NgeSonto
, Mandulo 14
1. UMZUZU OZOTHILE
a. Lapho uJesu eqeda umthandazo Wakhe wokulamula, kukuphi lapho ayakhona nabafundi Bakhe, futhi ngayiphi inhloso-na? Johane 18:1; Mathewu 26:36.
b. Ngokunxusa abafundi abathathu ukuba bahambe Naye, yisiphi isicelo uJehova asenzayo, futhi kungani-na? Marako 14:33, 34.
“Bekuyinhloso [kaSathane] ukukhulisa ububi ngezilinganiso ezinkulu kakhulu, ukuze enze ukuhlenga kubonakale kungeke kwenzeka, nokuthi iNdodana kaNkulunkulu, ifuna ukusindisa umhlaba olahlekile, ecindezelwa ngaphansi kwesiqalekiso sesono. Ukusebenza kwesitha esiqaphile ukuletha kuKristu ngesilinganiso esibanzi sokweqa umthetho, esabangela ubuhlungu obubukhali kakhulu okwenza aZizwe engenakho ukuhlala ngokushesha ebukhoneni besidalwa noma yisiphi. Ubengakwazi ukuthwala lokhu ngisho nabafundi Bakhe bangaba ngofakazi bosizi Lwakhe lapho ezindla ngesitha selizwe. Ngisho nabangane Bakhe abathanda kakhulu akufanele bahlanganyele Naye. Inkemba yokulunga ayifakwanga engxiweni, futhi ulaka lukaNkulunkulu olumelana nobubi lwahlala kulowo ongumbambeli wabantu, uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 5, pp. 1102, 1103.
NgoMsombuluko
, Mandulo 15
2. USIZI OLUKHULU
a. Ngeyiphi ingqikithi yomthandazo wokuqala kaKristu eGetsemane-na? Marako 14:35, 36.
“UKristu manje umi ngesimo esahlukile kunaleso ake-ema ngaso ngaphambili. Ukuhlupheka Kwakhe kungachazwa ngamazwi omprofethi, ‘Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova-Sebawothi.’ Zakariya 13:7. NjengoMbambeli nesiqiniseko somuntu owonile, uKristu wayehlupheka ngaphansi kokulunga okungcwele. Wabona ukuthi ukulunga kusho ukuthini. Kusukela ngalesosikhathi ubengumlamuli wabanye; manje ulangazela ukuba ngumlamuleli ngoKwakhe.
“Lapho uKristu ezwa ubunye Bakhe noBaba bunqamuka, wesaba ukuthi ubuntu bemvelo Yakhe angeke bumelane nempi ezayo yamandla obumnyama. Ehlane lesilingo isiphelo selizwe loluntu sisengcupheni. UKristu ubengumnqobi. Manje umlingi ufikile ngomzabalazo wokugcina owesabekayo. Ngalokhu wayelungiselela iminyaka emithathu yokusebenza kukaKristu. Yonke into beyisengcupheni kuye. Uma ehluleka lapha, ithemba lobukhosi bakhe lizolahleka; imibuso yomhlaba ekugcineni izoba ngekaKristu; naye ngokwakhe uzonqotshwa futhi alahlelwe ngaphandle. Kodwa uma uKristu enqotshwa, umhlaba uzoba ngumbuso kaSathane, futhi isizwe soluntu usizoba ngesakhe ingunaphakade. Ngenxa yempi ephambi Kwakhe, umphefumulo kaKristu wagcwala ukwesaba kokuhlukana noNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 686, 687.
b. Lapho ebuya emthandazweni Wakhe wosizi, yisiphi isimo uJesu athola abafundi Bakhe bekuso-na? Marako 14:37, 38.
“Evuka ngomzamo obuhlungu, wadiyazela ebuyela endaweni lapho ashiye khona ayehambisana nabo. Kodwa ‘wabathola belele.’ Uma ngabe wabathola bekhuleka, ngabe wakhululeka. Uma befuna isiphephelo kuNkulunkulu, sokuthi izithunywa zikaSathane hleze zibanqobe, ngabe waduduzwa ukholo lwabo oluqinile. Kodwa abazange baqaphela isixwayiso esithi, ‘Linda ukhuleke.’ Ekuqaleni babekhathazeke kakhulu ukubona iNkosi yabo, ngokuvamile ithobekile futhi ihloniphekile, ilwisana nosizi olungaphezu kokuqonda. Bathe bakhuleka lapho bezwa isililo esikhulu sohluphekayo. Babengazimisele ukudela iNkosi yabo, kodwa babonakala bephelelwa amandla ngokundweza engabe babulahla baqhubeka ukuncenga kuNkulunkulu. Babengaboni ukubaluleka kokulinda ukhuleke ukuze umelane nesilingo.”-Ibid., p. 688.
