NgeSonto
, Mandulo 21
1. ISIMILO SIKA-PETER
a. Lapho uSimoni efika okokuqala kuJesu, iNkosi yathini Kuye-na? Johane 1:42. Kuyini esikwaziyo ngesimilo sikaPeter ngaphambi kokuguquka kwakhe-na?
“Iso likaKristu lahlala phezu [kukaPeter], lifunda isimilo nomlando wokuphila kwakhe. Imvelo yakhe yokuhluthuka, uthando lwakhe, inhliziyo enozwelo, ukuzimisela kwakhe nokuzethemba, umlando wokuwa kwakhe, nokuphenduka kwakhe, imisebenzi yakhe, nokufa kwakhe efele ukholo-uMsindisi wakufunda konke.”-The Desire of Ages, p. 139.
“Kwakuyileso sikhathi ecabanga ukuthi unamandla uPeter kanti ubuthakathaka; futhi kwafinyelela lapho ehlukanisa ubuthakathaka bakhe futhi waqonda isidingo sakhe sokweyama kuKristu.”-Ibid., p. 382.
b. Naphezu kweziphambeko zakhe, yisiphi isimemo uJesu asinikeza uPeter-na? Mathewu 4:18, 19.
“Kwakusemva kokuba uIsaya ebonile ubungcwele bukaNkulunkulu nokungafaneleki kwakhe ukuthi aphathiswe umyalezo ongcwele. Kwakusemva kokuba uPeter aholelwa ekudeleni-umina futhi eyame emandleni angcwele yilapho athola ukubizelwa ukusebenzela uKristu.”-Ibid., p. 246.
NgoMsombuluko
, Mandulo 22
2. UKUWA KUKA-PETER
a. Yimuphi umcijo owembula ukuthi uPeter wayenokuduka okufana nomuntu wonke, ngisho nangemuva kokubhaphathizwa ngoMoya Ongcwele ngosuku lwePentekoste-na? Galathiya 2:11-14.
“[UPeter] wazuza ithemba labaningi ngokuziphatha kwakhe okuhlakaniphile maqondana nabaZizwe abaguqukile. Okwesikhashana wayenza ngokuvumelana nokukhanya okunikeziwe okuvela ezulwini. Manje wanqoba ukuzenzisa kwemvelo ngokuhlala etafuleni nabeZizwe abaguqukile. Kodwa uma amaJuda athile eshiseka ngenxa yemithetho yemikhosi, bevela eJerusalema, uPeter engazelele waguqula ukuziphatha kwakhe maqondana nabeZizwe abasuka ebuhedenini. AmaJuda ambalwa ‘ayezenzisa ngokufanayo; kangakho ukuthi uBarnabasi naye wathathekiswa ukuzenzisa kwabo.’ Ukwembuleka kobuthakathaka ohlangothini lwalabo ababehlonishwa futhi bethandwa njengabaholi, bashiya umfutho obuhlungu kakhulu ezingqondweni zabeZizwe abakholwayo. Ibandla lalisongelwa ukwehlukana phakathi.”-The Acts of the Apostles, p. 198.
b. Yisiphi isifundo esingasifunda ngamaphutha kanye nokuhlengwa kukaPeter-na? Amahubo 145:14.
“UPeter wabona isiphambeko awele kuso, futhi ngokushesha wazama ukulungisa ububi obuthe benzeka, kuze kube manje ngokwamandla akhe. UNkulunkulu, owazi isiphelo kusukela ekuqaleni, wavumela uPeter ukuba embula lobuthakathaka besimilo ukuze umpostoli olingiwe angabona ukuthi akukho lutho angazigabisa ngakho. Ngisho nabantu abahle kakhulu, uma bezishiyela ngokwabo, bazophambuka ekwahluleleni. UNkulunkulu wabona ukuthi esikhathini esizayo abanye bazodukiswa njengoPeter nabalandeli bakhe abazenzisayo ngegunya lokuzidumisa eliqondene noNkulunkulu kuphela. Futhi lombhalo wobuthakathaka bompostoli kwakufanele ugcinwe njengobufakazi bokuduka nangomcijo wokuthi eme ngokulingana nabanye abapostoli.
“Umlando wokusuka kwizimiso ezifanele kumi njengesixwayiso kubantu abasezikhundleni zokwethenjwa emsebenzini kaNkulunkulu, ukuze bangehluleki ukuma ngobuqotho, kodwa ngokuqina banamathele esimisweni. Njengoba ukuziphendulela kukukhulu okubekwe phezu kwezithunywa zabantu, futhi namathuba okunikeza izwi nokulawula abamakhulu, yilapho ingozi iqinisekiswa ukuthi izokwenzeka uma benganaki ngokucophelela ukulandela indlela yeNkosi neyabasebenzi ngokuvumelana nezinqumo ezivela kwibandla jikelele labakholwayo njengomzimba ohlangene.”-Ibid., pp. 198. 199.
