Umnikelo weSabatha Lokuqala
Ibandla lase Arue eTahiti
Kaningi ihlanganiswa nobuhle bendawo eshisayo kanye nokubukeka okuhle okuzothile, isiqhingi saseTahiti simiswe eFrench Polynesia, indawo engaphesheya kolwandle lwaseFrance ehlanganisa iziqhingi ezingu 121 nomhlaba olinganiswa nge 1, 359 square miles 93, 418 kilometers), nobude obungaphezu kwe 1,242 square miles (2,000 Square Kilometers) kwi Southern Pacific Ocean.
Ngokomlando, inkolo yamapolytheistic yabahlali bakuleziqhingi eziningi yaholela abaningi ukusebenzisa ubuhedeni ngisho nokukhonza ilanga, amazimu-zimu kanye nenkolo yomoya. Ukufika kobuKrestu kwaletha inguquko ngenxa yemizamo yamaKristu babashumayeli abeza kuleziqhingi ngonyaka ka1797. AmaFrench kamuva ahlanganiswa kulendawo ngeminyaka yo 1800. Namuhla, phakathi kwenani elingu279, 000 yabahlali, I 54% ngamaProtestanti, 38% ngamaKatolika, abaseleyo balandela ezinye izinkolo.
Isigijimi seReform safika eFrench Polynesia ngonyaka ka1982 ngesivakashi somzalwane uA.C.Sas. Amalunga okuqala, kwaba imiphefumulo engu 24, abhajadiswa emva konyaka. Isigijimi sevangeli saqhubeka ukusakazwa eziqhingini futhi amabandla ambalwa akhiwa kusukela ngaleso sikhathi.
Ngeshwa kuze kube namuhla, ibandla lethu eFrench Polynesia alinaso isakhiwo sebandla okungelalo futhi abazalwane bethu bahlangana kwizakhiwo ezikhokhelwayo noma umhlaba wamalunga ongowabo. Ngomusa kaNkulunkulu, ngonyaka ka2013, emva komkhuleko omkhulu nokuzila ukudla, isiqephu somhlaba satholakala kwisifunda saseArue, cishe amakhilomitha angu 20 ukusuka ePapeete, eTahiti.
Inani elincane lamalunga alelibandla lithe lenza imizamo yokuzidela iminyaka eminingi, ngokupheka nokuthengisa ukudla kwemifino eluhlaza masonto wonke ukuze bathenge lomhlaba uma ngokungenzeka. Ngaphandle kwalesibonelo imizamo yabazalwane bethu nodade abasebenze kanzima ukukhokhela lomhlaba, kukhona isidingo esikhulu sesakhiwo ukusiza ukusakazwa kwesigijimi seqiniso lapha kulezinsuku zokugcina zembali yomhlaba.
Ngakho-ke siyacela kubazalwane bethu nodade emhlabeni wonke hlanganyelani nathi ekunikeleni ngemali ukuba siphakamise isakhiwo saseArue esizosebenza njengebandla lasendaweni kanye nendawo yamaseminar, amacamp meetings nomsebenzi wokufundisa ngezempilo kwidolobha laseFrench Polynesia.
Amazwi akhuthazayo atholakala ku 1 Korinte 22:19 aqondiswe kithi namuhla, “Sukani nakhe indlu engcwele kaJehova.” Kwangathi iNkosi ingabusisa ngokwanele futhi kwangathi umsebenzi Wayo ungaqhubekela phambili emhlabeni wonke jikelele.
Abazalwane benu nodade baseFrench Polynesia.