Ngolwesibili
, Mandulo 16
3. USIZI OLUKHULU (LUYAQHUBEKA)
a. Wawuyini umkhuleko kaKristu wesibili, futhi kuyini abafundi ababekwenza-na? Mathewu 26:42, 43. Yisiphi isiprofetho esagcwaliseka ngaleso sikhathi-na? Isaya 52:14.
“Esikhathini esifushane ngaphambili, uJesu wayemi njengomsedari onamandla, emelene nesivunguvungu sabaphikisana Naye ababelahlela intukuthelo yabo phezu Kwakhe. Izintando ezilukhuni, nezinhliziyo ezigcwele ububi kanye nobuqili, zithe zazama ngeze ukumdida noma zimahlule ngamandla. Wema ebukhosini obungcwele njengeNdodana kaNkulunkuku. Manje wayesefana nomhlanga ohlatshiwe wagotshwa isiphepho esithukuthele. Wayesondela ekupheleni komsebenzi Wakhe njengomnqobi, ngenyathelo ngalinye wazuza ukunqoba phezu kwamandla obumnyama. Njengalowo okhazimulisiwe, uthe wabiza ubunye noNkulunkulu. Ngenkulumo engenakuphutha wahlabelela izingoma zokudumisa. Wakhuluma kubafundi Bakhe amazwi enkuthazo angathikazeki namnene. Manje ihora lamandla obumnyama lase lifikile. Manje izwi Lakhe lalizwakala emoyeni othulile wantambama, kungesilo elohlobo lokunqoba, kodwa olugcwele usizi lomuntu.”-The Desire of Ages, pp. 689, 690.
b. INdodana kaNkulunkulu yaduduzeka kanjani ngehora elinzima-na? Luka 22:43.Yimaphi amagama abhalwa ngumprofethi uIsaya ngosizi lukaKristu kanye nokuthokoziswa-na? Isaya 53:11.
“Kulosizi olwesabekayo, lapho yonke into isengcupheni, lapho isitsha esingaqondakali sithuthumela esandleni salowo ohluphekayo, izulu lavuleka, ukukhanya kwabonakala phakathi kwesiphepho esimnyama ngehora losizi, nengelosi enamandla imi phambi kobukhona bukaNkulunkulu, ehleli esikhundleni leso uSathane awa kuso, yema eceleni kukaKristu. Ingelosi ayizelanga ukuthatha isitsha esandleni sikaKristu, kodwa ukumqinisa ukuba asiphuze, ngesiqiniseko sothando lukaYise. Weza ukuba anikeza amandla kwizicelo ezingcwele zabantu. Wamqondisa kumazulu avulekile, imtshela ngemiphefumulo ezosindiswa njengomphumela wokuhlupheka Kwakhe. Wamqinisekisa ukuthi uBaba mkhulu futhi unamandla amakhulu kunoSathane, nokuthi ukufa Kwakhe kuzoba nomphumela omkhulu wokuvimbela uSathane, nokuthi umbuso walelizwe uzonikezwa abangcwele boPhezu-Konke. Wamtshela ukuthi uzobona ukusikwa yinimba komphefumulo Wakhe, futhi eneliseke, ngoba uzobona izinkulungwane zesizwe soluntu zisindisiwe, zisindisiwe ingunaphakade.”-Ibid., pp. 693, 694.
Ngolwesithathu
, Mandulo 17
4. UKUBOSHWA KUKA-JESU
a. Ngubani owayehola iqembu elabopha uJesu-na? Johane 18:2-5.
b. Kuyini okwenzeka kwisixuku esithukuthele lapho uJesu eZiveza kubo-na? Johane 18:6.
“Zazingekho izimpawu zobuhlungu Bakhe ezisobala lapho uJesu esondela ngaphambili ukuhlangana nomkhapheli Wakhe. Wasuka phambi kwabafundi Bakhe wathi, ‘Nifuna ubani-na?’ Baphendula bathi, ‘uJesu waseNazaretha.’ UJesu wathi kubo: Yimina.’ Lapho amazwi ekhulunywa, ingelosi eyayikhonza uJesu yangena phakathi Kwakhe nesixuku. Ukukhanya okungcwele kwakhazimula ebusweni boMsindisi, futhi isimo esifana nejuba samengamela. Ngobukhona balenkazimulo engcwele, ixuku lababulali lalingakwazi ukuma nangomzuzu. Sahlehlela nyovane. Abapristi, abadala, namasotsha, ngisho noJudasi, bawela phansi.