Ngolwesibili
, Mandulo 23
3. U-PETER AKASONA ISISEKELO SEBANDLA
a. Uthini uJesu ngesisekelo sebandla-na? Mathewu 16:16-19.
“Iqiniso lelo uPeter alivumayo liyisisekelo senkolo yamakholwa. Yilelo uKristu ngoKwakhe alimemezela njengokuphila okuphakade. Kodwa ukuba nalolwazi bekungeyona indawo yokuzidumisa. Akukona ukuhlakanipha noma ubuhle bakho uma kungembulelwanga uPeter. Abantu angeke, ngokwabo, bafinyelela olwazini olungcwele….”
“Igama elithi Peter lichaza itshe-itshe eliginqikayo. UPeter ubengelona idwala ibandla elisekelwe phezu kwalo. Amasango ehayidesi amehlula emelene naye lapho ephika iNkosi yakhe ngenhlamba nangokufunga. Ibandla lalakhiwe phezu kwaLowo amasango ehayidesi angayi kumahlula.”-The Desire of Ages, pp. 412, 413.
b. NjengoPeter, kuyini abanye abaprofethi nabapostoli abakusho maqondana nesisekelo seqiniso sebandla-na? Isaya 28:16; 1 Korinte 3:11; 1 Peter 2:3-6.
“Ebukhoneni bukaNkulunkulu, nazo zonke izihlakaniphi zezulu, ebukhoneni bebutho elingabonwa lehayidesi, uKristu wamisa ibandla Lakhe phezu kweDwala eliphilayo. IDwala eliNguye-umzimba Wakhe, ukuba thina siwele phezu kwalo futhi siphuke. Maqondana nebandla elakhiwe phezu kwesisekelo, amasango ehayidesi angeke alahlule….
“Iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukukholwa kuthe kwakhelwa phezu kukaKristu. Iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha izikhukhula neziphepho zolaka lobusathane zithe zawela phezu kweDwala lensindiso yethu; kodwa limile aligudluki.
“UPeter wagcizelela iqiniso eliyisisekelo sokholo lwebandla, futhi manje uJesu wamhlonipha njengomele umzimba wonke wabakholwayo. Wathi, ‘Ngizakunika izihluthulelo zombuso wezulu: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni kobe-kuboshwiwe ezulwini: futhi nalokho eniyakukhulula emhlabeni kobe-kukhululiwe ezulwini.’
“‘Izihluthulelo zombuso wasezulwini’ zingamazwi kaKristu. Wonke amazwi oMbhalo Ongcwele nga-Wakhe, futhi angenisiwe lapha. Lamazwi anamandla okuvula futhi nokuvala izulu.”-The Desire of Ages, p. 413.
Ngolwesithathu
, Mandulo 24
4. UKUWA NOKUBUYISWA KUKA-PETER
a. Chaza isici esikhulu sesimilo sikaPeter. Marako 14:27-29.
“Ngokuba ixuku ngalinye limelwa umFarisi nomthelisi futhi kukhona isifundo somlando wompostoli uPeter. Ekuqaleni kobupostoli bakhe uPeter wayecabanga ukuthi unamandla. NjengoMfarisi, ngesilinganiso sakhe’ubengafani nabanye abantu.’…UPeter ubengazi ngengozi yakhe. Ukuzethemba kwakhe kwamdukisa. Wayecabanga ukuthi uyakwazi ukumelana nesilingo; kodwa amahora ambalwa alandelayo isilingo safika, futhi ngenhlamba nangokufunga wayiphika iNkosi yakhe.”-Christ’s Object Lessons, p. 152.
b. UJesu wamsebenzela kanjani lomfundi ogabadelayo-na? Luka 22:31, 32.
“Lapho iqhude likhala wakhumbula amazwi kaKristu, emangele futhi esaba lokho aqeda ukukwenza waphenduka wabheka iNkosi yakhe. Ngalesosikhathi uKristu wabheka uPeter, ngaphansi kokubheka okudabukisayo, lapho uzwelo nothando kuye kwahlanganiswa, uPeter waziqonda ngokwakhe. Waphumela ngaphandle wakhala kabuhlungu. Ukubheka kukaKristu kwadabukisa inhliziyo yakhe. UPeter ufinyelele kumcijo wokuphenduka, futhi kalusizi waphenduka esonweni sakhe. Wayefana nomthelisi ekuzisoleni kwakhe nasekuphendukeni, futhi njengomthelisi wathola umusa. Ukubheka kukaKristu kwaqinisa ukuthethelelwa kwakhe.
