya ezulwini. Akukho noyedwa ongakhetha eyakhe indlela. UKristu uthi, ‘Ngiyindlela: …akakho ongeza kuBaba, ngaphandle Kwami.’ Njengoba kwashunyayelwa ivangeli okokuqala, lapho e-Edeni kuthiwa inzalo yowesifazane izakuchoboza ikhanda lenyoka, uKristu waphakanyiswa njengendlela, neqiniso, nokuphila. Ubeyindlela ekuphileni kukaAdam, lapho uAbel eletha kuNkulunkulu igazi lewundlu elihlatshiwe, elimela igazi loMhlengi. UKristu ubeyindlela leyo okhokho nabaprofethi abasindiswa ngayo. Uyindlela kuphela esingabanakho ukuya kuNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 663.
Ngolwesibili
, Ntulikazi 29
3. UNKULUNKULU ESENYAMENI YABANTU
a. UJesu waziveza kanjani kuYise –futhi lokhu kuqondana kanjani nathi-na? Johane 14:7.
“UKristu weza ukuba embule uNkulunkulu emhlabeni njengoNkulunkulu wothando, ogcwele umusa, ubumnene, nozwelo. Ubumnyama obukhulu lobo uSathane azama ukwemboza isihlalo sikaNkulunkulu basuswa nguMhlengi womhlaba, uBaba futhi wazembula kubantu njengokukhanya kokuphila.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 738, 739.
b. Yisiphi isicelo uFiliphu asenza kuJesu, futhi lokhu kwakubaluleke kangakanani ngempendulo yeNkosi-na? Johane 14:8-11.
“Lapho uFiliphu eza kuJesu ngesicelo, ‘Sibonise uBaba, kusanele,’…uKristu wathi Ngaye uthunyelwe ezweni njengomele uBaba. Ngesimilo Sakhe esinesithunzi, ngesihe Sakhe nesihawu, uthando Lwakhe nobuhle Bakhe, kumi phambi kwethu njengokuhlanganiswa kokungcwele okuphelele, umfanekiso kaNkulunkulu ongabonwa.”-Ibid., vol. 5, p. 739.
“UKristu wagcizelela kakhulu phezu kwabo umcijo wokuthi bangambona uBaba ngokukholwa kuphela. UNkulunkulu angebonwe ngesimo sangaphandle noma yisiphi isidalwa somuntu.”- SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, pp. 1141, 1142.
“UKristu akazange ayeka ukuba nguNkulunkulu lapho eba ngumuntu. Nalapho ezithoba eba ngumuntu, ubuNkulunkulu bekulokhu kungoBakhe. UKristu eyedwa angamela uBaba ebuntwini, futhi lokhu abafundi babenelungelo lokukubona iminyaka engaphezu kwemithathu….
“Ukukholwa kungahlala ngokuphepha ebufakazini obanikezwa ngemisebenzi kaKristu, imisebenzi leyo okungekho muntu, ngokwakhe, ake wayenza ngaphambili, noma angayenza nanini. Imisebenzi kaKristu ifakazela ubungcwele Bakhe. Ngaye uBaba uthe wembulwa.
“Uma abafundi babekholwa ukuxhumana okubalulekile phakathi kukaBaba neNdodana, ukukholwa kwabo bekungeke kwabashiya lapho bebona uKristu ehlupheka nokufa ukusindisa umhlaba obhubhayo. UKristu wayefuna ukubahola basuke kwisimo sokukholwa esiphansi babe namava abangahle bawamukele uma beqonda lokhu aYikho-uNkulunkulu kwinyama yomuntu.”-The Desire of Ages, pp. 663, 664.
Ngolwesithathu
, Ntulikazi 30
4. IMISEBENZI EMIKHULU=IZIBUSISO EZINKULU
a. Yimaphi amathuba amakhulu uJesu awanikeza abafundi Bakhe-na? Johane 14:12.
“UMsindisi wayekhathazekile kakhulu ukuthi abafundi Bakhe bangazwisisa ukuthi ubungcwele Bakhe babuhlangene ngasiphi isizathu nobuntu. Weza emhlabeni ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu, nokuthi umuntu angahle aphakanyiswe ngamandla Akhe abuyiselayo. UNkulunkulu wabonakaliswa Kuye ukuze Abonakaliswe kubo. UJesu akazange embule izimfanelo, futhi akasebenzisanga amandla, ukuthi abantu bangabinakho ukukholwa Kuye. Ubuntu Bakhe obuphelele ukuthi bonke abalandeli Bakhe bangaba nabo, uma bezokwazi ukuthobela uNkulunkulu njengoba Wayenjalo.
“Nemikhulu kunalena uyakuyenza; ngokuba Mina ngiya kuBaba.’ Ngalamazwi uKristu wayengasho ukuthi umsebenzi wabafundi uzoba nesimo esiphakeme kune-Sakhe, kodwa ukuthi uzoba sezingeni elikhulu. Akazange abhekise nje kwimisebenzi emangalisayo kuphela, kodwa kukho konke okuzokwenzeka ngaphansi kokusebenza koMoya Ongcwele.