“Ingelosi yasuka, nokukhanya kwafiphala, uJesu wayenethuba lokubaleka, kodwa wahlala, ngesizotha nangokuzibamba. Njengalowo okhazimulisiwe Wema phambi kwesixuku esithukuthele, manje sasididekile futhi singenakuzisiza ezinyaweni Zakhe. Abafundi bambheka, ngokuthula bemangele futhi benovalo.”-The Desire of Ages, p. 694.
c. Ukukhohlisa kukaJudasi kwathinta kanjani isixuku-futhi ubumnene bukaJesu bahlanekezelwa kanjani nguPeter-na? Johane 18:7-10; Luka 22:47-50.
“Isixuku sathola isibindi njengoba sibona uJudasi ethinta ubuntu baLowo othe kungekudala ekhazimuliswe phambi kwamehlo abo. Manje bambamba uJesu, babopha lezozandla eziyigugu ezazisebenza njalo ukwenza okuhle.
“Abafundi babecabanga ukuthi iNkosi yabo angeke ivume ukuba ithathwe. Ngoba wona lamandla abangele ukuba isixuku siwele phansi njengabantu abafileyo abagcina bengakwazi ukuzisiza, kufinyelele lapho uJesu nexuku Lakhe bengabaleka khona. Babedangele futhi belambatha lapho bebona izintambo zilethwa ukuba zibophe izandla Zalowo abamthandayo. UPeter ngokuthukuthela wahosha inkemba yakhe wanquma indlebe yenceku yompristi omkhulu.”-Ibid., p. 696.
Ngolwesine
, Mandulo 18
5. UKUNYATHELA ISIKHAMA SEWAYINI UWEDWA
a. Chaza uthando olubekezelayo olwabonakaliswa nguJesu ngesikhathi sokuboshwa Kwakhe? Mathewu 26:51-53; Luka 22:50, 51. Izulu lakubheka kanjani-na?
“Abafundi baqala ukuba nethemba lapho bebona isixuku esiphethe izintonga nezinkemba siwela phansi ngokushesha. Ekuvukeni kwaso sazungeza futhi iNdodana kaNkulunkulu, uPeter wahosha inkemba yakhe wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wamnxusa ukuba abuyisele inkemba endaweni yayo, ethi, ‘Ucabanga ukuthi angeke ngikhuleke kuBaba Wami, ukuthi athumele manje izingelosi eziningi ezidlula amalegiyoni ayishumi nambili-na? Ngabona futhi lapho amazwi ekhulunywa, ubuso bezingelosi buvuswa ngethemba. Zazifisa ngaleso sikhathi ukuzungeza uMbusi wazo futhi zihlakaze isixuku esithukuthele….Izinhliziyo zabafundi zaphelelwa yithemba nangendumalo ebuhlungu, njengoba uJesu avuma ngoKwakhe ukuba athathwe izitha Zakhe.
“Abafundi besabela izimpilo zabo, futhi bonke baMdela babaleka. UJesu wasala eyedwa ezandleni zesixuku sababulali. Maye, bheka ukunqoba kukaSathane ngaleso sikhathi! Futhi ukudana okunjani nosizi olwabonwa yizingelosi zikaNkulunkulu! Amaxuku amaningi ezingelosi ezingcwele, yilelo nalelo linengelosi ephakeme ekhanda layo, zathunyelwa ukuba ngofakazi besehlakalo. Kwakufanele zibhale yonke inhlamba nolunya olubekwe phezu kweNdodana kaNkulunkulu, nokubhala yonke iminjunju uJesu okumele ahlupheke ngayo; ngoba wona lamadoda ahlanganyele kulesehlakalo esesabekayo azosibona sonke futhi ezimilweni zokuphila kwabo.”-Early Writings, pp. 167, 168.
b. Kuyini bonke abafakaza ngoKristu okufanele bakufunde ngokukhuza kweNkosi uPeter-na? Johane 18:11; 1 Johane 3:15.
NgoLwesihlanu
, Nhlangulana 19
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Yikuphi ukuncenga uKristu akwenza kubafundi okusebenza ngokukhethekile kimi-na?
2. Kungayiphi indlela amava eNkosi eGetsemane kufanele angithinte ngayo-na?
3. Ngingagwema kanjani uhlobo lokuphendula olwaboniswa nguPeter ekuboshweni kukaJesu-na?
4. Ngeyiphi imbangela enkulu yosizi lukaKristu-na?
5. Isixuku saphendula kanjani phambi kwenkazimulo yengelosi-na?