“Manje ukuzethemba kwakhe bekungasekho. Akuzange kuphinde kubonakale ukuziqhenya kwakudala okwaphindeka.”-Christ’s Object Lessons, pp. 152-154.
c. Emva kokuvuswa Kwakhe, kuyini uJesu akubuza uPeter-na? Johane 21:15-17. Kungani uJesu aphinda lokhu kathathu-futhi uPeter waphendula kanjani-na? Luka 22:31, 32.
“[UPeter] wadumaza uKristu, futhi wazehlisela ukwexwaya abazalwane bakhe. Babecabanga ukuthi angeke avunyelwa ukuthatha isikhundla ayenaso ngaphambili phakathi kwabo, futhi naye ngokwakhe wazizwa ukuthi ulahlekelwe ilungelo kubo. Ngaphambi kokuba abizwe futhi ukuthatha umsebenzi wobupostoli, kwakufanele phambi kwabo bonke anikeze ubufakazi bokuphenduka kwakhe. Ngaphandle kwalokho, isono sakhe, noma ephendukile kuso, hleze kuchithwe umfutho wakhe njengesikhonzi sikaKristu. UMsindisi wamupha ithuba lokuzuza ithemba labazalwane bakhe, ngokungenzeka, ukususa isihlamba asilethe phezu kwevangeli.”-The Desire of Ages, p. 811.
Ngolwesine
, Mandulo 25
5. UKUQINISEKISWA EMSEBENZINI
a. Yisho izimpawu ezimbalwa ezibalulekile zobufundi. Kolose 1:10, 11; 3:12-14. Kuyini esingakufunda indlela uKristu aphatha ngayo uPeter-na?
“Ivangeli alivumelani nobubi. Alisoze lathethelela isono. Izono ezifihlakele kufanele zivunywe ngasese kuNkulunkulu; kodwa izono ezisobala, ukuvuma okusobala kuyadingeka. Ukusolwa kwezono zabafundi kubekwa phezu kukaKristu. Kwenza uSathane anqobe, nemiphefumulo entengantengayo ikhubeke. Ngokunikeza ubufakazi bokuphenduka, umfundi, njengoba ehlezi emandleni akhe, kufanele asuse lokusolwa.”-The Desire of Ages, p. 811.
“Ukuziphatha koMsindisi maqondana noPeter kunesifundo esiqondene naye nabazalwane bakhe. Sasibafundisa ukuthi bahlangabezane kanjani nomeqi womthetho ngokubekezela, uzwelo, nothando oluthethelelayo. Noma uPeter ayiphika iNkosi yakhe, uthando uJesu alubonisa kuye aluzange lusoleke. Uthando olunjalo lomalusi osemusha ozwelana nezimvu namawundlu anikelwe ngaphansi konakekelo lwakhe. Ngokukhumbula ubuthakathaka nokwehluleka kwakhe, uPeter kwakufanele aphathe umhlambi ngesineke njengoKristu amphatha ngayo.
“Umbuzo uKristu awubuza uPeter wawubalulekile. Wabeka umbandela owodwa wobufundi nomsebenzi. ‘Uyangithanda na?’ Esho. Ukufaneleka okubalulekile. Noma uPeter angaba nokunye ukufaneleka, kodwa ngaphandle kothando lukaKristu akasoze aba umalusi othembekile phezu komhlambi weNkosi. Ulwazi, ubuhle, ubuciko bokukhuluma, ukubonga, nentshiseko konke kuyalekelela emsebenzini omuhle; kodwa ngaphandle kothando lukaJesu enhliziyweni, umsebenzi wesikhonzi esinguMkrestu uzokwehluleka.”-Ibid., p. 815.
NgoLwesihlanu
, Mandulo 26
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ngingahle, njengoPeter, ngahlulele ngokungeyikho kanjani isimilo sami-na?
2. Ngingagwema kanjani isici sesimilo esaboniswa nguPeter-na?
3. Yisiphi isifundo engingasifunda ngokuwa kukaPeter nangokuhlengwa futhi-na?
4. Emva kokuvuswa kukaKristu, kungani uKristu kwakufanele abuze uPeter umbuzo oqondile phambi kwabafowabo-futhi kuyini esingakufunda kulokhu-na?
5. Chaza isisekelo uKristu akhela ibandla Lakhe phezu kwaso, futhi wakhomba izihluthulelo zombuso wezulu.