“Emva kokwenyuka kweNkosi, abafundi babona ukugcwaliseka kwesithembiso Sakhe. Izehlakalo zokubethelwa Kwakhe, ukuvuka Kwakhe, nokwenyuka kukaKristu bekungukuphila ngempela kubona. Babona ukuthi iziprofetho zigcwalisekile ngempela. Bahlola iMibhalo, bamukela imfundiso yalo ngokukholwa nangethemba ababengalazi ngaphambili. Bebazi ukuthi uThishela ongcwele uyikho konke azisho ukuthi uyikho. Njengoba bekhuluma ngamava abo, futhi bephakamisa uthando lukaNkulunkulu, izinhliziyo zabantu zancibikiliswa futhi zathotshiswa, futhi abantu abaningi bakholwa nguJesu.”-The Desire of Ages, pp. 664, 667.
b. Yisiphi isiqiniseko uJesu asinikeza ukuletha ithemba lezikhathi zonke-na? Johane 14:13, 14.
“Kuze kube manje abafundi babengajwayelene namacebo oMsindisi anamandla angapheliyo. Wathi kubo, ‘Kuze kube-kalokhu anicelanga lutho egameni Lami.’ Johane 16:24. Wachaza ukuthi imfihlo yempumelelo yabo ukuba bacele amandla nomusa egameni Lakhe. Uzobakhona phambi kukaBaba abenzele isicelo. Umkhuleko onikelwa ngokuzithoba uwuletha njengoWakhe njengesifiso Sakhe ngenxa yomphefumulo. Wonke umkhuleko oqotho uzwakala ezulwini. Noma ulethwa ngokungezwakali; kepha uma inhliziyo ikuwo, uzonyukela endaweni engcwele lapho uJesu esebenza khona, futhi uzowethula kuBaba ungenacala, ngamazwi abushelelezi, namnandi anephunga lempepho yokuphelela Kwakhe.”-Ibid., p. 667.
Ngolwesine
, Ntulikazi 31
5. ISIKHATHI ESIKHETHEKILE
a. Chaza umzuzu okhethekile abafundi ababanawo noJesu lapho echaza ukuxhumana Kwakhe noYise (Johane 14:8-10)-nokuthi nathi, singakujabulela kanjani ukuhlangana okunjalo neZulu. Isihlabelelo Sezihlabelelo 2:3, 4.
“Njengoba uKristu ekhuluma lamazwi [ku-Johane 14:8-10], inkazimulo kaNkulunkulu yayikhazimula ebusweni Bakhe, futhi bonke ababekhona bashaywa luvalo lapho belalela ngokunaka ngenhliziyo amazwi Akhe bezwa ukuthi izinhliziyo zabo zidonseleka Kuye ngokunqumayo, futhi njengoba bedonseleka kuKristu ngothando olukhulu, basondelana omunye komunye. Bezwa ukuthi izulu liseduze kwabo, nokuthi amazwi abawalalele angumyalezo kubo ovela kuBaba osezulwini.”- SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, p. 1142.
“Maningi amaKrestu azishoyo ukuthi akhathazekile futhi adangele, abaningi abamatasatasa nabasebenza bengatholi isikhathi sokuphumula ngokuthula ezithembisweni zikaNkulunkulu, abenza sengathi angeke bakwazi ukuba nokuthula okuzolile. Kubo bonke abanjalo isimemo sikaKristu yilesi: Wozani Kimi…Mina ngizakuniphumuza.’…
“Ake siphenduke sisuke othulini, olufudumeza amathuba okuphila ukuze siphumule emthunzini wothando lukaKristu. Lapha sizothola khona amandla okungqubuzana, lapha sizofunda ukuthi singanciphisa kanjani umsebenzi nokukhathazeka, futhi nokuthi singakhuluma kanjani futhi sihlabelele kanjani ukudumisa uNkulunkulu. Vumela abakhathele nabasindwayo bafunde kuKristu isifundo sokumethemba ngokuthula. Kufanele bahlale ngaphansi kwethunzi Lakhe uma bezoba ngabathwali bokuthula kanye nokuphumula Kwakhe.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 69, 70.
“Uma abantu bakaJehova begcwaliswa ngobumnene kanye nokuthobeka, bazokwazi ukuthi ibhanela Lakhe phezu kwabo liwuthando, futhi izithelo zizobamnandi ekunambitheni kwazo. Bazokwenza izulu lapha phansi abazolungiselela ngalo izulu elingaphezulu.”-Ibid., p. 131.
NgoLwesihlanu
, Ncwaba 1
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ngingagwema kanjani umgodi lowo uPeter awela kuwo-na?
2. Ngokukhanya kwesithembiso sikaKristu ngendlu yami, uyini umsebenzi wami emhlabeni-na?
3. Kungani nginikwa amandla kanjani ukufeza imisebenzi kaJesu-na?
4. UJesu waduduza kanjani abafundi lapho bezwa ngokumuka Kwakhe-na?
5. UJesu uchaza ukuthini “imisebenzi emikhulu” okumele yenziwe-futhi kanjani-na?